26.02.2013 Views

IsiZulu - Treatment Action Campaign

IsiZulu - Treatment Action Campaign

IsiZulu - Treatment Action Campaign

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

IZINDABA BRANCH ZAMAGATSHA

NEWS

28

Izindabazegatsha

Ngu-Luckyboy

Mkhondwane

Fundisa intsha

nge-HIV

Akwanele okwenziwa ezikoleni zethu ukufundisa intsha

esencane nge-HIV, ubulili, ukukhulelwa kwentsha

kanye nokuvinjelwa kwezifo ezithathelwana ngocansi

(ama-STI). Lolu udaba olubaluleke kakhulu njengoba

intsha esencane, njengawo wonke umuntu, isengozini

yokutheleleka uma iya ocansini.

Amalungu eGatsha le-Treatment Action Campaign

(TAC) eKatlehong South bebekhathazekile ngezehlakalo

eziphezulu zokukhulelwa kwentsha esencane

endaweni yawo. Babekhathazekile futhi ngemibiko

evela emtholampilo wasendaweni okhombisa ukuthi

inamba enkulu yezingane zasezikoleni eziphakeme ziza

emtholampilo zizofuna ukwelashelwa igonoriya, i-STI

ejwayelekile. Banquma ukuthi kufanele benze okuthize

bese bephakamisa lolu daba nabalingani be-TAC.

UNthabiseng Maretlane Umkhankasi Wezempilo

Emphakathini we-TAC ovela eKatlehong South.

Esebenzisana noDikeledi Senong, ongumsebenzi

Wokufundisa Ngokuvimbela Nokwelashwa we-TAC

uMaretlane sebebhekene nenkinga. Bobabili baqale

ukunikezela amaseshini ezemfundo akhava ukukhulelwa

kwentsha esencane, ama-STI, HIV kanye noshintsho

I-TAC ikhumbula u-Xolani Khumalo

Ilungu lesikhathi eside le-TAC uXolani Khumalo ushone ngomhla

ka-13 Juni 2011. UXolani, Umsebenzi Wokufundisa Ngokuvimbela

Nokwelashwa eMgungundlovu, wajoyina i-TAC ngonyaka ka-2004.

Ngonyaka ka-2009 waba nguMkhankaseli Wezempilo Emphakathini

we-TAC, akabe nguye kwaze kwafika isikhathi sokudlula emhlabeni.

UXolani wayenamandla kakhulu futhi

esebenza kanzima. Uzokhunjulwa

kakhulu ngumndeni wakhe, abalingani

bakhe emsebenzini, amalungu egatsha

nomphakathi. Sengathi umphefumulo

wakhe ungalala ngokuthula.

Isithombe ngu-Luckyboy Mkhondwane.

lwendlela yokuziphatha eKatlehong High School kanye

neThuto Pele High School. Bobabili izitshudeni kanye

nothisha ezikoleni ezimbili balwemukele uhlelo.

Amaseshini ezemfundo anikeza izitshudeni iplatifomu

yokukhuluma ngokukhululeka ngobulili bocansi kanye

nezinselele ababhekana nazo njengentsha esencane.

Kaningi bacabanga ukuthi abakwazi ukuxoxa ngalezi

zindaba nabazali babo nothisha. Njenoba uMaretlane

noSening bobabili kungabesifazane abasebancane,

kulula ukuthi intsha ikhulume nabo.

“Izitshudeni ziyakhuluma kakhulu futhi ziyajabula uma

zikhuluma ngezindaba zobulili nezobulili bocansi, kanti

nezinga labo lokuhlanganyela liyathokozisa kakhulu,”

kusho uMaretlane. “ Kodwa badinga imfundo enkulu

kakhulu ezindabeni ezifana ne-HIV, ama-STI kanye

nobulili bocansi.”

Intsha esencane ayikwazi ukuhlukanisa phakathi

kwe-HIV ne-AIDS, kusho uMaretlane, ngisho bazi

ukuthi i-HIV idluliswa kanjani. “Ukukhathazeka kwabo

okukhulu” eqaphele, “ukukhulelwa.”

“Ngingathanda ukulubona lolu hlelo luphuma luya kuzo

zonke izikole eziphakeme endaweni,” kusho uMaretlane.

“Ikakhulukazi ne-HTC-(HIV Counselling and Testing)

ephakanyisiwe emkhankasweni wezikole, njengoba

izitshudeni zizozilungeselela kangcono ukuhlolelwa

i-HIV nangokusebenzisa uhlelo banganikezwa amandla

okwamukela isimo sabo uma behlolwe baba phozithivu.”

I-TAC ikhumbula uSithembiso Mkhize

Ilungu lesikhathi eside le-TAC uSithembiso Mkhize ushone ngomhla

ka-17 Juni 22011. USithembiso wajoyina i-TAC ngonyaka ka-2002.

Ubengumsebenzi Wokufundisa Ngokuvimbela Nokwelashwa

we-TAC eThekwini. USithembiso ubebandakanyeka emkhankasweni

oyimpumelelo owenziwa yi-TAC wokuqinisekisa

ukwelashwa ngama-ARV kweziboshwa eJele

lase-Westville. Ngesikhathi edlula emhlabeni

uSithembiso ubeqashwe yiNyuvesi yaKwaZulu-

Natali eMgungundlovu. Sengathi umphefumulo

wakhe ungalala ngokuthula.

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!