SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches
SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches
SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches
You also want an ePaper? Increase the reach of your titles
YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.
Lomhlaba: Yikhaya Lethu,

Yisipho Esivela Kumdali

Izifundo zebhayibheli nezinkonzo zalomkhosi

zixhumanisa ukholo nezemvelo
LOMHLABA:

YIKHAYA LETHU, YISIPHO

ESIVELA KUMDALI

Izifundo zebhayibheli nezinkonzo zalomkhosi zixhumanisa

ukholo nezemvelo

Social Justice Season 2003

Diakonia Council of Churches
AMAZWI OKUBONGA

Sifisa ukudlulisa ukubonga kwethu kubo bonke abasixhasile ekubhalweni

kwalelibhukwana. Sibonga imikhuleko yabo nokuzinikela kwabo

kulomsebenzi. Ikakhulu sibonga abophiko lokubhekela ubulungiswa

kwezendalo i-Environmental Justice Desk ngaphansi kwenhlangano

yababhishobhi bamaKhatholika i-Southern African Catholic Bishops’

Conference (SACBC) – uBrother Lewis Tsuro, uDawn Linder, uFr. Efrem

Tresoldi kanye no Fr. Donal O’Mahony, okuyibona abasihlanganisele

lencwadi. Sifisa futhi ukubonga uSue Brittion wenhlangano yamabandla i-

Diakonia Council of Churches ngomsebenzi awenzile wokuhlela incwadi.

Singelibale yiqhaza elibanjwe amalungu eqembu lokulungiselela lomkhosi

walonyaka, elisebenze ngokuzinikela liyifunda liphindelela incwadi

ukuqinisekisa ukuthi amaphutha amaningi ayalungiseka.

Siphinde sibonge kakhulu kulamabandla angezansi, ngeqhaza alibambile

ekusebenziseni lencwadi ngenhloso yokuhlaziya nokuhlola ukuthi ngabe

ikulungele yini ukusetshenziswa emabandleni.

Christ the King Catholic Church (Wentworth); Dutch Reformed Church

(Amanzimtoti); Uniting Reformed Church (KwaMakhutha); Evangelical

Lutheran Church (Ntuzuma); St. John the Baptist Anglican Church (Pinetown)

and Trinity Methodist Church (La Lucia).

Sibonga uNicholas Sibisi owenze umsebenzi omkhulu ekuhumusheni

incwadi ngolimi lwesiZulu, kanti umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi

ihumusheke kahle wenziwe ngu Zolile Machi no Siyanda Mkhulisi.

Okokugcina sibonga abephephandaba i-Independent Newspapers

ngokusivumela ukusebenzisa isithombe sabo esisekhasini 20.

August 2003

Diakonia Council of Churches

PO Box 61341 Bishopsgate 4008 South Africa
OKUPHAKATHI

ISINGENISO 5

AMAZWI ABHEKISWE KUBAHOLI BAMAQEMBU 7

UHLELO LWENKONZO 8

Uhlelo lwezinkonzo kanye nezifundo

zebhayibheli

ISAHLUKO 1

■ Ubuhle, nokwahlukahlukana kanye

nezimangaliso zendalo 9

ISAHLUKO 2

■ Izinselelo zomhlaba wonke ngezemvelo 18

ISAHLUKO 3

■ Izinselelo zezemvelo ezindaweni zethu 28

ISAHLUKO 4

■ Ukwakha uhlelo 38

Okokwengezela

Uhlelo lwezinkonzo nezifundo zebhayibheli

ISAHLUKO 1

■ Ubuhle, nokwahlukahlukana kanye

nezimangaliso zendalo 45

ISAHLUKO 2

■ Ukungcola nenkunkuma 49

IZINHLANGANO NEZINCWADI EZINOSIZO 60
UMYALEZO OVELA KUSIHLALO WE DIAKONIA

Ubudlelwane bethu nezendalo kubandakanya ubudlelwane bethu

nabanye abantu kanye noMdali. Kumele sivume ukuthi asiwenzanga

ngokuphelele umsebenzi wethu wokukhuthaza ukunakekelwa

kwazo zonke izidalwa ezisemhlabeni. Eqinisweni thina sisonke,

omunye nomunye, sibe nesandla ekucekelweni phansi kwendalo.

Lokhu kube ngenxa yezenzo zethu kanti nangakho ukungenzi lutho.

Sishaye sengathi asiboni lapho kwenziwa izinto eziyingozi

emphakathini kanye nendalo yonke.

Isikhathi sesifikile sokuba sizinikele ngokuphelele emsebenzini

wethu wokunakekela indalo. Umkhosi walonyaka wokwenza

ubulungiswa (Social Justice Season) usinika inselelo yokuba

singagcini nje ngokuzindla ngezinkinga esibhekene nazo, kepha

sisukume senze okuthize ukuguqula isimo. Lomkhosi

uyasikhumbuza ukuthi konke okulapha emhlabeni kungcwele,

ngakho ke kudinga ukuphathwa ngenhlonipho.

Siyanibonga futhi sinihalalisela nina kanye namabandla enu

ngokuyamukela lenselelo. Sikhulekela ukuthi ukuzinikela kwenu

nemisebenzi enizoyisungula kungaba yisibonelo esihle kuwo wonke

umphakathi wamakholwa waseThekwini.

Sengathi uNkulunkulu anganibusisa aniphe ukuqonda

ngesikhathi nisebenzisa lelibhuku, ukuqonda ukuthi ‘Lomhlaba,

yikhaya lethu eliyisipho esivela kuMdali’.

Bishop Rubin Phillip

USIHLALO

We-Diakonia Council of Churches

4
ISINGENISO

Zine izinto ezincane emhlabeni,

kepha ezihlakaniphe kakhulu:

izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,

kepha zikwazi ukuzibekela ukudla kwazo ehlobo;

izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,

kepha zikwazi ukwakha izindlu zazo emadwaleni;

izinkumbi azinankosi,

kepha ziphuma zonke ngamaviyo;

isibankwa ungasibamba ngesandla,

kepha sitholakala ngisho ezindlini zamakhosi. – Izaga 30:24–28

Lezizifundo zebhayibheli kanye nezinkonzo zilungiselelwe ukusetshenziswa

emabandleni aseThekwini ngesikhathi somkhosi wobulungiswa

(Social Justice Season) ngenyanga ka Agasti ku 2003. Nokho

lezizifundo zikulungele ukusetshenziswa yinoma yiliphi iqembu

elifisa ukwenza okuthile ngezinkinga zemvelo. Lokhu lingakwenza

ligxile okholweni nokulalela ukuthi uNkulunkulu uliholela ukuba

lenzeni.

Isiqubulo salomkhosi sisikhumbuza ukuthi ngempela lomhlaba

esihleli kuwo asizakhelanga wona kepha uyisipho esivela kuMdali.

Leli yikhaya lethu, okungukuphela kwalo.

Esahlukweni sokuqala sizogxila siveze ubuhle, izinhlobonhlobo

zendalo kanye nezimangaliso zayo. Isisekelo salezizihloko kuzobe

kungukholo lwethu lobuKhristu.

Esahlukweni sesibili sizovumbulula ezinye zezinselelo umhlaba

obhekene nazo, ezingacekela phansi ubuhle bendalo kaNkulunkulu.

Sizohlola imikhakha ethile efana nokwenyuka kwezinga lokushisa

emhlabeni, ukungcoliseka kwamanzi nezinye izindlela abantu abacekela

ngazo phansi balimaze imvelo. Kuliqiniso ukuthi abanye

abantu abaqondi ngengozi abayenzayo endalweni. Nokho abaningi

bazi kahle kepha ngenxa yomona kwezomnotho, ukuphangelana

ngezikhundla noma uqondo wokuthi “anginandaba”, bayaqhubeka

nokucekela phansi imvelo.

Isahluko sesithathu sincike esiqubulweni esithi “lapho ucabanga,

bhekelela izwe lonke, kepha uma wenza okuthile, yenze izinhlelo

zendawo yangakini”. Sizobheka izihloko ezithile eziyinselelo ngokwezindawo

zethu bese sibheka ukuthi ngabe umuntu ngamunye

5
ubophezeleke kanjani kwimvelo kusukela ezintweni ezincane kuya

kwezinkulu.

Esahlukweni sokugcina sizohlolisisa izindlela ezingabangcono

ukuzisebenzisa ekuzibophezeleni nokubhekana nalezizinkinga ebesizindla

ngazo ezahlukweni ezintathu ezedlule. Lokhu kuzosiza ekubhekaneni

nezinkinga zemiphakathi yethu ngempumelelo.

Lezizifundo zebhayibheli nezinkonzo zibandakanya ukuxoxisana

kwamalungu eqembu ngokolwazi lwawo, ukubonisana ngemininingwane

ewubufakazi bezinto ezenzekayo, ukucobelelana ngezindatshana

abazaziyo, ukwabelana ngezahluko zebhayibheli, ukucobelelana

ngemibhalo yamanye amaKrestu. Kanti akugcini lapho amalungu

anikwa nenselelo yokwenza okuthile ngezinkinga akade exoxisana

ngazo.

Kukhona nezibonelo zezindlela ezinokusetshenziswa ukugubha

izinkonzo amabandleni ukusiza ukugqamisa izinto zemvelo.

Emuva kwesahluko sokugcina, sizothola eminye imininingwane

nemibono eyengeziwe ngezinto zemvelo. Lemininingwane eyisengezo

inokusetshenziswa nanoma nini ngenkathi yalomkhosi wobulungiswa

kulesisiqubulo esithi: “Lomhlaba: Yikhaya lethu, yisipho esivela

kumdali”.

Kunezinye izibonelo zokugujwa kwezinkonzo ezifakwe njengesengezo

ukuze zisetshenziswe yibandla eliphelele noma ngamaqembu

amancane agxile kulesisiqubulo salomkhosi.

6
AMAZWI ABHEKISWE KUBAHOLI BAMAQEMBU

Uma uhola iqembu elisha, kubalulekile ukuthi uchithe isikhashana

emhlanganweni wokuqala usiza amalungu eqembu ukuthi azane.

Lapho umema abantu eqenjini, ubacele baphathe amabhukwana

abo okubhala amaphuzu abalulekile, amapeni kanye namabhayibheli.

Ukufunda indima yebhayibheli noma isahluko esithathwe ezincwadini

ezahlukene kuvame ukunikeza ulwazi olusha.

Isahluko ngasinye sihlelelwe ukuthatha amahora amabili. Izikhathi

ezibekiwe zengxenye ngayinye yezahluko, zizoya ngokuthi

iqembu lingakanani nokuthi lidinga isikhathi esingakanani.

Izigaba zesahluko ngasinye zimiselwe ukusetshenziswa njengezibonelo

zezingxoxo. Amaqembu awalindelekile ukuthi azenze zonke

izigaba ngobunjalo bazo. Ibhukwana leli lizosetshenziswa njengesisekelo

sokwelekelela amabandla ukuveza eyawo imibono.

Indlela yokukhuthaza ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza ezingxoxweni,

kungaba ukuthi amaqembu angabi nabantu abangaphezu

kwesikhombisa. Uma iqembu lakho linabantu abangu 13, kungabangcono

ulehlukanise amaqenjana amancane.

Khuthaza wonke umuntu ukuthi akhulume ngokuthi ubajwayeze

ukuthi baxoxisane emaqenjini amancane, babe ngababili noma ngabathathu.

Azikho izimpendulo okuthiwa “ezifanele”. Njengoba umuntu

ngamunye ebaluleke ngendlela yakhe yedwa, futhi ngamunye enolwazi

olwehlukile, ngokunjalo nendlela aqonda ngayo ukholo lwakhe

yehlukile. Ngakho ke:

• Lalelisisa ngenhlonipho umuntu ngamunye.

• Vumela bonke abantu ukuthi bakhulume ngalokho abafuna

ukukusho, noma ngabe akukuphathi kahle noma ungavumelani

nakho.

• Amanye amaphuzu nemibono ingashuba kakhulu ize ithikameze

imimoya yabanye abantu, zama ukwehlisa umoya,

ukhuthaze iqembu ukubhekana nomsebenzi ophambi kwalo.

• Yamukela imibono yabanye, uNkulunkulu angakumangaza

ngemibono emisha.

7
UHLELO LWENKONZO

Inkonzo iyisicongo lapho yonke imisebenzi yabantu bakaNkulunkulu

ibhekiswe khona. Futhi ingumthombo lapho kugcwele khona amandla

okomoya. Inkonzo yenza abantu bazizwele izimangaliso zika-

Nkulunkulu, yenza bazwakalise ubunye babo kuJesu kanye nokujula

ngomsebenzi wokusabalalisa umbuso kaNkulunkulu emhlabeni.

“Kungabe angigcwalisanga izulu nomhlaba na?” Kusho iNkosi.

(Jeremiya 23:24). Kungalesisizathu imvelo nendalo yonke kumqoka

ekugujweni kwenkonzo.

Ngesikhathi senkonzo abantu kufanele bakhohlwe yizo zonke

izikhundla nezigaba zempilo. Okusemqoka enkonzweni ukuhlanganyela

ngokuphelele. UNkulunkulu akayidingi inkonzo, kepha ngabantu

abayidingayo. Inkonzo kufanele yakhe ukuhlanganyela kwabantu

noNkulunkulu, ukuhlanganyela omunye nomunye kanye

nendalo kaNkulunkulu. Sifanelwe ukwakha isimo esamukela wonke

umuntu.

