Inkulumo kaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ...
Inkulumo kaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ...
Inkulumo kaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ...
Transform your PDFs into Flipbooks and boost your revenue!
Leverage SEO-optimized Flipbooks, powerful backlinks, and multimedia content to professionally showcase your products and significantly increase your reach.
Inkulumo kaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho

nezokuVakasha KwaZulu-Natal, uMnuz Michael

Mabuyakhulu ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni i-

Ziphatheleni Community Care Centre eMbumbulu

ngomhlaka-06 Ncwaba 2010

Mphathi wohlelo;

Inkosi yesizwe sakwaMakhanya, inkosi Makhanya;

Amakhosi aseNdlunkulu;

Amakhansela ahloniphekile;

Izikhulu zeMinyango kaHulumeni;

Izihambeli zethu;

Abezindaba;

Umphakathi wase-Mbumbulu

Sekucishe kube yiminyaka eyishumi sahlangana lapha endaweni yase-

Mbumbulu sizogcoba iSakhisizwe Cultural Tourism Development

Association ngomhlaka-9 Ncwaba 2001, okuyisakhiwo esikhuthaza

ukuqhakambiswa kwamasiko ethu ukuze futhi siwasebenzise

njengengxenye yemboni yezokuvakasha futhi sikwazi nokudayisa

imisebenzi yezandla eyinkomba yokunotha kwamasiko ethu.

Kulowomcimbi owawuhanjelwe yiSilo saMabandla, nalowo

oseNgumengameli walelizwe, ngesikhathi eseyisekala likaMongameli,

uMnuz Jacob Zuma kanjalo nabanye abaholi bakahulumeni

wesifundazwe nozwelonke kanye nabomdabu, sasikhethe inyanga

kaNcwaba njengenyanga yoMama ngoba sasikholelwa ukuthi ukuze

inhloso kaSakhisizwe iphumelele kwakufanele siyikhuthaze kuwonke

wonke kubandakanya neMbokodo imbala njengoba kushiwo ukuthi

okufundise abesimame kufana nembewu yolwazi ehlwanyelwe esizweni

sonke.

1
Ngakho sasinethemba futhi lokuthi lokho okuyisisekelo sikaSakhisizwe

kuzokuba nezingxabo kukhule ngesivivinini nasentsheni njengoba

amasiko amaningi nendlela yokuziphatha kufundwa kubona omama.

Ngalamazwi mphathihlelo ngigcizelela ukuthi kuliqiniso ukuthi uma

ufuna into iphumelele, kufanele ukhuthaze iqhaza lomama. Yingakho

namuhla sihlangene lapha ukuzohalalisela omama balapha eMbumbulu

ngokuthatha isinqumo sokuba basungule isikhungo sokuzithuthukisa

nokunakekela labo abangakwazi ukuzisiza.

Lokhu kuyinkomba yenkuthalo futhi enginesiqiniseko sokuthi

kuxhumene namazwi ethulwa abaholi abehlukene ababehambele

umcimbi wango-2001 njengoba nakuba sasigcoba uSakhisizwe kodwa

umyalezo wawuthi imiphakathi mayisukume izisize, kuthi noma

kungenelela uhulumeni, kodwa indima ibe iqalwe yiyona imiphakathi.

Lapha eMbumbulu sengathi lawomazwi awawelanga phansi njengoba

namuhla sihlangene sizovula ngokusemthethweni iZiphatheleni

Community Care Centre.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi sihlangana lapha ngo-2001,

omama abayishumi balapha basebevele beyisungulile iZiphatheleni

njengoba isifiso sabo saqala ukuba nezithelo ngo-1999, kodwa ngenxa

yezinselelo sonke esizaziyo okuhlangabezwana nazo uma kuqalwa

umsebenzi wentuthuko, kuze kwaba wu-2004 lapho labomama bacela

khona ukwelekelelwa wuhulumeni.

