23.07.2013 Views

wz1238120729 n Tr 8

wz1238120729 n Tr 8

wz1238120729 n Tr 8

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

IziNtshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni

Intshumayelo ngesonto 08 emva komkhosi wobuThathwemunye, ngomhla ka

29. 07. 2012 38/2012

Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana + noMoya oNgcwele.

1. Iculo 123/ 140

2. Umkhuleko: Nkosi Nkulunkulu othandekayo, siyakunxusa ukuba ube nathi

ngezikhathi zonke. Ngezikhathi zobunzima, nangezikhathi zenhlupheko nezezilingo.

Sifundise, Nkosi, ukuba silalele izwi lakho eliphilisayo, nokwazi ukuthi ngoKristu sahlengwa

thina ezonweni zethu. Yiba nathi, Baba onomusa nobubele. Amen.

3. Iphistola ngohlelo lwesibili lilotshiwe kwabase-Efesu 5:8b-14;

Ivangeli ngohlelo lokuqala lilotshiwe kuMathewu 5:13-16.

4. Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise ...

5. Iculo 125/ 142

6. Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo

7. Iphistola ngohlelo lwesine lilotshiwe ku-1 kwabaseKorinte 6:9-14.18-20, lithi: “Kepha

kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa.

Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,

namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki nabaphangi abayikulidla ifa lombuso

kaNkulunkulu. Bebenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa

ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu. Konke kuvunyelwe kimi,

kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa-lutho. Ukudla

kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha

umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba; kepha uNkulunkulu

wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. ... Balekelani ubufebe. Zonke izono

azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.

Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu yithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele

kuNkulunkulu kokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke

mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.” Amen.

29. 07. 2012 / ngesonto 08 emva komkhosi wobuThathwmunye - 1 - 38/2012

8. Intshumayelo: Bandla elithandekayo leNkosi yethu uJesu Kristu, namhla kulisonto

lesishiyagalombili emva komkhosi wobuThathwemunye. UNkulunkulu uBaba onomusa

uthanda ukuba asixwayise namhla ngezono zethu. Ngokunjalo uNkulunkulu uthanda ukuba

sazi ukuthi noma siyizoni kepha akathandanga ukusilahla ngenxa yezono zethu, kepha

wathumela iNdodana yakhe ukuba isihlenge ezonweni zethu. Umphostoli uPawulu uyasiyala

ukuba singakhohliswa yizinto zezwe, kodwa sibheke kuKristu yena ongumqali nomphelelisi

wezimpilo zethu. Izwi lanamuhla lithi: Masingadukiswa, kodwa sibambelele ezwini elithi!

1. Abangalungile abayikulidla ifa lombuso wezulu.

2. Kepha sahlanzwa, sangcweliswa, salungisiswa ngegama likaKristu.

3. Umzimba wethu uyithempeli likaMoya oNgcwele;

4. UJesu Kristu wasithenga ngegazi lakhe elinenani elikhulu

Ngakho masimbonge uNkulunkulu emizimbeni yethu.

1. Bathandekayo eNkosini, izwi likaNkulunkulu likubeka ngokuchachileyo ukuthi

abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Abangalungile ngabanjani na? Izwi

likaNkulunkulu kaningi liyabeka ngokusobala ukuthi abangalungile ngabanjani. Uma singenzi

lokhu okushiwo nguNkulunkulu, asibona abalungile phambi kobuso bakhe. Umyalelo

wesithupha usikhumbuza njalo ukuthi simelwe ukuba siziphathe kanjani. Iziphingi, izifebe,

izihlobongi, izidakwa nabakhonza izithombe yibona abangalungile, abangayikulidla ifa

lombuso kaNkulunkulu. Ngakho-ke masingadukiswa yilezi zilingo. Kepha zonke lezizono

ziphenduka zibe onkulunkulu kithina. Futhi ngazo lezizono kuvela izifo zezinhlobonhlobo,

ezihlukumeza umzimba, maqede kuvele ukufa. Konke lokhu kwenzeka kuwo umzimba

oyithempeli likaMoya oyiNgcwele. Ngakho-ke uma senza lezizono sisengozini yokukhishwa

embusweni kaNkulunkulu. Ngokunjalo futhi asimelwe ukuba sidukiswe, noma sikhohliswe

ngalezizono.