Kulezizinkonzo zalomkhosi, sifisa ukusiza abantu ukuthi bazihlanganise

nendalo kaNkulunkulu, kanye nokuthi bamukele umsebenzi

wabo wokuthunywa nguNkulunkulu wokuba yizinceku nezithunywa

zendalo. Sibizelwe ukuhlonipha umhlaba.

Kungasiza ukuthi iqembu noma amabili ayingxenye yalezizifundo

acelwe ukusiza ekuhleleni izinkonzo zeSonto ngalinye elilandelayo,

esebenzisa izibonelo zezinkonzo ezisekugcineni kwaleso naleso sahluko,

noma eziyisengezo ekugcineni kwalelibhukwana, noma eyabo

imibono ngokwambulelwa ulwazi ngendalo kaNkulunkulu kanye

neqhaza labo kuyona. Izifundo zangamaSonto ezifakwe lapha zikulungele

ukusetshenziswa ezinkonzweni kodwa ibandla lingaziqokela

ezinye izifundo ezihambisana nesihloko salelo nalelo Sonto. Amaculo

afakwe ekugcineni kwesahluko ngasinye ayizibonelo nje eningazisebenzisa

ngesikhathi senkonzo.

8
isahluko

1 NEZIMANGALISO

UBUHLE, NOKWAHLUKA-

HLUKANA KANYE

ISINGENISO

Ukuthembeka kwakho kukhulu, Nkulunkulu baba,

Konke ebengikweswele, isandla sakho singiphile.

Ihlobo nobusika, intwasahlobo nekwindla,

ilanga, inyanga nezinkanyezi emkhathini,

zikanye nendalo yonke zifakazela

ukwethembeka kwakho okukhulu, isihe nothando.

imizuzu

elishumi

ZENDALO

– Thomas O. Chisholm 1866-1960

Umholi

Lezizifundo zebhayibheli kanye nezinkonzo zilungiselelwe ukusetshenziswa

emabandleni aseThekwini ngesikhathi somkhosi wobulungiswa

(Social Justice Season) ngenyanga ka Agasti ku 2003. Nokho

lezizifundo zikulungele ukusetshenziswa yinoma yiliphi iqembu

elifisa ukwenza okuthile ngezinkinga zemvelo. Lokhu lingakwenza

ligxile okholweni nokulalela ukuthi uNkulunkulu uliholela ukuba

lenzeni.

Isiqubulo salomkhosi sisikhumbuza ukuthi ngempela lomhlaba

esihleli kuwo asizakhelanga wetshenziswa kwezindlela zokulima

ezingadala ukuguguleka ngesivinini esikhulu komhlabathi ovundile?

Abezolimo basitshela ukuthi kuthatha iminyaka engamakhulu amahlanu

ukubuyela kweyintshi elilodwa lomhlabathi ovundile ongaphezulu,

uma kade sewonakele.

Lokho okwashiwo nguNkulunkulu ngomprofethi uJeremiya eminyakeni

engaphezu kwezinkulungwane ezimbili nohhafu edlule

kuyafakazelwa ezikhathini zethu:

9

imizuzu

engu-15

imizuzu

UKUJULA NGOMCABANGO

Ngamunye fundani futhi nizindle ngalemibuzo engezansi

UJesu uvamise ukuchaza ngobuhle kanye nezimangaliso zemvelo

lapho ekhuluma ngoNkulunkulu. Umzwilili awuwi ngaphandle

kolwazi lukaBaba (Mathewu 10:29). Izimbali zasendle zembethe

kangcono kunoSolomoni nobukhazikhazi bakhe (Mathewu 6:25-33).

Imvula nelanga kuvela kuNkulunkulu (Mathewu 5:45). Umoya kanye

namanzi kuphethwe nguNkulunkulu (Luka 8:22-25).

Mhlawumbe singathola ingcebo enkulu yodumo lukaNkulunkulu

ngezemvelo encwadini yamaHubo. Inkondlo ngayinye kulezi zama-

Hubo, ineminyaka engaphezu kwezinkulungwane ezimbili ikhona,

kanti sezibe umgogodla ekudumiseni uNkulunkulu emakhulwini

eminyaka eyedlule. Lezizinkondlo ziwumongo wokudumisa emphakathini

wamaJuda lapho zavela khona ngokunjalo nasemiphakathini

yamaKrestu. Bheka amaHubo 104, akunikeza isithombe somhlaba

ekwakhiweni kwawo: ubuhle bezintaba zawo, imihosha, imifula

kanye nezilwandle. Yonke into inendawo yayo kanti okumilayo, izilwane

kanye nabantu kwanelisekile. Akumangalisi ukumemeza

komhlabeleli lapho ethi: “O Nkosi, uyababazeka umehluko owenzile,

ngokuhlela zonke izinto ngokubuhlakani!”

1. Zama ukubheka ukuxhumana phakathi kwalokhu okulandelayo:

amanzi, umhlaba, umoya, izinyoni, izilwane kanye nabantu. Uma

okunye kwakho kulimazeka kanzima, ngabe kukukhinyabeza

kanjani okunye?

2. Kungayiphi indlela ozibona uyingxenye, noma ungesiyona ingxenye

yomhlaba? Cabangisisa ukuthi kungani kukanjalo.

Eqenjini lilonke

Xoxani ngalokho enikwaziyo okwenzeka endaweni yangakini ngaphansi

kwaloludaba olungenhla.

engu-15

10

imizuzu

engu-5

imizuzu

INDATSHANA

Ilungu leqembu linokufunda kakhulu indaba elandelayo.

Bese kunikezwa imibuzo ekuqhubeni ingxoxo

Busuku bumbe ngenyanga ka-Okthoba u-Clive wayehamba ehla ngomgwaqo

ogudle ulwandle, uhambo lwakhe kwakungelona olobuhle.

Wayevakashela umngani wakhe omkhulu owayegula kakhulu.

Inyanga yayigcwele, u-Clive wezwa ukukhazimula kwayo kumupha

ukuthula enhliziyweni yakhe. Umhlaba wawukhazimula; izihlahla

namatshe kukuhle. Umoyana ohelezayo wawuqhamuka olwandle

unephunga lomswakama. Lapho efika kumngani wakhe ogulayo

wathola kuyena ukuthi naye wayebuzwa lobobuhle bangalobobusuku.

Ngefasitela wayebona ukukhazimula okwakulethwa

ukukhanya phezu kolwandle maqede kuthumele imisebe emhlophe

phakathi kwezihlahla. Ngenkathi u-Clive ehlezi eceleni komngani

wakhe ogulayo, kwabe sekuzwakala inyoni icula ekukhanyeni

konyezi. Emuva kwezinyangana, umngani kaClive wathi kuyena,

“Ngangicabanga ukuthi lobuya busuku babungobokugcina kimina.

Kepha ngenkathi ngizwa umculo wenyoni ungena ngefasitela,

kwangikhanyela ukuthi ngizokuba ngcono”. “Angikhulumi kakhulu

ngezinto ezinjena, kepha, ngazizwela ukuthi bonke lobuya buhle

kanye nokuthula kwakuluthando lukaNkulunkulu. Bonke ubuhle

thina bantu esibuthokozela kakhulu nangokukhululeka ukwedlula

imvelo, buyikhethini nje emuva kwalo okunguNkulunkulu wesihawu

nothando”.

Ukuzindla umuntu ngamunye

. . imizuzu

engu-5

engu-15

Eqenjini elikhulu

1. Xoxa nganoma isiphi isehlakalo lapho owake wabuzwa khona

ubukhulu nobukhona bukaNkulunkulu endalweni.

2. Bhala ezinye zezindawo lapho uJesu ekhuluma khona ngezinto

zemvelo:Izihlahla, izulu, izimbali nokunye. Kungabe ngalobubufakazi

ubona ukuthi sinokuqonda imicabango kaJesu ngezemvelo?

Uma kunjalo, ungakubonisa kanjani ukucabanga kwakhe?

Kungabe kusemqoka ngani lokhu emhlabeni wanamuhla?

11

imizuzu

engu-5

UKUJULA NGOMCABANGO

Umuntu ngamunye akafunde futhi azindle ngalokhu

okulandelayo

Abantu kanyenendalo yonke kuxhumene kakhulu. Ulwazi lwezesayensi

yesimanje selwenze okuningi ekwakheni kabusha umlando

womhlaba – okubonakala kungumsebenzi osuqhubeke iminyaka

eyizigidigidi; nokungumsebenzi odidiyela umhlaba, impilo kanye

nabantu, sengathi kwakuyizahluko ezintathu zancwadi yinye.

Umongameli we-Queen’s College e-Cambridge, eNgilandi, kanye

nosomaqhuzu kwezolwazi lwezesayensi, u-John Polkinhorne usanda

kuthola umklomelo wamadola ayisigidi ngolwazi lwakhe olujulile

ngobudlelwane obuphakathi kwesayensi nezenkolo. Ebhala ngenqubo

yokudalwa komhlaba, u-Polkinhorne uphawula ukuthi uNkulunkulu

ukhona kuzo zonke izinto ezisemhlabeni. “Umoya ka-

Nkulunkulu ongashabalali ukhona ezintweni zonke” (Wisdom-iZazi

12:1 etholakala ebhayibhelini elibhalwe ukuthi ngelaseJerusalema).

Sinokubona futhi lokhu kuxhumana ehubeni elikhulu labaseKolose.

Akukona nje kuphela ukuthi zonke izinto zidalwe ngoJesu, kepha

zonke izinto kufanele zibuyisane ngaye. NguKristu kuphela: uyikho

konke futhi usezintweni zonke (abaseKolose 3:11).

Kepha imvelo ayinakufaniswa noNkulunkulu. Imvelo inomkhawulo

futhi iyaguquguquka. ‘Kunesikhathi sokuzalwa, nesikhathi

sokufa, isikhathi sokutshala nesikhathi sokuvuna” (Umshumayeli

3:2). Nomakunjalo, siyasho ukuthi uNkulunkulu ukuyona yonke

imvelo, futhi yonke imvelo ikuNkulunkulu.

Ngalokhoke lapho thina bantu sicekela phansi izinto zemvelo,

umphumela wokuqala owokuthi sibulala ubukhona buka-

Nkulunkulu (Thomas Berry). Lokhu kusenza siqiniseke ngokuphelele

futhi samukele ukuthi impilo yabantu esizukulwaneni esizayo

izoshabalala uma singavikeli sisimamise impilo yezinye izinto zemvelo;

nokuthi kungeke kwabakhona ukuthula emhlabeni ngaphandle

kokuba siqale sibuyisane nendalo.

Kulenkathi yanamuhla sifanele ukucabanga ngezinto ezithinta

umhlaba wonke. Kufanele sihlole izenzo zethu negalelo lazo ezintweni

zemvelo. Siyophendula phambi kukaNkulunkulu ngokunakekelwa

komhlaba. Kungumsebenzi wethu ukuzama ukulungisa umonakalo

osuwenzekile, nokuvikela indalo sibuyisele amanoni omhlaba.

12

imizuzu

imizuzu engu-10

engu-30

Eqenjini lonke

Xoxisanani ngalokho okunithintile kulesifundo esingenhla.

OKUFANELE SIKWENZE

Kunombhalo owaziwa kakhulu othi

‘UNeru wayebamba eyeka, akenza lutho ngenkathi idolobhakazi lase-

Roma lisha lingqongqa’. Abanye bangathi inkinga ka-Neru kuseyinkinga

ebhekene nemiphakathi eminingi yabazalwane banamuhla.

Abantu bayazi ukuthi kunenkinga malungana nezemvelo, kepha

kuncane abakwenzayo. Yebo, bonke bangavuma ukuthi kufanele

kunikezwe imiyalo: “Landela indlela yemvelo”; “Ungazikhi izimbali

zasendle”; “Akungabaswa umlilo; akumiswa amatende”; “Ungabhukudi

lapho kumi iduku elibomvu”; ‘Ungangcolisi; ‘Qaphela lapho

usebenzisa amanzi’ nokunye. Kepha, akukho migomo ecacile yokuzibophezela

kwebandla noma komphakathi kulezizinto.

Njengamabandla kufanele sifunde ukuhlalisana ngokuzwana

omunye nomunye kanye nendalo kaNkulunkulu.

1. Singakujulisa kanjani ukuqonda kwethu ngezendalo, sibuye sizimisele

ukufunda ebuhlakanini babantu bezinkolo namasiko

ehlukene?

2. Singayisebenzisa futhi siyikhuthaze kanjani inkolelo yobunye

nokubaluleka kwemvelo engasiza ekujuliseni ulwazi lwethu

ngobungcwele yonke indalo?

3. Singaqinisekisa kanjani ukuthi njalo sihlale siba nezinkonzo

zokudumisa zikhuthaze ukunakekelwa kwemvelo?

4. Singakukhulekela kanjani ukuthula, ubulungiswa kanye nokusebenzisa

ngobuhlakani izimfanelo ezilusizo kanye nebandla

noma neqembu lethu, ukukhuthaza ubunceku obunokunakekela

umhlaba wethu?

