29.10.2018 Views

SMME NEWS - OCTOBER 2018 ISSUE

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

7 smme news the heartbeat of small enterprises

Kubalulekile ukuba namaphepha achaza kabanzi ngenani

odayisa ngalo, nazozonke izinhlaka eziphathelene nezezimali

ebhizinisini lakho. Lokhu kuzokunikeza ukuthula uma sekuvela

imibuzo efana nalena ethi ‘singenza njani uma..’

Ngaphambi kokuphendula isicelo se tender, kusemqoka ukuthola

umuntu ozokucubungelela sona. Abheke ukuthi ngabe ukufake

konke yini okudingakalayo.

Kuhle ukuhlukanisa izigaba ze tender ngokwabantu

abazosebenza ingxenye ethize yesicelo mase ubeka umuntu

oyedwa obizwa nge ‘Accounts Manager’ okunguyena

ozohlanganisa yonke imibono kuphunywe ne tender eyodwa

engu ngqo. Kodwa ke amanye amandla engabekwa ekomidini

lezezimali kanye nalelo elibhekelela ukwenziwa komsebenzi ngqo.

Ikomidi lokwenza umsebenzi libhekane ngqo nokuphendula

ingxenye yokwenziwa komsebenzi esicelweni se tender.

Ekugcineni ngu wena usomaqhuzu ozoba namandla okugcina

ngci ekuthenini leso sicelo se tender siyahamba no cha.

Ikomidi lezezimali libhekelela ukubona amandla enkampani

kwezezimali. Kumele bavume ukuthi ngabe izimali zikhona na

zokwenza lowo msebenzi thizeni. Ibona abakwazi nokubona

ukuthi ikhona yini inzuzo engenziwa uma isicelo sokwenza

umsebenzi siphumelela.

Bonisana nabakunikeza izinsiza uphinde uphenye kabanzi

ngezindlela ezintsha zokwenza umsebenzi owenzayo khona

uzohlale uyinyama kwabakudingayo.

Ukunqoba itender kungaphezulu kokuphendula imibuzo ebuziwe

nokuhambisa amaphepha akho ngesikhathi, kuthatha ubuhlakani,

iphupho kanye nokuqonda okudingakalayo kuwe.

Ezikhathini eziningi, indlela ophendula ngayo kumele bayibone

njenge sisombululo. Lokho kungadinga ukuhlanganisa

abantu abaningi ozosebenzisana nabo. Kudingeka ubhekane

nezingqinamba ngisho ezezimali. Konke lokhu futhi kuhlukile

ngamuntu ngamunye osebenzisana naye. Umsebenzi wakho

ukuhlanganisa, wenze kwenzeke ngendlela ofisa ngayo.

Ngomuntu ngamunye ozomsebenzisa kulesi sisombululo sakho,

ubunzima buya qonga, ikakhulukazi uma kudingeka inkampani

yaphesheya kwezilwandle. Lokhu kudinga ube namava

okuxoxisana nabantu.

Ekuzameni ukuhlolisisa ukuthi imalini okumele uyifake esicelweni

sakho nakhu okumele ukubheke,

• Ukuthi labo oqophisana nabo benzani? Babiza malini? Imalini

abangase bayifune ngalomsebenzi?

• Ngabe unamava kangakanani lowo ofake iskhangiso sokufuna

ama tender endimeni yakhe?

Ukuthola ulwazi kusemqoka kakhulu kodwa ukufaka isicelo

okuyisona sona yikhona okungakunqumela ukuthi uyayinqoba

noma cha le tender. Kudingeka ufunde indima okuyona kanye

nendima iclient yakho ekuyo. Ukuwina I tender kumele ungene

emqondweni wlowo ofake isikhangiso sokufuna abazofaka izicelo

zama tender.

Okokwengeza nje, kuzodingeka ube nolwazi olujulile lwezi

makethe, kudingeka uhlale ngasosonke isikhathi usesimweni

sokwazi. Kungabibikho okukweqa ngaphezulu ungazi ukuthi

kwenzakalani kumele wazi bonke abantu endimeni yakho,

uphinde uzazi wena amandla akho kanye nalapho oli klume

khona. Uma ama client engakuthembi ngabe engawenza yini

umsebenzi nawe na? uma ama client ekuthemba azokuthanda

nawo.

