15.06.2015 Views

Uxhaso LwezindLU - The Department of Human Settlements > Home

Uxhaso LwezindLU - The Department of Human Settlements > Home

Uxhaso LwezindLU - The Department of Human Settlements > Home

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Izindlu Zemiphakathi

Izindlu Ezakhiwa Ezindaweni

Zokuhlala Emiphakathini

Uhlelo Lwezindlu Zomphakathi luhlinzeka ngezinhlelo

zezindlu zokuqashisa noma zemifelandawonye kubantu

abahola kancane ezidinga ukulawulwa yisikhungo

okumele zihlinzekwe yizikhungo zezezindlu zomphakathi

ezisemthethweni futhi ezindaweni ezikhethiwe zokuhlala.

Lolu hlelo luhlinzeka ngezindlu eziphephile, eziqinile

zokuqashisa kubantu abahola kancane abangakwazi

ukusizakala emabhange nasezimakethe zemiphakathi.

Iphinda inikeze uhlaka lokubhekana nezinhlobonhlobo

zezindawo zokuhlala abantu ezikhungweni zemiphakathi

eziyizindawo zokuhlalisa abantu, okubalwa kuzo

nemiklamo yokuthuthukiswa kwamahostela

4.Isigaba Sokungenelela: Uhlelo Lwezindlu Lwezindawo Zasemakhaya

Incazelo: Izinhlelo zokwakhiwa kwezindlu ezindaweni Zasemakhaya

Uxhaso Lwasezindaweni

Zasemakhaya: Amalungelo

Omhlaba Wasemakhaya

Uhlelo Lokusiza Abahlali

Basemapulazini Ngezindlu

Uhlelo Loxhaso Lwasemakhaya lwedlulisela imihlomulo

Yohlelo Loxhaso Lwezindlu kubantu abahlala ezindaweni

ezibizwa ngokuthi “ezasemakhaya” lapho benelungelo

lokusebenzisa umhlaba uma kuqhathaniswa nobunikazi

bomhlaba obusemthethweni. Lolu xhaso Lwasezindaweni

Zasemakhaya luyonikezwa labo bantu abamalungelo

abo angabuzwa futhi abahambisana nemigomo yokutholakala

kwalolu xhaso.

Lolu Hlelo luhlinzeka ngoxhaso lwezimali ukuze

kuthuthukiswe ezobunjiniyela, uma lungatholakali olunye

usizo, kanye nezindlu ezanele zabasebenzi nabahlali

basemapulazini. Umnikazi wepulazi ubamba iqhaza

elibalulekile kulolu Hlelo.

Amanani Oxhaso Lwezindlu

Amanani Oxhaso Lwezindlu: 11 kuNdasa wezi- 2010 kuya ku-31 kuNdasa wezi- 2011

Uhlelo Loxhaso

Isamba Soxhaso

Uhlelo Loxhaso Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlala Oludidiyele:#

R0 kuya ku R3 500 R55, 706.00

Uhlelo Lwezindlu Zabantu Olwengezelelwe: #

R0 kuya ku R3 500 R55, 706.00

Uxhaso Lwasemakhaya: #

R0 kuya R3 500 R 54, 906.00

Uxhaso Lwezindawo Zasemapulazini: #

R0 kuya ku R3 500 R54, 650.00

Uxhaso Oluhlanganisile:

R 0 kuya ku R3 500 R54, 906.00

Uxhaso Lwezinhlangano:

R0 kuya ku R3 500 R52, 427.00

Uxhaso Lomuntu Ngayedwana:

R0 kuya ku R3 500

R84,000.00

Uma kungekho okunye okungenziwa, imisebenzi

yangaphakathi kamasipala yezobunjiniyela ingaxhaswa

ngokwezimali ngesikhwama soxhaso lwezindlu.