Njengoba babesebenzela kwiziqukathi, ama-containers, kwacaca ukuthi

lomsebenzi ungahle uphunze uma kungatholakali izakhiwo ezisesimweni

sokuqhuba umsebenzi onesithunzi, kwazise nezinhlelo zikaZiphatheleni

zasezikhula ngamawala. Angingabazi ukuthi umcimbi wokugcotshwa

kukaSakhisizwe endaweni yaseMbumbulu kwathumela umyalezo

2
kulabomama ababesebebona ukuthi kuningi abangakwenza

ukuzithuthukisa kanye nomphakathi wakubo.

Ngakho isicelo salomphakathi ukuba ulekelelwe ekwakhiweni

kwalesikhungo sezwakala ngoba kwakunezinkomba zokuthi

wawukuqonda kahle ukuthi lomsebenzi unezinselelo kodwa

ezinganqotshwa uma kusetshenzwa ngokubambisana

nangokuzikhandla. Futhi kwakungekhona nje ukuthi ulindele

ukukhangezwa uhulumeni njengoba sesishilo. Imibono ekhaliphile

nokukwazi ukuhlanganisa okuncane ukuze nohulumeni uphose kulokho

osekuqoqiwe, kungezinye zezinto esizishayela ihlombe njengohulumeni

futhi esifisa ukuzibona zenzeka kuyoyonke imiphakathi ukuze intuthuko

ingabi yinto okulindeleke ukuba iholwe nguhulumeni, kodwa kube yinto

eyingxenye yesiko mpilo labantu bakithi – njengoba negama lalendawo

lisho ukuthi lomphakathi uziphathele ikusasa nentuthuko yawo.

Lesikhungo-ke sihlanganisa imikhakha eyahlukene kahulumeni

njengoba kukhona abakhuthalele ukuqhuba umsebenzi wezolimo,

ezempilo, ezomnotho kanye nokuyizinsika zenhlalakahle yomphakathi.

Ngakho asiwuncome umbono nevuso lomphakathi walapha eMbumbulu

ngokwenza isiqiniseko sokuthi kusungulwe isikhungo esibhekele

izingxenye ezahlukene zempilo. Konke lokhu kuyinkomba yokuthi uma

imicabango eyakhayo iqhamuka komama noma yikanjani ishaya

emhlolweni njengoba beziqonda kangcono izidingo zomphakathi kwazise

yibona abayizinsika zemindeni yethu – baluqonda kabanzi usizi

olukhungethe izindawo abahlala kuzo ngoba baluphila nsukuzonke.

Nakuba ukugcotshwa kuka-Sakhisizwe kwabonakala kuwuhlelo

oluholwa amadoda, ngaphansi koMnuz Cibane, neNkosi

yaseMambedwini, yakwaXolo neyakwaNgcobo, neJaji uMadondo noMnuz

Mjaphane Mkhize nabanye abaningi, kodwa kuyasijabulisa ukubona

3
ukuthi kwafaka ugqozi komama baseMbumbulu abathi nathi asizugoqa

izandla kube kukhona esingakwenza ukuzithuthukisa, ngakho

bakhuthazeka ukunweba izinhlelo zika-Ziphatheleni.

Engifisa ukukugcizelela-ke mphakathi waseMbumbulu ukuthi njengoba

indlela sebeyivulile omama be-Ziphatheleni, ngithanda ukuphosa

inselelo entsheni yalendawo ukuthi isike iphethini kulezingqalabutho

ngokuba izimbandakanye nazozonke izinhlelo zentuthuko eziqhubeka

ngaphansi kwalesakhiwo.

Ngokwenzenjalo siyobe sisimamisa izingxabo zentuthuko futhi sakha

isisekelo sokulwa nobubha nokwentuleka kwamathuba emisebenzi.

Njengoba ngishilo ekuqaleni uma ufundisa owesifazane usuke

usufundisa isizwe sonke, ngakho amantombazanyana mawasondele

komama be-Ziphatheleni ukuze ancele umbele wolwazi abayowudlulisela

kwizizukulwane ezilandelayo njengenzalabantu. Kodwa-ke asisho ukuthi

abafana bona abazithele ngabandayo. Njegoba namalungu kaSakhisizwe

ezibophezele kwezentuthuko, phakathi kwezinhlelo zawo, kubalulekile

ukuqinisekisa ukuthi intsha engabafana nayo iyakhuthazwa ekutheni

ibambe iqhaza kulokhu.

