Ucwaningo lwase-Africa Centre lwenhlalo yabantu oluhamba phambili
Ucwaningo lwase-Africa Centre lwenhlalo yabantu oluhamba phambili
Ucwaningo lwase-Africa Centre lwenhlalo yabantu oluhamba phambili
You also want an ePaper? Increase the reach of your titles
YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.
Ucwaningo lwase-Africa Centre

lwenhlalo yabantu oluhamba phambili
3

9

12

Okuqukethwe

Okuqukethwe

1 Ezivela Ehhovisi Lomqondisi:

2011-Unyaka Wezinqumo Ezinzima!

3 Iqhaza Locwaningo Lwase-Africa Centre

Lwenhlalo Yabantu Emphakathini

5 Ukubhekwa Kwentuthuko Yezindlu

ZaseNdlovu Village

7 Izingadi Zomphakathi Namaqoqo

Okusekelana

9 Abantu Abaphila Ne-HIV Nalabo Abathelelekile

Asebethola Imishanguzo Ye-HIV Endaweni

Ecwaningwayo Ngo 2010

12 Dansa Ngesayensi

14 Umthombo Wentsha – Ngabe Ikuphi Ingcuphe

Entsheni

16 Ukwamukeleka Kanye Nokwaneliseka

Kweziguli Ngohlelo Lokuthiba I-HIV

Nokwelapha I-TB
Ezivela Ehhovisini LoMqondisi:

2011- Unyaka Wezinqumo

Ezinzima!

USolwazi Marie-Louise Newell

Unyaka ka-2011 ungunyaka obalulekile

kuyi-Africa Centre ngezindlela

eziningi, ngocwaningo oluningi

olusashicilelwa futhi kuningi

okuqhubekayo okuzonquma inkomba

yekusasa eminyakeni embalwa ezayo. ISikhungo

sixhaswe ikakhulukazi i-Wellcome Trust, engenye

yabaxhasi abakhulu emhlabeni. Unyaka ngemva

kokuba ngibe uMqondisi ngo-Januwari 2006

saphumelela ekunikezweni i-Wellcome Trust uxhaso

lokwenza umsebenzi wethu eminyakeni emihlanu,

ngo-2007 kuya ku-2012. Ngakho okwamanje

siphakathi nokucela imali yeminyaka emihlanu

elandelayo - umsebenzi omkhulu wezisebenzi

ezisekhundleni eziphezulu esikhungweni. Njengoba

nazi ukuthi inzika-mnotho emhlabeni wonke ifake

ingcindezi enkulu kwezezimali ezinhlanganweni

eziningi emhlabeni jikelele, Nathi asivikelekile

kulokhu, ngakho ke kumele sisebenze kanzima

ukuqinisekisa ukuthi sinayo imali esiyidingayo

ukuqhubeka phambili ngalolonke ucwaningo

esifuna ukulwenza. Ngokukhethekile izindlela

zocwaningo ebesilokhu silwenza kuleminyaka

eyisihlanu edlule, okwamanje akukhona-nje ukuthi

lubalulekileocwaningweni lwethu kodwa lulethe

usizo oluningi emphakathini, futhi lokhu kuchazwe

kwisiqeshana sombhalo ngu-William Mhwava

kamuva kulolu shicilelo.

Emuva ngo-2006 ubhubhane lwe-HIV luyelwahlasela

umphakathi lapha, kodwa imishanguzo

yayingatholakali kalula futhi abantu abaningi kakhulu

babefa. I-Africa Centre, ixhaswe i-USAID/PEPFAR,

yaqalisa ukusebenzisana nesiFunda SezeMpilo

sakwaHlabisa futhi bakha manje okwaziwa ngokuthi

uHlelo LakwaHlabisa Lokwelapha Nokunakekela

okwamanje olunikekezelwa ngemitholampilo engu-

17 esifundeni. Sinomahambanendlwana nezisebenzi

zase-Africa Centre emtholampilo ngamunye futhi

manje sinabantu abangaphezu kuka-12 000 abathola

imishanguzo. Ucwaningo lwethu lukhombisa ukuthi

ngokushesha ngaphezu kwesigamu samakhaya

asendaweni azokuba nothile kuwona othola

imishanguzo. Futhi ngempela kunabaningi abanye

abane-HIV kodwa abangakatholi imishanguzo

futhi ngokuvamile abangazi nakwazi ukuthi bane-

HIV. Naphezu kokuncishiswa kwesabelo sezimali

kwamuva, sikwazile ukuthuthukisa izakhiwo

zemitholampilo ngemali eyizigidi eziyisithupha

zamaRandi. Ucwaningo lwethu lukombisile ukuthi

ngenxa yokusatshalaliswa kwemishanguzo amazinga

okufa kwabantu aye ehla kakhulu futhi kancane i-HIV

iyashintsha ekubeni isifo esingumbulali iba yisifo

esingamahlala-khona, okuyinto abantu abangaphila

nayo isikhathi eside.

1
Naphezu kwale mpumelelo ekwelapheni abantu

abane-HIV, inkinga enzinyana ukuyixazulula

iwukuthi okokuqala abantu bengavikelwa

kanjani ekuthelelekeni nge-HIV. Intsha yethu

isatheleleka ngezinga eliphezulu ngoshaqisayo futhi

kunophawana olukhona lwentuthuko. Ukuzama

ukubhekana nalokhu, i-Africa Centre inohlelo

olukhulu, olubizwa ngokuthi Umthombo Wentsha,

oluchazwe kabanzi kamuva kuyisiqeshana sombhalo

okulolu shicilelo loMbiko, oluhilela zonke izikole

ezingu-51 esifundeni. Luqhuba, hhayi kuphela

ucwaningo lokuzama ukuqonda ukuthi singabasiza

kanjani abantu bethu abasha ukuba baphephe

kuyi-HIV, kodwa futhi nokuhlinzeka ngenkonzo

kamahambanendlwana wokweluleka nokuhlola.

Owesibili umsebenzi wocwaningo ojabulisayo

esiwuqalisayo umayelana nokuvikela i-HIV obizwa

nge-TasP (Treatment as Prevention). Lomsebenzi

wezigidi ezingu-30 zamaRandi, ohlanganisa

iminyaka emibili, uxhaswe inhlangano yocwaningo

yamaFulentshi, i-ANRS, futhi inhloso ukuzama

ukunikeza imishanguzo wonke umuntu emphakathini

one-HIV, kungakhathaliseki ukuthi ithini i-CD4.

Uma singakufeza lokho, siyethemba igciwane

le-HIV lingahle linciphe emphakathini, futhi

ukulidlulisela kungase kumiswe. Sizokwenza lolu

cwaningo-vivinyo emiphakathini emine esifundeni

futhi uma kuphumelela futhi siphumelela ukuthola

oxhaso olwengeziwe locwaningo, siyobe sesihlela

ukulwenabisela emiphakathini eyengeziwe.

Lonke ucwaningo e-Africa Centre luncike

ekusekelweni umphakathi ukusivumela ukuba

sivakashele amakhaya abo futhi sibabuze imibuzo

- esaziyo izikhathi eziningi ukuthi imibuzo enzima

futhi ehlazayo. Nokho, lolu cwaningo lubaluke

ngempela ekuqondeni nasekulweni nobhubhane lwe-

HIV emphakathini kanye nokuqonda kabanzi isifo

ngokwesayensi. Sinomuzwa wokuthi ukuvikela,

ukuhlola, ukwelapha nezinkonzo zokunakekela

thina nabanye ozakwethu abaningi baseMnyangweni

weZempilo kwaHlabisa abaye bakwazi ukuzakha

ngaphezu kwaleminyaka eyisihlanu edlule ingakwazi

ukuqhubekela phambili, futhi ngaleyondlela kancane,

ngosizo oluqhubekayo lomphakathi nokubambisana,

siyokwazi ukulawula futhi ngokusebenzisana

sizokwazi ukuvikela lesi sifo.

Siyabonga kakhulu.

2
Iqhaza Locwaningo Lwase-Africa Centre

LweNhlalo YaBantu Emphakathini

Ngu: Dr William Muhwava

Le ndatshana ihlose ukuchaza ukuthi

kwenzekani oCwaningweni Lwenhlalo

yaBantu ngolimi okungathi wonke

umuntu obandakanyeka emsebenzini

we-Africa Centre aluqonde. Sihlangana

nabantu kwaHlabisa namaphethelo abasibuza

imibuzo enjengokuthi “I-Africa Centre yenzani”,

“Abantu bazuzani kulokhu enikwenzayo” Abantu

baye babona abasebenzi bethu basemphakathini

zihamba ngezimoto zehla zenyuka endaweni bebuza

imibuzo beloba phansi izimpendulo emafomini

athile. Abantu baye bamangale ukuthi kungani bebuza

lemibuzo futhi kungani belokhu bebuya bephindelela

bebuza imibuzo efanayo. Le ndatshana izozama

ukuphendula lemibuzo ngendlela ezokwenza ukuthi

wonke umuntu osemphakathini wethu nangaphandle

aqonde umsebenzi we-Africa Centre.