Isitende ngasinye sinikezwa lesi

Samba:

Izindleko zomhlaba ongakasetshenzwa zingaxhaswa ngokwezimali

ngesikhwama sezindlu sonyaka sikaHulumeni

WesiFundazwe

R22 162, 00

Inani lasezimakathe

(Okwamanje lilinganiselwa

ku R6 000.00 isitende

ngasinye)

Isigaba 1: Umhlaba, Imisebenzi kanye Nokumenyezelwa kwamalokishi

Isigaba sokuqala esokuhlela, ukuthengwa komhlaba, ukusungulwa kwamalokishi kanye nokuhlinzekwa

kwezindawo zokuhlala esezilungisiwe kanye nezinye izitende zomhlaba ukuqinisekisa imiphakathi edidiyele

esimeme.

Isigaba 2: Ukwakhiwa Kwezindlu: Izinhlelo zobunikazi bomuntu ngayedwana

Isigaba sesibili ngesokwakhiwa kwezindlu zalabo abafanelekile ukuhlomula ngoxhaso lwendlu kanye nokudayiselwa

izitende kulabo bahlomuli abangavumelekile ukuthola uxhaso lwezindlu lokwakhelwa izindlu kanye

nabamabhizinisi njalo njalo.

Uhlelo Loxhaso Lomuntu Ngayedwana

Lolu Hlelo lunikezela ngosizo lukahulumeni uma imizi evumelekile ukuthola uxhaso ifisa ukuthenga umuzi

ovele ukhona noma isitende esilungisiwe, esihambisana nenkontileka yokwakha ngemalimboleko yomuzi

egunyaziwe. Le mihlaba nemizi iyatholakala ezimakethe ezijwayelekile noma seyithuthukisiwe, njengengxenye

yemiklamo engaxhasiwe ngezimali Ngokwezinhlelo ZikaZwelonkeZokunikezwa Kwezindlu.

Uhlelo Lwezindlu Zabantu Olukhulisiwe

Uhlelo Lwezindlu Zabantu Olukhulisiwe luhlose ukuxhasa abantu abafisa ukwengeza uxhaso lwabo lwezindlu

zabo ngokuzakhela izindlu zabo. Uhlelo Lwezindlu Zabantu Olwengezelelwe lungatholakala Ngoxhaso Lohlelo

Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlala Oludidiyele, Uxhaso Oluhlanganisile Oluncike Emiklamweni, Olwezinhlangano,

noma Lwasemakhaya ngokunjalo nangosizo lobuchwepheshe kanye nezinye izinhlobo zosizo

ekwakhiweni kwezindlu.

Uhlelo Lokwenziwa ngcono Izindawo Zasemijondolo

Lolu hlelo lusheshisa ukwenziwa ngcono kwezindawo zasemijondolo. Luphathelene nezimo zokwenziwa

ngcono kwendawo yasemijondolo kanye nezindawo lapho imiphakathi iyothuthelwa khona ngezizathu ezahlukene.

Lolu hlelo luhambisana nokubonisana kanye nokubamba iqhaza komphakathi okunzulu, ukunikezelwa

kwezinsiza zosizo oluphuthumayo, ukunikezelwa kosizo okungapheli kanye nezokuphepha.

Uhlelo Loxhaso Oluhlanganisile

Uxhaso Oluhlanganisile lutholwa ngumuntu osevele elutholile usizo lukahulumeni lokuthola isiza sokwakha

esesilungisiwe ngaphansi kohlelo lwezindlu lwangaphambi kowe-1994. Lolu xhaso luhambisana neziza

esezilungisiwe ezatholakala ngohlelo lobunikazi, lokuqashisa noma ngencwadi yesabelo esemthethweni kanti

kumele isetshenziselwe ukwakha noma ukwenza ngcono isakhiwo esiphezu kwaleyo ndawo.

Uhlelo Loxhaso Lwezikhungo

Uxhaso Lwezikhungo lutholwa iZikhungo Zezendlu eziphathelene nezinhlelo zezomhlaba ezisebenza esikhundleni

sobunikazi (njengokuqasha, ukukhokha kancane kancane njalo ngenyanga, ukuhlanganyela ubunikazi

noma umhlaba womfelandawonye) kulabo abathole uxhaso. Lolu xhaso luyokwenza ukuba iZikhungo Zezezindlu

zikwazi ukwenza imiklamo egunyaziwe kanye nokuthi zikwazi ukwakhela abahlomuli izindlu ukuze bahlale

ezindlini zemixhaso. Indlu eqashisayo akumele idluliselwe kumhlomuli esikhathini esingaphansi kweminyaka

emine kuqaliwe ukuhlala kuyo. Omunye umbandela ukuthi uhlaka olusemthethweni, ngale kwendlu yoxhaso,

kumele lukwazi ukuzenzela inzuzo esakhiweni.