Umhlahlandlela

1. Ukwenza ucwaningo ngezemvelo mayelana nempahla noma

umhlaba okusetshenziswa yibandla. Ngabe kusetshenziswa ngendlela

ekukhuthaza ukunakekelwa nobuhle bemvelo?

2. Ukuhlanganyela nabanye-intsha, amaqembu ezemvelo esifundeni

sakithi nakuzwelonke, ososayensi, ochwepheshe bezomnotho,

13
abezenhlalakahle bemikhakha ehlukene kanye namabandla,

bonke abasebenzela ukulondoloza ukulingana kwendalo.

imizuzu

elishumi

Ukuvala

Umholi

Njengoba sesiqedile isahluko sokuqala lapho besigxile ebuhleni,

izinhlobo ezehlukene zendalo kanye nezimangaliso zayo, sethemba

ukuthi sizogubha ngokujabula konke lokhu enkonzweni yangeSonto.

Kulapho sizokwazi ukusho kakhulu ngokungahlonizi sithi “Yebo”

kuNkulunkulu ngendalo yonke. Kuyisipho esihle kakhulu asiphe

sona uNkulunkulu njengabantu. UNkulunkulu ukhona kuyona yonke

indalo. Ngalokhoke umuntu ngamunye kumele azinikele ukusebenzela

ukuvikela nokonga imvelo, hhayi kuphela ukuthi kusizakale

thina kepha nezizukulwane ezizayo.

Hlanganyelani emkhulekweni nihube ihubo lokugubha

inkonzo

(Uma ninesikhathi ningasebenzisa isibonelo senkonzo esingemuva

kwalelibhukwana).

UHLELO LWENKONZO

Yenzani umdladlwana ngendaba yomuntu enimazi njengomngani

omkhulu wezilwane nendalo. (Kungakuhle ukuyibhala phansi ukulungiselela

labo abazodlala kulomdlalo).

Isibonelo: indaba ka Francis Ocwebileyo wase-Assisi, lendaba

ningayilingisa.

Ufrancis wayengumngani omkhulu wendalo, kanti futhi ungocwebileyo

(uSanti) odumile kwabadala nabancane bezinkolo zonke.

Izindaba ezinigni zokuzwana kwakhe nezilwane, nokusondelana

kwakhe nendalo, uthando lwakhe loMdali kwamenza abize zonke

izinto zemvelo ngodadewabo nabafowabo, isibonelo, umfowethu

uLanga; udadewethu uNyanga; umfowethu uMlilo; udadewethu

uManzi njalonjalo.

Ezehlakalweni eziningi zobudlelwane bakhe kanye nezinyoni

nezilwane, sikhethe indaba eyodwa ekhuluma ngoFrancis oCwebileyo

nempisi yase-Gubbio.

Ningakhetha umuntu ozoxoxa lendaba. Abanye baqokelwe ukulingisa,

isibonelo, ozolingisa uFrancis, owesimame owamholela empisini,

iqulu labantu, impisi, izibukeli enkundleni njalonjalo. Izinto

14
ezingasiza kungaba imidwebo yelanga nenyanga nezinkanyezi,

ikhophi yomkhuleko ka FrancisoCwebileyo: “Ngenze ngibe ithuluzi

lakho loxolo” noma umkhuleko wakhe wokudumisa owaziwa

ngokuthi “Ihubo lezidalwa” (The Canticle of the Creatures). Ningavala

ngomdanso noma ngeculo lokujabula.

Indaba ka-Francis oCwebileyo nempisi yase-Gubbio

Ngolunye usuku uFrancis wasuka e-Assisi ehamba ngomgwaqo omkhulu

obheke e-Gubbio. Ekufikeni kwakhe edolobheni wezwa ngamahlebezi okuthi

kukhona impisi edume ngokweba edolobheni futhi ebulala izingane ezincane.

U-Francis wabuza kubantu ukuthi ukuphi umhume wayo. Abantu bendawo

ngokwesaba bamangala. Ubani owayengaphuma aye emhumeni wempisi?

Ekugcineni, kwavela owesimame owathi uzohamba no-Francis ayomkhombisa

umhume wempisi.

Bobabili banqamula phakathi kwequlu labantu elalimangele baze bayophuma

ngamasango edolobha. Iqulu nalo lalandela kancane buqamama.

Bathi lapho befika ejikeni lomgwaqo owesimame wakhomba idwala elilengayo

elaliphakeme kakhulu lisebuqamamana. Wathi “ngaphansi kwalaphaya”

wasesondela ku-Francis. Ngenkathi besondela edwaleni, bengazelele

bezwa ukugwavuma kanye nokugidizela komhlabathi. U-Francis wabona

impisi iza ngolaka iqonde ngqo kubona. U-Francis wenza uphawu lwesiphambano

elubhekise ngakuyo impisi. Wabe esedonsa umoya kakhulu wasuka

waya kuyo impisi.

Impisi yehlisa ijubane yagcina ngokuma nse. U-Francis wama bude buduze

nempisi wayibuka ngothando. Kwaphazima intukuthelo emehlweni empisi

yaqala yalungisa imihlathi yayo isiconsa namathe. U-Francis wakhuluma wathi:

“Mpisi mfowethu, egameni likaJesu, uMnewethu, ngizokulanda. Siyakudinga

edolobheni. Laba bantu bafike nami ukuzocela wena owesabekayo, ukuba

uzokuba ngumvikeli we-Gubbio. Ngalokho sizokuhlonipha sikunikeze indawo

yokukhosela isikhathi sonke sokuphila kwakho. Njengophawu lokuzibophezela

kulesisethembiso ngikunikeza isandla sami”.

Impisi yehlisa umdlwenga, yabheka phansi ngamehlo ayo ayebomvu

okwegazi. Yabe seyisondela kancane iya kuFrancis maqede yaphakamisa isadladla

sayo yasibeka esandleni sikaFrancis. Bobabili uFrancisi nempisi bama

bebambene kanjalo isikhathi eside. Ekugcineni, u-Francis wafola wayigona

impisi. Emuva kwalokho basuka bobabili nomnewbo omusha babuyela equlwini

labantu kunye nowesimame. Bobathathu bahola iqulu labantu elishaqekile

babuyela e-Gubbio.

Isifundo ngendaba yeMpisi yase-Gubbio kanye no-Francis

U-Francis wayuzwela impisi. Kwakukhona okuthile ngempisi okuyizimpawu

zayo yonke imvelo, indlala exakile, ukushabasheka inga-

15
phumuli, ukuhhahhama isineka ngezingxavula zamazinyo, konke

lokhu kuyizimpawu zobulwane nobungozi kithina Bantu. Kepha

uFrancis lempisi akayibonanga njengesitha esizingela abantu kepha

njengesilwane esizingelwayo. Emehlweni ayo wabona ukwesaba,

ukukhathazeka, ulunya nentukuthelo yokufuna ukushwabadela konke

okuphambi kwayo wakubona njengendlela yokufuna ukuziphindiselela

ngenxa yokuhlukumezeka kwayo. Akukhumbuleke

ukuthi izimpisi zifana nabantu. Uma uzibheka ngokwesaba bese uyazibandlulula,

ziphenduka lokho obusaba ukuthi ziyikhona.

Isifundo:

nguMholi

1. Nimfune owenza isiLimela neMpambano. Ophendula ithunzi

lokufa libe-ngukusa, ayenze imini ibe- mnyama njengobusuku.

Obiza amanzi olwandle, awathululele ebusweni bomhlaba. Ngu-

Jehova igama lakhe. (uAmose 5: 8)

ISIKHASHANA SOKUZINDLA

2. Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile. Abenani uJehova

uNkulunkulu-Sebawoti, njengalokhu nisho. Zondani okubi,

nithande okuhle nimise ukwahlulela esangweni. Mhlawumbe

uJehova uNkulunkulu-Sebawoti uyakuba Nomusa kuyo insali

yakwaJosefa (uAmose 5: 14 – 15)

ISIKHASHANA SOKUZINDLA

3. Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi nokulunga njengomfula

onganqamukiyo (uAmose 5: 24)

ISIKHASHANA SOKUZINDLA

Umuntu ngamunye ufunda umbhalo olandelayo:

Ezolimo nomhlaba: Udumo malube kuwena Nkosi, ngoMama wethu

onguMhlaba, osiphilisayo nosilawulayo. Okhiqiza izithelo ezingefani

nezimbali ezinemibala kanye namakhambi.

– Francis of Assisi, The Canticle of Brother Sun

Isenanelo seqembu: UDUMO ALUBE KUWE NKOSI YAMI

Amanzi: Udumo alube kuwena Nkosi ngoDadewethu ongaManzi, olusizo

kakhulu, unokuzithoba nobugugu futhi umsulwa.

– Francis of Assisi: The Canticle of Brother Sun

Isenanelo seqembu: UDUMO ALUBE KUWE NKOSI YAMI

16
Umoya: Udumo alube kuwena Nkosi ngoDadewethu ongaManzi, olusizo

kakhulu, unokuzithoba nobugugu futhi umsulwa.

– Francis of Assisi: The Canticle of Brother Sun

Isenanelo seqembu: UDUMO ALUBE KUWE NKOSI YAMI

NGESIMANGA SENDALO NEZINHLOBO ZAYO

Bebonke

Ufanelwe inkazimulo, udumo namandla. Ngokuba wadala izinto zonke,

futhi ngentando yakho zanikezwa ukuphila.

– Isambulo 4:11

SIYAKUDUMISA

Ngalomhlaba onezinkanyezi ezingabaleki ochichima impilo ngezilwandle

nezidalwa zazo nezingwadule nempilo yazo engalindelekile ngezintaba

nezimpophoma ngamathafa, ngotshani nezimbali ngamahlathi nempilo

yawo engefani, ngobuhle bezinyoni nesimanga sempilo yasendle, ngezilwane

esizifuyayo nangomunye nomunye – abantu esiphila nabo.

KONKE OKUPHEFUMULAYO AKUDUMISE UJEHOVA ,HALELUYA

– AmaHubo 150:6

Isikhathi: sincike

esibalweni

sabantu abaseqenjini

kanye

nokuzinikela

kwabo

UKUZINIKELA

Nikhumbula izimpawu ezilethwe emhlanganweni, nemicabango

evelile kujuliwe futhi kudunyiswa, abafundi bacelwa ukuthi bazinikele

ekusebenzeleni ubulungiswa bezemvelo ikakhulu ngophawu

abalukhethile. Abantu abehlukene bangasebenzisa uphawu olufanayo.

Ukuzinikela kufanele kwenziwe ngesimo somkhuleko.

Isiphetho

Umkhuleko wokugcina ohlelwe ngumholi noma iqembu lohlelo

lwenkonzo (Litheji).

Amaculo angasetshenziswa

1. Wazidala izinto zonke (iculo laseWeseli no: 16)

2. Thixo ulilanga lethu (elaseWeseli no: 18)

3. Bongani igama leNkosi enkulu (icilongo: 42)

4. Themba eNkosini (icilongo no: 112)

5. Hubelani uMsindisi (elaseRoma-no: 92)

6. Yehlanini ziNgelosi (elaseRoma-no: 97)

17
isahluko

2

IZINSELELO ZOMHLABA WONKE

NGEZEMVELO

imizuzu

engu-5

ISINGENISO

Umkhuleko wokuvula

Leader

Esahlukweni sokuqala kulomkhosi sibonise ubuhle, indalo ngokwehlukana

kwayo kanye nezimangaliso zayo.

Situse futhi sabonga uNkulunkulu ngesipho sendalo esimangalisayo

asinikeze sona.

• Samukele isibopho sethu sokunakekela konke okwayo.

• Sixoxe ngokuxhumana phakathi kwezemvelo nobulungiswa

benhlalo nezomnotho.

Ngenkathi uNkulunkulu edala umhlaba wabona konke asekwenzile,

futhi empeleni kwaku kuhle kakhulu (uGenesise 1:31). Kepha

konke akusekuhle manje. Izindlela esenza ngazo kanye nokufuna

ukukhula kwezomnotho kunegalelo elibhubhisayo kwezemvelo

nasezimpilweni zeningi labantu emhlabeni.

Kulesisahluko sizobheka ezinye zezinselelo ezibhekene nomhlaba

ngenxa yokucekela phansi kwabantu izinto zemvelo. Nazi izihloko

esizozibheka: ukufudumala komhlaba kanye nokungcola okunhlobonhlobo.

IMIBONO NOLWAZI OLUBANZI NGESIMO

SAMANJE

(Ngaphambi kwalesisahluko, namathiselani obondeni imibhalo yamaphephandaba/

izithombe/nokunye okumalungana nokungcolisa kwezimboni

noma izikhukhula).

EThekwini, mhlaka 4 Apreli 2001 –

“ Ingane yase-Settlers’Primary School e-Merebank yelashelwa izinkinga

18
zokuphefumula kanzima ngenxa yamakhemikhali avela kwa-Engen.”

EThekwini, mhlaka 14 Septhemba 2001 –

“Inkinga yakwa-SAPREF yadala intuthu enkulu emnyama eyasibekela

indawo yase-Merebank nase-Bluff okuyizindawo ezihlala abantu.”

