23.07.2013 Views

Zulu Sermon for the 17th Sunday after Trinity 2011

Zulu Sermon for the 17th Sunday after Trinity 2011

Zulu Sermon for the 17th Sunday after Trinity 2011

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Izintshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni

Intshumayelo ngesonto 17 emva komkhosi wobuThathwemunye, ngomhla ka 16. 19. 2011 51a/2011

Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele.

1. Iculo 194/192 noma26/136

2. Umkhuleko: Nkosi, Nkulunkulu, Baba wethu osezulwini, siphambi kobuso bakho, sesibuthene nanamuhla

ukuzwa izwi lakho, Nkosi, akuthi-ke sisezakulizwa izwi lakho, usiphe uMoya wakho oNgcwele ukuba

ezinhluphekweni zonke ezisivelelayo, nasekuguleni, nasekufeni, siyibone iNdodana yakho uJesu Kristu, yona

enguMsizi onamandla, sicele kuyo, siyethembe yona, sicela usiphe singangabazi nangokukholwa kwethu, size

sonke sigcine ngokusindiswa kwaphakade, ngaye uJesu Kristu owafa, wavuka, iNkosi noMsindisi wethu.

Amen.

3. Iphistola ngohlelo lwesibili lilotshiwe kwabseRoma 10:9-18;

Ivangeli ngohlelo lokuqala lilotshiwe kuMathewu 15:21-28.

4. Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise ... 5.Icu

6. Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo 7. Iv

kuMarku 9:17-27, lithi: “Omunye wesixuku wamphendula wathi: Mfundisi, ngilethé kuwe indodana yami

enomoya oyisimungulu. Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo,

iphele amandla. Ngikhulumé nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka. Waphendula wathi: O

sizukulwane esingakholwayo, koze kube-nini nginani na? Koze kube-nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.

Bayiletha kuye. Kwathi umoya umbona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini,

yazigingqa ikhihliza amagwebu. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na?

Wathi: kwasebuntwaneni. Uyiphonsile kanini emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma

unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize. UJesu wayesethi kuye: Uma unamandla! Konke kungenzeka

kokholwayo. Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.

UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: Wena-moya

oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye. Wamemeza,

wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba-njengofileyo, baze bathi abaningi: Usefile. Kepha uJesu wambamba

ngesandla, wamvusa; wasukuma.” Amen.

8. Intshumayelo: Bandla elithandekayo leNkosi yethu uJesu Kristu, sisemasontweni esikhathi

sobuThathwemunye okuyisikhathi lapho sibonga khona, sidumise khona uNkulunkulu umThathwemunye,

yena onguYise neNdodana noMoya oNgcwele ngenxa yemisebenzi yakhe emikhulu asenzela yona ngomusa

wakhe. Namuhla-ke sekuyisonto leshumi nesikhombisa emva komkhosi wobuThathwemunye. Yebo, bandla,

amazwi entshumayelo yethu yanamuhla siwafumana evangelini ngokukaMarku, lapho sifundiswa khona

ngemisebenzi yamandla eyayenziwa yiNkosi uJesu phezu kwabagulayo bephethwe yizifo

eziyizinhlobonhlobo, ekhipha nawomoya ababi kwabakhwelwe ngamademoni.

Bandla, kunjalo nanamuhla, uJesu usayenza imisebenzi yamandla naphakathi kwethu. Ngakho-ke sithi: UJesu

ungMsizi onamandla.

1. Masicele kuye.

2. Masimethembe yena!

1. Masicele kuye! Bathandekayo eNkosini, kuwo amazwi evangeli lentshumayelo yethu yanamuhla, sifumana

iNkosi uJesu ivela ekukhazimulisweni kwayo entabeni, ihlangabezana nesixuku esikhulu simi nabafundi bayo,

sibuzana ngokuthile nabo. UJesu uyabona ukuthi ukhona ababuzana ngakho nabo, uthi: Nibuzana nabo

ngantoni na? Omunye wesixuku uphendula uthi: Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya

oyisimungulu, uyachaza uthi: Kuthi lapho eyibambayo uyidonsela phansi, eikhihlize amagwebu, igedle

amazinyo, iphele amandla, uthi: Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.