Uxhaso Lwasemakhaya: Uhlelo Lwamalungelo Ezindawo Zasemakhaya

Uhlelo Loxhaso Lwasemakhaya lwedlulisela imihlomulo Yohlelo Loxhaso Lwezindlu kubantu abahlala ezindaweni

ezibizwa ngokuthi “ezasemakhaya” lapho benelungelo lokusebenzisa umhlaba uma kuqhathaniswa

nobunikazi bomhlaba obusemthethweni. Kuyosizwa labo bantu abayingxenye yomphakathi abamalungelo abo

angabuzwa ngaleyo ndlela okungelula ukuba balahlekelwe yilawo malungelo ngesikhathi sohlelo lokuhlengahlengiswa

komhlaba.

Uxhaso lutholakala ngokwemiklamo bese kuthi labo abahlomulayo balekelelwe ngabalekeleli bokuqalisa

izinhlelo. Abahlomulayo banelungelo lokukhetha ukuthi uxhaso lwabo bafuna ukulusebenzisa kanjani, kungaba

ngukuhlinzeka ngemisebenzi, ukwakhiwa kwezindlu noma kokubili.

Uhlelo Lokusiza Abahlali Basemapulazini Ngezindlu

Lolu Hlelo luhlinzeka ngoxhaso lwezimali ukuze kuthuthukiswe ezobunjiniyela uma lungatholakali olunye usizo

kanye nezindlu ezanele zabasebenzi nabahlali basemapulazini. Umnikazi wepulazi ubamba iqhaza elibalulekile

kulolu Hlelo.

Uhlelo Lwezindlu Zomphakathi

Uhlelo Lwezindlu Zomphakathi luhlinzeka ngezinhlelo zezindlu zokuqashisa noma zemifelandawonye kubantu

abahola kancane ezidinga ukulawulwa yisikhungo okumele zihlinzekwe yizikhungo zezezindlu zomphakathi

ezisemthethweni futhi ezindaweni ezikhethiwe zokuhlala.

Uhlelo Lomhlomulo Wesaphulelo Olukhulisiwe

UHlelo Lomhlomulo Wesaphulelo Olukhulisiwe lwasungulelwa ukusiza abantu ukuba bathole izindlu zokuqasha

ezixhaswe uhulumeni, kuthi labo abasakweleta baqedele izikweletu zezindlu abazithenge kuhulumeni noma

baqedele izikweletu ezixhaswe ngezimali nguhulumeni ezasetshenziselwa ukuthenga izindlu. Lolu hlelo

luqondene nezindlu ezaxhaswa uhulumeni ngezimali okwangenwa kuzo ngaphambi komhla lu-1 kuNtulikazi

we-1993 kwathi izitende noma izindlu zabhaliswa ngaphambi komhla zingama-30 kuNhlangulana we-1993

zase zinikezwa abantu ngaphambi komhla ziyi-15 kuNdasa we-1994.

Lolu hlelo lunikeza isaphulelo sentengo edayisa ngayo indlu /imalimboleko esasele. Uma isaphulelo silingana

noma singaphezulu kwentengo yendlu noma imalimboleko esasele, umuzi udluliselwa mahhala, azikho ezinye

izimali ezikhokhwayo.

Imisebenzi yangaphakathi kamasipala yezobunjiniyela kanye nomhlaba ongakasetshenzwa ingaxhaswa

IZINHLELO ZOXHASO

nguHulumeni WesiFundazwe ngokwezimali, ngokulkuncike kule mithetho engezansi

Uhlelo Oludidiyele Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlala

Uhlelo loxhaso okuthuthukiswa kwezindawo zokuhlala oludidiyele lwangena esikhundleni soHlelo

Loxhaso Oluncike Emiklamweni. Lolu hlelo luhlinzeka ngokuhlelwa kanye nokuthuthukiswa kwemiklamo

yezindlu edidiyele.Imiklamo ingahlelwa iphinde ithuthukiswe ngezigaba ukuze inikezele ngentuthuko

ephelele.

human settlements

Department:

Human Settlements

Province of Kwazulu-Natal

Uxhaso Lwezindlu

Ingqikithi Yoxhaso

Luyini Uxhaso Lwezindlu?