Izinto ezisemqoka okumele uzenze kuwina I-tender.

Mhla zingama-27 ku May 2003, uJohn Timperly, umbhali we

Winning Work, wanikeza lolulwazi olulandelayo ngokuhluka

kwakho kwabanye abantu nokunqoba itender. Unikeza ulwazi

olunzulu ekhasini lakhe le website www.winningwork.com

Ukuzama ukuqhamka nezizathu ezizwakalayo zokuthi kungani

kumele kukhethwe wen ne nkampani yakho iyona ndlela

yokunqoba. Uma uhluleka ukuveza kucace bha ukuthi kungani

kumele kukhethwe, ulindele ukuthi iclient yona ikubone kanjani

njengomuntu ongawenza umsebenzi? Kungani ungaqali

ngokubheka ukuthi yini eyenza wena nebhizinisi lakho nihluke

kwamanye.

Ukudlulisela kanjan ukwazi kwakho na? sicabanga ukuthi

usebenzisa kakhulu konke okuhle ngawe mase ukufaka phansi

esicelweni sakho se tender. Kunomehluko phakathi kobunjalo

bento kanye nendlela esicabanga ngayo.

Ake sibheke ezinye zezindlela zokunqoba itender:

Kunolwazi oluningi ongalusebenzisa ukuthola igxathu ngaphambili

kwalabo ofake nabo izicelo.

Noma ngabe abantu ofaka kubo isicelo abanalo ulwazi olunzulu,

kodwa sesinokubona ompetha bezimboni bemangaza abantu

abaningi ngolwazi nangokuqonda kwabo umkhakha abakuwona

ngokubheka ama client abanawo okanye abake baba nawo. Nazi

izinhlaka eziyisi Hlanu zokubheka kabanzi ngesikhathi esifushane.

Umbuzo onzima: Ngabe konke lokhu uyakwenza na?

• Ukubheka ireport yonyaka kanye namabhuku ezezimali. Lokhu

kuzokunika ulwazi oluningi ngenkampani ofakela kuyona isicelo

se tender.

• Bheka ikhasi labo le website kanye noshicilelo lwabo ukuthola

olunye ulwazi olunzulu ngenkampani yabo. Imfihlo yokuwina

• Vundulula okubhalwe ngenkampani ozofaka kuyona isicelo

emaphephandabeni kanye nemibono eshiwoyo ngalenkampani.

• Bheka awakho ama records ukubheka ubudlelwano ongaba

nakho ne nkampani ofaka kuyona isicelo. Kunokwenzeka ukuthi

kukhona lapho enihlobene khona nokuyinto ongayisebenzisa

ukuveza ukuthi nihamba endleleni eyodwa. Lokhu kungaba into

esemqoka kakhulu.

• Thola ulwazi lwangaphakathi ngendima, lokhu kukunikeza ulwazi

olunzulu ngokumele ukwenze ukuphumelela. Uma ungenalo

ulwazi olwanele, funda amabhuku akhuluma ngqo ngalendima.

Lokhu kusemqoka ukuthola ulwazi ngezinto ezenzekayo

ngaphakathi embonini kanye nolwazi lwezinto eziseke zenzeka

ongazisebenzisa ukuveza ulwazi onalo.

Ukunqoba i-tender #2: Bonakala njengo cabanga kakhulu

Akekho umuntu oqotho emsebenzini wakhe ofisa ukubonakala

njengomuntu ongenawo amava kwakwenzayo. Abaqotho

bazibuza ukuthi ‘Lokhu engikuhlinzekayo kungena kanjani

enkampanini engifuna ukuyinikeza khona?’ yenza njengoba benza

Bheka kusuka phezulu kuya phansi

Hlolisisa Amandla akho, ilapho obuthaka khona, amathuba kanye

nezithiyo (SWOT Analysis) abanye abasemkhakheni okuwo

ababhekana nawo. Bheka ibhizinisi ngeso lokhozi ukuze ubone

ubunjalo balo mase ukhuluma ngento onolwazi olunzulu ngayo.

Khanda isithombe sakho.