Bathandekayo, uJesu unguMsizi onamandla, masicele kuye, Bandla, uma sibheka lendoda, siyabona ukuthi

ihluphekile kabi, indodana yayo iyagula kabi, lesisifo esiyiphethe, siyiphethe kusukela ebuntwaneni bayo,

lendoda iyamchazela uJesu ukuthi lesisifo siyenze kanjani, ithi: Sesiyiphonsile emlilweni nasemanzini ukuba

umoya omubi uyibhubhise, ithi kuJesu: Uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize!

Bandla, lendoda ihluphekile kabi, nendodana yayo isekuhluphekeni okukhulu nasebuhlungwini obunzima

ngenxa yalesisifo, mhlawumbe sebeyile ezindaweni eziningi befuna usizo, kodwa abalutholi, sebeyile

nakubafundi bakaJesu ukucela ukuba bamukhiphe lomoya omubi kumfana, kepha nababehlulekile ukukhipha.

Bathandekayo, uJesu unguMsizi onamandla, nathi masicele kuye!

16. 10. 2011/ ngesonto 17 emva komkhosi wobuThathwemunye - 1 - 51a/2011

Bafowethu, bodadewethu, kunjani kithi na? Ekuhluphekeni ekuguleni, nakuzo izifo eziyizinhlobonhlobo

ezisihlaselayo, siyacela yini kuJesu ukuba asihawukele, asisize na? Uma sizibheka, sizibona,

sinobuthatkathaka nje, esikhundleni sokukhuleka, sicela usizo kuJesu, silucela kwabanye,, abanye baya

ezinyangeni nasezangomeni nakubaprofethi, bakhohlwe ukuthi usizo lwethu kuvela kuJehova owenzile izulu

nomhlaba, wasidala nathi.

Makholwa, makungabi njalo kithi, ezinhluphekweni zonke ekuguleni nasekufeni, masicele kuJesu njengayo

leyandoda, sithi: Nkosi, sihawukele, usisize. Yebo, bandla, nanamuhla uJesu usasimema uthi: Zanini kimi,

nina noke enikhatheleyo nanisindwayo, ngizakuniphumuza, uthi: Uma siza kuye, imiphefumulo yethu

iyakufumana impumuzo, ngokuba ijoko lakhe lihle, nomthwalo wakhe ulula, Math. 11:28-30.

Yebo, kunjalo bandla, uJesu unguMsizi onamdnala, nathi masicela kuye!

2. Masimethembe yena! Bathandekayo eNkosini, amazwi okugcina kuyo intshumayelo yethu yanamuhla,

ayasifundisa ukuba simethembe uJesu, ngokuba nguyena onguMsizi onamandla.

Bandla, lapho thina sesehlulekile khona, kepha uJesu akehluleki, lapho sekumnyama khona kithi, singasaboni

phambili, uJesu ufika maqede kukhanya. Yebo, lapho thina sesiphelelwe ngamathemba, uJesu ufika maqede

kuvuke amathemba, uJesu uthi: Yiletheni kimi! Bayayiletha kuye. Kwathi umoya embona uJesu,

wayihlukumeza kakhulu. Masinyane yawa phansi emhlabathini, yazigingqa, ikhihliza amagwebu. Bandla,

lendoda yacela kuJesu, ithi: Sihawukele usisize, uJesu uthi kuyo: Ungasho ukuthi: Uma unamandla. Konke

kungenzeka kokholwayo. Lendoda yamemeza masinyane yathi: Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami!

Bathandeakyo uJesu unguMsizi onamandla, masimethembe,sithi: Jesu, yenza! uJesu wamkhuza umoya

ongcolileyo kumfana wathi kuye: Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye,

ungabe usangena kuye! Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma, wabanjengofileyo. Abaningi baze

bathi: Usefile. Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa, wasukuma.

