19.11.2012 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA ... - UZSpace Home

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

athande ethunzini. Kokunye lize Iiyozilahla

ilanga zilokhu zigide lokho izangoma. Abantu

sebeshaye ihlombe kwaze kwavuvuka izandla.

Kuyabongelelwa kunjeya kubongwa amakhosi

alo muzi. Nazo izangoma zibuye zibonge

awakubo.

Lolu usuku Iwenjabulo izifiso zonke zifezekile. Sijabule isangoma esithwasisayo

ngoba naso siyaduma sichume ngokungena kwamathwasa. Ngokunjalo futhi

siyaceba ngoba amathwasa aphumayo aphuma ngenkomo. Sijabule isangoma

esithwasisayo futhi kufanele ngoba sizoba nodumo ezweni lonke. Lona

ngumcimbi wenjabulo, sijabule isangoma esikade sethwasa ngoba lokhu

sekuyisiqalo sokunotha kwaso. Ziyafezeka izifiso zabaphansi ababezosipha

umcebo wezinkomo ngalokhu kwethwasa. Sinezizathu ezisobala zokujabula lesi

sangoma, sijabulela abaphansi abazifiphazile izindlela zezimfamona ngoba nangu

esephumelele. Basina bajabule bejabuIela impumelelo. Umuzi wonke wakubo

kwesangoma lapho sizalwa khona nabo banezizathu zabo zokujabula. Umntwana

wabo wahamba engofileyo isigulo namuhla lesi sigulo siphenduke inhlanhla,

kumele bajabule. Izihlobo nomakhelwane nomphakathi wonke nezangoma

zanhlangothi zombili bonke banezizathu ezinhIe zokujabula ngalolu suku. Bonke

babonga abaphansi ngamandla abo amangalisayo.

UNtombela, (2007) uthi:

lzangoma ziyasina lapha esibayeni ziklele

ngokulandelana 10 ophumayo abe phakathi

nendawo. Usina nje uphethe umkhonto,

neshoba. Leso naleso sangoma sihlabelela

inkondlo yaso. Isangoma esithwasisayo

sivumisa amadlozi, sichaza ngokuziphatha

kwesangoma. Uchaza okuhle achaze nokubi

ngesangoma.

Basina, basine abangoma bakhathale futhi nelanga seliyoshona. Bahuba inkondlo

laba bomthimba, baphume esibayeni baye endlini yesangoma. Uma befika lapha

endlini bathi ukusina bese behlala phansi, ukusina sekuphelile.

86

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!