Uxhaso Lukahulumeni Lwezindlu yisibonelelo sikaHulumeni esikhokhwa kanye kulabo

abanelungelo lokusithola ukuze bathole izindlu. Lesi sibonelelo asikhokhwa siyimali

kulabo abanikezwa sona. Sikhokhelwa umdayisi wendlu, noma uma kungumuzi

owakhiwa uqalwa phansi, sikhokhela ukwakhiwa kwendlu eyakhiwe ngokwemigomo

namazinga afanele bese irejistwa egameni lomnikazi Ehhovisi Lokubhaliswa Kwezindlu.

Izibonelelo zezindlu ziphinde zisetshenziselwe ukuxhasa ukuhlinzekwa kwezindawo

zokuhlala eziqashisayo. Izindlu eziqashisayo zakhiwa yizikhungo zezezindlu ezigunyaziwe

nokuyizona ezilawula ziphinde zizigcine zisemweni esikahle.

Ngingaluthola Uxhaso Lwezindlu?

Abafaka izicelo Zoxhaso Lwezindlu kumele bahambisane nale migomo:

• Ubuzwe: Umfakisicelo kumele abe yisakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma abe

Nemvume Yokuba Ngumhlali Ngokugcwele

• Amandla Okusayina Inkontileka: Umfakisicelo kumele abe ngovumelekile

ukusayina izinkontileka ezisemthethweni (okusho ukuthi makabe neminyaka

engaphezulu kweyi-18 yobudala, noma abe ngoshadile noma owehlukanisile

emshadweni futhi abe ngophilile engqondweni)

• Makangabi ngosewake wahlomula Oxhasweni lukaHulumeni. Umfakisicelo

noma lowo ashade naye akumele kube ngabantu asebake bahlomula oxhasweni

lwezindlu lukaHulumeni phambilini. Esimweni sesahlukaniso somshado somuntu

owahlomula, imibandela yesahlukaniso yiyona eyolawula ngamalungelo akhe

maqondana nemihlomulo yakhe yangomuso.

• Umuntu ongumnikazo wendlu okokuqala: Umfakisicelo noma lowo ashade

naye akumele kube ngabantu asebake babanendlu /abanendlu njengamanje.

Ngaphandle uma kunalezi zizimo ezilandelayo:

• Abantu abaphila nokukhubazeka

• Abantu :

• abangabanikazi besitende esingenalutho esatholakala ngoHlelo Lokubuyiselwa

Komhlaba;

• abathole umhlaba wokuhlala okokuqala ngaphandle kosizo lukaHulumeni kanti

indlu/ indawo ekuwo, uma kukhona, akungahambisani Nenkambiso Namazinga

amaqondana Nezakhiwo Zokuhlala Ngokuphelele.

1. Isigaba Sokungenelela: Ezezimali

Incazelo: Izinhlelo eziletha Imisebenzi Yezezindlu ziphinde zihlinzeke nosizo lokuqalisa izinhlelo

Uxhaso Lwezindlu Lomuntu

Ngamunye: Okuhambelana

Ngokuthenga ngesikweletu

Nokungathengi Ngesikweletu

R0 - R3 500

Uhlelo Lomhlomulo Wesaphulelo

Olukhulisiwe

Izakhiwo Zemiphakathi

Nezomnotho

Ukugunyazwa Komasipala

Uhlelo Loxhaso lomuntu ngamunye lutholwa yimizi efisa

ukufaka isicelo soxhaso lwezindlu ukuthenga indlu evele

ikhona noma ukuthenga isitende esingenalutho bese kusayinwa

inkontileka yokwakha indlu. Uhlelo lokuthenga isitende

esingenalutho singanikezwa imizi ethathe imalimboleko

emabhange.

