26.02.2013 Views

IsiZulu - Treatment Action Campaign

IsiZulu - Treatment Action Campaign

IsiZulu - Treatment Action Campaign

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UKULWA NE- TB

26

Umxhumanisi

wezokuqeqesha u-

Gregory Hoedemaker

ukhuluma

nabasebenzi

njengengxenye

yohlelo lokuqwashisa.

Isithombe ngomusa

we-South African

Clothing and Textile

Workers’ Union.

Onyakeni owedlule, i-SWHP yandile yanikezela uhlelo lwe-TB

oluphelele, kubandakanya imfundo yasemsebenzini kanye

namaseshini okuqeqesha. “Besihlola uhlelo lokwelapha i-TB

emadolobhenikazi aseNtshonalanga Kapa”, kusho u-Nikki

Soboil, Umqondisi we-SWHP. “Iyabasebenzela ... abasebenzi,

futhi nabaqashi bajabule kakhulu.”

Lusebenza kanjani Uhlelo Lwe-

SACTAWU Lwezempilo Emsebenzini?

1. Ukuqeqesha

Abaqeqeshi be-SWHP bavakashela izindawo zokusebenza

zonke izinsuku ukuyokwenza amaseshini ezemfundo

e-TB ne-HIV efemini. Lezi zingxoxo zivamise ukwenzeka

kuphuzwa itiye noma ngelantshi enkantini. Njengoba isikhathi

sinomkhawulo, abaqeqeshi bethula imiyalezo esebenzisekayo

“yokuya ekhaya” egxile ekuvimbeleni, ekwaziseni abasebenzi

ngokulawula ukutheleleka okuyisisekelo kanye nezimpawu

zesifo se-TB. Abaqeqeshi bashiya amaphosta kanye nezinye

izinto zokukhuthaza ukulawula isifo, ukuhlunga kanye

nokuhlolwa.

Ukwengeza kulezi zingxoxo, i-SWHP ihlosele futhi amagosa

okuqeqesha okujulile. Amagosa aya emihlanganweni

yokufundisana emibili ukuya kwemithathu emahhovisi

enyunyana, akhava i-HIV, TB kanye namalungelo endaweni

yokusebenza.

2. Ukulawula isifo

Ngesikhathi samaseshini ezemfundo efektri, abaqeqeshi

be-SWHP bakhuthaza izindlela eziyisisekelo zokulawula

ukusabalala kwe-TB, njengokuvula amafasitela, ukukhwehlelela

kuthishu kanye nokugeza izandla. I-SWHP futhi

ikhuluma nabaphathi befektri ngokulawula isifo. Lokhu

kungabandakanya ukuphakamisa amalambu e-UV, amathishu

noma ukungena nokuphuma komoya okungcono. I-SWHP

ikwazile ukunikezela amafektri ngokokukhipha ijeli engenaalkhoholi

yokugeza izandla. Abaqeqeshi bakhuthaza amalungu

e-SACTAWU, asebenza embonini yezimpahla zokugqoka

nezindwangu, ukuthi basebenzise iziqephu zendwangu

ukwenza amasayiduku.

3. Ukuhlungelwa nokuhlolelwa i-TB

Abaqeqeshi ngokwenjwayelo bahlungela iqembu i-TB, bebuza

abasebenzi ukuthi kukhona yini izimpawu zesifo abanazo.

Amathimba onesi kanye namakhansela angaqeqeshiwe

balandelela lokhu kuvakasha zonke izinsuku ukuhlola

nokuhlungela i-TB.

Ukuhlowa kwe-TB kubandakanya izitsha zokuqoqa

isikhwehlela endaweni yokusebenza noma uma abasebenzi

bevakashela umtholampilo we-SWHP ukuyohlola. Uma

imitholampilo ye-SWHP ikude, abasebenzi badluliselwa

emtholampilo woMnyango Wezempilo ukuyohlola. Kulezi

zimo, unesi ovela ku-SWHP uyafona ukuhlola ukuthi

umsebenzi useyilandile yini imiphumela yakhe yokuhlolwa.

Uma imiphumela yesikhwehlela ingenayo i-TB kodwa

umsebenzi enezimpawu zesifo zokwelashwa ze-TB, i-SWHP

yenza ukuhlolwa kwamabhaktheriya bese bemdlulisela kuma-

X-reyi umsebenzi uma kudingeka.

4. Ukwelashwa kwe-TB

Umtholampilo we-SWHP e-Salt River yiyona kuphela indawo

yokwelapha i-TB okungesiyona ekahulumeni, nengazimele

eNtshonalanga Kapa. Abasebenzi bangakhetha ukuthi

bazokwelashwa yi-SWHP noma emtholampilo wasendaweni

woMnyango Wezempilo. Amalungu e-SACTAWU amaningi

kakhulu ahlolwe atholakala ene-TB elashwa kusetshenziswa

umtholampilo we-SWHP ngaphandle uma behamba noma

besebenziea kude. Kuze kube namhlanje, i-SWHP inezinga

lokuphilisa elingama-100%.

U-Soboil uthi impumelelo yohlelo lokwelapha lusizwa

ukubambisana okuhle kanye nethimba elizinikele.

“Ukubambisana kubalulekile ngempela ... . Umnyango

Wezempilo ... usixhumanisa nemitholampilo ethize ngenxa

yalokho siyakwazi ukudluliseka kalula. Siyakwazi ukuthola

imithi kalula futhi amakhithi ethu okuhlola siwathola kubo.

Kufanele kube nokubambisana okuthize kungenjalo angeke

kusebenze.”

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!