Umlando Omfishane We-Africa Centre

I-Africa Centre yasungulwa ngo-1998 ngoxhaso

olwahlinzekwa yi-Wellcome Trust eyinhlangano

yomhlaba wonke exhasayo ezinze e-United Kingdom.

Nakuba isikhungo socwaningo besingasungulwa

noma kuphi eNingizimu Afrika, isicelo esafakwa

yithimba elakhiwe yilokho okwakwaziwa ngokuthi

iNyuvesi yaseNatali, iNyuvesi yase-Durban

Westville kanye ne-South African Medical Research

Council senza ukuthi i-Wellcome Trust ikholwe

ukuthi iKwaZulu-Natali yindawo engcono kakhulu

yokusungula lesi sikhungo socwaningo. Labo

ababefuna indawo lapho sizoba khona isikhungo

baqoka indawo yakwaSomkhele ngoba yaveza

izimfanelo ezifanelana nezimfuneko zezinhloso

zocwaningo. Emva kweminyaka emibili yokuhlela

ngokucophelela, ithimba lokuqala labahlonzi

3

lazungeza indawo ekhethiwe libuza imibuzo. Kwaba

wukuqala kohlelo oselusebenze iminyaka engaphezu

kwewu-10 futhi olusazoqhubeka iminyaka eminingi.

I-Africa Centre izibandakanye emisebenzini emibili

emikhulu yocwaningo. Owokuqala, ucwaningo

lwenhlalo yabantu olulandelela abantu abawu-90

000 abangamalungu emindeni engu-11 000 luphinde

lubike ngezinguquko ezenzeka esibalweni sabantu

ngenxa yokufuduka, ukuzalwa nokufa. Eyesibili,

ucwaningo lwe-HIV oluhlanganisa ukuhlolela i-HIV

kanye ngonyaka kubantu abadala abayizakhamuzi

kanye nedlanzana labantu abadala bendawo

kodwa abangahlali lapha. Kuneminye imisebenzi

yocwaningo emincane engafakwa ngaphakathi

kwalezi zinhlelo zocwaningo ezimbili ezinkulu.

Ngaphezu kwalemisebenzi yocwaningo, i-Africa

Centre izibandakanye nokunikezelwa kwezinkonzo,

ikakhulukazi oHlelweni LwemiShanguzo (Anti-

Retroviral Treatment) nasoHlelweni Lokwelulekwa

nokuHlolelwa i-HIV (HIV Counselling & Testing).

Ucwaningo lwase-Africa Centre lokubalwa kwabantu

luhlanganisa ukuqoqwa kolwazi kubantu ababodwa

bevakashelwa ngokuphindelela. Okokuqala

kubalwa futhi kubhaliswe wonke umphakathi

wendawo eklanywe kahle ngokwemingcele, iNdawo

Yocwaningo LweNhlalo Yabantu (Demographic

Surveillance Area). Emva kwalokho, kube

sekuvakashelwa kaningana indawo ngayinye

ebhalisiwe ngaphakathi kweNdawo Yocwaningo

LweNhlalo Yabantu ukuze kubikwe ngezenzakalo

ezihlobene nehlalo yabantu kanye nezempilo

ezenzeke kusukela ekuvakasheni okwandulele kanye

nokubika isimo samanje sakho konke okubhalisiwe

endaweni.
Umphakathi ocwaningwayo uchazwa ngokujwayelekile

njengalabo bantu abangabahlali ngaphakathi

eNdaweni Yocwaningo LweNhlalo Yabantu futhi

kusho ukuthi zimbili kuphela izindlela zokungena

emphakathini wocwaningo: ukuzalwa noma

ngokuthuthela eNdaweni Yocwaningo LweNhlalo

Yabantu. Ngokufanayo zimbili izindlela

zokuphuma emphakathini wocwaningo osoHlelweni

Locwaningo LweNhlalo Yabantu (Demographic

Surveillance System): ukufa noma ukuthuthela

ngaphandle kweNdawo Yocwaningo LweNhlalo

Yabantu.

Izinzuzo Zocwaningo

Ucwaningo lunobuhle obuningi olubuletha

emphakathini. Njengoba luwumsebenzi ogxile

emphakathini, zonke izakhamuzi zizibandakanye

kulo lonke loluhlelo. Ukuba khona kwe-Africa

Centre isikhathi eside kulendawo kuthuthukise

ubudlelwano nomphakathi. Ihlomisa abantu ngolwazi

ngomphakathi abangalusebenzisa ukwenza impilo

yabo ibe ngcono. Yingakho, umphakathi uyingxenye

yocwaningo kunokuba ube ngabacwaningwayo.

Abasebenza emphakathini baqashwa kuwo

umphakathi. Loku kunobuhle obuningi ngokuthi

abasebenza emphakathini baliqonda kahle isiko

lalendawo Ngokwesizinda esifanele futhi kusiza

ekugwemeni udweshu. Basiza ekudluliseni

imibono esizindeni esifanele futhi nokuhunyushwa

kwamathuluzi ocwaningo kuvumelana nendawo.

Ukuba khona kwe-Africa Centre kube nobuhle

obenezelwe bokunikeza abantu bendawo ulwazi

namakhono. Ezinye izisebenzi zikwazile ukufunda

futhi manje bayaziqhenya ngamadiploma nangeziqu

zasenyuvesi abanazo futhi abanye sebenyukele

ezikhundleni eziphezulu endaweni noma kwezinye

izindawo. Ngokwejwayelekile, i-Africa Centre

ibenesandla ekuthuthukiseni imindeni eminingi

endaweni.

Ukuqhubeka kokuba khona kwe-Africa Centre

kwenza indlela okuqoqwa ngayo ulwazi ibengcono..

Imininingwane engaphelele ngomuntu oyedwa

ingabuye iqoqwe ngokuhambela okulandelayo.

Ulwazi oluqoqwayo lwethembekile njengoba

izenzakalo ezifana nokuzala, ukufa nokufuduka

zibikwa ngokushesha ngemva kokwenzeka futhi

zingaqinisekiswa ngokuhambela okulandelayo.

KwiSayensi, ukuba khona kwezinga eliphezulu

lobunjalo bolwazi kubalulekile. Ngokuvakasha

okwenzeka kaningana emakhaya, i-Africa Centre

iyakwazi ukuthuthukisa iminingwane edinga izinsuku

ezithe ngqo okwenzeka ngazo isenzakalo. Izenzakalo

okungenzeka ukuthi zigejekile ngokuhambela

okwedlule ziyakwazi ukuba zicosheke,

ikakhulukazi izenzakalo ezikhohlwakalayo noma

okungakhulunywa ngazo njengokufa kwezinsana,

izingane ezizalwa zifile esezithule nofuduko.

Izimpendulo ezingashayi khona zincishiswa

ngokuhlolisisa kusasetshenzwa ngesikhathi kuqoqwa

ulwazi noma esigabeni sokufakwa kolwazi lapho

izinhlelo zekhompyutha zihlolisisa amaphutha.

Ubudlelwano obuphakathi kwe-Africa Centre

nomphakathi buqiniswa iBhodi Yokweluleka

YoMphakathi (CAB). I-CAB inamalungu akhethiwe

omphakathi aluleka i-Africa Centre ngokumelwe

kucatshangelwe ngokwesiko, ngokufaneleka

nokwamukeleka kocwaningo oluhlongozwayo.

Okwesibili, i-CAB inikeza umgudu wokuxhumana

phakathi kweSikhungo ohlangothini olulodwa

kanye nomphakathi, ubuholi bomdabu (amakhosi

nezinduna) kanye nobuholi bukamasipala

(amakhansela akhethiwe) ngakolunye. Okwesithathu,

i-CAB inikeza i-Africa Centre izeluleko ngezinto

ezikhathaza umphakathi. Okwesine, i-CAB ibika

ngokutholakale ocwaningweni kulabo ababakhethile,

ikakhulukazi emihlanganweni yomphakathi. Bonke

abacwaningi babikela i-CAB ngenqubekela phambili

ocwaningweni labo, ngemiphumela yokuqala kanye

nokutholakele.

I-Africa Centre njalo ngenyanga yenza imibukiso

ejikelezayo. Lena imicimbi ehlelwa iHhovisi

eliXhumana noMphakathi (Community Engagement

Office) lase-Africa Centre. Imibukiso ejikelezayo

iklanywe ngomqondo wokufundisa nokunandisa,

okuhlose ukufundisa izethameli ngokugxilisa

izifundo ngendlela eyaziwayo yokunandisa.