UHlelo Lomhlomulo Wesaphulelo Olukhulisiwe lwasungulelwa

ukusiza abantu ukuba bathole izindlu zokuqasha ezixhaswe

uhulumeni, kuthi labo abasakweleta baqedele izikweletu

zezindlu abazithenge kuhulumeni noma baqedele izikweletu

ezixhaswe ngezimali nguhulumeni ezasetshenziselwa ukuthenga

izindlu. Lolu hlelo luqondene nezindlu ezaxhaswa uhulumeni

ngezimali okwangenwa kuzo ngaphambi komhla lu-1

kuNtulikazi we-1993 kwathi izitende noma izindlu zabhaliswa

mhla zingama-30 kuNhlangulana we-1993 zase zinikezwa

abantu mhla ziyi-15 kuNdasa we-1994.

Lolu hlelo lunikeza isaphulelo esingaze sifinyelele esambeni

sama- R31 929,00 sentengo yokuthenga/ isamba esesisele

sentengo yokuthenga / imalimboleko yempahla yalokho

okuthengiwe

Lolu hlelo luthuthukisa izakhiwo zemiphakathi kanye

nezomnotho, okuvame ukuba zakhiwe ziphinde zigcinwe

ngomasipala, esimweni lapho omasipala bengeke bakwazi

ukuhlinzeka lezi zakhiwo ezindaweni ezivele zikhona kanye

nasezindaweni ezintsha zokwakha izindlu ngokunjalo nasezindaweni

zemiklamo yokwenza ngcono indawo yasemijondolo.

Omasipala asebegunyaziwe bayokwazi ukuziphathela Izinhlelo

Zezindlu ZikaZwelonke. Inhloso yalolu hlelo ukuhlinzeka :

Ngosizo lwezinhlelo komasipala abagunyaziwe olungafaka

phakathi ubuchwepheshe bamakhompiyutha.

Ngosizo lamakhono komasipala abagunyaziwe

Isigaba 1: Umhlaba, Imisebenzi kanye Nokumenyezelwa Kwamalokishi

Isigaba sokuqala esokuhlela, ukuthengwa komhlaba, ukusungulwa kwamalokishi kanye

nokwenziwa kwemisebenzi yobunjiniyela ezindaweni zokuhlala nakokunye ukusetshenziswa

komhlaba ukuqinisekisa umphakathi osimeme nodidiyele.

Isigaba 2: Ukwakhiwa Kwezindlu: Izinhlelo Zobunikazi Bomuntu Ngayedwana

Isigaba sesibili ngesokwakhiwa kwezindlu zalabo abafanelekile ukuhlomula ngoxhaso lwendlu

kanye nokudayiselwa izitende kulabo bahlomuli abangavumelekile ukuthola uxhaso lwezindlu

lokwakhelwa izindlu kanye nabamabhizinisi njalo njalo.

Uhlelo Lwezindlu Zabantu

Olukhulisiwe

Ukwenziwa Ngcono Kwezindawo

Zasemijondolo

Uxhaso Lokuhlanganisa

Lolu hlelo lusiza abantu ukuba bathole bathole uxhaso lwezindlu

(olokuhlanganisa, oluncike emiklamweni, olwezinhlangano,

noma uxhaso lwezindawo zasemakhaya) ngokubalekelela

ngolwazi, ngezimali, ngokuhlela kanye nangokuphatha ukuze

bazakhele imizi yabo.

Lolu hlelo lubhekele ukwenziwa ngcono kwezindawo

zasemijondolo ngendlela ehleliwe. Luphathelene nokwenziwa

ngcono kwezindawo zasemijondolo ngokunjalo nezindawo

lapho imiphakathi iyothuthelwa khona ngezizathu ezahlukene.

Kulo luhlelo lufaka izinhlelo zokubonisana nokubamba iqhaza

okunzulu komphakathi, ukunikezelwa kwezinsiza zosizo

oluphuthumayo, ukunikezelwa kosizo okungapheli kanye

nezokuphepha.

