31.03.2015 Views

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA BUSOWAKHE ...

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA BUSOWAKHE ...

ZINDABA ZAKHO MNGOMA: INGONYULUKA BUSOWAKHE ...

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

nesigcwagcwa amangalelwe amacala ngezizathu

ezingabonakali. Nokho lezi zimpawu ziyehluka

kumuntu ngomuntu.

Amaphupho ahlala njalo eluphawu olugqamile lokungenwa idlozi, kokunye

umuntu uziphupha esezishaye zonke ezobungoma, eseyikazela izikhumba

namashoba. Olunye uphawu olugqamile ukubhonga. Umuntu onalo moya

wobungoma uhlale ezwa amazwi abantu abangasekho bekhuluma naye. Kokunye

umuntu ongenwa yilo moya wamadlozi uvama ukuba namashwa edlulele kanti

enziwa yilo idlozi liyakhala, alilungiswe. Uba namashwa, uzondwa nangabantu,

bammangalele bamfake emacaleni okubonakala engenasidingo. Uba

nesigcwagcwa, azondwe ngabantu kanti yiwo 10 moya. Yonke Ie mehlo imehlela

egula nobungcono bungabonakali.

2.4 Izifo eziphatha umuntu ongenwa idlozi

Umuntu ozotbwasa akahlushwa amaphupho kuphela kodwa kubanezifo eziba

yizinkomba zobukhona babaphansi empilweni yomuntu.

UKrige, (1936:303) utbi:

She had a queer feeling from her shoulders to her

feet, her body became dull and she suffered

greatly from acidity (ukubhodla) a very common

symptom ofapproaching possession.

Wayenozwelo olungajwayelekile olusuka

emahlombe kuze kuyofika ezinyaweni, urnzimba

wonke usinda kutbi akazamule, okuwuphawu

lokungenwa yimimoya.

Kusinda amahlombe kuzwakala ukutbi kukhona okonakele kumuntu ongenwa

umoya wedlozi. Umzimba nawo ubuhlungu uyatbunukala ngenxa yamadoda

amakhulu ahlezi egazini. Umuntu onedlozi akatbwali ekhanda ngoba uhamba

nabakhulu. Akathintwa emahlombe, uyahayiza ngoba amadoda amakhulu ahlezi

emahlombe. Akakwazi ngisho ukugqoka izicathulo, uhamba ngezinyawo. Ezinye

17

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!