Lapha, abacwaningi banikezwa inkundla

yokuchaza ngocwaningo olwenzekayo endaweni,

obani abalungenele, ucwaningo luzokwenziwa

kanjani, benxuse ukusebenzisana nangezinye

izinto eziyoqinisekisa kakhulu ukuba yingxenye

yocwaningo. Amalungu omphakathi anikezwa ithuba

lokubuza imibuzo futhi baveze imizwa yabo mayelana

naloluhlelo locwaningo. Lemibuzo nezikhalo

kuphendulwa izisebenzi zase-Africa Centre

Kubalulekile ukuphawula ukuthi i-Africa Centre

ishintshe indlela yomlando kulomphakathi futhi

yenze umehluko oyohlala njalo. Akungatshazwa

ukuthi izizukulwane ezizayo zizozuza kulomsebenzi

owaqala ngo-1998.

4
Ukubhekwa Kwentuthuko Yezindlu

ZaseNdlovu Village

Ngu: Mammusa Lekoa

Indawo yokuhlala ibonakala njengesidingo

ngqangi kuwowonke umuntu e-Ningizimu

Afrika. UHulumeni wase-Ningizimu

Afrika uthathe isinyathelo emva kokhetho

lwentando yeningi lwango-1994 ukwenza

umqulu wamalungelo ezindlu kuzozonke

izakhamizi. Umqulu wase-Ningizimu Afrika

wango 1996, uyinkomba ephawulekayo yalombono

omusha njengoba uqinisekisa ngokucacile ilungelo

lezindlu ezanele futhi uphoqe uHulumeni athathe

izinyathelo eziphusile ukuzuza impumelelo. Indawo

yokuhlala ibalulekile ngoba ikhombisa isimo

sendawo engakhombisa isimo sempilo yabantu.

Iningi labantu e-Ningizimu Afrika abanayo indawo

yokuhlala futhi uHulumeni usethuthukise imithetho

ekhuluma ngokungalingani okwenziwa uHulumeni

wobandlululo. Nakuba inqubo yokukhetha

yenziwa kumthetho sisekelo wezindlu, kodwa

iyakuveza ngokucacile ukuthi ayilandelwa uma

sekukhethwa abahlali. Ucwaningo lwase-Africa

Centre lwacubungula konke ngabantu abahlala

e-Ndlovu village ukuthola ukuthi yibaphi abantu

abasuke beya kulezizindlu eziseduze zomxhaso

eziseNyakatho neKwaZulu-Natal. NgokukaMasipala

wase-Mtubatuba loluhlelo lwezindlu lwalubhekelela

umphakathi okade uhlala kwaMsane noma

izindawo ezakhelene, abasebenzisa imizi bebaningi

bempintshene nakuba ucwaningo lukhombisa ukuthi

u-60% wase-Ndlovu, umphakathi osuka kwezinye

izindawo kwaMsane no-Mpukunyoni wonke.

Lezindawo zifaka i-Richards bay, Empangeni, Jozini,

Durban, Stanger, Ulundi, Phongola, Greytown nase-

Pietermaritzburg.

Ngokudidiyela, kubonakele ukuthi u-43%

womphakathi wase-Ndlovu ongaphansi kuka-18 no-

53% weminyaka yobudala baseminyakeni ephakathi

nendawo (18-49 weminyaka) nalelo dlanzana labantu

abadala abangaphezu kuka-50 kakhulukazi abantu

besilisa nabesifazane abalinganayo abangabahlali

baseNdlovu Village. Iningi labantu eNdlovu Village

abashadile (93%) besekuthi inani labashadile lingu

4%. Kubobonke abahlali baseNdlovu Village

abangamashumi amathathu nesithupha kwabayikhulu

(36%) yilabo abasuke ngaphakathi kwemingcele

yendawo ecwaningwayo (Indawo ecwaningwa ngu-

Africa Centre) kulaba abangamashumi ayisikhombisa

5
nesithupha ekhulwini (76%) basuka kwi ngxenye ye-

DSA kanti abayishumi nane kwabayikhulu (14%)

basuka ezindaweni zasemakhaya futhi abayishumi

nanye ekhulwini (11%) basuka engxenyeni

yasedolobheni eyingxenye ye-DSA. Abanye

kwabaningi abahambe bayohlala eNdlovu besuka

kuDSA banesimo esikhulu senhlalo-mnotho yabo

( 75%) balandelwe yilabo abasezingeni elikahle

lomnotho, (41%). Abayishumi nambili ekhulwini

(22%) abasezingeni eliphansi kakhulu ngokomnotho

futhi nabahlanu kwabayikhulu (5%) abasezingeni

eliphansi kakhulu kakhulu ngokwesimo somnotho

lokhu kukhombisa ukuthi intuthuko ngokwesimo

somnotho ilandelwa yilelo esezingeni eliphansi

ngokwesimo mnotho.

ENdlovu Village kubukeka iminingi imindeni

ephethwe abantu besilisa abangamashumi

amahlanu nanye kwabayikhulu (51%) kunaleyo

ephethwe abesifazane abangamashumi amane

nesishagalolunye kwabayikhulu (49%). Bangamakhulu

ayisikhombisa nambili (702) abayizinhloko

zemindeni phakathi kwenani elincane lemindeni

eliyisilinganiso somuntu oyedwa futhi neningi

lemindeni elinganiselwa kweyishumi nane (14).

Ngokujwayelekile inani lemindeni lilinganiselwa

kwemine (4). Lokhu kuyakhombisa ukuthi kukhona

umehluko omncane ongokwesilinganiso somndeni

phakathi kwabesilisa nabesifazane abaphethe

imindeni. Kwabesifazane abaphethe imindeni

kunesilinganiso ngokujwayelekile esiwu-4.2 kanti

kwabesilisa abaphethe imindeni kunesilinganiso sika-

3,7 abangamalungu omndeni. Isilinganiso seminyaka

yabaphethe imindeni eNdlovu Village ingamashumi

amathathu nanhlanu (35). Kafushane abantu

abasezingeni eliphansi futhi neliphansi kakhulu lesimo

somnotho kwakukancane ukuthi bathole izindlu

ngokulandela inqubo eyayibekiwe yizishayamthetho

zezindlu. Ngakho-ke ngalolohlelo lukaMasipala,

izindlu zazuzwa abaqondene nendawo ebizwa

ngoMsane Township kanye nezindawo ezakhelene

nayo. Incazelo yesizathu sokuqala kungaba ukuthi

labo ababefanele ukuthola izindlu babengenazo

izimfanelo ezanele ezazingenza ba yohlala eNdlovu

Village. Esesibili kungaba ukuba hlwempu, abantu

banobunzima ekufakeni izicelo zomazisi okuyibona

okudingeka bafake ngabo izicelo zezindlu.

Ngakho-ke, uhulumeni kumele aqinise izindlela

njengokuveza isiqiniseko sokuba umhlali

waphambilini. Lokhu kuyosiza ekulawuleni

labo abangenayo besuka ezindaweni ezikude

okuwubunzima lwalabo bangaphakathi ekutholeni

izinhlelo ezenzelwe bona Uhulumeni kumele enze

isiqinisekiso sokuthi uletha zonke izimfanelo

ezidingakalayo eduze nomphakathi ukubanikeza

amathuba okufaka izicelo zezincwadi ezifanele

ezidingakalayo ekuceleni izindlu zikahulumeni

6
Izingadi Zomphakathi Namaqoqo

Okusekelana

Ngu: Menzi Mthethwa noColin Newell

Uhlelo lakwaHlabisa lokwelapha

nokunakekela abaphila nesandulela

ngculaza, olulekelelwa i-Africa Centre,

laziwa kangcono ngokunikezela

ngabeluleki, abahlengikazi, odokotela

kanye nomahamba nendlwana ukusiza ukuhlola

nokwelapha abaphila nesandulela ngculaza.

Olunye uhlelo okukhulunywa kancane ngalo yilolo

lokunakekela. Lolu lunakekela abantu abaphila

nesandulela ngculaza nengculaza uqobo ngezindlela

ezahlukene njengosizo lwezenhlalakahle,

ukunakekelwa kwasemakhaya, ukulandelwa

kweziguli futhi nangosizo lokweluleka ngokudla

okunempilo. Ibuye izame ukukhuthaza abantu ukuthi

baphile impilo engcono ngaphandle kokucwaswa.