Njengoba sibhekene nenselelo yokulwa nesifo sengculaza, kungumthwalo

wethu sonke ukuthi siphose esivivaneni ngezindlela ezahlukene. Intsha

kufanele siyikhalime ingazitholi isihileleke ezenzweni ezingabeka isizwe

engcupheni njengaso lesifo ezidla-silaza sidle-fumuka. Yizindawo

nezinhlelo ezifana noZiphatheleni ezingenza umehluko, ngakho

siyaziqhenya ngegalelo elibanjwe amalungu alenhlangano ekulweni

nobubha kanye nesihluku salesifo kanjalo nezinye ezihlobene naso

njengoba sazi ukuthi ngokukhuthaza umsebenzi wezingadi, kuyingxenye

yokulwa nezifo, futhi kwandise ukudla okunomsoco kulabo okudingeka

bathole ukudla okungcono ngaphambi kokuthi badle amakhambi ezifo

4
ezahlukene. Umnyango kababa uDinangwe usembhidlangweni

wokukhuthaza intsha engabafana ukuba isokwe ngenhloso yokwehlisa

amathuba okutheleleka ngegciwane lengculaza nezinye izifo zocansi,

ngakho yizikhungo ezifana nalesi ezingalekelela ukuthi lenqola

eshayelwa wu-Dinangwe, nebusiswe yi-Silo sethu, futhi ekhuthazwa

nawuNdunankulu wethu, uNgunezi, ihambe ngesivinini ukuze kuvikelwe

ikusasa lalesizwe.

Lesikhungo njengoba ngibalulile ngenhla, siyingxubevange yezinhlelo

zentuthuko okwenza sibenethemba elinqala lokuthi sizobanomthelela

omkhulu kwezenhlalakahle njengoba uma abantu bezenzela izinto,

bezizithukisa ngakwezomnotho, lokho kwenza banganciki

ekukhangezweni wuhulumeni ngasosonke isikhathi. Umnyango ka-

Bhungane wenza omkhulu umsebenzi wokuletha impilo engcono

emiphakathini empofu njengoba kuyiwona obhekele ogogo nomkhulu

kanye nalabo abangakwazi ukuzondla ngenxa yezizathu ezahlukene.

Lapha sibala izingane nezintandane zakithi kanjalo nabakhubazekile.

Lokhu kusho ukuthi uma singabhukula njengamalungu kaZiphatheleni,

singaphumelela ukwehlisa umthwalo wesondlo obhekene nohulumeni,

kuthi imali okufanele ngabe ingena izinhlelweni zezenhlalakahle kodwa

isize ekuletheni ezinye izidingo ezifana namanzi, ugesi, imigwaqo, izikole,

imitholampilo, ekulweni nobugebengu konke okuyizinsika zokukhuthaza

ezomnotho – futhi nazo ezinomthelela empilweni engcono.

Lendawo yaseMbumbulu isemakhaya, kodwa inomlando onothile

wokukhiqiza abaholi abanohlonze ezweni. Ngakho lokhu kufanele ukuba

yinselelo entsheni okulindeleke ukuba ihole imiphakathi ngomuso.

Lapha sinobaba uNgqongqoshe wezempilo ongumfana wendawo, naye

onyathele ezidladleni zamanye amaqhawe aseMbumbulu afana nomunye

5
wezingqalabutho embuthweni wentsha kaKhongolose, owaba

nguMongameli waloluphiko, ubaba u-Anton Lembede.

Konke lokhulu kuyincwadi ebhaliwe okufanele intsha iyifundisise bese

kuthi okuqukethwe iyona ikusebenzise ukuzithuthukisa ibambisene

nemikhakha eyahlukene kahulumeni. Ngokwenzenjalo siyokube

sihloniphe ukuzikhandla kwabobonke abaholi abenza iMbumbulu

nalesifundazwe kuhlonishwe.

