SMME NEWS - JUL 2016 ISSUE
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
18 July 2016

SMME

NEWS

3

Bakha sengathi bawine

ilotto abase Ndwedwe

Xolani Nxumalo

KUBUKEKA sengathi imizi

yasemakhaya ase Ndwedwe, emuva

kweminyaka eyi 20 kusukela manje

iyokube isifana ncamashi nemizi

yomntakabani eseMhlanga, eThekwini,

uma ubuka uhlobo oluphambili

lwezindlu ezakhiwa kule ndawo.

I SMME News ibuka lezi zindlu

ithole ukuthi iningi lazo zakhiwa

yizinkampane zokwakha zabantu

bakhona eNdwedwe. Izindlu

eziyizitezi ziqaqele umgwaqo

omkhulu osuka eVerulam uphikelele

enkantolo eNdwedwe. Zikuheha useza

kude. Ngiqale ukuyazi indawo yase

Ndwedwe ngonyaka we 1981, ngiseyi

sisebenzi soMnyango wezoLimo.

Ngangihambela izifundo zomnyango

esikhungweni sokuqeqesha abalimi

esikule ndawo iNhlabamkhosi

Training Centre, eMsunduze.

Lesi sikhungo sakhiwa sanikelwa

kuHulumeni yiNhlangano kaShukela

i South African Sugar Association

(SASA), isaphethwe ngu Mnu. Anson

Lloyd, ngowe 1975. Sakhiwa kanye

nezinye ezimbili okuyi Nsingweni

Training Centre, eMthunzini,

ne Nyangwini Training Centre,

eMthwalume. Ngiqala ukuyibona

lendawo, imizi yakhona yayisafana

neminye nje ejwayelekile yasemakhaya.

Ngaleso sikhathi kwase kuqale

Umuzi wakwa Shozi eNdwedwe

umshikashika wokuyithuthukisa

lendawo ngokutshalwa komoba.

Ogandaganda benkampane yakwa

Sukumani babephambana emaqeleni

belima.

Ngibuye ngabuyela eNdwedwe

ngowezi 2007, sengiyi sisebenzi

senhlangano yabalimi bomoba

engaphansi kuka SASA, i South

African Cane Growers Association.

Ngaleso sikhathi ibisiqalile

ukushintsha lendawo, sekwakhiwa

imizi emihle ngendlela eyisimanga.

Bezisembalwa ngaleso sikhathi

izindlu eziyizitezi. Nalo mgwaqo

omkhulu oya enkantolo usufakwe

itiyela, kanti kudala beligcina nganeno

kwaseMsunduze. Itiyela liqale

ukufakwa emuva konyaka we 1994

uMnyango wezokuThutha usuphethwe

nguDkt. Sbu Ndebele, engakabi

nguNdunankulu wesifundazwe.

Nokho akukho simanga sezakhiwo

ebesise Ndwedwe enkantolo.

Bekunesitolo esisodwa KwaPhewa

lapho bengizithengela khona inyama

yenhloko. Izakhiwo ebezigqamile

ngezikahulumeni. Okungamahhovisi

amasha kaMasipala wakhona,

umtholampilo, inkantolo, nesiteshi

samaphoyisa. Amahhovisi amasha

oMnyango wezoLimo athe ukuqhela.

Obekudonsa abantu ukuba baye

eNdwedwe enkantolo, yizo izikhungo

zikaHulumeni. Ngibuye ngayishiya le

ndawo ngowezi 2008 sengiyozimela.

Sengisebenzela leli phephandaba i

SMME News kulo nyaka, ngiphindelile

umuzi wakwa Shange eNdwedwe

eNdwedwe sengiyohlela ukuthi

iphephandaba lizotholakala kuziphi

izindawo khona.

Ngibambe ongezansi sengidlula ko

Cotton-lands, Mthebeni, Msunduze

kuze kuyoshaya eNdwedwe enkantolo

ngendlela lendawo esiguquke ngayo.

Sekwakhiwe obhazabhaza bemizi

yohlobo oluphambili ongayithola

nako Zimbali. Iningi layo iyizitezi.

Emibili nje ethathe amehlo ami

ngowakwa Shozi nowakwa Shange.

Kunomunye udukathole womuzi

osesigodini sase Mkhukhuze

ongokasaziwayo kuleli, owasunguli

ma South African Traditional Music

Awards (Satma), uMnu. Dumisani

Goba. Nawo uyisitezi esikhulu

ongangena phakathi uduke. Nakhona

eNdwedwe enkantolo izinto sezijikile.

Sekunehholo lomphakathi elihle,

obhazabhaza bezitolo zenkampane

edumile, umtapo wezincwadi, kanye

nesikhungo samatekisi esisezingeni

eliphezulu. Njengoba ngishilo

ngenhla, yinikeze iminyaka engama 20

kusukela manje indawo yaseNdwedwe,

iyokumangaza.

Imashi yokulwa nobulwane

babantu eMandeni

Marvellous Zondi

IZIKHULU zomkhandlu wase

Mandeni ngokuhlanganyela namalunga

omphakathi wakulendawo basebenzise

inyanga yabantu abasha ukulwisana

nezidakamizwa, ukukhulelwa

kwabantu abasha, igciwane

lengculazi kanye nokuhlukunyezwa

kwabantu besifazane nezingane.