Uxhaso Oluhlanganisile lutholwa ngumuntu osevele elutholile

usizo lukahulumeni lokuthola isiza sokwakha esesilungisiwe

ngaphansi kohlelo lwezindlu lwangaphambi kowe-1994.

Lolu xhaso luhambisana neziza esezilungisiwe ezatholakala

ngohlelo lobunikazi, lokuqashisa noma ngencwadi yesabelo

esemthethweni kanti kumele isetshenziselwe ukwakha noma

ukwenza ngcono isakhiwo esiphezu kwaleyo ndawo.

Usizo Lwezindlu Lwezimo

Eziphuthumayo

Imali Yokuqhuba umsebenzi

Izahluko Zezezindlu eZinhlelweni

Zentuthuko Edidiyele

Ukulungiswa komthamo

Wezindlu wangaphambi

kowe-1994

Lolu hlelo luhlinzeka ngosizo lwesikhashana ngokubanikezela

ngomhlaba kanye / noma ngendawo yokukhosela. Usizo

lunikezwa abantu abazithola besesimweni sokungabi nezindlu

lapho izindlu zidicileke phansi noma zilimele ngenxa yesimo

esingaphezu kwamandla abo, izimo abaphila phansi kwazo

zinobungozi empilweni yabo kanye nokuphepha noma uma

besusiwe ezindaweni abahlala kuzo noma uma bebhekene

nokususwa noma inini. Lutholakala kuphela phansi kwezimo

ezibucayi kakhulu zesidingo sezindlu.

Uhlelo Lwemali Yokuqhuba Umsebenzi lulawula ukusetshenziswa

kwephesenti elithile lwesabelo soxhaso lwezindlu

oluvotelwe esifundazweni ukwelekelela ukuqalisa nokulawula

imiklamo yezinhlelo zikazwelonke kanye nezesifundazwe

ezigunyaziwe kanye nezibekwe eqhulwini. Lungasetshenziselwa:

ukuqashwa kochwepheshe bangaphandle yiMinyango Yezezindlu

YeziFundazwe ukwenezela ulwazi oludingeka ukwenza

imisebenzi emikhulu kanye

nokusiza ekusheshiseni ukuqalisa imiklamo Nezinhlelo

Zezindlu kuZwelonke naseziFundazweni.

Ayinakusetshenziselwa ukwakha izakhiwo zabasebenzi

banoma yisiphi isikhungo Somphakathi.

Lolu hlelo lunikeza imihlahlandlela maqondana nokusungulwa

kwezinhlelo zokwakhiwa kwezindlu ekuhlelweni kwentuthuko

edidiyele luphinde lubeke nendlela engasetshenziswa ekuhlanganiseni

Izahluko Zezezindlu Ezinhlelweni Zentuthuko

Edidiyele Yomasipala

Lolu hlelo luhlose ukusheshisa ukuthuthukiswa kwezindawo

zokuhlala ezithile ezazixhaswe uhulumeni ngezimali ngohlelo

lukaHulumeni lwezindlu ngesikhathi sohlelo lwezindlu lwangaphambi

kowe-1994 ukwenza lezi zindlu zibuye zidayiseke.

2. Isigaba Sokungenelela: Izinhlelo Zezindlu Zokwengeza:

Incazelo: Izinhlelo zokusheshisa amathuba okuthola izindlu ngezigaba

Uhlelo Oludidiyele Lokuthuthukiswa

Kwezindawo

Zokuhlala

Lolu hlelo lubhekelele ukuhlelwa nokuthuthukiswa

kwemiklamo yezindlu edidiyele. Imiklamo ingahlelwa iphinde

ithuthukiswe ngezigaba kanti luphinde futhi lubhekelele

nendlela yentuthuko ephelele.

