19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ngezakhe uma ezithola, Uzibeka emgonqweni zonke izinto azitholayo uma

ebhula lokho akufthlelwe. Le ndawo yasemgonqweni yindawo yakhe yedwa

nalapho ebeka khona izinto azibhulile ukuze idIozi lithokoze ngokubhula kwakhe

izinto ezifihliweyo. Ukumfihlela kuyindIela yokumkhunga, Kuba nelikhulu

igidigidi lenjabula kukikizelwe uma umngoma ezithola izinto azifihlelwe.

UMsimang, (1975:312) uthi:

Umakoti ukhungwa noma ngani. lzingane

zikhipha ubhedezane, namuhla sekwaba

ubusenga, abanye bakhipha ubuhlalu. Abanye

njalo bamkhunge ngezimbuzi. lzinkamba,

amacansi, izicephu kanye nezithebe nokuningi

engingekubale namhlanje sekukhishwa izimali.

Lokhu konke kuyafihlwa kuhlolwa umakoti

ukuthi usengumngoma ngempela yini. Uma

ekuthola okufihliwe kushaywa ihIombe

kujatshulwe. Enye indIela yokufihlela umakoti

ukuza nomuntu ogulayo afihlelwe ngaye, naye

uzombhula kube kuhle. Kokunye afihlelwe

ngaye uqobo lwakhe, ukugula okumphethe,

nakho akubhule kuhalaliswe. Emveni kokubusa

ngotshwala sezizovalelisa izangoma zihambe.

Umthimba wona uhamba ngakusasa. Uyise

ushiya eseludidiyele belu ukhamba lobulawu.

Ukukhunga isangoma kungukukhuthaza idIozi. lsangoma siyafihlelwa izinto bese

sizifunela lezo zinto ezifihliwe. Ngesikbathi umngoma ezithola kuba enkulu

injabulo kwabomndeni bejabulela ukuthi ubungoma bomntwana wabo buchumile.

Ukufihlelwa lokhu yikhona okuthokozisa kakhulu umndeni uma isangoma

sikwazi ukukukhipha lokho okufihliwe, kanjalo nokushaya emhlolweni uma

sibhula ngezigulo zabantu.

89

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!