Udaka olubulalayo – e-Jakarta –

“Loludaka oluqutshulwe yizikhukhula eMpumalanga Indonesia selubulale

abantu abangu-27, nabahlanu okubikwa ukuthi abakatholakali”.

eMaputo –

“Izimvula ezinkulu eNyakatho Mozambique zibhubhise imizi, imigwaqo

zawisa nezintambo zikagesi. Isifunda saseNampula sisale singenagesi futhi

izivunguvungu zivimbe ukuhamba kwezindiza”.

Imvula nomoya kusokolise imiphakathi yaseKapa –

“Iziphepho nozamcolo kudale umonakalo kusuka e-Garden Route kuya

edolobheni lase-Little Karoo eMontagu nezindawo ezizungezile. E-Knysna,

uMxolisi Njokeni (34) ufe ngenkathi isihlahla siwela phezu komjondolo

wakhe. E-Fiverside, abantu abangaphezu kuka-200 basemijondolo

bagudluzulwe enfaweni yemidlalo emuva kokuba izindlu zabo zibhubhiswe

yimvula nomoya”.

E-Blantyre –

“Uzamcolo washiya abantu abaningi bengenamakhaya eMozambique

naseMalawi.”

imizuzu

engu-10

Umholi

Kuleminyakana edlule iNingizimu Afrika kanye namanye amazwe

amaningi emhlabeni abenezinkinga ngesimo sezulu ezaba nemiphumela

emibi ezimpilweni zabantu abanigi.

Kusukela ngabo-1950 indawo yaseNingizimu yeTheku yaba

yisizinda sokuthuthukiswa kwezimboni nokwaholela ekufudukisweni/ukugudluzwa

kwemiphakathi yabantu abansundu, amaNdiya

kanye namaKhaladi ngaphansi komthetho wezindawo zokuhlala

(Group Areas Act). Izindawo zokuhlala eNingizimu yeTheku zinokungcoliseka

okukhulu komoya namanzi kanye nenhlabathi ngenxa

yokuthi zincikene nezimboni ezimbili zikawoyela kanye nezikaphethiloli.

Amalungu eqembu awasukume azungeze efunda lemibhalo

ebeniyifake obondeni ngaphambi komhlangano.

19
Esithombeni-yimboni yakwa-Engen esendaweni ehlala umphakathi

eWentworth-isithombe sithathwe kwabephephandaba i-Independent.

imizuzu

engu-20

imizuzu

engu-10

Emaqenjini abantu abangu 6-7 xoxani ngemibuzo

elandelayo

1. Kube yimiphi imicabango yakho lapho ufunda imibhalo?

2. Usuke wezwa noma wafunda ngomunye uzamcolo eminyakeni

edlule? Noma sewake wangenelwa yizikhukhula endlini? Chaza.

3. Ucabanga ukuthi kungani kunozamcolo abaningi kangaka emhlabeni?

4. Kungabe zikhona izinguquko ezithile ozibonayo kwisimo sezulu

esifundeni sakini? (Uma kunjalo, zichaze).

5. Kungabe uyazi ukuthi zingaki izimboni zikaphethiloli endaweni

yakini? Kungabe zidala izinkinga ezithile

6. Yiziphi ezinye izinhlobo zokungcoliseka kwemvelo ezikhona

endaweni yakini?

INCAZELO NOLWAZI OLUBANZI

Akhani amaqembu abantu abangu 4-5. Fundani umbhalo olandeleyo

abantu abahlukene bafunde indima umuntu ngamunye bese nixoxisana

ngemibuzo.

20
Kuyini ukufudumala komhlaba?

Kunamagesi afana ne-‘carbon dioxide’ kanye ne-‘methane’, abuye

aziwe ngokuthi yi-‘greenhouse’. Lamagesi akha untwentwesi emkhathini

olube seluvalela ukushisa emhlabeni kungadluleli emkhathini.

Lokhu kube sekwenza umhlaba ushise kakhulu – bese kudaleka

lokhu esithi ukufudumala komhlaba. Ngenxa yalokhukushisa kuba

sekushintsha nezikhathi zemvula kube nozamcolo ezindaweni eziningi.

Igesi i-‘carbon dioxide’ yiyona enomthelela omkhulu ekufudumaleni

komhlaba. Kanti ke legesi iqhamuka kakhulukazi ezimbonini

nokushiswa kwemikhiqizo kawoyela. Ukubulawa kwamahlathi

nakho kwakha lamagesi ayingozi. Lokhu kungenxa yokuthi izihlahla

phela zinciphisa inani lalegesi ‘carbon dioxide’, ngokuyisebenzisa

ekukhiqizeni umoya lona esiwuphefumulayo i-‘oxygen’, ukushatshalaliswa

kwezihlahla eziningi kusho ukwanda kwalegesi.

Kunobufakazi bokuthi izinto ezenziwa ngabantu nazo zinegalelo

ekushintsheni kwesimo sezulu. Abantu bamazwe athuthukile bangu-

20% nje kuphela wenani labantu emhlabeni, kepha basebenzisa u-

80% wezimfanelo nezidingo zomhlaba jikelele. Ngenxa yalempilo

yokunethezeka, lamazwe ayathinteka kakhulu ekungcoliseni indalo

okudala ukufudumala komhlaba.

Kwamanye amazwe asathuthukayo afana neNingizimu Afrika

abantu balingisa imikhuba yaseNyakatho. INingizimu Afrika ingeyesithathu

emazweni akhiqiza kakhulu amagesi ayingozi. Kulamazwe

kanye nezwe lethu, umuntu ngamunye ukhiqiza amathani alishumi e-

‘carbon dioxide’ ngonyaka. Lokhu kulenza izwe lethu likhiqize legesi

ngokuphindiwe kunamanye asathuthukayo.

Ukufudumala komhlaba kanye nezinguquko ezidalekayo kwisimo

sezulu kuyinselelo ekhathaza kakhulu esibhekene nazo kulenkathi.

UKUNGCOLISEKA KWEMVELO

Ukungcoliseka kwemvelo kuwukungcola (kwamanzi, inhlabathi

kanye nomoya) okudalwa udoti wabantu. Emhlabeni wonke sikhiqiza

ukungcola ngesivinini esiphezulu uma kuqhathaniswa nemizamo

yokukukhuculula. Siphila emhlabeni wokudla ukudla okusheshayo

maqede kulahlwe udoti nanoma yikanjani. Kuliqiniso ukuthi amazwe

athuthuke kakhulu yiwona angcolisa kakhulu imvelo kepha namanye

asathuthukayo njengeNingizimu Afrika nawo awazibekile phansi.

21

imizuzu

engu-20

imizuzu

• Singcolisa umoya ngamagesi avela ezimbonini kanye nasezimotweni,

nokushiswa kukawoyela.

• Ugesi wethu uvela emalahleni avuthayo, akhiqiza igesi ebizwa

nge ‘sulphur dioxide’ edala imvula enamakhemikhali amaningi.

• Uthuli lwetsheboya ‘asbestos’ oluvela ezimbonini ludala isifo

esibulalayo esibizwa nge-asbestosis ne-mesotheloma.

• Singcolisa umhlabathi namanzi ngamakhemikhali asetshenziswa

kwezolimo.

• Singcolisa izilwandle zethu – ingxenye engaphezu kuka-80%

wokungcola okusolwandle kuvela emapayipini achithela khona

udoti.

Ngaphandle kokuba sonke sizame ukuyeka ukuba ngumphakathi

othenga izinto esicabanga ukuthi zenza impilo yethu ibelula, nokulahla

izinto esingasazidingi, konke esiyokushiyela izizukulwane

zenkathi ezayo kuyoba yizindunduma zikadoti, umoya namanzi

angcolile kanye nomhlabathi olugwadule.

Xoxisanani ngalemibuzo elandelayo

1. Yiziphi izindlela thina njengesizwe noma abantu base Ningizimu

Afrika esenezezela ngazo ekudaleni ukufudumala komhlaba?

2. Ungasiza kanjani ukuqinisekisa ukuthi umasipala wangakini

uyabhekana nezimboni ezidala ukungcola endaweni yangakini

futhi uyazixazulula ngendlela efanele?

3. Yiziphi izindlela esingazisebenzisa ukunciphisa inkunkuma esiyidalayo

ezimbonini, emakhaya nanoma kuphi lapho sihamba

khona?

4. Zikhona izinto ongazicabanga ozisebenzisa maqede uzilahle kodwa

ongase ukwazi ukuzishintsha usebenzise ezingeke zingcolise

imvelo?

Eqenjini lonke, xoxisanani kafushane ngemibono yeqembu

ngalinye

engu-10

22

imizuzu

engu-5

imizuzu

engu-10

imizuzu

engu-10

UMBONO WEBHAYIBHELI

Amalungu amabili eqembu afunda isahluko esilandelayo

ezincwadini ezehlukene:

Isaya 24:4-6 Inselelo yokusebenzela ubulungiswa bezemvelo

Umhlaba uyalila ubune, izwe liyaphela amandla, linyamalale. Umhlaba wonakalisiwe

ngabakhile kuwona; ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni,

baphulile isivumelwano esiphakade. Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba;

nabakhileyo kuwo batholiswa icala. Ngalokho bayashiswa, kusale abantu

abayingcosana.

Emuva kwesikhashana sokuthula, xoxisanani

1. Yibuphi ubudlelwane umbhalo weBhayibheli onabo ngesimo

somhlaba wethu wanamuhla kanye nezinkinga ezikhona?

2. Kungaziphi izindlela esingcolisa ngazo umhlaba?

3. Ukwenza lokho okufanele nokulungile akulula futhi kuvame

ukuba yingozi. Yikuphi okungasikhuthaza lapho silwela ubulungiswa

bezemvelo?

Abantu abehlukene mabafunde umbhalo olandelayo,

umuntu afunde isigaba ngasinye

Inselelo edalwa ukucelwa phansi kwemvelo idinga ukuthi sihlole kabusha

ukholo lwethu. Kufanele sivume ukuthi asizange sethembeke evangelini

ngalokhu. Asizange sibe nokuqonda ngezokholo ukuze siqaphele izimpawu

zokushintsha kwezinto.

Samukela umbono wokuthi siyizinceku njengegunya lokubhozomela

zonke izinto zomhlaba. Njengaba bhasobhi bomhlaba kufanele sifunde

ukuthi asibona abanikazi bomhlaba, futhi asifanele ukuwusebenzisa noma

siwuphathe noma yikanjani ukufeza izinjongo zethu.

Sithathe amandla kaNkulunkulu sazenza abamqoka endalweni. Sibone

konke okudaliwe kufanele ukusiza abantu kuphela. Sizibone singamakhosi

phezu kwendalo kepha sidale usizi, kunokuba silethe injabulo emhlabeni.

Kufanele siqonde ukuthi ukuthunywa kwethu kusho ukuba yisikhonzi sayo

yonke indalo, hhayi ukuyengamela.

Sivumele izimfundiso zenkolo zehlukanisa uNkulunkulu nomhlaba, izimfundiso

zenkolo ezigxile ekubhekeleni insindiso yomphefumulo kuphela zakhohlwa

okwenyama, ezifuna ukusindiswa emhlabeni hhayi ukusindiswa komhlaba,

ezilangazelela okwasezulwini kodwa zikhohlwa ukubona umhlaba njengesipho

esiyigugu. Kufanele sifunde ukuhlanganisa imfundiso yobuKrestu ngendalo,

isono, ukuhlinzekela, insindiso kanye nekusasa lendalo konke ndawonye.

Okucashunwe encwadini ka-Pope John Paul II. 1987, Sollicitudo Rei Socilis

(Umsebenzi webandla wokubhekelela inhlalakahle yomphakathi

23

imizuzu

imizuzu engu 5

engu-15

Xoxisanani ngababili

1. Yimuphi umyalezo owutholile kulesisitatimende?

OKUMELE UKWENZIWA

Ilungu leqembu liyafunda kakhulu bese nixoxisana

Njengabantu bokholo sikholwa ukuthi umhlaba nezinto zawo zonke

okukaJehova. Umhlaba nabo bonke abaphila kuwo abakaJehova (ama-

Hubo 24:1). Akusiwona owethu ukuze siwucekele phansi. Kufanele

sazi ukuthi siyophendula kuNkulunkulu ngokuphila kwethu nokuziphatha

kwethu okuthinta abanye abantu kanye nendalo (uGenesise 9:5).

Iningi lezinto esizithengayo asizidingi ngempela futhi zivame

ukufika sezisongiwe bese sithatha loku obekusongwe ngako sikulahle.

Singumphakathi olahlayo. Izimpilo zethu zibuswa ukubheka okulungele

thina kanye nokusebenzisa izinto. Ngaphambi kokuhlela lokho

esingakwenza akesizindle isikhashana ngokuthi inqubo yethu yokulahla

inamthelela muni ekucekeleni phansi imvelo kanye nempilo

yezizukulwane zenkathi ezayo.

Ukusebenzisa kwethu izimfanelo zomhlaba akufanele kulimaze

imvelo nezimpilo zabantu.

Kungani sifuna ukwenza okuthile ngokufudumala komhlaba

nokungcoliswa kwendalo? Lona ngumsebenzi omqoka wokuletha

ubulungiswa.