Ingxenye eyodwa ebalulekile yohlelo lokunakekela

uhlelo lokulekelela lwezingadi lwenziwe

emtholampilo ewu-17 eyahlukene esifunda nkantolo

sakwaHlabisa. I-Africa Centre iqashe ngokugcwele

7

ihhovisi lokuthuthukiswa komphakathi, uSibongile

Gumede, olekelela, akhuthaze, ahole futhi

alekelele lezinhlelo. Lezinhlelo azikhonela kuphela

ukukhiqiza izitshalo, kodwa ngoba ukulima

kulekelela ekuzivocavoceni okuhle, kukhuthaze

indlela yokuphila engcono futhi kugqugquzele

ukusebenzisana okuhle emphakathini.

Iningi lezingadi likuyo imtholampilo uqobo. Isizathu

esibalulekile salokhu ukuthi kunezingcingo ezibiyele

kahle iningi lemitholampilo ezivikela izitshalo

ekudliweni izinkomo nezimbuzi, okuyinkinga enkulu

yezinye izingadi zomphakathi endaweni. Esinye

isizathu esibalulekile esokuthi amanzi anikezelwa

emtholampilo asetshenziswe ukuchelela izitshalo.

Ezinye izingadi endaweni zibuye zikhokhele amanzi

kanye nembewu. Enye yezingadi eyenze kahle

elinywe iSiyathuthuka Support Group eseNtondweni

Clinic. Isivuno sabo sakamuva sasengadini yabo

sihlanganisa lelithanga elikhulu 11.2kg elisezandleni
zomqondisi we-Africa Centre, elanikelelwa

i-Africa Centre ukubonga ngokukhuthaza nokusiza

abalunikezile. Ucwaningo lwakamuva lwezingadi

ezimbili zomphakathi kwaMsane Township

beluqhutshwa nguMenzi Mthethwa oyisakhamuzi

nofunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal eThekwini,

obelekelelwa i-Africa Centre ezifundweni zakhe.

Izingadi ezimbili ebezibuka bekuyi-Thathigeja,

esibekhona iminyaka engaphezu kwamashumi

amabili, neSiyajabula esungulwe eminyakeni

embalwa edlule.

Ngonyaka ka-2009 ucwaningo lwakhe luthole ukuthi

ngabantu abadala ikakhulukazi abazi mbandakanye

ezingadini. Eqinisweni azikho nhlobo izingadi

ezimbandakanya abantu abasha. I-Thathigeja Garden

ibisondelene nasebehola impesheni futhi buduze

nabobonke abesifazane. Labo abaseSiyajabula

bekungabasebancane futhi iningi labo izifundiswa

eziqashwe ngokugcwele ikakhulukazi othishela

Abaningi bebechaza ukuthi bafunde amakhono

ezolimo kobaba babo, bethi kudala bekungabantu

besilisa ababebaningi kulomsebenzi, okumanje

usuwenziwa kakhulu abesifazane.

Abantu bathi inhloso ngqangi yokuzimbandakanya

ekutshaleni ukwengeza ukudla kwabo, ngamanye

amazwi basebenzisa imikhiqhizo ukudla emakhaya

abo noma banikeze omakhelwane babo futhi

nemindeni yabo, hayi ukudayisa. Basebenza

ngentshisekelo nangesizathu sezempilo, bebona

ukuthi ukudla okusha futhi okunempilo kuyakhiqizwa.

Futhi babona izingadi zibasiza ukuvimbela indlala

futhi nasekubambeni iqhaza empilweni engcono.

Bayingcosana abathola inkokhelo ngokusebenza

ezingadini zabanye, bekubheka njengento

ebangenisela imali.

Siyathuthuka Support Group Entondweni

8
Abantu Abaphila Ne-HIV Nalabo Abathelelekile

Asebethola Imishanguzo Ye-HIV Endaweni

Ecwaningwayo Ngo-2010

Ngu: Dr Abraham Malaza

Isendlalelo

Umjikelezo wokuqala ohlelweni lokuhlolela i-HIV

waqalwa ngo-2003. Ngalesosikhathi ukusatshalaliswa

kwemishanguzo kwakungakandi noma kwakufana

nokungekho endaweni. Njengakuzozonke

izingxenye ze-South Africa isikhathi esingaphambi

kuka-2004 sasinokushona okuphezulu okuhlobene

ne-HIV. Masiqhubekela phambili ku-2010, isimo

sishintshe sabangcono ngenxa yokusatshalaliswa

kwemishanguzo kusukela ngo-2004. Ngaleyondlela

zimpilo eziningi zisindile futhi zisazoqhubeka

nokusinda njengoba imishanguzo yanda. Minyaka

yonke iningi labantu lithola lemishanguzo esindisa

Impilo.

Kukulokhukukhanya ukuthi uhlelo lokuhlolela i-HIV

luqhubeka nokuba oludingekayo, ukubheka kwethu

okuqhubekayo (bangaki) nokusabalala (kangakanani)

kwe-HIV emphakathini kuwumsebenzi omkhulu

we-Africa Centre Yocwaningo LwezeMpilo

Nokubalwa kwaBantu. Ulwazi lwe-Surveillance

lugcwalisa izinhloso zethu eziningana, ezinye zazo

ukubheka ukuhamba kwezifo, ukuhlela, ukwabiwa

kwezinsiza kusebenza, ukwakhiwa kwemithetho

nokubanemingenelelo enobufakazi.

Leliphepha lihlose ukunikeza ulwazi lwakamuva

ngenani labantu abaphila ne-HIV kwi-DSA

liqhathaniswa nenani labantu abathelelekile phakathi

kuka-2003 no-2010. Okwesibili linikeza izibalo

zabantu abasohlelweni lwemishanguzo (ART) futhi

ngokwenzenjalo likhombisa ukuthi ingakanani

inqubekela-phambili eseyenzekile kusukela ngo-

2003 kuya ku-2010.

Imiphumela

Izilinganiso zokutheleleka nge-HIV (iphesenti

elikhombisa inani labantu abaphila ne-HIV

emphakathini ngesikhathi) kwi-DSA zazingaphansi

(19%) ngo-2007 no-2008 futhi kuze kubemanje

isilinganiso esiphezulu saqinisekiswa ngo-2010

ngenkathi izinga lokutheleleka elaqinisekiswa ngo-2003

9
Year Female Male Overall

2007 HIV Result Number Percent Number Percent Number Percent

Positive 1,325 21 389 13 1,714 19

Negative 4,837 79 2,565 87 7,402 81

Total 6,152 100 2,954 100 9,116 100

2010 HIV Result Number Percent Number Percent Number Percent

Positive 2,007 28 515 16 2,522 24

Negative 5,255 72 2,669 84 7,924 76

Total 7,262 100 3,184 100 10,446 100

Table 1: Amazinga okutheleleka ngokobulili ngo-2007 no-2010

lalingu-23%, 21% (oyedwa kwabahlanu) kubobonke

abesifazane ababehlolwe ngo-2007 latholakala

lithelelekile uma liqhathaniswa no-13% (oyedwa

kwabayisishagalombili) besilisa abahlola ngonyaka

ofanayo. Ngakwesinye isandla u-28% (abathathu

kwabayishumi) wabesifazane batholakala bene-

HIV ngo-2010 beqhathaniswa no-15% (cishe ababili

kwabayishumi) besilisa ngonyaka ofanayo (Table 1).

Kubalulekile ukubheka ukuthi kuzozombili izinhla

abesifazane babanezinga lokutheleleka okuphezulu

kunabesilisa

Itafula elingenhla likhombisa amazinga okutheleleka

nge-HIV aphezulu kubantu besifazane uma

beqhathaniswa nabantu besilisa. Ngezansi sibheka

imithelela yobulili neminyaka ekubhebhethekeni

kwe-HIV kwi-DSA. Ngo-2010 inani labantu

abatheleleke nge-HIV laliphezulu kubantu besifazane

kunabantu besilisa kwiqoqo labantu beminyaka

efanayo ephakathi kweminyaka engu-15 kuya ku-34

ubudala. Kwiqoqo leminyaka engaphezu kuka-44,

izinga lokutheleleka lalingaphezulu kubantu besilisa

kunabesifazane beqoqo leminyaka efanayo (Table 1).

Ukwenyuka kwezinga lokutheleleka kubantu

besifazane kwabonakala kuku-59% eqoqweni

leminyaka eku-30-34 ngenkathi kwabesilisa

ukutheleleka kwenyuke kwabangu-53% kwabesilisa

beminyaka engu-35 kuya ku-39 ubudala.

