26.02.2013 Views

IsiZulu - Treatment Action Campaign

IsiZulu - Treatment Action Campaign

IsiZulu - Treatment Action Campaign

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

UKULWA NE- TB

24

ye-TB enezinguquko kubantu abafayo. Kunezingxoxo

eziningi kangangokuthi kungahlinzekwa kangcono

kakhulu lokhu kufinyelela – ngaphambi nangemuva

kwemvume – nokuthi singaqiniseka kanjani ukuthi

iziguli ziyazuza ezinhlelweni zeqophelo eliphezulu

ezingenayo imingcele engenasidingo. Khona lapho,

kufanele kuthathwe izinyathelo ukubeka umkhawulo

kanye nokuqapha ukuvela kokungazweli emthini.

Kunomsebenzi okubhekenwe nawo wokusebenzisa

ngendlela efanele umuthi omusha okungesiwona nje

Nangale kwenqubekela

phambili esandukwenzeka

ocwaningweni lomuthi we-TB

kufanele sihlale siqaphele

ekwethembeni kwethu. Yize

imithi manje esenziwa kuyiyona

ethembisayo emashumini

eminyaka, ayikakeneli ukuqeda

i-TB njengesabisa izimpilo

Isithombe yi-Jose Cendon/Médecins Sans Frontières.

zomphakathi. Asinalwazi

oluqoqiwe lokuthi le mithi singayisebenzisa kahle kangakanani

ezinganeni nolwazi olunomkhawulo ngokuthi ingahlangana kanjani

nokwelashwa ngezidmbisigciwane. Ngenxa yalokhu, labo bantu

kunokwenzeka ukuthi baguliswe isifo esibi kakhulu kungadingeka

ukuthi balindele imithi emisha. Ukwethembisa ukuthi imithi emisha

isendleleni nokuthi kufanele silungiselele ukuyinikezela ngempumelelo

noma nini uma idingeka.

Umuthi Ukusetshenziswa Isigaba Isimo

Ukwenza izinloso ezintsha zemithi evele ikhona

rifapentine + isoniazid LTBI ukufinyezwa kokwelashwa Isigaba II Uphelile

isoniazid LTBI Isigaba III Ukuhlaziywa kolwazi

rifapentine DS-TB ukufinyezwa kokwelashwa Isigaba II Ukubhalisa

rifapentine + moxifloxacin DS-TB ukufinyezwa kokwelashwa Isigaba II Ukubhalisa

moxifloxacin DS-TB ukufinyezwa kokwelashwa Isigaba III Ukubhalisa

gatifloxacin

Imithi emisha

DS-TB ukufinyezwa kokwelashwa Isigaba III Ukuhlaziya ulwazi

AZD5847 TBA Isigaba II Awukabhaliswa

PNU-100480 DR-TB Isigaba II Awukabhaliswa

SQ 109 DS-TB/ DR-TB Isigaba II Ukubhalisa

PA-824* DS-TB Isigaba II Ukubhalisa

OPC-67683*(delamanid) DR-TB Isigaba IIb Ukuhlaziya ulwazi & Nokulandelela iziguli

TMC207*(bedaquiline) DS-TB Isigaba II Ukubhalisa

DR-TB Isigaba IIb Ukuhlaziya ulwazi & Nokulandelela iziguli

LTBI = Ukutheleleka nge-TB Elele; DS-TB = I-TB Ezwela Emuthini; DR-TB = I-TB Engazweli Emuthini

* Kukhonjiswa ekilasini lomuthi omusha

owabenzi kuphela. Izinhlelo ze-TB kuzwelonke kanye

nabakhankasi bokwelashwa babamba iqhaza elikhulu

ekwethulweni ngempumelelo kwananoma yimuphi

umuthi omusha noma uhlobo olusha. Izinhlelo ze-TB

kufanele ziqinisekise ukunikezela okuthembekile

kwemithi yeqophelo eliqinisekisiwe kanye nokufinyelela

ngesikhathi ekuhlolweni kokungazweli emthini.

Ukusheshe kuxilongwe i-TB kubalulekile ukuze

kufakwe iziguli ekwelashweni okulungile, kuncishiswe

ukuthelelana, kanye nokwenza ngcono imiphumela

yokwelapha. Abakhankasi kufanele bafune ukungenelela

okwethembisayo kwezinhlelo zikazwelonke,

kubandakanya ukwenziwa kwezinqubomgomo

zokuqondisa ukuqala kwazo ukusetshenziswa.

Imithi emisha yezingane

Izingane zenza cishe ama-20 omthwalo we-TB

emhlabeni jikelele. Lokhu mhlawumbe kuwunikeza

izibalo ezincane ngenxa yobunzima bokuqinisekisa

ukuxilogwa kwe-TB ezinganeni. Futhi zisengozini

ekhulile ngokuqhubeka kwesifo ngokushesha. Kodwa

kuze kube manje ayikho kulezi zinhlanganisela ebisike

yahlolwa ezinganeni. Izingane kufanele zisheshe zifakwe

ohlelweni lokwenziwa kwemithi ukuze nazo zizosizakala

emithini emisha. Kunesidingo esisha futhi socwaningo

oluthe xaxa ekuphepheni nasekusebenzeni kahle

ngokusebenzisa imithi ekhona njengamanje ye-NDR-TB

ukwelapha izingane ezinokungazweli emithini ye-TB.

Imithi evele ikhona kanye nemithi emisha ye-TB ezinhlolweni zokwelashwa kusukela ngoJuni 2011

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!