Ifomu lesicelo kumele lihambisane nalezi zincwadi ezilandelayo, uma zikhona:

• Amakhophi aqinisekisiwe:

• ikhasi/ amakhasi kamazisi waseNingizimu Afrika anesithombe somfakasicelo kanye

nowalowo ashade naye nabo bonke abancike kuye ngokwezimali abayingxenye yomuzi;

• Izitifiketi zokuzalwa zezingane ezingenabo omazizi, ezikhombisa izinombolo eziyishumi

nantathu;

• Incwadi yesahlukaniso (uma ikhona, ukuze kubonakale ukuthi ngubani onelungelo

lokuhlala nezingane)

• isitifiketi somshado (uma sikhona)

• Izincwadi ezifungelwe zemishado eyenziwe ngokoMthetho Wenhlalakahle waseNingizimu

Afrika ukuze kufakaziswe ubuqiniso bobudlelwane nomfakisicelo, uma kukhona;

• Imiyalelo yenkantolo noma, imiyalelelo ekhishwe nguKhomishana Wezenhlalakahle Yezingane

ukuze kuqinisekiswe ukuthi ngubani umbheki wezingane (uma kukhona);

• isitifiketi sokushona salowo oshade naye (uma sikhona); kanye

• nencwadi yokuhola yakamuva(uma ikhona)

• Isivumelwano Sokuthengiselana (uma sikhona).

• Inkontileka Yokwakha kanye Nepulani Yokwakha Egunyaziwe (uma kukhona)

• Isivumelwano Sokudayiswa Komhlaba kanye Noxhaso LoKwakhiwa Kwendlu maqondana

Nohlelo Lwezindlu Zabantu Olukhulisiwe (uma kukhona)

• Ubufakazi Bokukhubazeka (uma kukhona)

• Ubufakazi bemalimboleko enikezwe ngumbolekisi (uma kukhona)

Sihanjiswa kuphi isicelo

Amafomu ezicelo kumele ayiswe emanyangweni wezezindlu kumasipala wangakini noma eMnyangweni

wesiFundazwe Wezokuhlaiswa Kwabantu esifundazweni sakho.

Incazelo Yezinhlelo Zezindlu ZikaZwelonke Ngesigaba Ngasinye Sokungenelela

Isigaba Sokungenelela: Izinhlelo Zezimali

• Uxhaso Lwezindlu Lomuntu ngayedwana

• UHlelo Lomhlomulo Wesaphulelo Olukhulisiwe

• Izakhiwo Zemiphakathi Nezomnotho

• Ukugunyazwa Komasipala

• Imali Yokuqhuba Umsebenzi

• Izahluko Zezezindlu eZinhlelweni Zentuthuko Edidiyele

• Ukulungiswa komthamo Wezindlu wangaphambi kowe-1994

Isigaba Sokungenelela : Izinhlelo Zezindlu Zokwengeza

• Uhlelo Oludidiyele Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlala

• Uhlelo Lwezindlu Zabantu Olukhulisiwe

• Ukwenziwangcono Kwemijondolo

• Uxhaso Lokuhlanganisa

• Usizo Lwezindlu Oluphuthumayo

Isigaba Sokungenelela: Izinhlelo Zezindlu Zemiphakathui Nezokuqashisa

• Uxhaso Lwezinhlangano

• Izindlu Zemiphakathi

• Izindlu Ezisezindaweni Zemiphakathi

Isigaba Sokungenelela: Izinhlelo Zezindlu Zasemakhaya

• Uxhaso Lwasemakhaya: Amalungelo Omhlaba Wasemakhaya

• Uhlelo Lokusiza Abahlai Basemapulazini

Ngaphezu kwalezi zidingo ezingenhla, yinoma ubani ofaka isicelo kumele ahambisane nale

migomo elandelayo:

• Abantu abancike kuye ngokomshado noma ngokwezimali: Umfakisicelo kumele abe ngoshadile

noma ohlala nomuntu athandana naye isikhathi esiningi. Umuntu ozimele ngayedwana onabantu

abancike kuye ngokwezimali ( njengabazali, abazali basemzini, ogogo nomkhulu noma ogogo nomkhulu

basemzini, izingane, abazukulu, izingane angazizali kodwa ezingaphansi kwakhe, izingane

eziyizintandane ezinakekelwa nguyena) angasifaka isicelo.

• Imali Engenayo Ekhaya nyanga zonke: Umholo wanyanga zonke womfakisicelo akumele ube

ngaphezu kwama- R3 500. Kumele kulethwe ubufakazi obanele bemali engenayo.