Ukulungela imishanguzo kushicilelwe kwi-

National Treatment Guidelines ngokulandelayo:

amasosha omzimba angaphansi kuka-200 kubantu

abadala besilisa nabesifazane abangakhulelwe,

amasosha angaphansi kuka-350 kubantu besifazane

abakhulelwe kanye nesifo sofuba (TB) nakubantu

abatheleleke ngakho kokubili. Ingxube yemishanguzo

nalelo elingasayizwa imishanguzo (MDR/XDR)

iziguli ezinofuba ziyaqaliswa emveni kokutholakala

kungabukwa ukuthi amasosha athini.

Ukusabalala kwemishanguzo kuchazwa inani

labantu abayitholayo imishanguzo ngesikhathi

kwehlukaniswa yinani labantu asebelungele ukungena

ohlelweni lwemishanguzo ngesikhathi esifanayo

(kubala labo abavele sebeyithola imishanguzo.

Isilinganiso sokusabalala kwemishanguzo

okungu-74% ku-DSA sabalwa. Ngoba isilinganiso

asibabali abantu abathola imishanguzo emikhakheni

yezempilo yangasese (ezimele) ngaphandle

kwesifundankantolo ukusabalaliswa kwemishanguzo

kungaba kukhulu. Ngakwesinye isandla ubungako

bokusabalala kwesidingo semishanguzo akwaziwa

njengoba kungebona bonke abantu abahambayo

ukuyohelolela i-HIV. Ngaleyondlela akwaziwa

ukuthi bangaki abantu abathelelekile nokuthi bangaki

asebenamasosha asengaphansi kuka-200 noma

ngaphansi kuka-350 kubantu besifazane abazithwele

nalabo abanesifo sofuba (TB). Ukuzazi isimo sakho

se-HIV kubaluleke kakhulu.

• Ezingeni lomuntu ngamunye, lolulwazi

lubalulekile kumuntu othintekayo ukuze

bakwazi ukuthola izinhlelo zempilo nokuthi

uma sebeyidinga imishanguzo bakwazi

ukuqaliswa ohlelweni lwemishanguzo.

• Ezingeni lomphakathi, ukwazi ngenani labantu

abathelelekile kubalulekile kuhulumeni

nabanye abahlinzeka ngezinkonzo ukuze

ukuhleleka kahle nezinkonzo ezanele

zingahlinzekwa lapho zidingeka khona

kakhulu.

10
Ngaleyondlela ukwazi komuntu ngesimo sakhe

kuyinzuzo kumuntu ngamunye othintekayo

nasemphakathi wakhe, ngandlela thize.

Lokhukwenyuka okuncane kokutheleleka nge-

HIV phakathi kuka-2003 no-2010 kubhekekile

futhi akumangazi. Lokhu kubangelwa imithelela

yemishanguzo njengoba abantu abaningi

abathelelekile bethola imishanguzo, bagcineka

bephilile ngaleyondlela inani labantu abathelelekile

emphakathini liyenyuka. Ukuncipha kokushona

okuhlobene ne-HIV kuwumphumela omuhle

wokusatshalaliswa kwemishanguzo, ukuthathwa

kwemishanguzo nokuthathwa kahle kwayo

yilawomalunga omphakathi athelelekile.

Imiphumela yethu ikhombisa amathuba abantu

besifazane abasebancane okuzimbandakanya ocansini

nabantu besilisa abadala. Lokhu kuqinisekiswe

izinga eliphezulu lokutheleleka nge-HIV kubantu

besifazane eminyakeni ephansi nokwenyuka

kwezinga lokutheleleka kubantu besilisa eminyakeni

elandelayo. Lokhu kubonakaliswa amazinga aphezulu

okutheleleka lapho ukwenyuka kokutheleleka

kubantu besilisa kwabonakala kwiqoqo leminyaka

engaphezulu kwemihlanu ubudala kunalapho

ukwenyuka kwakubonakele kubantu besifazane.

Ukubhebhetheka kwe-HIV kusenokwenzeka kakhulu

emphakathini lapho amazinga okutheleleka nge-HIV

ephezulu. Ukutheleleka okusha (incidence) nakho

kuwukukala okubalulekile ekubhekeni ukutheleleka

nge-HIV. Njengokuvimbela okuqhubekayo

nokushesha kokutholakala ngokuhlolelwa i-HIV

kubalulekile empini yokulwa nalolubhubhane.

Ukushesha ukuthola kubalulekile kumphumela

wokwelapha (prognosis), abantu abaqala

imishanguzo benamasosha aphezulu benza

kangcono kunabantu abaqala imishanguzo uma

amasosha abo esephansi kakhulu. Ukuphindeka

kokutheleleka kubantu asebevele bethelelekile

kuyingozi ekhona edinga ukuthi igwenye

ngayoyonke indlela.

Nakuba izinga eliphelele lokudingeka

kwemishanguzo ku-DSA lingaziwa, ukusatshalaliswa

okulinganiswayo kuyakhuthaza ngenxa yokuthi

kungaphezulu kwalokhu kwe-Province (40%, 2008

no-National (55% ngo-2009) ngokwezilinganiso.

Figure: Amazinga okutheleleka nge-HIV ngokubulili namaqoqo eminyaka, 2010

11
Dansa Ngesayensi

Ngu: Dr Astrid Treffry-Goatley

Ukudansa nge sayensi uhlelo olusha

lwezokuxhumana oluqalwe iAfrica

Centre okuyisikhungo socwaningo

nokubalwa kwa bantu. IAfrica Centre

yisikhungo socwaningo lwe-HIV

umhlaba wonke ekuhlolweni kwe-HIV; ekwelapheni

nasohlelweni lokunakekela ihlangene nomnyango

wezempilo enyakatho nekwaZulu-Natal lapho

ubhubhane lwe-HIV lungolunye oluhamba phambili

emhlabeni. Cishe oyedwa kwababili abadala

abaneminyaka engu-35 kuya ku-40 bathelelekile.

Loluhlelo luhlose ukugcizelela izingxoxo

emphakathini mayelana nocwaningo lwesayensi

futhi balethe ubufakazi obuncike kwi-HIV nezempilo

begqugquzela umlayezo kuzo zonke izindawo

ezifana nezinto zokuthutha umphakathi, izindawo

zokungcebeleka, nezindawo zokuthengisa.

Kuhlanganisa ukuthuthukisa, ukusabalalisa nokuhlola

umculo, iqonde ukugqugquzela ezempilo ne-HIV

nemiyalezo mayelana nokuthathwa kwezinqumo.

Ama-CD amabili kwamathathu aseqediwe futhi

asabalaliswa mahhala kulabo esisebenzisana nabo

kulomphakathi kuhlanganisa nabashayeli bamatekisi,

nabanikazi bezindawo zokucima ukoma, nezindawo

zokulungisa amakhanda. Amatekisi iyona ndlela

12
yokuthutha abantu kulendawo ecwaningwa uAfrica

Centre ngenani elicishe libe okubili kokuthathu

kubantu abalinganiselwa ezinkulungwaneni ezingu-

50 kuya ku-60 abagibela matekisi ngeviki. Itekisi

ngayinye ine-CD nakuba benawo amanye ama-CD

abo abawadlalayo. Ngakho abalaleli abahloswe kulolu

hlelo abagibeli bamatekisi. Ngomhlaka-13 Februwari

2011 loluhlelo lwethulwa eNhlanganweni yamatekisi

yase Mtubatuba. Lomcimbi wawuhanjelwe abashayeli

bamatekisi abacishe babe ngu-200. Ekwethulweni

kohlelo abashayeli bathola ama-CD amabili kanye

nepheshana elifundisa nge-HIV nesikibha sokudansa

nge sayensi kanye nokudla. Uma i-Africa Centre

isithole uvo kosomatekisi ezimpendulweni zabagibeli

kulama-CD amabili, i-CD yesithathu izokwakhiwa

isatshalaliswe.

Bokuthula noDebra Gumede okwamanje sihlanganisa

umculo we-CD yesithathu sibheke izingoma ze hip

hop ukuze sizihlanganise. Kuze kube manje u-DJ

Bonjz we-Sony Music usinike izingoma ezimbili.

Noma yibaphi abaculi nezinkampani zokuqopha

ezithandayo ziyamukeleka ukuba zibe yingxenye

yaloluhlelo olunesasasa.

Lolu uhlelo oluthokozisayo ngoba sicabanga ukuthi

lolulwazi olukulama-CD luzothuthukisa ukuqonda

komphakathi ngokutheleleka nokuvikeleka

nge-HIV. Ngaphezu kwalokho i-CD ihlanganiswe

namanye amaculo omphakathi osuzinikezele

kulolucwaningo nemizamo yokuvimba ukudlulisela

i-HIV futhi lobu budlelwano bubalulekile

ekuphumeleliseni loluhlelo. Ngokwesibonelo

ngaphandle kokuhlanganisa nokubandakanyeka

kakhulu kosomatekisi nezinhlangano zamatekisi

zendawo lama-CD abengeke alalelwe umphakathi.