Manje ke bheka okuhlinzekayo, nokubekwa nguwena

etafuleni ubheke ukuthi kuyahambisana yini nokufunwa iclient

ngokuqaphela lokhu okulandelayo:

I-product/ nalapho edingeka khona

Amandla onawo okukwenza okanye okudingakalayo ukuze

ukwenze

Ubuchwepheshe ozokudinga okanye isipiliyoni

Ukunqoba i-tender #3: Hlakanipha ukudlula abanye

Ukucubungula kwakho izimbangi zakho kuncike kakhulu

ekubhekeni ama tender applications abake bawenza

ngaphambilini, ubheke izinto abazibalula njengalezo abahle kuzo,

ababuthaka kuzo njalo njalo. Lokho kuzokwenza ukwazi ukubona

ukuthi ikuphi lapho okumele ukhuphule khona amasokisi futhi

kukunike igxathu elingaphambili kunalelo lezimbangi zakho.

ZAMA LOKHU

Cubungulisisa kabanzi Amandla nobuthaka bezimbangi zakho

Iluphi ulwazi namakhono abanawo?

Iziphi izinto abazihlinzekayo, ulwazi Kanye namacebo abanawo?

Ikuphi abangenakho?

Imiphi imigudu abahamba ngayo?

Bheka inkambo yabo uhlolisise ubudlelwano babo nabanye

bakwamanye amazwe njengakwi ‘Nous’ ka Sherlock Holmes.

Phatha izinkinga ezinjalo ngokucophelela, uma kukhona

abanqaba nakho hlehla kahle ngaphandle kwempi. Uma

uzophokopheka ekufuneni kwakho ulwazi noma kunqatshwa nalo

kuzokwenza ungathembakali futhi ubukeke njengomuntu oyisilwi.

Ukunqoba iTender #4: ibakhona uma bekudinga

Hlolisisa umuntu ngamunye lokho abacabanga ukuthi

kusemqoka kubona kumele kube semqoka nakuwe. Bheka lokhu

okulandelayo:

Yini ebagcina bengalele ebusuku?

Iziphi izingqinamba ababhekana nazo? sector face?

Ingabaphucula kanjani?

Ngingasiza kanjani?

Umbuzo onzima: uyayazi impendulo? Uma ungayazi maningi

amathuba okuthi awulwenzanga ucwaningo olwanele.

Ukunqoba itender #5: Bazi msalofu

Bonke abathengi bakho banezinto ezihlukile abazithandayo,

Kanye nezindlela abafisa kuxhunywane ngazo. Ukukhuluma

kwakho nabo kumele kuvundulule izinto ezinhlanu ezifana nalezi

ezilandelayo:

Zama lokhu;

Yini umuntu ngamunye azama ukuyizuza

Ngingabasiza kanjani ukufinyelela lapho? (ngokwebhizinisi

nangokwabo eceleni)

Badinga imigudu enjani?

Basebenzisana kanjani nabantu abanabo njengamanje?

Ukubhekana nocabanga ukuthi kuyizingqinamba ezinkulu isiqalo

sofuna ukukuzuza. Okumele ukwenze manje ukuhlela imihlangano

yokuhlola ukuthi Labantu othi uzosebenzisana nabo bayibona

bona ngempela yini obadingayo.

Ukunqoba iTender #6: khombisa ukuthi osebenzisana nabo

bayawazi umsebenzi wabo

Iclient lakho lizobhekana neqembu osulihlanganisile ukwenza

umsebenzi walo ukubheka ukuthi ngabe nisebenzisana

ngendlela efanele yini. Ukuhlanganisa abantu ngabanye ubenze

iqembu elihlaba hlosile akusiwona umsebenzi olula neze.

Kodwa kusemqoka ukuthi lowo omenzela umsebenzi azi ukuthi

nikulungele ukusebenza, akekho umuntu ofuna ukusebenzelwa

ngabantu abangawenzi kahle umsebenzi. Okusemqoka kuwena

njengamanjeukubonisa ubuqotho, ukukhalipha Kanye namava

eqembu lakho

Ukunqoba itender #7: Zibuze lokhu futhi: Kungani kumele

kukhethwe mina?

Kusemqoka ukuzigcina ungaphambili kwalabo oqophelisana

nabo ngoba uma uke walahlwa isinqumo labo abazongena

ngaphambi kwakho nabo benza ngakho konke okusemandleni

ukuthi bengaphunyukwa iqatha emlonyeni. Kumele ubonise

ukuhluka kwakho Kanye namava oza nawo etafuleni.

