26.02.2013 Views

IsiZulu - Treatment Action Campaign

IsiZulu - Treatment Action Campaign

IsiZulu - Treatment Action Campaign

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Imithi

yesikhathi esizayo

Emva kwamashumi eminyaka enqubekela phambili encane, imithi emisha

ye-TB isisendleleni ekugcineni. Kodwa-ke, ezinye izinselele zizodinga ukuthi

ngaphambi kokuba le mithi ifinyelele emtholampilo wangakini.

Amakhulunyaka esifo sofuba silokhu singelapheki.

Kwase kuthi, phakathi kweminyaka yo-1940 no-1970

ukutholakala kwama-antibhayothiki amasha kanye

nokwelashwa ngenhlanganisela kwashintsha

yonke into. Sasinemithi, ngakho-ke kwakuyindaba

yesikhathi nje ukuthi siyihambise futhi siyisebenzise

ngendlela elungile. Ngeshwa lokhu kulula ukukusho

kunokukwenza.

Ngemuva kuka-1963, lapho kwakutholakala ikilasi Elisha

lemithi ye-TB, ukwenziwa kwemithi emisha kwabe

sekuma ukwenziwa kwemithi emisha. Kwakungesikho

nje ngeminyaka yo-1990, lapho ukuvela kokungazweli

emithini kwe-TB (DR-TB) kwashayisana nobhubhane

lwe-HIV e-United States naseYurophu, abacwaningi

kanye nezinkampani ezenza imithi zavuselela uthando

lwazo lokwenza imithi engcono ye-TB .

Kusukela ngalesi sikhathi ucwaningo lokwelashwa

kwe-TB seluvuseleleke kabusha. Manje sesinemithi

emisha esendleleni ezayo eshumini leminyaka.

Izinhlanganisela eziyisithpha ezivela emakilasini

emithi evele ikhona nemisha iyahlolwa ezinhlolweni

zokwelapha, okwamanje nezifundo zangaphambi

kokwelashwa . Imithi esivele ikhona ebisetshenziswa

ngaphandle kwelebuli (ngamanye amazwi, izinhloso

ezingagunyazelwe) ukwelapha i-TB sezihloselwe

futhi ukuze zifinyeze ubude bokwelapha, ukunciphisa

imiphumela elimazayo, nokwenza ngcono imiphumela

yokwelapha.

Izinhlanganisela eziqhubeke kakhulu zokwelapha

yi-TMC207 (i-bedaquiline esandokuqanjwa kabusha)

evela kwa-Tibotec kanye ne-OPC-67683 (i-delamanid

eqanjwe kabusha) evela kwa-Otsuka Pharmaceuticals.

Zombili izinhlanganisela zisesigabeni esesihambe

kakhulu zezinhlolo zokwelapha. Onyakeni, izinkampani

kulindeleke ukuthi zifune imvume yokusebenzisa le mithi

ekwelapheni i-DR-TB.

Injabulo ngalezi zinhlanganisela iqedwa ukukhathazeka

ngokuthola imvume yokulawula emhlabeni jikelele

kungenzeka kube inselele. Kuncike ekutheni amazwe

aziguqula kanjani izidingo zawo zokulawula, amandla

okuxilonga, kanye nezinhlelo zokwelapha i-DR-TB, le

mithi ingathatha iminyaka ukuthi ibe khona jikelele

emazweni lapho i-TB iwububhane khona.

TMC207

I-TNV207 seyiqhubeke kakhulu nokwenziwa, ngakhoke

onke mehlo aseku-Tibotec. Inkampani seyiqalile

uhlelo lokusebenzisa ukuzwelana nokwandisa

uhlolo lokufinyelela ekufinyeleleni kwangaphambi

kokugunyazwa ezigulini ezinokhetho lokwelashwa

olunomkhawulo noma ezingenamuthi wokwelashwa.

Lezi zinhlolo zezinhlelo bezisetshenziselwa

izidambisigciwane kanye nemithi yomdlavuza. Kodwake,

akukho muthi we-TB oke wenziwa ukuthi utholakale

ngale ndlela. I-TMC207 ngakho-ke isewudaba lokuhlolwa

ukuqinisekisa ukufinyelela okunokwenzeka kusheshe

emuthini owethembisayo ngesikhathi kuqinisekiswa

futhi ukuthi usetshenziswa ngendlela

efanele.

Ukukhathazeka ukuthi uma

izinhlanganisela zisetshenziswa

ngendlela engafanele – nemithi

ehambisanayo embalwa esebenza

ngempumelelo – kuzoba nezinhlobo

ezintsha zokumelana nemithi ze-TB

ezingavela ngokushesha. Lokhu

kungabeka umkhawulo emtheleleni

wesikhathi eside wananoma

yimuphi umuthi obhubhaneni.

Kudingeka sizivume lezi zinselele

ndawonye nesidingo esiphuthumayo

sokuqinisekisa ukufinyelela emithini

Siyayidinga i-TMC207

Nakuba i-TMC207 isahlolwa,

ulwazi njengamanje

olutholakalayo lube

nomthelela ezigulini eziningi

ezine-TB engazweli emthini

wokuthi ziyafuna ukuwuphuza

lo muthi ukwenza ngcono

ithuba lazo lokuphila

nokunciphisa isikhathi

sokwelashwa. Izishoshovu

zicele i-Tibotec ukuthi lo muthi

iwenze ukuthi utholakale,

kodwa selokhu kungakenzeki.

UKULWA NE- TB

23

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!