U-Mnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha

usuneminyaka eminingana ubambisene nomphakathi waseMbumbulu

njengoba lokhu kwagqama futhi ngesikhathi sibambisene nobuholi

balendawo ekusingatheni umsebenzi wokugcotshwa kweSakhisizwe ngo-

2001.

Kanti zikhona nezinye izinhlelo ebeziqhutshwa imikhakha eyahlukene

engaphansi kwalomnyango njengoba ngesikhathi sikhuthaza

ukukhiqizwa kwemifino nezitshalo ezingathakiwe ngomanyolo besimanje,

kodwa sisebenzisa imvunde yendalo, okubizwa nge-Organic Farming,

iMbumbulu yaba ngenye yezindawo esahlola ngazo loluhlelo.

Ukwenyuka kolwazi malungana nomsoco oqukethwe izitshalo

ezingakhuthaziwe ngomanyolo, sekwenze lenyuka isasa lemikhiqizo

yaloluhlobo ikakhulukazi emazweni angaphandle okwenza ukuba

loluhlelo lwezolimo lube nenzuzo enkulu. Ngakho ngifisa ukugcizelela

ukuthi uMnyango wami uzinikele ekubambisaneni nosomabhizinisi

kanye nomphakathi nje-jikelele ekwenzeni izindawo esihlala kuzona

zikwazi ukuzithuthukisa ngakwezomnotho.

Uhlelo lwemifelandawonye, ama-co-operatives, namabhizinisi

ajwayelekile amancane kanjalo nomkhakha wezokuvakasha

6
kuseyingxenye yamaqhinga ethu okuthuthukisa izinga lenhlalo

kusosonke isifundazwe. Siyazi ukuthi ukuqala ibhizinisi akuwona

umsebenzi olula, kodwa kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili kanye

nalabo abanolwazi ngezimfihlo zokuqhuba ezohwebo ngempumelelo.

Ngakho, kulomnyango sikhuthaza labo abafisa ukuqala amabhizinisi

amasha noma ukukhulisa amadala ukuba bazihluphe ngokuthintana

nomnyango ukuze bathole ukwelulekwa okufanele malungana

nezimpambosi zokuqhuba ibhizinisi elinempumelelo. Akwanele ukuba

nombono nentshisekelo yento, kodwa lokho kufanele kwesekelwe

ngolwazi ukuze lowomsebenzi ukwazi ukuncintisana neminye

ngempumelelo.

Abomnyango bayakwazi ukukuhlomisa ngamaqhinga afanele baphinde

futhi bakweluleke uma uhlobo lomsebenzi ofisa ukuwenza ungakhombisi

ithemba lokuthi ungaba impumelelo ngenxa yezimo abazaziyo

emikhakheni yezimboni ezahlukene – babuye bakwazise ngohlobo

nolwazi namakhono adingekayo ukuthi umsebenzi usimame. Kanti futhi

uthola nokwelulekwa ukuthi isiphi isikhwama ongasizama ukuze

sikwelekelele ngezimali zokuqala noma ukuqhuba umsebenzi wakho

ukuze ube yimpumelelo.

Njengoba sikuqonda ukuthi uhulumeni unezinhlelo eziqondene ngqo

nokuthuthukisa omama nentsha kwezamabhizinisi, kanjalo

nalomnyango unophiko olubhekele izidingo zabesimame emkhakheni

wezohwebo nezomnotho-nje jikelele. Nginesiqiniseko sokuthi njengoba

lenyanga iqhubeka nemikhosi yokuqhakambisa indawo yomama

emphakathini, labo abayihambelayo bazokwazi ukuhlangana nalabo

abamele umnyango ukuze bacobelele ulwazi kubona noma bahlele

ukuhlangana nabo emahhovisi ethu asethe chithi-saka nesifundazwe.