Kungani sifuna ukwenza okuthile ngokufudumala komhlaba

nokungcoliswa kwendalo? Lona ngumsebenzi omqoka wokuletha

ubulungiswa.:

Ubulungiswa kubantu abampofu nokuyibona abazothinteka kakhulu

ngokuguquka kwesimo sezulu nezilwandle ezikhulayo futhi abangenamandla

okumelana nalokhu.

Ubulungiswa bezizukulwane zakusasa eziyobhekana nesimo sezulu

esibi kanye nengozi yokuphakama kolwandle, ukusabalala kwezifo

kanye nokonakala komkhiqizo wezolimo.

Ubulungiswa bayo yonke indalo obuthikamezwa ukuguquka kwesimo

sezulu, ubugovu kanye nokungcoliswa komhlaba.

1. Yikuphi okungenziwa yibandla ekuguquleni izindlela zokudla

emhlabeni?

2. 2. Singabakha kanjani ubudlelwane nemvelo, ubudlelwane

obuliqiniso esikweni lethu lobuKrestu?

24
Ukuxoxisana

Eminye imibono yalokho esingankwenza:

1. Asincibilikise sakhe kabusha amaphepha, amakhalibhodi, izingilazi

kanye nezinsimbi futhi siyeke ukusonga ngokweqile, kunalokho

siphathe izikhwama noma obhasikidi lapho siyothenga

ezitolo.

2. Uma unemoto, yigcine isesimeni esilungile futhi amathayi ahlale

egcwele umoya, okungasiza ukunqanda ukuphuma kwegesi yekhabhoni.

3. Asitshale izihlahla ukuze sithole umthunzi ngoba zona zimunca

ikhabhoni.

imizuzu

engu-5

UKUVALA

Umholi

Sibonile ngezinye zezinselelo zemvelo esibhekene nazo kanye neqhaza

esilindeleke ukulibamba njengamaKrestu ekusimamiseni

imvelo okungesiyona eyethu, kepha esenziwe NguNkulunkulu ukuba

yizithunywa zayo. Asivale ngomkhuleko.

Hlanganyelani emkhulekweni

UHLELO LWENKONZO

Ihubo lokuvula

Ukubingelela nokwamukelana

Umholi wamukela abantu futhi uyachaza ukuthi lena yinkonzo eyisipesheli

ngesiqubulo sobulungiswa bezemvelo nokufudumala komhlaba.

Umkhuleko wokuvula

Umholi uqala umgubho wenkonzo ngomkhuleko owakha isimo

sokwamukela iZwi likaNkulunkulu kanye nesiko lobuKrestu ukuze

siphendule ngothando ekusebenzeleni ubulungiswa bemvelo. Indalo

ngokwayo iyokhululeka ebugqilini ngolunye usuku. Akufanele silahle

ithemba nanoma ngabe inselelo esibhekene nayo inkulu kangakanani.

25
IZIFUNDO ZEBHAYIBHELINI NOKUZINDLA

Isifundo sokuqala: AbaseRoma 8: 21-28

Ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha,

kube –ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.

Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanye kanye kunezinseka

kuze kube manje; akusikho lokho kuphela kepha nathi uqobo lwethu

esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana,

ukukhululwa komzimba wethu.

Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo

ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kodwa

uma sethemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. Ngokunjalo

noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokubasikwazi esingakucela

ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula

okungenakuphinyiselwa; kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa

nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube

ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.

Ukuzindla ngokufundiwe

Kunikezwe imibono ngezansi ezokusiza ekuhleleni inkulumo yakho.

1. Umoya kaJehova uhlale unathi futhi kufanele siwethembe ekusiholeni.

2. Nanoma kunganzima kangakanani, akufanele siyeke ukusebenzela

lokho okulungile. Kunjengoba kusho uPawula encwadini

yakhe, asingalahli ithemba ngoba imiphumela yokwenza kwethu

ingabonakali kithina, kepha kumele sibekezele.

Isifundo sesibili AmaHubo 19: 7-11

Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo.Ukufakaza kukaJehova

kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula. Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa

inhliziyo. Imiyalezo kaJehova ihlanzekile futhi inikeza ulwazi emqondweni.

Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube phakade; Imithetho

kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke. Inxanelekile kunegolide; imnandi njengoju

lwezinyosi.

Inginikeza ulwazi, mina nceku yakho, ngiyoba nomvuzo ngokuyigcina.

26
IMIKHULEKO YOKUPHETHA

Unokufisa ukwengeza okuthile kwiLitheji ngokwesiko lebandla

lakho emuva kokufunda umbhalo ongcwele, noma unokuphetha

ngemikhuleko embalwa yokuhawukela kanye nomkhuleko wokugcina.

Kokunye ningakhetha ukusho umkhuleko omkhulu (‘uBaba

Wethu’).

AMACULO

1. Wena obusa ezulwini (elaseSheshi no: 217)

2. Oko kwanga kulumkile (elaseWeseli no: 218)

3. Kanye nawe Nkosi yami (icilongo no: 77)

4. Kulamagumbi amane, thuma mina (elaseSheshi no: 26)

5. Ubumnyama buyadlula (elaseSheshi no: 26)

27
isahluko

3

IZINSELELO ZEZEMVELO

EZINDAWENI ZETHU

ISINGENISO

imizuzu

engu-5

imizuzu engu 15

Umkhuleko wokuvula

Umholi

Ukuhweba ngokusezingeni lomhlaba kube nemiphumela eyehlukehlukene

emhlabeni. Kwenze abantu bakwazi ukuxhumana kalula

emhlabeni. Kanti ngakolunye uhlangothi kwenze amazwe ampofu

abampofu ngokwedlulele futhi kwawashiya esezikweletini ezinkulu,

kanti futhi kukhuthaze ukululazeka komhlaba ngenhloso yokuzuzela

abanothileyo omunye umnotho.

Njengenjwayelo, lokhu kwenziwa egameni lezentuthuko. Yebo

intuthuko iyadingeka, kepha ke ngubani futhi yikuphi okuthuthukiswayo

uma leyontuthuko idala izikhukhula, ukungcola, izifo eziningi

kanye nendlala?

Esahlukweni sethu sokugcina sibheke izinkinga ezimbili eziyinkinga

yomhlaba ezidalwe ukwanda kwezimfuno zokuhweba

ngokwezinga lomhlaba: ukufudumala komhlaba kanye nokungcola.

Njengoba sibonile, alikho ilizwe eliphephile kulezizinkinga.

Kulesisahluko sizohlola amanye amaphuzu abucayi ngokwezindawo

esiphila kuzona: umhlaba nokusetshenziswa kwawo, amanzi

kanye nokuvikelwa noma ukukhiqizwa kokudla.

UKUBONISANA NGOKWEMPILO YETHU

YASENINGIZIMU AFRIKA

Emaqenjini amancane abantu abathathu, xoxisanani

ngalokhu

1. Kungabe ngihlala ekhaya elinjani? Kungabe sikhona isivande noma

isiqeshana somhlaba kulona? Yini etshalwe kulowo mhlaba?

28
2. Ngiwathola kanjani amanzi? Ngiwasebenzisa kuziphi izinto?

Yiluphi uhlobo lokuhlanzeka esinalo ekhaya?

3. Ngikuthola kuphi ukudla? Kungabe kukhona engikulimayo

ekhaya, noma konke ngikuthenga ezitolo? Kungabe sengake ngashodelwa

wukudla? Uma kunjalo, kungabe yini eyadala lokho?

4. Kungabe umndeni noma abangani bami bahlala epulazini?

Yiziphi izinto abazilimayo lapho? Kungabe izitshalo zabo bayazidla

noma bayazithengisa? Yiziphi izindlela zokulima abazisebenzisayo?

Kungabe bayakwazi ukondla imindeni yabo

ngokulima? Kungabe bayaluthola usizo kuhulumeni? Kungabe

basebenzisa imbewu yokuzakhela?

UKUCUBUNGULA

Eqenjini lonke:

imizuzu

engu-10

AFRA – eyinhlangano

ebhekelele ukuthuthukiswa

kwemiphakathi

yasemaphandleni

kwaZulu-Natal

ngamalungelo

ezomhlaba

Umhlaba

Umholi

Indaba yomhlaba, ukuvikeleka noma ukukhiqizwa kokudla, namanzi

kuyizinto ezixhumene kakhulu.

ENingizimu Afrika iningi labantu belingenawo umhlaba okuyinto

esanda kushintsha. Izigidigidi zabantu abamnyama zaxoshwa ezindaweni

zazo ngaphansi kwemithetho yobandlululo baphoqwa ukuthi

bayohlala emijondolo lapho kungekho ndawo yokulima ukudla noma

yokufuya izinkomo ukuze baziphilise. Kusukela ngo-1994 sekwenziwe

imizamo yokuguqula lokhu, kepha kubonakala kungumsebenzi onzima.

Ilungu leqembu lifunda umbhalo olandelayo ovela embikweni

wonyaka ka 2003 wakwa AFRA:

“Ubuphofu ezindaweni zasemaphandleni busemazingeni angemukeleki.

Ukuntuleka komhlaba namalungelo obunikazi bawo bungenye

yezinkinga ezimqoka futhi enegalelo elikhulu uma kubhekwa

ubuphofu obusemaphandleni. Inqubo yokuthengiselana ukuzama

ukuguqula ezomhlaba kanye namaphuzu aqondene nalokhu kunciphisa

amathuba okwabiwa kabusha komhlaba kanye nokuqedwa

kobuphofu emaphandleni. Abantu abampofu bayaqhubeka nokuhlupheka

befana nezinqibi ezicela ubulungiswa, kanti uvo lwabo

alufinyeleli kahle kahle lapho kwenziwa khona izinqumo.”

“Ngo-1994 i-AFRA yagunyaza u-Cheryl Walker ukuthi enze ucwaningo

mayelana namalungelo obunikazi bomhlaba kwabesimame,

29
nokwavumbulula izinto eziningi ngokuguqulwa kwezomhlaba.

Ngababili

Xoxisanani ngalokho okunithinte kakhulu ngalombhalo.

Amanzi nezidingo ngqangi

imizuzu

engu-10

Lokhu kubandakanya isidingo sentuthuko yezindawo kanye nenhlalakahle

yomphakathi, isidingo sokucophelela lapho kubhekwa

ukuthi ngobani izinhloko zamakhaya kanye nesidingo sokuthi abesimame

babe nelungelo lokuba ngabanikazi bomhlaba nokuba

ngamalungu ezinhlangano zemihlaba.”

Umholi

Ukutholakala kwamanzi ahlanzekile kuyisidingo ngqangi kwezempilo

nenhlalakahle. Kepha iningi lemifula nemihosha eNingizimu

Afrika kungcoliswa yizimboni kanti kunjalo nje ukungabikhona

kwamanzi ahamba ngamapayipi emaphandleni nasemijondolo emadolobheni,

kuphoqa abantu ukuba basebenzise amanzi asemifuleni

ukuze bathole amanzi okuphuza, awokupheka kanye nokuwasha.

Kanti ukungabibikho kwezidingo ngqangi njengokukhucululwa

kwendle kusho ukuthi yona lemifula nemihosha ingcoliswa yindle.

Zonke lezizimo zidala ingozi yokuhlaselwa izifo ezifana nekholera

kanti futhi ziba negalelo ekukhuthazeni igciwane leNgculazi okube

sekukhulisa izinga lokufa kwalabo abanalesisifo.

Emizameni yokutholela abantu abaningi amanzi ahlanzekile

nahamba ngamapayipi, ukwelekelela emizameni kahulumeni kube

sekuzanywa ukuba kudayiselwe izinkampani zaphesheya umsebenzi

wokunikezwa kwamanzi. Lokhu kuchaza ukukhokhisa abantu ngamanzi.

Abantu abampofu ngeke bakwazi ukubhekana nalezizindleko,

uma bephoqwa ngalokhu kuzodaleka umonakalo.

Ilungu leqembu lizofunda umbhalo olandelayo wephephandaba

i-Mail & Guardian 11-16 Apreli 2003:

“Isivumelwano seminyaka emithathu senkampani yase-Brithani i-

BiWater esasayinwa e-Nelspruit eMpumalanga ngo-1999 kwakufanele

sandise ngokushesha usizo lokutholakala kwamanzi emiphakathini

ehluphekayo kulendawo ngaphandle kokwenezela ubunzima kubakhokhi

bentela.

“Kepha abantu okwakufanele basizakale kakhulu,izakhamizi ezingu-

300 000 zasemaphandleni nasemalokishini abakunambithisisanga

lokhu, bancamela ukungalukhokheli usizo lokutholakala kwamanzi.

30
U-Henry Nkuna okhulumela abenhlangano ephikisana nokudayiswa

kosizo lokutholakala kwamanzi (Anti-Privatisation) wathi izakhamizi

zasemaphandleni nasemalokishini zazilindeleke ukukhokha u-R14

nje kuphela ngenyanga wokukhokhela amanzi ngenkathi yobandlulo.

Lemali yenyuka yaba u-R88 ngenyanga emuva kuka-1994, ngaphambi

kokuthi yenyukele ku-R500 ngenyanga emuva kokuthatha kwe-

Greater Nelspruit Utility Co. – GNUC) ngo-1999 okungozakwabo be-

Biwater.