Ukunqoba itender #8 – Yenza umhlangano ube seqophelweni

eliphezulu

Indlela oziveza ngayo emihlanganweni nowethula ngayo izinhlelo

zakho yenza kube lula ukuhlonza ukuthi ungumuntu olungile yini

ukuthi kusetshenziswane naye. Ukuveza amava akho kakhulu

lapho ninengxoxo khona kwenza ukuthi kubonakale ngampela

ukuthi nguwena umuntu okulungele ngempela ukuthwala

umsebenzi ofake isicelo sokuwenza. Ukuzimisela ngampela

emihlanganweni kukunikeza igama elihle kakhulu Abanqoba ama

tender basebenzisa lokhu okulandelayo:

Babhala izinto ezixoxiwe emihlanganweni ngenhloso

yokuzilungisa nokuziphucula. Baphendula ngokushesha

ezikhalazweni nakokushiwo basheshe bakulungise.

Babheka amathuba amasha ngasosonke isikhathi lapho

besemihlanganweni khona. Bafunda kakhulu ngobudlelwano

babo nezinye izinkampani.

Ukunqoba itender #9 – Hlanganisa amakhanda amabili

Lokhu kusho ukuthi hlala phansi neqembu lakho uzwe imibono

eyahlukene kubantu abahlukene ukuze uzokwazi ukuthola

nolwazi obungenalo okanye enye indlela yokwenza lokhu obufisa

ukukwenza.

Kodwa okusemqoka ukuqinisekisa ukuthi izigcawu

zokucobelelana ngalolu lwazi ziba ngezihlaba hlosile kakhulu

ngokubheka lokhu okulandelayo:

Okuqukethwe ezethulweni zakho (Presentation)

Indlela okwazi ukumbandakanya ngakhona abantu abasemqoka

Amava akho okuvula izigcawu zokucobelelana ngolwazi

Ukukhanga kwakho nabantu abayingxenye yesigcawu

sokucobelelana ngolwazi 9lokhu ukuthola ngokuzwa uvo lwabantu

ebenenza izethulo kubona)

Izethulo ezingekho ezingeni zingakhinyabeza amathuba akho

okunqoba itender. Badudule ngawo wonke Amandla onawo.

Ukunqoba iTender #10: Badwebele isithombe seminyaka

emibili besebenzisana nawe ukuthi izimpilo zabo

zingashintsha kanjani

Bafake ohambeni ngokomqondo ubabonise indlela izinto

ezizohamba kahle ngakhona uma besebenzisana nawe, ubabeke

esithombeni ngezinto eningazizuza ndawonye ngokuphendula

umbuzo othi ikuphi okuletha etafuleni? Yini ehlukile ozobengezela

yona? Bengabhekana kanjani nendima abakuyo ngendlela

ehlukikile?

Ukunqoba iTender #11 – Banxenxe ngobufakazi

Bakhombise ukuthi useke wasiza abanye abanezinkinga

bona ababhekene nazo njengamanje. Yiba isisombululo

sezinkinga zabo bezibone bengeke baluthola ndawo olunye

usizo ngaphandle kwalolo oza nalo wena. Khetha abantu

owasebenzisana kahle nabo ubenze ofakazi bakho ukuze uma

bebafonela bezokhuluma okuhle kodwa ngawe.

Ukunqoba iTender #12 – Bahlobanise nezimbangi zabo

ezinkulu

Ukubaqhathanisa nezimbangi zabo ezinkulu kungadweba

isithombe sokuthi uyayaz into oyenzayo. Bheka ukuthi yini

eyenziwa izimbangi zabo kabi okanye kancono kunabo. Dweba

isithombe sokuthi uzimisele ngokubenza ukuthi benze kancono

okanye bahlale beseqhulwini kontanga yabo.

Ukunqoba iTender #13 – Yenza bakulwele

Ukuvunywa nokuchaza iclient yakho iyona into esemqoka

nengashaya kakhulu izimbangi zakho. Yakha isithombe

sokwethembeka, nokuthembeka kwabantu osebenzisana nabo.