Kulandela ukusungulwa kohlelo olubhekene ngqo nemifelandawonye,

kanye namabhizinisi amancane, sibe sesivula amahhovisi ezifundeni

7
zomasipala abehlukeni ukuze usizo lwezokwelulekwa kwezamabhizinisi

lube seduze. Njengalapha eThekwini namaphethelo akudingeki ukuthi

uze uye emahhovisi amakhulu eMgungundlovu, kodwa ungavakashela

ehhovisi lesifunda eliku 22 Gardiner Street lapho ungathola khona

ulwazi ngezinhlelo ezahlukene zokusungula noma ukuqhuba umsebenzi

webhizinisi.

Ngaphandle kwemikhakha eyahlukene emnyangweni, sinezinkampani

ezingaphansi kwethu eziqhuba wona umsebenzi wokuthuthukisa

umnotho esifundazweni ezifana neThala, Tourism KZN, Trade &

Investment KZN, Agricultural Development Agency, Growth Fund njalonjalo.

Zonke zibhekene nokwelekelela labo abanentshisekelo yokubamba

iqhaza emikhakheni eyahlukene yezomnotho – kubandakanya nalabo

asebesesimweni sokuhweba ezingeni lomhlaba njengoba amathuba

evuleka kulandela ukusingatha kwethu ngempumelelo iMidlalo yeNdebe

yoMhlaba – okubuye kwahambisana futhi nokuvulwa kwesikhumulo

sezindiza esisha ceke i-King Shaka International Airport enyakatho

neTheku. Omama bethu banomlando omuhle wokuqhuba umsebenzi

webhizinisi ngempumelelo – kanti abavami ukuba nenkinga ukusebenza

ngokubambisana njengoba sibona lapha kuZiphatheleni. Futhi

kuyiqiniso elisobala ukuthi ulwazi abasuka nalo ezinhlelweni ezifana

nezitokofela kanye nomasingcwabisane lube nomthelela omuhle kulabo

abazibandakanye nohlelo lwemifelandawonye. Ngakho sithi

singuhulumeni sizimisele ngokufezekisa iphupho lawowonke umuntu

okhuthele kwezohwebo kanye nentuthuko yomphakathi jikelele.

Ukubakhona kweminyango eyahlukene lapha esibungazakhona

umsebenzi womama beseMbumbulu, kuyinkomba yokuthi

singuhulumeni sikholelwa ekuthenini ubumbano luyisizinda samandla

nempumelelo ebheke ekwakheni ikusana elingcono nelisimeme.

Ngithanda ukuphetha ngokubongela omama beZiphatheleni

8
ngokubekezela nakuba izimo zazinzima beqala lomsebenzi

osihlanganisile. Namuhla imiphumela yezithukuthuku zabo

isiyabonakala.

Kuthiwa izimpande zokusebenza ngokuzikhandla ziyababa, kodwa

izithelo zakhona zimnandi ngisho kulabo abenqenayo ukusebenza.

Sengathi lokhu esenikuqalile kungafana nenkasa ezochelela wonke

umphakathi waseMbumbulu kuye kuyokapakela nakwezinye izindawo

ezisakhungethwe ububha. Lemali engu R1,5 million etshalwe

ekwakhiweni kwalesikhungo sithemba ukuthi sesiyabona sonke ukuthi

kayizange yaba yincithakalo – kodwa isibe yisikhuthaza-khaba okumanje

londla futhi linakekela abantu bakithi ababhekene nezinkinga zenhlalo

ezahlukene. Sithi-ke singuhulumeni, sekusezandleni zowowonke

umuntu owakhele lendawo ukwenza isiqiniseko sokuthi lomsebenzi

uyachuma. Ngokubambisana singakha umnotho onensada yamathuba

asihlomulisa sonke futhi sikwazi ukuba nemboni yezokuvakasha

esebenzela uwonkewonke.

Hhalala Ziphatheleni hhalala!

Ngiyabonga.

Michael Mabuyakhulu, MPP

Ngqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha - KZN

9