“Lokhu kuyinqubo yokwenza inzuzo nje kuphela. Ingxenye yezakhamizi

zasemalokishini ayisebenzi. Bangalindeleka kanjani ukukhokha

u-R500 ngenyanga?” kubuza uNkuna.

Ningababili

Xoxisanani ngokuthi yikuphi okunithinte kakhulu ngalombhalo.

imizuzu

engu-15

Ukuvikeleka kokudla

Umholi

Ukuvikeleka kokudla kuchaza ukutholakala kokudla ngendlela

efanele kubantu bonke ukuze baphile kahle futhi bazi ukuthi izingane

zabo ziyokuthola ukudla.

Ezinye zezinto ezithikameza ukuvikeleka kokudla eNingizimu Afrika:

• Ukuntuleka kwemisebenzi kanye nobuphofu – okwenza abantu

bangakwazi ukuzithengela ukudla ezitolo.

• Ukungabi namhlaba wokuzilimela ukudla.

• Ukusetshenziswa komhlaba ukulima ukudla kokuletha inzuzo

okufana nomoba, kunokuba kulinywe ukudla okufana nommbila,

imifino kanye nezithelo okungatholakala kangcono kubantu bonke.

• Inqubo engalungile yohwebo emhlabeni ephoqa amazwe ukuthi

athengise noma athenge ukudla kwawo kwamanye amazwe, kunokuba

azilimele wona ukudla ukuze asimame kwezolimo.

• Ukukhula kokusetshenziswa kokudla kwembewu yokuzakhela,

okuthikameza impilo kanye nomsebenzi wabalimi, kanti futhi ekugcineni

kulimaza izitshalo ezifana nombila.

Ilungu leqembu lizofunda umbhalo ongezansi:

Izinto eziphilayo zinezinto ezingumfuziselo (genes) wohlobo ngalunye lwaleyonto,

okuyizona eziyinkomba yezimpawu ezenza into ngayinye ephilayo

31
yehluke kwenye nenye nokuyizinkomba zokuthi iyini. Ukulumbanisa lezizinto

(genetic engineering) kusho ukwengezwa noma kususwe lemifuziselo

entweni ephilayo ukuze kushintshwe ezinye zezimpawu zayo. Lokhu kwenziwa

ezizindeni zokucwaninga ngezesayensi kanti kwehluke kakhulu kwinqubo

yokulumbanisa ngokwemvelo.

Lokhu kulumbanisa kwenziwa ezintweni ezifanayo, isibonelo, umfuziselo

othile othathwe egilebhisini bese ufakwa kwelinye igilebhisi. Kanti futhi

lokhu kuyenziwa nasentweni ezingahlobene, njengokuthatha umfuziselo

wesilokazana (bacteria) esikhiqiza ubuthi obubulala izilwanyana ezicekela

phansi ukotini njengomswenya obizwa nge-‘boll worm’ uwufake esitshalweni

sikakotini. Lowokotini ube sewuba wubuthi ezilwanyazaneni eziwudlayo

ngaleyondlela awube usadliwa yizilwanyana. Lokhu kungasiza kakhulu

abalimi ngokuthi akube kusadingeka ukuba bangachelele izitshalo zabo

ngamakhemikhali ayingozi. Abalimi abancane eMakhathini Flats eNyakatho

yaKwaZulu-Natali basohlelweni olubakhuthaza ukuthi batshale izitshalo

zikakotini owenziwe ngalendlela.

Kepha, ososayensi baxwayise ngokuthi lenqubo yembewu yokuzenzela

ingubuchwepheshe obungacacile futhi obunemiphumela engakaziwa, eminye

yayo engabayingozi kubantu nakwezemvelo. Ngo-2002 izwe laseZambia

lenqaba ukwamukela usizo lokudla okwakukade kukhiqizwe ngembewu

yalokukulumbanisa, phezu kokuba libhuqabhuqwa yindlala. Ososayensi

bakhona baveza ukuthi lokhu kudla kungadala ubuthi obusha ekudleni futhi

kungaveza nezifo ezahlukene, kuthene amandla ezivikela mzimba kanti futhi

kungehliza nezinga lomsoco ekudleni. Baphinde baxwayise ngokuthi lokhu

kudla kungonakalisa ukudla kwemvelo futhi kukhinyabeze ukuhwebelana

kwabo nezimakethe zokudla emazweni aseYurophu lapho abathengi

bengakufuni khona ukudla kwembewu yokuzenzela (GM seeds).

Ngenkathi yokulima ku-2002/3 iNingizimu Afrika yatshala ingxenye engu-

70% yembewu kakotini elumbanisiwe, kwaba ngu-12% wesoya, kwaba ngu-

20% wommbila obomvu kanye no-3% wombila omhlophe. Umbila omhlophe

ungukudla okumgogodla kuleli, kanti ukulumbaniswa kwawo sekudale

ukukhathazeka kwabaningi, ikakhulu ngenxa yokwenyuka kobhubhane

lwegciwane leNgculazi kulelizwe kanye nesidingo sokudla okunomsoco

nokusezingeni eliphakeme kulabo bantu abagulayo.

Ukudla kwembewu yokuzenzela (GM seeds) kuvikelwa futhi kukhuthazwa

yizinkampani zamazwe omhlaba ngesizathu sokuthi kuyokwandisa isivuno

sokudla, kunciphise ukusetshenziswa kwemithi eyingozi ebulala izilwanyana

ezidla izitshalo kanti futhi kuyoxazulula inkinga yendlala e-Afrika. Yonke

lemibono ikhombisa ukungabi yiqiniso. Ukudla kwalolu hlobo akuqinisekisi

ukwanda kwesivuno zikhathi zonke, isibonelo, isoya yembewu yokuzenzela

ikhiqiza kusukela ku-5-10% ngaphansi kwesivuno sembewu ejwayelekile.

Kanti izilwanyazana nazo seziphenduke zaba namandla okumelana nobuthi

32
obufakwa kulezizitshalo okusho ukuthi sekudinga kubuye kusetshenziswe

wona futhi amakhemikhali ukuzibulala. Kanti futhi ukwenza abalimi abancane

base-Afrika bathenge imbewu yokuzenzela edulayo nephethwe amazwe

athile minyaka yonke, kuyoyiqhubela phambili indlala e-Afrika. Lokhu

kungenxa yokuthi phela abalimi abavumelekile ukuyigcina lembewu ukuze

babuye bayitshali enyakeni olandelayo. Abalimi baphinde baphoqwe

ukusebenzisa izikhuthazakhaba (umanyolo) walezizinkampani abethenga

kuzo imbewu kuphela. Ekugcineni yizinkampani zembewu ezisizakalayo

nezizuzayo ngalembewu yokuzenzela. Ukudla kwalembewu sikudla nsukuzonke

ngesinqumo sikahulumeni kepha ngaphandle kwemvume yabantu

okuchaza ukungahlanganyeli komphakathi.

imizuzu

engu-20

Ngababili

Xoxisanani ngokuthi yikuphi okunithinte kakhulu kulombhalo.

Emaqenjini amancane. Xoxisanani ngalokhu:

1. Ukungatholakali komhlaba kuyikhinyabeza kanjani intuthuko?

2. Yikuphi okulusizo nokungelona okudalwa ukunikezwa kwezinkampani

ezizimele umsebenzi wokufakela nokuhlanzwa kwamanzi,

kanye nemisebenzi yentuthuko eyizidingo ngqangi e-

Ningizimu Afrika?

3. Nicabangani ngenqubo yokuzidalela izinto eziphilayo njengokulumbaniswa

kwembewu? Ngabe lokhu kusho ukuthini ngombhalo

othi uNkulunkulu ungu Mdali wempilo?

. . imizuzu

engu 5

IMFUNDISO YOBUKRESTU KANYE

NOKUZIBOPHEZELEKA

Amalungu amabili eqembu awafunde lesisifundo esilandelayo,

kungabakuhle ukuba sifundwe ezincwadini ezahlukene. :

U-Marku 6: 34 –44: Wonke umuntu unelungelo lokudla

Ngenkathi uJesu ephuma esikebheni, wabona isixuku sabantu, waba nesihe

ngabo, ngoba babefana nezimvu ezingenamelusi. Waqala ukubafundisa

okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye, bathi

‘Isikhathi sesihambile, futhi lendawo ilihlane. Bamukise baye emaphandleni

nasemizaneni ezungezile bazithengele ukudla.

Wathi kubo ‘bapheni nina ukudla.’ Bathi kuye ‘Sihambe yini , siyothenga

izinkwa zawodenariyu abangamakhulu amabili, sibaphe badle na? Wathi

kubo ‘Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone. Sebazi bathi ‘Ziyisihlanu,

nezinhlanzi ezimbili.’

33
UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi bahlukanise abantu amaqembu

Emuva kwesikhashana sokuzindla, abanye abantu ababili mabafunde

umbhalo olandelayo ezincwadini ezehlukene:

. . . AbaseRoma 13:1–7: Inselelo yokubhekana nabaholi bethu

. lapho kufanelekile, kepha sibambisane nabo lapho kuzosizakala

abantu bonke.

imizuzu

engu-5

angamakhulu namashumi amahlanu. Wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi

ezimbili, wabheka ngesezulwini, wazibusisa, wazihlephula wazinika

abafundi ukuba baphe abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.

Badla bonke basutha. Abafundi bathatha iziqebetho ezilishumi nambili

ezigcwele imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi. Abantu abadla babeyizinkulungwane

ezinhlanu.

Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho

mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.

Ngakho ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sika-

Nkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa. Ngukuba

ababusi abesabeki kwavenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Kepha

uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa

yiwo; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube kuhle kuwe. Kepha

uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba; ngokuba

uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kownza okubi.

Ngalokho kuswelekile ukuwuthobela, kungabi kuphela ngenxa yolaka kodwa

nangenxa kanembeza.

Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zika-

Nkulunkulu ezikhuthalela khona lokho. Nikani bonke okubafaneleyo: intela

kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa,

udumo kofanele udumo.

imizuzu

engu-10

Emuva kwesikhasha sokuthula, omunye weqembu makafunde

umbhalo olandelayo:

Emakhasini okuqala ombhalo ongcwele sifunda lamazwi: “Gcwalisani umhlaba

futhi niwunqobe” (uGenesise 1:28) Lokhu kusifundisa ukuthi indalo yonke

ngeyabantu, ngokuba banikezwa umyalelo wokuthi bawenze ube muhle

ngemisebenzi yabo yobuhlakani, bawuphelelise ngemizamo yabo nangofisa

kwabo.

Manje uma umhlaba wawudalelwe ukunikeza abantu izidingo zokuphila

kanye nalokho kokubathuthukisa, kusho ukuthi wonke umuntu unelungelo

lokuzitapela lokho akudingayo emhlabeni. “UNkulunkulu wayehlose ukuthi

umhlaba nakho konke onakho kusetshenziswe ngabantu. Umkhandlu webandla

lamaRoma engqungqutheleni yawo yesibili uphinde wawucubungu-

34

.ịmizuzu

engu-10

imizuzu

engu-20

lisisa lombhalo: ” Ngakho-ke, phansi kobuholi obunobulungiswa kanye nokunakekela,

kumele zonke izimpahla ezikhiqizwayo zabelwe wonke umuntu

ngendlela efanele.”

Kucashunwe embikweni othi: Inqubekela phambili yabantu

(Pope Paul VI March 1967)

Emuva kwesikhashana sokuthula, xoxisanani:

Kungabe lemibhalo ithini kithina ngodaba lomhlaba nokutholakala

kwawo, amanzi kanye nokudla?

OKUMELE KWENZIWE

Eqembini lonke, xoxisanani:

1. Kungabe yikuphi esibona kufanele kwenziwe ukuqinisekisa

ukutholakala komhlaba okulingile kulabo abawudingela ukuziphilisa

nemindeni yabo? Kungaba yiliphi iqhaza lethu kulokhu?

2. Yiziphi izindlela esingasiza ngazo uHulumeni emizameni yakhe

yokunikeza usizo lwamanzi ukuhlanzwa kwawo nokuletha izidingo

ngqangi emiphakathini yethu?

3. Thina ke njengamaKrestu singenze njani ukusiza ekutheni abantu

balelizwe bathole ukudla?

Xoxisanani:

Eminye yemizamo esingayenza

1. Ukuhlolisisa ukuthi impahla kanye nomhlaba webandla kusetshenziswa

kanjani endaweni yethu uma kuqhathaniswa nenkolelo

yethu yokubambisana komphakathi kanye nokupheleliswa

kwendalo.

2. Cabanga ukuthi umhlaba webandla lenu kanye nasemakhaya enu

ningawusebenzisa kanjani ukukhombisa abantu inkolelo yenu

ngomhlaba kanye namanzi njengezipho ezivela kuMdali okufanele

zisetshenziswe ngokucophelela ukulungisela ikusasa kanye

nenkathi yamanje.

3. Khokhani intela yamanzi kanye nogesi futhi nikhuthaze nabanye

ukuthi benze kanjalo.

