19.05.2013 Views

here - National Library Of South Africa

here - National Library Of South Africa

here - National Library Of South Africa

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Page 40

Umlando Ngombhali: USolwazi uMazisi kunene wazalelwa

eThekwini, mhla ziyi-12 kuNhlaba (Meyi) 1930 wakhulela eMahlongwa

ngasogwini oluseNingizimu neKwaZulu-Natal, nokuyilapho

inkaba yakhe ikhona. Lena yindawo ebheke ulwandle lwaseNdiya.

Wafunda amabanga aphansi eMahlongwa kanye naseHluzingqondo

High nokuyilapho abuyele khona futhi wahlonishwa kakhulu kwaze

izinsuku zakhe zokudlula emhlabeni.

Wafunda eMarianhill nokuyilapho athola khona umatikuletsheni, wathola isitifi keti

sokufndisa eKolishi Lokuthwasisa othisha eMaphumulo, wathola iziqu zeMA kwezo-

Buciko eNyuvesi yaseNatali kanye neZobudokotela eNyuvesi yaseNatali ngonyaka we-

2000 ngenkathi ebuya ekudingisweni.

Ngonyaka we-1959, waya ekudingisweni kanye nabanye ababhali ayedingiswe nabo,

o-Es’kia Mphahlele, Keorapetse Kgositsile, Cosmo Pieterse kanye no-Dennis Brutus,

nokuyibona ababamba iqhaza elikhulu ekuvezeni ububi bobandlululo. Ngowe-1962,

waba yinxusa eliphezulu lenhlangano ye-ANC eYurophu kanye nase-USA, futhi waphinde

waba wumqondisi wezezimali ngowe-1972.

Njengomsunguli weNhlangano Ephikisana Nobandlululo (Anti-Apartheid Movement)

eNgilandi, umfo kaMtimande wasebenzisana kakhulu namalunga e-ANC afana noMoses

Mabhida, Oliver Tambo kanye noRobert Resha. Kwakungesikhathi esekudingisweni

ngenkathi eshicilelea izincwadi eziningi ezahlukene okubandakanya kuzo izinkondlo

ezingama-ephikhi ezincwadini Anthem of the Decade (Ihubo leShuminyaka), Emperor

Shaka the Great (Iqhawe inkosi uShaka), kanye namaqoqo amabili ezinkondlo, elithi The

Ancestors and the Sacred Mountain (Amadlozi kanye Nentaba Engcwele) kanye nelithi

Zulu Poems (Izinkondlo zesiZulu).

Ngonyaka we-1969, wabhala i-eseyi eyisandulelo encwadini kaJohn Berger no-Anna

eyisihumusho sencwadi ka-Aime Cesaire ethi Return to My Native Land (Ukubuyela

Ezweni Engidabuka Kulo). UKunene wafundisa kumakolishi namanyuvesi amaningi

empilweni yakhe, esingabala kuwo, i-Adams College eThekwini, eNingizimu Afrika;

iNyuvesi yaseRoma, eLesotho; iNyuvesi yase-California, eLos Angeles (UCLA) iminyaka

eyi-19 ngenkathi esesekudingisweni; kanye naseNyuvesi yaseNatali eThekwini, khona

lapha kwelengabadi.

Preserving and Celebrating our literary heritage

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!