24.04.2018 Views

SMME NEWS - APRIL 2018 ISSUE

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

SMME

NEWS

10

April 2018

Informal Trading

Uphosela inselelo kuhulumeni

wesifundazwe usomabhizinisi osafufusa

Nkosikhona Cele

UKHALA ngokunganakekeleki

kahle kosomabhizinisi

abancane, usomabhizinisi

waseMalawi ngokuzalwa kodwa

osezinze kuleli.

Lowo ngu-Alex Mselere oneminyaka

engu-27 yobudala. UMselere uziphilisa

ngebhizinisi lakhe lokuthunga

izicathulo aphinde ezidayise. Uthe

ufike eNingzimu Afrika eminyakeni

emihlanu eyedlule.

Uthe selokhu afika kuleli zwe kuningi

kakhulu asekuqaphelile. Okunye

kwakho athe kwavele kwamgqamele

ukutabalasa kakhulu kwabo bonke

osomabhizinisi abasafufusa bakuleli

zwe. Uthe okubuhlungu wukuthi

bonke bayatabalasa abasemalokishi

kanye nalabo abasemadolobheni.

Uthe ngokwakhe ukuze osomabhzinisi

abancane baseNingizimu Afrika

bafukuleke badinga ukungenelela

kukahulumeni wesif undazwe

iKwaZulu-Natal. Uthe uhulumeni

wesifundazwe yiwona kanye ongakwazi

ukuthi ubatotobise ukuze basizakale

nabo bakwazi ukuphakama.

Akhale ngakho kakhulu uthe

kunzima ukusimama kuleli zwe uma

unguSomabhizinisi omncane.Uthe

ziningi kakhulu izizathu eziyimbangela

yalokho. Phakathi kokunye athe

kuyingwadla okanye kuyinselelo

osomabhizinisi abancane bakuleli zwe

ababhekene nayo ukwanda kakhulu

kwezinxaxathela zezitolo emalokishini.

Lokhu uthe kugcina sekubaphuca

U-ALEX Mselere ephambi kwezicathulo zakhe azidayosayo.

iqatha emlonyeni, uthe uyakuqonda

ukuthi ngamamalls uhulumeni usuke

ehlose ukuthuthukisa leyo ndawo

nomphakathi olapho. Nokho kodwa

uthe kuyiqiniso elingephikwe ukuthi

amamalls mahle kanti futhi mabi.

“Kunzima kakhulu ukuba

nguSomabhizinisi osafufusa lapha

eNingizimu Afrika. Ziningi kakhulu

izinselelo ezikhona kuleli zwe.

Kodwa ngicabanga ukuthi kuningi

okuhle osomabhizinisi abancane

abangakuzuza uma kungathiwa

basebenzisana kahle nohulumemi

wesifundazwe.”

Okunye akhale ngakho ubugebengu

athe bugcwele kakhulu emalokishini,

uthe nakho kuyabathikameza

kakhulu bona njengosomabhzinisi

abasafufusa. Uthe lena yinselelo

uhulumeni wesifundazwe okumele

wenze isiqiniseko sokuthi ayigcini

seyithwalisa kanzima bonke

osomabhizinisi abancane.

“Ayikho into enzima ngaphezulu

kokuba nguSomabhizinisi omncane

osebenzela elokishini. Uvika

izigebengu ngaso sonke isikhathi. Uthi

uzama ukuthuthuka kodwa bavele

baqale phansi bona bakuphindisele

emuva.”

Wenze umzekelo ngozakwabo

athe babeziphilisa ngokukhandisa

omabonakude, uthe kwakuke

kugulukudele izinswelaboya lapho

abagcine khona izinto zabo. Uthe lokho

kwakudala ukuthi ukusebenza kwabo

kungayi phambili kodwa kunalokho

bagcine sebephenduka osomabhzinisi

abancane abagida ndawonye okuyinto

athe yabe ingeyinhle.

UMselere okunye athe kungabajabulisa

bona njengoSomabhizinisi

abasafufusa ukuthola imali

yokukhulisa amabhzinisi abo. Uthe

uyakuqonda ukuthi lokhu akulula

ukuba kungenzeka, nokho ke uthe

ukholwa wukuthi kungabasiza

kakhulu oSomabhizinisi abasafufusa

baseNingizimu Afrika ekutheni

bakhule nabo.

Uthe ayikho into enzima

njengokusungula ibhizinisi

uliqala phansi.Wathi yingakho

ekholelwa kakhulu ekutheni bonke

osomabhizinisi abancane bayakudinga

ukubanjwa ngesandla balekelelwe

ngokuthile ukuze nabo bezokwazi

ukuthi badlondlobale emsebenzini

abawenzayo wamabhizinisi. UMselere

uqhuba ibhizinisi lakhe lezicathulo

eChesterville, entshonalanga yeTheku

okuyilapho azinze khona ngokuhlala.

Services/classified

Data Collection & Analysis

Literature Review

Performance, Monitoring & Evaluation

Methodology

Academic & Market Research

Proofreading

Degrees, Hons, MBA, PhD & Business

Email: johnsonud2003@gmail.com

LOANS

Blacklisted, Garnish sametime

payout. Requirements, ID, 3

months bank statement, Latest

payslip.

Contact Mbali

060 473 2442

LOANS

Blacklisted, Garnish sametime

payout. Requirements, ID, 3

months bank statement, Latest

payslip.

Contact Zinhle

082 580 5556

LOANS

Blacklisted, Garnish sametime

payout. Requirements, ID, 3

months bank statement, Latest

payslip.

Contact Thabsile

060 312 3733

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!