4. Xoxisanani ngemibuzo enifisa ukuyibuza uMnyango wezoLimo,

owezeMpilo kanye nowezeMvelo malungana nokudla kwembewu

yokuzenzela (GM food) futhi ninqume ukuthi nizoyibuza kanjani

futhi nixoxisane nangezimpendulo.

35

UKUVALA

. . . Umholi

imizuzu

engu-5

Sihlolisise izinto ezintathu eziyizinkinga okumele sibhekane nazo

eNingizimu Afrika. Asikhulekele ukuthi uNkulunkulu asisize ekuthobeleni

izwi lakhe kanye nenqubo yobuKrestu, ukuze sisebenze ngothando

kanye nobulungiswa.

Hlanganyelani emkhulekweni

UHLELO LWENKONZO

Ihubo lokuvula

Ukubingelela nokwamukela abantu

Umholi wamukela abantu asebehlangene bese echaza ukuthi lena

yinkonzo eqondene nodaba lwamanzi.

Umkhuleko wokuvula

Umholi uqala inkonzo ngomkhuleko owakha isimo sokwamukelana

nobunye egameni likaNkulunkulu kanye nenqubo yobuKrestu ukuze

sisebenze ngothando kanye nobulungiswa. Ngolunye usuku indalo ngokwayo

iyokhululwa ebugqilini. Akufanele silahle ithemba noma ngabe inselelo

esibhekene nayo inkulu kangakanani.

“Ngingu Alfa ngingu Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumphuzisa

ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila”. (Isambulo 21:6)

IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI KANYE NOKUZINDLA

Isifundo sokuqala: uJoweli 1:14-20

Ngcwelisani ukuzila ukudla; nibize umhlangano! Buthani abaholi kanye

nabantu bakwaJuda bahlangane eThempelini likaNkulunkulu futhi nikhale

kuyena. Usuku lukaJehova lusondele; usuku lapho uSomandla ehlisa incithakalo.

Incithakalo eyolethwa yilolo suku! Sibona abantu bethithibele njengoba

ukudla kwethu kucekeleka phansi. Ayikho intokozo endlini kaJehova. Imbewu

iyabola phansi kwagade ayo. Izinqolobane zidiliziwe.

Imihlambi yezinkomo ikhungathekile ngokuba ayinadlelo; imihlambi yezimvu

izithwese icala. Ngikhala kuwe Jehova ngokuba amadlelo asehlane adliwe

ngumlilo. Nezilwane zasendle zikhalela wena ngokuba imifula ishile.

36
Ukuzindla ngombhalo:

Kunezibonelo ezinikezwe lapha ngezansi ezingakusiza ukulungiselela

inkulumo yakho:

• Amanzi amqoka kuzo zonke izidalwa eziphilayo.

• Amanzi ayisipho esivela kuMdali, okufanele siwenze igugu futhi

atholwe ngabantu bonke.

• Akekho onelungelo lokuthengisa amanzi ukuthola inzuzo.

Isifundo sesibili: AmaHubo 65:9 –13

Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu. Ugcwalisa imifula

ngamanzi; unikeza umhlaba izitshalo. Unisa imvula eningi emasimini; uthambisa

umhlabathi ngamanzi futhi izitshalo ezincane zikhule. Umusa wakho

unikeza isivuno esinothile! Lapho uhamba khona kugcwele, yonke into.

Amadlelo ambethe izimvu; izintaba ziyajabula; izigodi zisibekelwe ngamabele.

Konke kuyajabula futhi kuyahlabelela.

IMIKHULEKO YOKUPHETHA

Ninokufisa ukwengeza okunye enkonzweni ngokwesiko lebandla

lenu emuva kokufunda imibhalo engcwele.

Suggested Hymns:

1. Siyatata amageja (elaseSheshi no: 81)

2. Inqaba yami (icilongo no: 43)

3. Thuma umlilo ongcwele (icilongo no: 70)

4. Sebenzani ngenyameko (elaseWeseli no: 312)

5. Siqonda ekhaya nithini na? (icilongo no: 121)

37
isahluko

4

UKWAKHA UHLELO

Umkhuleko wokuvula

Umholi

Umkhuleko olandelayo kufanele ufundwe ngabantu abehlukene

umuntu ngamunye afunde indima eyodwa. Izindima ezimbili zokugcina

kufanele zifundwe yiqembu lonke.

Ilungu 1

Siyakubonga Nkosi,

ngomusa wendalo yakho eyisimangaliso.

Siletha ukubonga kuWe Mdali wethu,

ngelanga, inyanga nezinkanyezi,

ngemvula, ngamazolo kanye nomoya,

ngobusika obubandayo kanye nokushisa kwehlobo.

Ilungu 2

Siyakudumisa Nkosi yethu

ngezintaba kanye namagquma,

ngemithombo kanye namaqele,

ngemifula kanye nezilwandle.

Ilungu 3

Siyakudumisa Nkosi yethu,

ngezitshalo ezimila emhlabeni nasemanzini,

ngezilwane ezihlala emachibini nasolwandle,

ngezilokazanyana ezihuquzela emhlabathini,

ngezilwanyana eziphila emaxhaphozini nasemanzini,

ngezilwane ezindiza phezu komhlaba nolwandle,

nangezilwane eziphila ehlane.

38
Ilungu 4

Iyamangalisa imisebenzi yakho Nkosi yethu!

Ngobuhlakani uyenzile yonke!

Kepha siyavuma Nkosi yethu,

njengezidalwa ezikhethekile ukuba zinakekele

futhi zivikele indalo yakho,

siyavuma ukuthi sihlukumeze izipho osiphe zona

zendalo ngenxa yokunganaki kanye nomhobholo.

Ilungu 5

Siyavuma ukuthi sidale umonakalo ongasoze waphela kwindalo yakho,

siyavuma ukuthi sikhinyabeze amandla endalo yakho okuba

ikudumise.

Kepha siyavuma ukuthi indalo yakho ibonisa inkazimulo yakho, esenza

sonke singabi nazo izaba kodwa yenze ukuba sikuqonde sikwazi.

Ilungu 6

Siyavuma ukuthi indalo yakho

inikeza ingqikithi yokuphila kwethu;

iyikhaya lethu, ingumbuso

esiphila kuwona impilo yombuso wakho.

Ilungu 7

Nkulunkulu Mdali wethu,

usinikeze zonke izizathu

zokuba sifunde ukuphilisana sihlalisane kahle nayo yonke indalo yakho.

Bonke

Sengathi thina njengezinceku zakho singasiza abanye,

sithande indalo yakho njengoba sikuthanda,

ngoKristu iNkosi yethu. Ameni

39
ISINGENISO

Emasontweni amathathu adlule sifunde futhi sabonisana ngobuhle

bendalo kanye nezinkinga zemvelo ezibhekene nemiphakathi yethu.

Kungenzeka ukuthi sithole nezinye izinkinga noma izinto esidinga

ukuzixazulula ezisikhungethe ezindaweni esiphila kuyona.

Kulelisonto sizophinda sicubungule sibonisane ngalezizinto esixoxe

ngazo ezahlukweni ezedlule ngenhloso yokwenza uhlelo (plan) lwendlela

esizosebenza ngayo ekubhekaneni nokuxazulula lezizinkinga.

Cubungulani isinyathelo ngasinye ningaxhamazeli ukuze ekugcineni

niqhamuke nohlelo (plan) enizosebenza ngalo olunesesekelo

sobuKrestu futhi esizoba nempumelelo. Sebenzisani

lomhlahlandlela esahlukweni ngasinye kwezedlule.

1. Khethani inkinga

Chazani ngamagama amafuphi injongo okuyiyona esemqoka

nezokwazi ukubhekana nayo. Ibhaleni phansi.

2. Tholani imibono

Cabangani izixazululo eziningi noma ngabe zizwakala zingeke

zezenzeke noma ziwubulima! Ningaqali nixoxisane ngazo.

3. Hlelani izisombuloko ngokubaluleka kwazo

Xoxisanani ngezixazululo ezimbalwa bese nikhetha lezo enizibona

zinobuKrestu futhi ezizokwazi ukubhekana nazo.

Xoxisanani ngokuba yikuphi okuhle ngazo kanti nokubi

ningakulibali.

4. Xoxisanani

Xoxisanani ngesixazululo esisodwa enifisa ukusebenza ngaso.

5. Qokani

Qokani ukuthi ngubani ozokwenzani, nini, kanjani futhi kuphi.

Sebenzani ngokucophelela. Bhalani phansi lokho okuvunyelwene

ngakho.

6. Buyekezani

Hlelani isikhathi nendawo lapho nizobuye nihlangane khona

ukwethula imibiko ngomsebenzi eniwenzile. Uma niphumelele,

xoxani ngokuthi nenze kanjani futhi kungani nenze kanjalo. Uma

ningaphumelelanga xoxisanani ngokuthi yikuphi okungahambanga

kahle nokuthi ningaluguqula kanjani uhlelo lwenu

ngokuzayo. Ningalahli ithemba.

40
LOMHLABA: YIKHAYA LETHU,

YISIPHO ESIVELA KUMDALI

Okokwengezela

Uhlelo lwezinkonzo nezifundo zebhayibheli
isahluko

1

imizuzu

engu-20

UBUHLE, NOKWAHLUKA-

HLUKANA KANYE

NEZIMANGALISO ZENDALO

AMAPHUZU OKUZINDLA

Cabanga nganoma yikuphi okulandelayo ukugxilisa ulwazi

lwakho:

1. Namuhla, abantu abaningi babona ubuhle, indalo kokwehlukana

kwayo kanye nezimangaliso zayo njengento eyithafa/indawo

lapho abantu bezibusisa khona ngempilo. Indalo bayibona njengesilwanekazi

esiziphilela ngokwaso, esiyingxenye nje yempilo.

Umhlabathi wona ufana nomgudu wokudla wesilwanekazi lapho

zonke izinto zimimilitwa khona, zigaywe maqede zakhiwe

kabusha. Izilwandle nemifula kusebenza njengezithuthi eziphakela

zonke izingxenye zalesisilwanekazi. Izitshalo nezihlahla

kona kungumdudu wokuphefumula. Izilwane zona zifana

nemizwa. Abantu ke bona yibo abenza kube nempilo kulelithafakazi.

Konke kubonakala kuyinto eyodwa noNkulunkulu.

AmaKrestu akholwa ukuthi uNkulunkulu wamukela umhlaba

ngoJesu waseNazaretha, kanti nomhlaba wamukela uNkulunkulu

ngaye.

2. Ngezinye izikhathi kuyaye kuthi lapho sibuyela ezindaweni

esakhulela kuzona ezazingamadlelo namahlathi, kodwa esezonakaliswa

yintuthuko, noma kambe siphosa amehlo emathafeni

asegcwele izindunduma zenkunkuma, kufika umuntu nenhlungu

kube sengathi sephucwe okuthile okuyigugu. Kanjalo njengoba

sibizelwe ukuhlonipha insimu yendalo, sibizelwe futhi ukuhlonipha

bonke abantu abaphila kulensimu.

3. Kudala abantu imvelo bebeyithatha kancane. Abanye bethi

‘imvelo yakhiwe izinto ezifile; ayinamphefumulo; akusho lutho

ukuthi isetshenziswa kanjani’. Kokunye abanye babone imvelo

imqoka kakhulu kangabgoba abantu beza isibili kuyona futhi

abekho mqoka. Ibhayibheli alichemile kulokhu.

4. Ibhayibheli libuka indalo ngokucophelela. Libuka imvelo njengento

ejabulisayo futhi enhle; kepha futhi inokungaqondakali.

. . 45
Kusobala ukuthi kunesibopho sokuthi wonke umuntu kufanele

UKUZINDLA: Ucabanga ukuthi yiliphi iqhaza ongalibamba

kulesisimo

. . . INKONZO

Kungaba kuhle ukuba lenkonzo yenzelwe ngaphandle engadini.

imizuzu

engu-45

ahloniphe imvelo, kepha futhi kunelungelo labantu lokuyengamela

ngandlela thize. Ngaphandle kwezitshalo nezinambuzane

ngabe azikho izivande. Ngaphandle kwabalimi bokubhekelela

izitshalo nezinambuzane, ngabe azikho izivande. Ngalokhoke

imvelo inokungaqondakali njengabo abantu. Imvelo ayinazo izilwane

ezinokugonwa ezidla izitshalo.

5. Imibhalo engcwele ithi indalo inesibonakaliso sayo yodwa.

KwiZaga sifunda ukuthi ‘uMoya weNhlakanipho’ awuhlali nje

kubantu kuphela kodwa ngaphezu komhlaba wonke nakuyo

yonke indalo (Izaga 8:22-31). Kanti kuMshumayeli sifunda

ukuthi “Inkambo yabantu nezilwane iyefana…kokubili kunomphefumulo

munye.” (Umshumayeli 3:19). Kungalesizathu konke

okwendalo kufanele kunakekelwe hhayi ukuthi kutuselwe

ubumqoka bakho kubantu. Eqinisweni, uthando lukaNkulunkulu

oluhlanganisa konke, lwabantu nokungebona abantu,

kuyisimo sendalo esihlanganisayo.