2. UJesu Kristu ukhona ngezikhathi zonke phakathi kwethu. Ongathi akekho phakathi

kwethu, ngabe ukhuluma iphutha. Uma sibheka umusa nothando olwavezwa kithina

esiphambanweni ngokufa kukaKristu, nokuthi wasimela phezu kokuba siyizoni phambi

kukaNkulunkulu. Esiphambanweni kulapho sahlanzwa khona ezonweni zethu, nanamuhla

uJesu usasimemela kukho ukuthethelelwa kwezono. Igazi likaKristu yilona elahlanza thina

29. 07. 2012 / ngesonto 08 emva komkhosi wobuThathwmunye - 2 - 38/2012

ezonweni zethu. Lokhu kungumusa kaKristu nothando uBaba wethu osezulwini asithanda

ngalo. Ngakho uKristu akagcinanga ngokusihlenga kuphela, kodwa wasingcwelisa ngomusa

wakhe ukuba siphile impilo ehlanzekile. Kusho ukuthini kithi, uma siphila impilo engeyona

lena uKristu athanda ukuba siphile yona na? Uma singaphili lempilo, sisengozini

yokukhishwa embusweni kaNkulunkulu.

3. UKristu ukhuluma ngomzimba oyithempeli likaMoya oNgcwele. Sizokhumbula ukuthi

kwasuka umsindo omkhulu phakathi kukaKristu kanye namaJuda. Uma ekhuluma

ngethempeli elingenziwanga ngezandla, kepha ngethempeli elingumzimba wakhe.

Wahlukunyezwa uKristu ngenxa yalawo mazwi, walinyazwa ngokunjalo, wabethelwa

esiphambanweni. Yilo lelithempeli akhuluma ngalo nanamuhla ithempeli elingumzimba

wakhe. Uma sona ngemizimba yethu, asoni kithina kuphela, kepha nakuye uNkulunkulu.

UNkulunkulu wasidala thina ngomfanekiso wakhe, kungani siphile impilo esingagunyaziwe

ukuba siyiphile na? Uma siphila impilo enjalo, sisengozini yokukhishwa embusweni

kaNkulunkulu. UJesu Kristu usasimema nanamhla ukuba sisondele kuye, ngoba thina

siyithempeli lakhe. Futhi nguye obusa lelithempeli thina ngokwethu asinamandla okulibusa.

4. Igazi likaKristu elaphalaza esiphambanweni, kwakungelona igazi nje, kodwa igazi

elinenani elikhulu. Lalingekho igazi elalingahlanza izono zethu ngenxa yobubi bethu.

ElikaKristu kuphela igazi elabanamandla okuthenga ububi bethu. Ake sibheke umusa ongaka

esawenzela iNkosi yethu. Sasingahlanganisile lutho noKristu embusweni wakhe, kodwa

ngesihawu sakhe, saphiwa intethelelo yezono. Muhle umusa kaKristu noma abanye bebona

sengathi uyize, kepha imisebenzi kaKristu iyabonakala phakathi kwethu. Futhi thina

esingamaKristu sazuza ngalomsebenzi singacelwanga ukuba sibambisane noKristu. Ngoba

ngemvelo yethu sasingebone abantu bokubambisana naye kulomsebenzi wokuhlengwa,

kepha uyena onegunya nophiwe amandla okwenza lomsebenzi. Ngakho-ke masingadukiswa

yizwe ezenzweni zobumnyama, kepha masazi ukuthi thina imizimba yethu iyithempeli

likaNkulunkulu.

Sengathi uNkulunkulu wethu osithanda sonke angasigcina njalo thina esiyizoni ukuba sazi

ukuthi nguye owasihlenga nosasihlenga namanje ezonweni zethu. Sazi ukuthi thina

asiziphileli thina, kepha owasifelayo esiphambanweni. Amen.

9. Umkhuleko: Baba wethu osezulwini, sesizwile izwi lakho, yandisa njalo izwi lakho

ezinhliziyweni zethu. Makuthi nalabo abangakaliqondi nabaphikisana nalo uthumele uMoya

wakho oNgcwele ukuba ukhanyise izinhliziyo zalabo abaphikisana nezwi lakho. Thina siyazi,

29. 07. 2012 / ngesonto 08 emva komkhosi wobuThathwmunye - 3 - 38/2012

Baba othandekayo, ukuthi ngaphandle kwakho singenze lutho, konke esikwenzayo,

kungumusa wakho kuphela. Silondoze njalo, Mninimandla onke, sifundise ukuphila impilo

ehlanzekile. Sazi nokuthi thina siyithempeli likaMoya oNgcwele. Konke lokhu sikucela

egameni leNdodana yakho ethandekayo uJesu Kristu obusayo manje naphakade. Amen.

Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini ...

10. Iculo 122/139

Ukuthula kukaNkulunkulu odlula ukuqonda konke makulondoloze izinhliziyo zethu

nemicabango yethu kuKristu Jesu, iNkosi noMsindisi wethu. Amen.

Lentshumayelo ilotshiwe ngo-2006 ngu-W. Maphalala (✝)

Ukucindezelwa nokuthunywa kwezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangano ethiwa: Lutheran Heritage Foundation.

29. 07. 2012 / ngesonto 08 emva komkhosi wobuThathwmunye - 4 - 38/2012

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!