Phakathi kwezinhlelo zokulwisana

nale zizimo kubanjwe umkhuleko

ngosuku lwentsha eSibusisiwe

Hall. Lo mkhuleko wandulelwe

imashi ebisuka kuleli hholo yagudla

emigwaqeni eyisizinda sokuthengiswa

kwezidakamizwa kulendawo. Le

mashi yamukelwe ngenkulu injabulo

ngamalunga omphakathi njengoba

kuyiwona ayizisulu zezigameko ezifuze

obekulwiswana nazo.

Phakathi kwezikhulumi ebeziyingxenye

yale mashi ngu Siphesihle Zulu imeya

yomkhandlu iMandeni Municipality

kanye nosomlomo uNksz Makhosazane

Zungu abavuselele umphakathi

ngezinkulumo zosuku. “Kunezigameko

eziningi ezithinta ukuhlukunyezwa

kwabantu besifazane nezingane.

Siwumphakathi wase Mandeni

silwisana nalamagwala ahlukumeza

abantu besifazane. Yize sigxeka okubi

siphinde sincome umsebenzi omuhle

owenziwa amaphoyisa njengoba iningi

lalamagwala esezikhindini” kubeka

iMeya.

Sekuyinsakavukela ukwehla

kwezigameko zobulwane ikakhulukazi

zenziwa abantu abasha ngemuva

kokuthinta izidakamizwa.

Esigamekweni sakamuva kwelinye

lama lokishi ase Mandeni, i-Dark City

umfana ubulale uyise obenguthisha

wamfaka ngemuva emotweni.

Khonamanjalo kusanda kudlwengulwa

ingane eneminyaka eyisikhombisa

yacwiywa izitho zomzimba. Konke

lokho bekuyizinto ebeziwu mongo wale

mashi. “Sithi phansi ngezidakamizwa,

phansi ngokudlwengulwa kogogo,

phansi ngokukhulelwa kwabantu

abasha”, kukhala usomlomo ekhuluma

namalunga omphakathi abeyingxenye

yale mashi. Elinye lamalunga

omphakathi uMnu Siphamandla

Nzuza, obeliyigxenye yale mashi

ubonge izikhulu zikamaspala

ngokubuyela emphakathini ukulwisana

nalezigameko. “Kuyathokozisa ukuthi

bakwazile ukubuyela emphakathini

kuzoxoxwa ngezisombululo kuphindwe

kuqwashiswe abantu abasha, ngempela

into esidingeka umkhuleko manje

kuphela” kuqhuba uNzuza.

Isu labaLimi licobelela ngolwazi

lwezolimo abakwaMaphumulo

Yi Ntatheli ye SMME News

eKwaMaphumulo

INTUTHUKO elethwe

kwaMaphumulo kodwa ihamba

ngomgwaqo ingayi emakhosini ngoba

isaba amazolo, ngeke iwusize ngalutho

umphakathi waku lendawo ngokusho

kwesikhulu sendawo.

Lokhu kushiwo ngu Mnu. Sazi

Mhlongo ongumphathi wezinyanga

KwaZulu Natal ekhuluma emcimbini

obuhlelwe yinhlangano ISu labalimi,

libambisene noMkhonto Community

Trust ebhekelele ukuthuthukisa

izindawo zamaKhosi KwaMaphumulo.

Bekuzocotshelelwana ngolwazi ukuze

kufukulwe abalimi. Exoxa ne SMME

News uMnu. Mhlongo owake waba

nguthishanhloko wase Vukile High

School kwaMaphumulo, uthe, “Uma

kungukuthi lezi zinhlaka ezithi zizosiza

umphakathi waKwaMaphumulo

zikhuluma iqiniso, kobe kusho

ukuqala ukusebenzeka ezindaweni

zamaKhosi KwaMaphumulo njengoba

bethembisile ukuthi bazobasiza.

Thina njengobuholi boMdabu

KwaMaphumulo ngeke sakuthokozela

ukuthi kuhlanganwe kanje ngalolu

Inhlangano Isu labaLimi ivakashele abalimi bakwa Maphumulo

suku, sethenjiswe izulu nomhlaba,

bese kutholakala ukuthi lokhu

abakuthembisayo kakwenzeki”.

Nokho ikuthokozele lokhu induna

yalapha uMnu. S. Ntuli. No Sandile

Gwacela okuthiwe unguNobhala

wabantu abasha enhlanganweni

i NAFCOC KwaZulu Natal, uthe

kubaluleke kakhulu ukuthi abantu

abasha babambe iqhaza, bazibambele

mathuba ekuthuthukiseni umnotho

waseNingizimu Afrika. Wabakhuthaza

ukuba batholakale kwezomnotho

futhi bavele namakhono. USandile

Gxolo obhekelele ezokukhangisa

nokudayisa e- Ithala Bank, uthe

njengoba bebeyizimenywa kulo

mcimbi, ucabanga ukuthi indawo

yaKwaMaphumulo kuzoba

ngeyokuqala ukuba yakhiwe ibe

yidolobha. Uthe bona njenge

Ithala bank bebeze kulo mphakathi

ukuzofaka isandla ekufukula

kosomabhizinisi baKwaMaphumulo

ukuba bathuthuke kwezamabhizinisi.

USipho Ntuli woMkhonto Community

Trust, uthe bazizwa bethobekile

kakhulu uma becabanga inhlangano

enjengo NAFCOC iza kubo

ngenhloso yokuzobasiza ngolwazi

nokubambisana nabo njengabalimi

baKwaMaphumulo.