12.04.2018 Views

SMME NEWS - MAR 2018 ISSUE

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

SMME

NEWS

10

March 2018

Informal Trading

Kuthokoze abama Tuck Shop ngenombolo yeTheku

Nkosikhona Cele

SITHAKASELWE

nangosomabhizinisi abancane

isinqumo sikaMasipala weTheku

sokwethula ngokusemthethweni

kwenombolo yamahhala

ezosetshenziswa ngamalunga

omphakatthi waseThekwini

namaphethelo ngenhloso

yokudlulisela kuMasipala zonke

izinkinga abanazo.

Ngokusho kwe Meya yomkhandlu

iTheku Municipality, uKhansela

Zandile Gumede lenombolo kuhloswe

ngayo ukuvala igebe phakathi kuma

Masipala kanye no Mphakathi.

“Umphakathi ubaluleke kakhulu

ngaphezulu kwakho konke

ongakucabanga. Ngakho ke

sibone kubalulekile kakhulu

ukuba sethule lolu hlelo ukuze

kuzoba lula ukuxhumana kwethu

njengoMkhandlu kanye nawo

umphakathi okuyiwona vele

esiwusebenzelayo.”

IMeya igcizelele kakhulu ukuthi lolu

hlelo luzosiza ekutheni umphakathi

ukwazi ukubika ikakhulukazi

ngamanzi nangogesi, okuyizinto athe

LAPHA kungesikhathi kwethulwa le nombolo

umphakathi ujwayele ukufaka izikhalo

ngazo. Osomabhizinisi abancane

nabo bakuthakasele ukwethulwa kwale

nombolo.

UMnu Sandile Madlala waseClermont,

entshonalanga yeTheku ongumnikazi

we Tuck Shop,uthe lolu hlelo lusho

lukhulu emphakathini, nakubona

njengosomabhizinisi abasakhula

wabe eseveza ukuthi kuyiqiniso

elingephikwe futhi elisobala ukuthi

nabo bayaphazamiseke kakhulu

uma kukhona okungahambi kahle

emphakathini abakuwona.

“Ngicabanga ukuthi sihle

kakhulu lesi sinqumo esithathwe

nguMkhandlu weTheku. Phela thina

njengosomabhizinisi abancane kuningi

okuye kusiphazamise ekusebenzeni

kwethu kodwa singazi nanokuthi

sizoqalaphi ukuze kuzwakale izikhalo

nezimfuno zethu.”

Umbono ka Madlala wesekwe

ngu Mnu. Jabulani Mvelase, naye

ongusomabhizinisi osafufusa

waKwaMashu enyakatho yeTheku

ophawule ngokuthi le nombolo

wethemba ukuthi isho ukuxazululeka

kwazo zonke izinkinga abanazo.

“Sinethemba elikhulu lokuthi

okuningi sesizokubona kuhamba

kahle emabhizinisini ethu ngoba

uma kukhona okungahambi kahle

sizokwazi ukuthi sishayele le nombolo

emahhovisini, futhi siphendulwe,”

kusonga uMvelase naye ongumnikazi

we Tuck Shop.

Inombolo ebeyethulwa yile: 080 311

1111

Nkosikhona Cele

Umnyango we zokuthuthukiswa

komnotho nokuvakasha

esifundazweni iKwaZulu-Natal

oholwa ngo Mnu. Sihle Zikalala

umemezele ukuthi kunesamba

semali elinganiselwa ku R57 million

ekhishiwe ngenhloso yokufukula

osomabhizinisi abasafufusa.

UZikalala uveze lokhu ngesikhathi

ekhuluma engqungqutheleni

yaminyaka yonke ebihlelwe

ngokubambisana ihhovisi lakhe

kanye nabakwa South African Local

Government (SALGA).

Ngokusho kuka ngqongqoshe,

lezizizumbulu zizohlomulisa kakhulu

osomabhizinisi abansundu kanye

nalabo amabhizinisi abo asesimweni

esibucayi.

“Le mali sinethemba elikhulu,

lokuthi kukhona ezolekelela ngakho

Inyele esandleni

kosomabhizinisi

abasafufusa

kubona bonke osomabhizinisi

abasafufusa. Njengohulumeni

walapha KwaZulu-Natal siyakuqonda

kahle kamhlophe ukubaluleka

kosomabhizinisi abancane,

yingakho nje singeke sakwazi ukuthi

sibayekelele uma sibona ukuthi

kukhona okungahambi kahle” kubeka

uZikalala ngaphambi kokuveza ukuthi

kungumsebenzi wabo njengohulumeni

ukuqinisekisa impumelelo kubona

bonke osomabhizinisi abakhona

esifundazweni.

Ungqongqoshe uphinde wengeza

ngokuthi unesiqiniseko sokuthi

le mali izokuba wusizo olukhulu

kuwona wonke amabhizinisi

amancane akhona KwaZulu-Natal

azokwazi ukuhlomula ngalemali.

Ukugida ndawonye kwamabhizinisi

amancane ngenye yezinto u Zikalala

aveze ibenze bakusukumela kakhulu

ukufaka isandla kuwona, wengeza

ngokuthi okuyikhona ukumqoka

ukuthi amabhizinisi amancane

akhule, adlondlobale nawo kungahlale

kuthiwa mancane nje unomphela.

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa komnotho,

nezokuvakasha KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!