Loluhlelo lubuye luvumele i-Africa Centre inikezele

ngethuba lokuzikhangisa futhi umculo wabo ubuye

ulalelwe abantu abebekade bengawulaleli ezindaweni

zase makhaya. Kungokokuqala lokhu ukuthi

kwakheke lobudlelwano kulendawo sisebenzise

phambili sizesebenzise loluhlelo ukuthola ukuqonda

okusezingeni eliphezulu kanye nendlela eyehlukile

yokuthola ukuthi ingabe ukuxhumana ngesayensi

nezidingo zemboni kuyasebenza yini nokuthi

kukanjani kulomkhakha. Kuyimanje, ukwesekwa

esikuthole embonini yomculo kube sezngeni

elikukhulu. Ngokwesibonelo, u-DJ Tira owumnikazi

we Afrotainment okuyisitudiyo esidumile futhi odabuka

kwa Hlabisa ube nokulangazelela okuyisimanga

kulolu hlelo. U-DJ Tira unikezele ngezingoma

ezingu-6 ze-Afrotainment futhi ungumlingisi

ophambili engxoxweni. Sithanda ukuthi sithi

“siyabonga kakhulu DJ Tira” ngobubele bakho

nokuseseka kwakho. Omunye obaluleke kakhulu

ekusixhaseni ngu-Malcom Nhleko we-Maltre

Production, obemnene ngokuqopha ingxoxo-ye-

CD endaweni yakhe yokuqopha e-Newlands West.

Abanye ebesibambisene nabo embonini yezomculo

abanikelile kulolu hlelo ngezingoma zabo

sihlanganisa no Sheer Sound, EMI, Gallo,Abafana

13
Umthombo Wentsha –

Ngabe Ikuphi Ingcuphe Entsheni

Ngu: Graeme Hoddinott noBusisiwe Pungula

Isendlalelo

Iningi labantu abasebancane bahaqwa yigciwane

lenculaza ngulaza kwiminyaka emaphakathi bengena

esikolweni samabanga aphakeme nangenkathi

sebengena esigabeni sobudala. Ziningi izizathu

eziholela kulengcuphe: Imvelo yokwakheka

komuntu, Usikompilo kanye namasiko. Ukuze

siqonde ukuthi intsha ingazivikela kanjani kumele

siqonde kuqala ukuthi ingabe siyivikela kuphi.

Yingoba bengenalo ulwazi olwanele olumayelana

negciwane lesandulela ngculaza Noma yingoba

ayenele imithombo yokuthola izinsiza zokuvikela

njengamajazi omkhwenyana noma ukwalulekwa

nokuhlolela isandulela nculaza

Ingabe ikuphi esikuhlosile

Sifuna ukuthola izinto ezimbili. Okokuqala, ngabe

iziphi izinto ezihlotshananiswa nabantu abasha

ngokuba socansini njalonjalo, ngokukhulelwa kanye

nabahlolwe batholakala ukuthi sebethelelekile

ngesandulela ngculaza Okwesibili, ingabe iziphi

izinto ezihlotshaniswa nabantu abasha abangalwenzi

ucansi, abanomaqondana abangabaningi kanye

nabavikelekile kwigciwane lesandulela ngculaza

Sifuna ukuthola ukuqonda ukuthi ngabe ukhona

yini umehluko kwingcuphe phakathi kwabafanyana

namantombazanyana, uma bekhula besuka ebusheni

beya ebudaleni, noma imiphakath engafani

inengcuphe engafani yini. Sihlose ukusebenzisa

lolulwazi ukuthuthukisa imigomo ebekwe phansi

14
eyenzelwe ngqo ukungenelela ukuze isetshenziswe

kanye nokuthi ihlolwe kuzo zonke izikole zemfundo

ephakeme esifundeni sakwaHlabisa

Ubani oyingxenye yaloluhlelo Nanokuthi

ngabe lusebenza kanjani

Zonke izikole zamabanga aphakeme ezingu-51

kwisifunda nkantolo sakwaHlabisa ziyingxenye

yaloluhlelo ngaphandle kwabafundi bebanga lika-

Grade 8 kanye no-Grade 9 esibameme ukuthi

babe yingxenye yaloluhlelo. Umfundi ngamunye

ozobe eyingxenye yaloluhlelo uzoxhuswaukuba

aphendule iqoqwana lemibuzo emayelana

nezimo zabo, indlela ababuka ngayo izinto kanye

nangendlela abaziphatha ngayo, nanokunika

ithimba labacwaningi isampula lamaconsi egazi.

Imibuzo izophendulwa umfundi ngamunye

kumakhalekhukwini azobe unikezelwe iloluhlelo.

Akekho umfundi ovumeleke ukuthi abe yingxenye

yaloluhlelo uma engaphethe imvume ebhalwe phansi

lapho umzali ezibophezela khona. Lenhlolovo

iyimfihlo okuchaza ukuthi akekho umfundi oyothola

ukuthi sinjani isimo sakhe mayelana negciwane

lesandulela ngculaza ngokuzimbandakanya

kuloluhlelo

Lenhlolovo izokwenziwa ngesikhathi sesikole,

nangedlela ezohambisana nokufunda kwabafundi,

ngokuphazamisa okuncane kakhulu ekufundeni.

Indlela okuzokwenzeka ngayo kuzothatha

okungenani isikhathi sezifundo ezimbili.

Lokhuokucishe kube abafundi ababalelwa

kwabangamashumi ayisithupha (60) abangaba

yingxenye yalenhlolovo ngelanga, ithimba

lizovakashela isikole ngasinye isikhathi esanele

ukuze wonke umfundi athole ithuba. Umfundi

ngamunye ozobe eyingxenye uzoba semathubeni

okuziwinela umuklomelo kamakhalekhukwini

ozobe ukhishwe yiloluhlelo kumncintiswayo

oyokwenziwa uma sekuphele loluhlelo kanye

nemithobanhliziyo eyonikezwa isikole ngasinye.

Isikole somphakathi okuyobayisona esoba nezinga

eliphezulu labafundi ababe yingxeneye yaloluhlelo

naso siyoklonyeliswa.

Umahamba-nendlwana wokweluleka

nokuhlola

Kunosizo oluzotholaka ezikoleni ezibambe iqhaza

kulenhlolovo ewuhlelo lakwa Hlabisa lokunikezela

ngemithi kanye nokunakekela nalapho u Africa

Centre ebambisene khona nomnyango wezempilo,

unikezela ngomahambanendlwana bezokwaluleka

kanye nokuhlolela igciwane lesandulela ngculaza

emphakathini yabo kulama viki amabili kuze kuphele

ucwaningo. Abafundi, abasebenzi basesikoleni kanye

namalunga omphakathi bonke bangazuza kuloluhlelo.

Inqubekela phambili kanye

nokuzimbandakanya komphakathi

Phakathi kukaNtulikazi kanye noZibandlela

wonyaka ka-2010 bangaphezu kwezinkulungwane

ezintathu abafundi ababa yingxenye yaloluhlelo.

Okuyinjongo ukuthola abanye abafundi

abangaphezu kwezinkulungwane eziyisithupha

ukuba babe yingxenye ngaphambi komhlaka-16 Juni

2011. Kuyasithokozisa ukuthi ingxenye yamashumi

ayisishiyagalombili nanhlanu ekhulwini labafundi

abagunyazwe ngabazali babo ukuba babambe

iqhaza ngokuphendula imibuzo kanye nokunikela

ngamaconsi egazi. Sanelisekile ngokuthi cishe

abazali abangamashumi ayisithupha nanhlanu

ekhulwini banikeza izingane zabo ithuba, sinxenxa

nabanye abazali ukuthi benze kanjalo

Lenhlolovo isikhiqize isiqalo semiphumela

eseqophelweni eliphezulu ngezindlela okumele

ibuzwe ngayo intsha mayelana nezinto ezithinta

ubulili bubhekelelwe nanokuthi ayihlabi,

nanokuthi ngabe ikahle yini kumasiko nokuqoqa

ulwazi oluyiqiniso. Lemiphumela yalenhlalovo

iyakusatshalaliswa emhlanganweni yomphakathi,

ngokwezigaba zama wadi, kuyoqala ekupheleni

kukaNtulikazi 2011. Sethemba ukwazisa ngokuzayo

umnyango wezemfundo kanye nezinhlango

ezingenzi nzuzo ezihola ukungenelela ekutheni

yini kanti lena ebeka intsha ukuze kulwiswane

nalesisihlava

Ukusekela kanye nokugunyazwa

Loluhlelo luxhaswe inhlangano yakwa Welcome

trust. Igunya linikezelwe ngumnyango wezemfundo

ngokwesifunda nkantolo nanokwezinga

lesiyingi. Iziphathimandla zomasipala ababili

okuwu-Mtubatuba kanye no-Hlabisa kanye

neziphathimandla ezibhekelele ezendabuko ezine

okuyi Mpukunyoni, Mpembeni, Mdletsheni

kanye naMatshamnyama, khona esifundeni bonke

bazisiwe mayelana nalenhlolovo badlulisa futhi

nelaka labo lokuyisekela. Umnyango wezempilo

kanye nehhovisi lika Ndunankulu laKwaZulu-Natal

bobabili bayazi ngalolucwaningo kanti silangazelela

ukuthi bayoyisebenzisa imiphumela.

