19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UKrige, (1936:303) uthi:

He becomes particular about his food and abstain

from certain kinds, especially amasi, confining

his diet to meat, dregs ofbeer mixed with boiled

maize and wild herbs.

Kuba nezinhlobo ezithile zokudla angavunyelwe

ukuzidla njengamasi, kodwa udla inyama,

umbhantshi wezinsipho zotshwala kanye

namakhubalo.

lsangoma siyayifundiswa inhlonipho nempilo yezangoma. .Ziyalalela izangoma

ngoba uma zingalaleli imigomo yempilo, idlozi liyabashiya, baphuphe, izindlela

zabo zifiphale.

UKhumalo, (2007) uthi:

Amathwasa nezangoma azidli noma yini. Lokhu

kudla akudliwa izangoma namathwasa, iqanda,

imvu, inhlanzi, amasi nembumba. lsangoma

asiyitshali nokuyitshala imbumba.

Miningi imigomo nemibandela ebekelwe amathwasa nezangoma. Kunezizathu

ezenza amathwasa nezangoma zingakudli ukudla okuthile. Imbumba

iyaphuphisa, idlozi iyalivala, isangoma esidla imbumba singeke sakwazi

ukubhula. Amaqanda anqatshelwe ukudliwa amathwasa nezangoma ngoba

ahlangene awaphefumuli, avaleke ngci, idlozi lingavaleka, lingakhululeki, iduke

imihlahlo yezangoma.

Inyama yemvu yona ayilithethi idlozi uma inqunywa ayikhali, iyisimungulu.

Idlozi lifuna imbuzi yona ekhalayo ivule izindlela zombhulo, Lesi yisona sizathu

esenza inyama yemvu ingadliwa amathwasa nezangoma. Ibhece nalo alidliwa

izangoma ngoba lihIangene swi, alinandawo yokuphefumula, idlozi livaleka ngci

lithule futhi alinasikhala somoya, izangoma azilidli ngalesi sizathu. Inyama

yengulube ayidliwa umuntu othwasayo nesangoma ngenxa yokuthi iyayibulala

65

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!