19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

imithi, iyiphuphise ngisho amafutha ayo awagcotshwa isangoma kanye nethwasa

ngoba iyashibilika, idlozi aliyukuba bukhali kodwa Iiyoba yintshelelezi.

3.10 Imisebenzi eyenziwa amathwasa

Amathwasa ayasebenza lapha ekuthwaseni, awahlali nje phansi enzelwe izinto.

Kufuneka ahlanze indlu ahlala kuyo, ahlanze negceke. Asinde endlini, atheze

izinkuni, akhe amanzi okupheka nawokugeza. Ithwasa kufuneka likhuthale

yingakho kuyimpoqo ukuba lenza yonke imisebenzi eyenziwayo la kwamakhosi.

Lokhu kusebenza kwethwasa kukhuthaza idlozi ukuba kube idlozi elikhutheleyo.

Eminye imisebenzi eyenziwa amathwasa ukumba imithi, ukushaya izinkamba

zawo akhulumise amadlozi awo. Amathwasa ayashesha ukuvuka ekuseni,

lingalali kuze kube semini ukuze amadlozi awo akhuthale.

UNtombela, (2007) uthi:

Amathwasa ahamba ayomba imithi.

ApheIekezele umakhosi uma eyobhula noma

eyokwelapha. Ahlanze indlu yedlozi abuye

asinde. Iwona amathwasa aqala kuqala

ukubhulela abantu abafikayo ngaphambi kokuthi

uMakhosi ababhulele.

Ukukhuthala ziyakufundiswa izangoma, isizathu ukuthi uma isangoma sikhuthala

nedlozi laso liyakhuthala. Ukwenza yonke imisebenzi ngokunakekela kuveza

inkuthalo ayizuza ephehlelweni lapho ethwasa khona umngoma. Benza yonke

imisebenzi ukuze bakwazi ukuzimela uma sebevule awabo amaziko. Bavuka

ekuseni bayogeza empophomeni ukuze idlozi likhuphuke likhuthale. Yonke

imisebenzi eyenziwa kwasangoma esethwasisayo yenzelwa ukufundisa

ukuzimela. Uma uyibheka ngokungayiqondi kahle impilo yesangoma

esisephehlelweni kungaba sengathi siyahlushwa kanti qhabo siyafundiswa. Noma

66

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!