Makholwa, kunjani kithi? Siyamethemba yini uJesu ukuthi unguMsizi onamandla na? Noma sethemba abanye,

noma okunye na? Bandla, ekuhluphekeni, ekuguleni okuyizinhlobonhlbo, nasekufeni, nathi masimethembe

uJesu njengaleyandoda. Yebo, abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSioyoni engenakunyakaziswa,

kepha imi phakade, amaH. 125:1.

Bandla ekugcineni abafundi bakaJesu, kubonakala ukuthi kubahlupha ukuthi bona babehluleka ukumkhipha

lomoya ongcolileyo kumfana. Bayambuza uJesu bebodwa bathi: Thina basingemkhiphe ngani lomoya na?

UJesu uthi; Loluhlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka kuphela. 1

Bandla, nathi masiqaphele, singangabazi ngokukholwa kwethu, uma sikhulekela umuntu othile, kodwa

engasindi, noma sikhulekelwa ngothile, kodwa singasindi kuso isifo esisiphethe. Bandla, asiphiki, kukhona

abaphiwe nguNkulunkulu iziphiwo ezithile, kodwa singaphiwa bonke abantu, njengazo zokuphulukisa

emzimbeni, njengokusho komphostoli uPawulu encwadini yakhe okuqala kwabaseKorinte, ukuthi: Ngokuba

omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowomoya, omunye

ukukholwa kuye lowoMoya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye, 1 Kor. 12:8-11l Kodwa

intethelelo yezono nensindiso nokuphila okuphakade kuphiwa bonke abantu abakholwayo nguJesu,

njengoMsindisi wabo, abakholwayo yintethelelo yezono etholakalayo embhapathizweni, nasesidlweni seNkosi

egameni loMthathwemunye.

UNkulunkulu uBaba wethu osezulwini, makasisize thina sonke esibuthene kulenkonzo, sisawezwa

lawamazwi, asiphe uMoya wakhe oNgcwele ukuba nathi simbone uJesu onguMsizi onamandla ekuhluphekeni,

ekuguleni, noma sisondela ekufeni, sicele kuye, futhi simethembe yena, singangabazi ngokukholwa kwethu,

sikholwe yintethelelo yezono, uNkulunkulu asilungisele yona ngokufa nangokuvuka kweNdodana yakhe uJesu

Kristu. Amen.

9. Umkhuleko: Nkosi, Jesu Kristu, Ndodana kaNkulunkulu, siyabonga, sibona izwi lakho elingcwele

esesilizwile nanamuhla. Nkosi, siphe uMoya wakho oNgcwele, kuthi sesilizwile izwi lakho, sikubone,

Jesu Kristu, wena onguMsizi onamandla. Nkosi, siza nezinhlupheko zethu kuwe, size usiphe ukuphila,

Nkosi, sihawukele, usisize, usiphe ukuphila, Nkosi, siza nezono zethu kuwe, siyacela: Usithethelele

ngenxa yokufa nokuvuka kwakho, Jesu Kristu. Nkosi, sisize ukuba sicele kuwe njalo, sikwethembe,

wena wedwa, usiqinise, wandise ukukholwa kwethu, size sifinyelele sonke ekusindisweni

kwaphakade, ngenxa yokuzalwa, nokufa, nokuvuka kwakho, Jesu Kristu, Msindisi wethu. Amen.

Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini ...

1 NgesiGreki akukhulunywa ngokuzila ukudla.

16. 10. 2011/ ngesonto 17 emva komkhosi wobuThathwemunye - 2 - 51a/2011

10. Iculo 189/193 noma182/190

Ukuthula kukaNkulunkulu odlula ukuqonda konke makulondoloze izinhliziyo zethu nemicabango yethu

kuKristu Jesu, iNkosi noMsindisi wethu. Amen.

Lentshumayelo ilotshiwe ngo-2011 ngu-F. J. Mtshali

Ukucindezelwa nokuthunywa kwezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangano ethiwa: Lutheran Heritage Foundation.

16. 10. 2011/ ngesonto 17 emva komkhosi wobuThathwemunye - 3 - 51a/2011

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!