• Abahlomule Ohlelweni Lokubuyiselwa Komhlaba: Abahlomule Ohlelweni Lokubuyiselwa Komhlaba

bengasifaka isicelo soxhaso lwezindlu, uma behambisana neminye imigomo yokuvumeleka

ukuthola uxhaso

• Abantu abachazwa njengamasosha asemnkantshubomvu aqinisekiswe ngu-SANDF: Amasosha

asemnkantshubomvu angashadile, angenabo abantu abancike kuwo ngokwezimali angasifaka

isicelo soxhaso lwezindlu.

• Abantu abachazwa njengabakhulile: Abantu asebekhulile abangenabo abantu abancike kubo

ngokwezimali bangasifaka isicelo soxhaso lwezindlu. Abantu asebekhulile bachazwa njengabantu

besilisa nabesifazane asebefike eminyakeni efanele yohlelo lwesibonelelo sabadala sikaHulumeni.

• Abantu abachazwa njengabaphila nokukhubazeka. Abantu abachazwa njengabaphila

nokukhubazeka, noma ngabe abangashadile noma abashadile noma abangomasihlalisane noma

abangashadile abanabantu abancike kubo ngokwezimali, bangasifaka isicelo soxhaso lwezindlu.

Uma umuntu oseke wathola uxhaso lukaHulumeni lwezindlu futhi/noma ovele esenomuzi noma

wayenomuzi, ekhubazekile noma eba nokukhubazeka, noma uma lowo ancike kuye ekhubazekile

noma ekhubazeka, lowo muntu engathola uxhaso olwengeziwe lokuxhaso izindleko zezengezo

ekwakhiweni kwendlu ukuze ilungele impilo yakhe.

Ngiphila nokukhubazeka, ngenzenjani?

Izindlu zabantu abaphila nokukhubazekile zingakhiwa zibe nezengezo ezithile ukuze bakwazi ukuphila

impilo ejwayelekile ezindaweni zokuhlala. Lezi zengezo zenzelwe ukuhambisana nezidingo ezehlukene

zezindlu. Kulezi zengezo kukhona izibhaxelo zikasemende kanye nesakhiwo sokukhuphuka ukuze

kuhambeke kalula, izindawo zokubambela emabhavu, izinsimbi zokubamba izivalo, izinsimbi ezikhalayo

ezisobala ezivalweni kanye nezinsiza zokungena kalula ezindlini zangasese.

Abaphila nokukhubazekile abafaka izicelo zoxhaso olwengeziwe kumele baveze ubufakazi bokukhubazeka

obenza bafune lolo lusizo olukhethekile, kumele kufakazelwe yincwadi kadokotela kanye nobufakazi

bomholo. Labo abavele bethola isibonelelo sikaHulumeni sokukhubazeka esilawulwa nguMnyango

Wezenhlakahle, bayodingeka ukuba baveze ubufakazi bokuthi bathola malini eyisibonelelo kanye nesitifikethi

sikadokotela, njengoba kuveziwe.

Ngingathola uxhaso lwamalini?

Ngisifaka Kanjani Isicelo Soxhaso Lwendlu?

Asikho isicelo soxhaso lwezindlu esiyogunyazwa ngaphandle kokuthi umfakisicelo agcwalise ifomu bese

ehambisa nezincwadi zobufakazi ezidingekayo.

3. Isigaba Sokungenelela : Izinhlelo Zezindlu Zemiphakathui Nezokuqashisa :

Incazelo: Izinhlelo zokuletha amathuba Ezindlu Zokuqashisa, ezilekelela Ukuhlelwa Kabusha

Kwezindawo Zasemadolobheni kanye Nokudidiyela

Uxhaso Lwezikhungo Le ndlela ibhekiswe eZikhungweni Zezezindlu ezihlinzeka

ngezinhlelo zezomhlaba ezisebenza esikhundleni sobunikazi

(njengokuqasha, ukukhokha ngamancozuncozu,

ukuhlanganyela ubunikazi noma umhlaba wemfelandawonye)

kulabo abathole uxhaso.

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!