15
Ukwamukeleka Kanye Nokwaneliseka

Kweziguli Ngohlelo Lokuthiba I-HIV

Nokwelapha I-TB

Ngu:Natsayi Chimbindi

Ubhubhane lwesifo sofuba (TB)

kanye neHIV eAfrika luvame

ukwenzeka kubantu abafanayo,

ngezinga lokutheleleka eligcina

liholele esidingweni esikhulu

sezinsizakusebenza zezempilo lapha eNingizimu

Afrika. Isifundankantolo sakwaHlabisa okuyisona

esinomthwalo walo lolubili lolubhubhane asishiyiwe

ngaphandle. Ukukhula ngesivinini kokwelashwa

ngemishanguzo kuhlanganisa nokwelashelwa isifo

sofuba ngendla yokudluliselana okungaholela

emigqeni emide nokuncipha kwethuba lesiguli kanye

nokunikezela ngosizo kanye neminye imingenelelo

enciphisa ukwamukeleka kosizo nokuneliseka

kweziguli. Uhlelo lwakwaHlabisa lokwelapha

nokunakekela imitholampilo ewu-17 eholwa

ngamanesi ukunakekela kanye ne-HIV kuhlanganiswe

eduze ngokudluliselana kulezizinhlelo zombili.

Ngaphezu kwalokho ezinye iziguli zidinga ukuhamba

ihora nangaphezulu uma ziya emitholampilo.

Ucwaningo olubizwa nge-“Researching in Equity

in Access to Health Care” (REACH) lucwaninge

kusukela ngoMashi kuya ku-Okthoba ngo-2009

emitholampilo emine esifundankantolo sakwaHlabisa

luqoqa ulwazi ezimweni ezintathu kuhlanganisa

i-HIV ne-TB lugxile kubantu abadla imishanguzo

kanye nemithi ye-TB. Iphepha lemibuzo ehlelekile

lalisetshenziswa abaqoqi bolwazi abaqeqeshiwe

enanini labantu abawu-600 uma sebeqede ukuthola

ukwelashelwa i-TB kanye nemishanguzo ye-HIV

emitholampilo. Imitholampilo eyayisetshenziswa

kwakuyi: Madwaleni, Nkundusi, Mpukunyoni,

Ezwenelisha kanye noHlabisa (Esangweni

nasePhilanjalo)

Inxenye yocwaningo lwe-REACH lwalubuza

imibuzo ebheka ukwamukeleka nokwaneliseka

kweziguli okuhlanganisa ukwaneliseka ngosizo,

inhlonipho, ubungasese nemfihlo, ukukwazi

ukubika ukungaphumeleli kweziguli ukuvakashela

imitholampilo kubasebenzi bezempilo kanye

16
nesimo sengqondo sabasebenzi bezempilo nokunye,

izithombe iziguli eziba nazo ngemiqga emitholampilo

uma zifuna ukubona udokotela noma umhlengikazi,

isimo senhlanzeko endaweni yokusebenzela kanye

nezindlela zokwenza ngcono usizo olunikezwa

iziguli. Ifomu lemvumelwazi latholakala ezigulini

ezineminyaka ewu-18 kuya phezulu kwasebedla

imishanguzo okungenani amasonto amabili

kanye nasebedle amaphilisi e-TB okungenani

izinyanga ezimbili kwababevakashele imitholampilo

yokwelashwa.

Imiphumela yokuqala ikhomba ukuthi ukwaneliseka

kuhle kakhulu cishe eziguleni ezingu-97% kwabane-

TB no-95% kwabane-HIV babika ‘ukwaneliseka

kakhulu’ noma ‘ukwaneliseka’ ngosizo abalutholayo

mhla kuxoxiswana nabo. Nakuba kunjalo, amazinga

okuneliseka aba phansi ngokuphawulekayo kwezinye

izici zokwaneliseka futhi aphansi nakakhulu

kwezinye izici zokwaneliseka futhi aphansi kakhulu

kwabane-HIV kunalaba abane-TB. Cishe ngaphezu

kohhafu (52%) ezigulini ezine-HIV no-40% kwezine-

TB zavuma ukuthi abanye abasebenzi abaziphathi

ngenhlonipho. Kodwa-ke uma iziguli zibuzwa ukuthi

zona ngokwazo zaziphathwa yini ngenhlonipho, cishe

iningi (93% kwezine-HIV no-96%) kwezine-TB

zavuma ukuthi ziphathwa ngenhlonipho. Ingxenye

ephezulu yabathola imishanguzo abangu-65%

kunabangu-40% abane-TB bavuma ukuthi imigqa

yokubona udokotela noma umhlengikazi mide

kakhulu. Mayelana nokukhulumisana komsebenzi

wezempilo nesiguli, u-5% weziguli ezine-TB kodwa

u-10% weziguli ezine-HIV zakuthola kungelula

ukutshela abasebenzi ngokuphutha ukuphuza

amaphilisi futhi u-15% weziguli wabika ukuthi

abasebenzi babhizi ukuthi bengalalela izinkinga

zabo. Iziguli ezikwimishanguzo nasekwelashelweni

i-TB kumele zizizwe zikhululekile ukuxoxa

nabasebenzi bezempilo mayelana nokuphutha

ukuphuza amaphilisi nangezinkinga zokuphuza

njalo imithi okuyinto ebalulekile ezimpilweni zabo.

Amazinga aphezulu ekugcineni imfihlo abikwa

iziguli ezivakashela imitholampilo yokwelashelwa

i-HIV ne-TB.

Iziguli ezingu 21% zavuma ukuthi izindawo

zokusebenzela (kuhlanganise indawo yokulindela

nezindlu zangasese) kwakungcolile futhi ezinye

iziguli zacela izitulo amanzi kanye nezinkomishi.

Mayelana nemizamo yokwenza ngcono okokusebenza

emitholampilo, abaningi kwabane-HIV kunabane-

TB babika isidingo semiqga emifushane (57%),

abasebenzi bezempilo abangeziwe (57%) nezindawo

ezingconywana zeziguli (izindlu zangasese, indawo

yokulinda nokunye) (67%) njengezinye zezindlela

ezindaweni zokusebenzela. Eminye imibono

eyaqhamuka ezigulini kwakungukwamukeliswa

ngamaphasela okudla, izinto zokuhamba kanye

nendlela elula yokuthola imithi ikakhulukazi eye-TB.

Njengoba iziguli zanelisekile jikelele ngosizo

lwezempilo kwi-HIV nesifo se-TB kulendawo

yasemakhaya, kunobufakazi kwezinye izindawana

ezidinga ukuthuthukiswa. Lokhu kuhlanganisa

imiqga emide kwabeze ukuzothola ukunakwa, inqubo

noma izindlela zezokwelashwa, isimo sengqondo

sabasebenzi bezempilo ezigulini nezinga lenhlanzeko

ezindaweni zokusebenzela.

17
Imibuzo Ejwayelekile Nge-Africa

Centre Nokusebenza Kwayo

1. Yini I-Africa Centre

A: I-Africa Centre isikhungo socwaningo

esibhekele kakhulu ukucwaninga ngezempilo

zabantu esasungulwa ngo 1997 ngoxhaso

lweWellcome Trust okuyinhlango enikela izwe

lonke ezinde e-United Kingdom. I-Africa

Centre izibandakanye ezinhlelweni ezimbili

ezinkulu zocwaningo. Olokuqala ucwaningo

lwabantu olulandela abantu abacishe babe

ngu-90,000 abangamalunga amakhaya angu-

11,000 futhi iloba lonke ushintsho olwenzeka

emphakathini ngenxa yokufuduka, ukuzalwa,

kanye nokufa kwabantu. Olwesibili ucwaningo

lwe-HIV olubandakanya ukuhlolelwa i-HIV

minyaka yonke kubahlali asebekhulile kanye

nengxenye engu 12, 5% yalabo esebekhulile

kepha abangasahlali kulendawo. Ngaphezu

kwalokho i-Africa Centre ilekelela uMnyango

weZempilo ukufaka uHlelo lwe

Mishanguzo kwisifunda nkantolo sakwaHlabisa

ngokwezempilo. Inhloso ngqangi ye-Africa

Centre ukuthola izimpendulo emibuzweni

yesayensi enzima noma ezinkingeni ezihlobene

nezezempilo.