Lokhu kungaphinde kukuvulele amathuba amaningi kakhulu

okuthi usebenzisane ne client lakho ngokuzayo. Kodwa qikelela

ukwenza lokhu okuthathu okulandelayo

• Babuze ukuthi bazimisele yini ukukujaja ngendlela owenze

ngayo

• Qinisekisa ukuthi bajabule ngawe nangezinto ozenzayo

• Batshele kabanzi ngezinto ofisa ukuthi bazazi ngawe (Ngale

kwalokho bazozicingela bona izinto abafuna ukuzazi)

Ukunqoba iTender #14 – ‘Ubofika uzosibona uma unethuba’

Ukuletha ama client ehhovisi lakho indlela elula ukuqinisekisa

ukuthi uyabanqoba kwazise uzokwazi ukubheka izinto

onazo khona ongafisa bezazi nocabanga ukuthi zingakusiza

ukunqoba izinhliziyo zabo Indawo ohlanganela khona ne client

iletha isthombe sokuthi unamava kangakanani futhi ikunikeza

nethuba lokubazisa kulabo abasemqoka enkampanini yakho

ongafisa ukuthi babazi. Khombisa ukukuthakasela ukuba

nabo ukuze nabo bezokujabulela ukuba nawe. Ungasabi

ukubatatamisa ubahlanganise nabaphathi abakhulu okanye labo

abayiziphathimandla ezingaphezulu kwezakho. Qinisekisa ukuthi

uma befika wenza ngakho konke okusemandleni ukuthi uhambo

lwabo bengaluboni njengento ebachithela isikhathi.

Ukunqoba iTender #15 – Kunuka njengani lapha?

Ngaphezulu kwezingxoxo ezisemqoka ongaba nazo nama client

enye into esemqoka ukubheka abantu abavakashela izindlu

zenu, kumele bebone ukuthi abantu abanivakashelayo ngabantu

abasemqoka kakhulu kunabo okanye abasezingeni lenu ukuze

nabo bezobona ukuthi nisebenza ngampela. Kumele bebone

ezithombeni ezisemahhovisi okanye ezindongeni ukuthi abantu

abanivakashelayo ngabantu abasemqoka kakhulu ukuze nabo

bezokubona ukubaluleka kokusebenzisana nani.

Ukuthengeka – badayisele inqubekela phambili

nokukhuphuka izitebhisi

Into abangasoze bakuvezela yona ukuthi abantu abafaka izicelo

zokusebenzisana nenkampani ibona abasiza ukuthi bebhale

izikhangiso.

Iqiniso lokudayisa likanje, abantu bathenga kubantu

ababathandayo nalabo ababathembayo. Ngakhoke konke

kumele kube seshashalazini. Kahle kahle ama tender aqinisekisa

ukwazana kancono.

Ukuze ube ingxenye yenkampani thizeni ofisa ukusebenzisana

nayo kudingeka ube umuntu oyisisombululo sezinkinga abanazo.

Ngokujwayelekile, abantu basebenzisana nezinkampani

ezizohlinzeka amava abangenawo okanye abazosombulula

izinkinga ababhekene nazo. Uma wenze kanjalo ungathuki

uma kunqoba wena itender ngoba ubhekene nabanye

ongqondongqondo futhi bama tender abazibhekile nabo ngawo

abagabe ngenani nangamava ongenawo.

Isigaba esilandelayo ukufaka konke okuhle ngawe, okuhlinzekayo

Kanye nemisebenzi oyenzayo. Njengamanje uzoqala ukunqoba

okungena mkhawulo kodwa labo abangaphezulu kwakho

ngokwamaqophelo nabo abamile bayaqhubeka nokunqoba

ngendlela yabo nabo.

Uma usuqala ukusebenza ngokuzikhandla imisebenzi

izobe isizizela yona ama client azoqala ekhulume ngawe

ngokuthi nguwena umuntu owaziyo umsebenzi wakhe futhi

abangakujabulela ukusebenzisana naye.

ISIPHETHO

khumbula ukuthi ngaphambi kokuthumela isicelo se tender

kumele ufundisise imigOMO nemibandela ngokucophelela.

Akumele ubone sekudlule isikhathi ukuthi wathumelela isicelo

sokwenza into ongeke ukwazi ukuyenza. Ngoba maningi

amathuba okulahlekelwa inkontileka mase kuphoqa ukuthi

ukhokhe izindleko.

FUNDISISA KAHLE YONKE INTO UQINISEKISISE UKUTHI

KONKE OKUQUKETHWE SIKUFISELA INHLAHLA

issue no. 23

OCTOBER 2018

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!