2. Yini UCwaningo

A: Ucwaningo indlela ehlelekile yokuthola

izimpendulo emibuzweni ebukhuni ehlobene

nesimo noma nento ethile ekuthuthukiseni

ukuqonda nokwazi kabanzi ngayo.

3. Kungani I-Africa Centre Ibuza Imibuzo

Ebucayi Ngokwenza Ucansi

A: Lokhu kubalulekile ukuze siqonde izinkolelo,

indlela yokuziphatha kanye nemiqondo yabantu

mayelana nokwenziwa kocansi. Lokhu

kuphinde kusize abacwaningi ekuqondeni

ukuthi ingani inani labantu abathelelekayo

(inkomba) lingehli mayelana ne-HIV/AIDS.

4. Kungani I-Africa Centre Iqoqa Ulwazi

Ngokufa Emphakathini

A: Kubalulekile ukwazi ukuthi iziphi izifo

ezibulala abantu kakhulu. Lolulwazi

lubalulekile ekusizeni ukuqonda umthwalo

wezifo emphakathini. Bese kusiza noMnyango

wezeMpilo ukuhlawumbisela izinhlelo

zokungenelela lazidingeka khona kakhulu.

Futhi kubalulekile ukuthi kuphinde kushiwo

ukuthi uma abahlengikazi bevakashela

imindeni eshonelwe, bayaqikelela ukuthi

umndeni usube nesikhathi esanele sokudlula

esimweni sokulahlekelwa. Uma ngabe ngenkathi

bevakashile bethola ukuthi umndeni

usanenkinga yokumelana nokulahlekelwa

bayawuxhumanisa nosonhlalakahle wase-

Africa Centre nodokotela wengqondo.

5. Yini Ongayenza Ukwazi Isimo Sakho Se-HIV

A: Akukho lula ukubona ukuthi umuntu

uthelelekile nge-HIV. Indlela eyodwa yokwazi

isimo sakho ukuthi uvakashele emtholampilo

oseduze nawe noma usebenzise omahamba

nendlwana be-Africa Centre noMnyango

weZempilo bohlelo lwemishanguzo bokuhlolela

nokwalulekwa nge-HIV ukuze wazi isimo

sakho. Loluhlelo lumahhala.

6. Kungani Kubalulekile Ukuhlolela I-HIV

Noma Unganaye Ohlekisana Naye

A: Isizathu ukuthi zintathu izindlela zokudlulisa

igciwane zibizwa kanje: ukuhlangana

ngokocansi, igazi elithelelekile, umama

edlulisela ingane. Noma ngabe unganaye

ohlekisana naye, kungenzeka ukuthi ukewaba

sesimeni sokubhekana negazi elithelelekile

noma uketshezi oluthile lomzimba.

7. Umuntu Angakwazi Ukuhlolelwa Amasosha

(CD4) Uma Engahlolelanga I-HIV

A: Cha. Izikhungo zokucwaninga amagazi

zikaHulumeni azilunikezi lolusizo kubantu

abangatholakalanga bethelelekile nge-HIV.

18
8. Yini Engenziwa Uma Abantu Abathelelekile

Nge-HIV Becwaswa Imindeni Yabo

A: Okokuqala, kumele kufundiswe imindeni

yabantu abathelelekile nomphakathi wonkana

nge-HIV, ne-AIDS kanye nemishanguzo.

Esikhathini esiningi abantu bacwasana ngenxa

yokuswela ulwazi noma ukuba nolwazi

okungelona. Usizo lokwelulekwa kwemindeni

luyanikezwa imindeni, abeluleki emtholampilo

bangakwazi ukuba basize ngalo.

9. Ingabe Amakhondomu Asebenza Ngempela

A: Amakhondomu asebenza kahle kakhulu uma

esetshenziswa njalo futhi ngendlela. Izinga

lokwakhiwa kwamakhondomu liyahlolwa

umnyango we-South Africa Bureau of

Standards. Ulwazi ekusebenziseni kahle

amakhondomu luyatholakala kuyoyonke

imitholampilo.

10. Kungani Imishanguzo Inganikezwa Abantu

Abathelelekile Nge-HIV Kodwa Abangakaguli

A. Ngokwenqubo mgomo waseNingizimu Afrika

yokuQapha i-HIV ne-AIDS (2010), iMishanguzo

inikezwa lamahlandla ehlukene abantu

alandelayo:

• Labo abanamososha omzimba angaphansi kuka

200 nomangabe bakusiphi isigaba sokugula

• Labo asebesesigabeni sesine sokugula ngokwe-

WHO nomangabe emangaki amasosha abo

omzimba

• Labo aba ne-TB ye-MDR noma i-XDR noma

ngabe angamangaki amasosha abo omzimba

• Labo abanamasosha omzimba awu-350

abakhulelwe noma abane-HIV ne-TB.

Ngalokhoke lokhu kusho ukuthi iMishanguzo

inikezwa iziguli ezine-HIV ngokuthi kulandelwe

imigomo eshiwo ye South African National

AIDS Council (SANAC).

11. Kungani Abasebenzi Base Africa Centre

Benqaba Ukugibelisa Umphakathi Izimoto

Zase-Africa Centre

A: Umthetho we-Africa Centre wezimoto uthi

abashayeli bezimoto abavumelekile ukugibelisa

abantu. Lapho kwenziwa ngoba uma umgibeli

onjalo engafakiwe kumushwalensi we-Africa

Centre kwenzeka ingozi angeke akhokhelwe.

Lokhu kusho ukuthi abantu abavumelekile

kuphela abavunyelwe ukuhamba ngezimoto

ze-Africa Centre.

12. Ingabe Ubhalisa Kanjani Ukuze Wenze

Izifundo Zecomputer E-Africa Centre

A: Umthetho we-Africa Centre wezimoto uthi

abashayeli bezimoto abavumelekile ukugibelisa

abantu. Lakhu kwenziwa ngoba uma umgibeli

onjalo engafakiwe kumushwalensi we-Africa

Centre kwenzeka ingozi angeke akhokhelwe.

Lokhu kusho ukuthi abantu abavumelekile

kuphela ilabo abanegunya lokuhamba

ngezimoto ze-Africa Centre.

13. Ingabe I-Centre Iyalunikeza Uxhaso Lwemali

Kosomabhizinisi Abancane Basendaweni

A: I-Africa Centre iqashe umuntu omelene

nokuthuthukiswa komphakathi (Community

Development Officer) ukusiza umphakathi

ngolwazi lwezindlela zokuthola izimali

zamabhizinisi abo. Ngenxa yokuthi lelihhovisi

alinayo imali, i-Centre ingeke ikwazi

ukulekelela umphakathi ngokwezimali kodwa

ingakwazi ngolwazi kuphela.

14. Kungani I-Africa Centre Ingayikhiphi

Imiphumela Ye-HIV Kubantu Emakhaya

A: Ukuhlolelwa kwe-HIV okwenziwa ithimba

le-Africa Centre elenza ucwaningo lwe-HIV

kwenziwa ngonhloso ngenxa yokucwaninga

kuphela. Lokhu kusho ukuthi uma unikezela

ngeconsi legazi kumsebenzi wase-AC

osebenzela emakhaya angeke uyithole

imiphumela yakho. Inhloso yalokhu ukuthola

ukuthi isibalo sokutheleleka nge-HIV

siyanda noma siyancipha. Umphakathi

uyanxuswa ukuba usebenzise izindlu

zomahamba nendlwana zokululeka

nokuhlolelwa i-HIV okulethwa emakhaya

nguMnyango weZempilo eletha lolusizo eduze

namakhaya, lapho i-Africa Centre iyingxenye

yalo ohlelweni lweMishanguzo.

15. Ingabe iMishanguzo imahhala emtholampilo

A: Yebo,imishanguzo itholakala mahhala

kuzozonke izikhungo zikaHulumeni

ezinjengemitholampilo nezibhedlela.

19
False Expectations Appearing Real ...

With my eyes wide shut I leap into the blackness.

Waiting, anticipating for what is to follow.

Is it a thud followed by excruciating pain

Would the transformation be like from life to death

Will it be like squeezing through a tiny hole

Is it agonizing as my life seeps through my finger in tiny

dropplets

Is it a gentle release like expelling a breath from my lungs

Somehow I know I have to do this.

How else will I know I hold my breath.

The moment is here, the moment is now!

If I don’t test now, how would I know my HIV status

...are nothing but FEAR!!