6. Ibhayibheli lithi uma abantu benakisisa ubuhle bemvelo, abayikugcina

nje ngokubona injabulo yoMdali ngobuhle bendalo,

kepha bayokwazi futhi bazizwele ubukho bukaNkulunkulu

endalweni. “Mawubuze izilwane, ziyakukufundisa; nezinyoni

zezulu, ziyakukutshela. Khuluma kuwo umhlaba, uyakukufundisa”

(uJobe 12:7-8). “Amazulu ayalanda ngenkazimula ka-

Jehova…nsuku zonke kuyakhuluma” (Amahubo 19:1-2).

Amalungiselelo:

Qala ngokubhala zonke izidingo zalenkonzo: okufana nebhayibheli,

amakhandlela, izinkondlo, umculo, izindwangu, itafula, izihlalo,

ubhasikidi nokunye. Kulenkonzo kudingeka usebenzise izinto zemvelo

ezifana nenhlabathi, amatshe, amanzi, amagobolondo, amahlamvu,

izimbali, izithelo, izimpande nokunye, ukuze kwakheke

isimo esifanelekile ekwakheni lenkonzo.

46
Iqembu livumelekile ukuzenzela eyalo iLitheji noma ukwamukela

izibonelo ezilandelayo ngezidingo zalo luthathelwa elwazini lwakuqala

ezifundweni zeqembu).

Beka ikhandlela elivuthayo phakathi nendawo endlini noma esontweni

kunye nezimpawu zendalo, ihlamvu, igobolondo, ucezu lwesithelo,

amanzi, amatshe, nenhlabathi okukokelezele ikhandlela.

Umholi

Vula inkonzo engadini ngomkhuleko omfishane. Umuntu ngamunye

anikezwe imizuzu engu-10 yokuzixhumanisa nemvelo mgomkhuleko.

Kungasiza bakhulume ngento ethile (umucu wotshani, isinambuzane,

ukukhanya kwelanga noma ithunzi eliphansi endlini nokunye).

Umuntu ngamunye ubuyela endlini nento ezobonisa akutholile

ensimini, okufana nembali, ihlamvu njalonjalo. Bendawonye baqala

ngeculo noma ngehubo elinesiqubulo semvelo.

Bese kufundwa umbhalo ofanelekile ebhayibhelini (Isibonelo,

AmaHubo 104.

Bengababili,

abantu baletha izimpawu zabo etafuleni eliphakathi nendawo endlini.

Umuntu uphethe into ethile, omunye ikhandlela elikhanyayo. U-

muntu ophethe uphawu ukhuluma kuqala: Uphawu lokuqala kungaba

yihlamvu:

Umuntu wokuqala…

■ Umuntu wokuqala: Nkosi siyakudumisa ngezihlahla ezisehlathini.

Siyabonga ngobuhle bazo, usizo lwazo kubantu negalelo elinazo

empilweni yethu kanye nesimo sezulu ezifundeni zethu

■ Umuntu wesibili: Sibasa lelikhandlela njengomkhuleko wokuvikelwa

kwamahlathi omhlaba nabantu bonke, izilwane nezinambuzane

ezihlala khona (ukhanyisa ikhandlela).

Iqembu lonke liphendula ngokucula: u-‘Amen, Amen…’ noma ke

esinye isiphendulo enizikhethele sona.

47
Uphawu lwesibili okungaba yigobolondo

■ Umuntu wokuqala: Nkosi, siyakudumisa ngezinhlanzi zonke nezitshalo

eziphila olwandle (ubeka igobolondo etafuleni).

■ Umuntu wesibili: Sibasa lelikhandlela njengomkhuleko wokuvikelwa

komhlaba namanzi kanye nabantu abethembele kukho (ubasa

ikhandlela).

ISIPHENDULO

Inhlabathi

■ Umuntu wokuqala: Nkosi, siyakudumisa ngenhlabathi okumila

kuyo zonke izitshalo (ubeka inhlabathi etafuleni).

■ Umuntu wesibili: Sibasa lelikhandlela njengomkhuleko wenhlabathi

yase-Afrika evame ukuba nesomiso noma nokuguguleka (ubasa

ikhandlela).

ISIPHENDULO

Isitsha

■ Umuntu wokuqala: Nkosi, siyakudumisa ngomoya esiwuphefumulayo

(ubeka isitsha etafuleni).

■ Umuntu wesibili: Sibasa lelikhandlela njengomkhuleko wokuthi

ukudla komhlaba kwabelwane ngakho nabantu bonke futhi kuphele

indlala (ubasa ikhandlela).

ISIPHENDULO

Ningaqhubeka nezinye izimpawu zendalo amalungu

eqemba azikhethele zona...

48
isahluko

2

UKUNGCOLA NENKUNKUMA

Yakhani isimo esinomkhuleko ngokubeka ikhandlela elibasiwe

phakathi neqembu. Fundani umbhalo ongcwele olandelayo kabili

noma nicele umuntu ozofunda. Thulani isikhashana emuva kokufunda

okukodwa.

Mathewu 23:23–28: Inselelo yokwenza lokho esikushumayelayo!

Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlambulula ingaphandle

lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!

Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze

kuhlanzeke ingaphandle layo!

Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo

abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo

abafileyo nokungcola konke!

Emuva kokufunda umbhalo nizindle ngamunye isikhashana

ngegama elikuthintile. Bheka imibuzo ngezansi bese nixoxa eqenjini.

Bhalani phansi izimpendulo zenu nixoxe ngazo nihlangene.

• Chaza ingozi edalwa ukungcoliseka komoya ezimpilweni zabantu

kanye nakwezemvelo esifundeni sakini?

• Ngabe sikugxeka kangakanani okubi okwenziwa ngabanye

abantu?

• Kungakanani ukungcoliseka komoya osukwenzile?

Umbhalo kufanele ufundwe nihlangene

Ngeke siwusekele umbono wentuthuko enokusimama uma ubukela phansi

umhlaba kanye nabantu abampofu. Ukuzinikela kwethu kufanele kube

sekusimamiseni imiphakathi yomhlaba kanye nomhlaba kaNkulunkulu futhi

esiwunikezwe nguNkulunkulu ukuze siphile. Lona ngumbono ophilise abantu

bakaNkulunkului eminyakeni eminingi ezimeni eziningi ezehlukene. Kungumbono

ovela ekuhlonipheni uNkulunkulu wokuphila. Ukutshelile, wena

49
ofayo, lokho okuhle, uNkulunkulu udinga nje ukuba usebenzele ubulungiswa,

nokuthanda umusa, nokuhamba noNkulunkulu wakho ngokuzithoba.

“Lona ngumhlaba kaNkulunkulu”

(Isitatimende se SACC mayelana ne WSSD 2002)

Kungenzeka sikwazi ukubonisa ngezindlela ezahlukene isibopho sethu

kwezemvelo. Akesibheke udaba lwenkunkuma: Okokuqala nje inkunkuma

yinto ejwayelekile kithi sonke. Siyayazi futhi ukuthi iyini, ngokunjalo futhi

siyazi ukuthi kukhona esingakwenza ukubhekana nalenkinga, nanoma ngabe

kuncane kangakanani. Kepha inkunkuma ineminye imixhantela. Udaleke

ngenxa yobungxiwankulu, nokuba isizwe esikhonze ukuthenga maqede

silahle, idalwa nayizinto zobuchwepheshe obuthile ezakhiwa ngaphandle

kokubhekelela imiphumela yazo ekuhambeni kwesikhathi eside.

Ngaphandle kwalesidingo sokuhlanganyela ndawonye ekusebenzeleni

ukuthola isixazululo ngenkinga yenkunkuma, ukwenza komuntu ngamunye

nakho kumqoka kakhulu. Emazweni enqubo yentando yeningi umbono

womphakathi unokwenza uguquko. Siyakubona lokhu ekwakhiweni kabusha

kwamaphepha nemithetho yokusetshenziswa kwezinto ezingenabungozi

emvelweni njengezikhwama zokuphatha (plastic packets), kanye nolwazi

ngezifundo zokunciphisa inkunkuma.

Kuthathwe enkulumeni yango 21 October 1993 – eyayenzelwe iqembu le-Pontifical

Academy of Sciences on Chemical Hazards in Developing Countries

Nansi eminye imibono yomnyakazo ongenziwa malungana

nesihloko esikhulume ngaso kulesifundo.

• Thola kumasipala wakho ukuthi ungenzani ngamaphepha, izingilazi,

amathini, amalahle kanye nemithi engasebenzanga.

• Qalani iqembu lokuqoqa izinto ezilahliwe emphakathii wenu.

• Thenga lokho okudingayo.

• Iningi labenzi bemisebenzi yezandla lisebenzisa izinto ezilahliwe.

Thola ukuthi bangobani futhi zinto zini abazisebenzisayo futhi

ubaqoqele zona.

50
AMANZI

Sicela nifunde loku okulandelayo:

Kuthathwe encwadini ye EMG – ‘Trading the Summit’ –

umdwebo ngu: Carlos Arnato

51
Emaqenjini amancane xoxisanani ngalemibuzo:

• Nicabangani ngombhalo othi “amanzi ayisidingo sakho konke”?

• Ngabe zikhona izinkinga enihlangabezana nazo ngokutholakala

kwamanzi endaweni yakini?

• Nicabanga ukuthi kulungile yini ukunikezelwa kokuphakelwa

nokuhlanzwa kwamanzi ezinkampanini ezizimele? Chaza.

• Ake nixoxisane ngezinto enisebenzisa ngazo amanzi?

Xoxisanani nibhale izimpendulo zenu ephepheni elikhulu

ukuze nibike eqenjini elikhulu.

Yakhani amaqembu abantu abangu 4–5 nifunde lokhu

okulandelayo bese nixoxisana niphendule imibuzo.

Inhlangano yezizwe (United Nations -UN) isimemezele unyaka ka 2003 njengonyaka

wamanzi ahlanzekile emhlabeni wonke. Ngaphandle kwamanzi

akukho ukuphila. Amanzi siwasebenzisela ukuphuza, ukugeza, ukupheka

nokuphakela imfuyo yethu. Kodwa akuyena wonke umuntu okwazi ukuthola

amanzi ahlanzekile ingasaphathwa eyamanzi okwenza ezinye izinto njengalezi

esezibaliwe. Abantu abaningi kusadingeka bahambe amabanga

amade ukuyokukha amanzi. Izibalo ezikhishwe inhlangano yezizwe zikhomba

ukuthi abantu bamazwe athuthukile basebenzisa amalitha alinganiselwa ku

400-500 wamanzi ngosuku. Kanti abantu bamazwe asakhulayo kuyaye

kuthiwe bayakwazi ukuthola amanzi ahlanzekile uma nje bethola amalitha

angu 20 umuntu ngamunye ngosuku. Kanti ke ezindaweni eziningi abantu

abawutholi kwawona lo 20 wamalitha okukhulunywa ngawo.

Emhlabeni wonke, amanzi asephenduke ibhizinisi. Omunye wemiphumela

yokuhwebelana ngokwezinga lomhlaba, yingcindezi ekhula ngamandla

kokunye engenasidingo yokunikezela imisebenzi kahulumeni ezinkampanini

ezizimele, njengophakelwa kwamanzi nemisebenzi yomasipala.

Abantu abasina bededelana kulomkhakha wamanzi emhlabeni wonke,

yizikhondlakhondla zezinkampani zamazwe athuthukile ezibona lokhu

njengethuba elihle kuzo lokwenza imali. Inkampani ebizwa ngokuthi yi-

‘Bretton Woods Institutions’ inikezela ngoxhaso lwezimali kwezinye zalezizinhlelo,

nokho ke loluxhaso luhambisana nemigomo ethize egcina ngokufaka

ingcindezi kulawo mazwe athole uxhaso. Esinye isikhondlakhondla

kulomsebenzi wamanzi yinhlangano yokuhweba yamazwe omhlaba (World

Trade Organisation-WTO) esebenzisa umgomo wayo kwezamanzi obizwa

ngokuthi yi-(General Agreement on Trade in Services-GATS). Lesivumelwano

noma lomgomo ubandakanye kona ukuhlanzwa nokuphakelwa kwamanzi

nezidingo ngqangi emiphakathini.

NjengamaKrestu nezishoshovu zokulwela ubulungiswa, kumele siqhubeke

52
nomkhankaso wokuqinisekisa ukuthi amanzi ahlanzekile nezidingo ngqangi

zentuthuko ziqhubeka nokunikezwa ngendlela efanele.

Uhulumeni omusha wentando yeningi eNingizimu Afrika useshayelwe

ihlombe ngemizamo ayenzile yokunikezela amanzi ahlanzekile kubantu

abalinganiselwa ezigidini ezingu 7 kusukela ngonyaka ka 1994. Noma kunjalo

lempi ayikanqontshwa, kusekuningi okumele kwenziwe. Imindeni engaphezu

kuka 70% ayinabo ngisho ompompi ezindlini zawo. Kanti futhi kusamele

kuthathwe izinyathelo ezinqala ngenhlanzeko emiphakathini ukuvikela ukubheduka

kwezifo ezitholakala emanzini angahlanzekile. Umnyango kahulumeni

obhekene nezamanzi namahlathi (The Department of Water Affairs &

Forestry-DWAF), sewukhiphe iphepha lemibono (white paper) echaza ngemisebenzi

yokuphakelwa kwamanzi. Loluhlelo lokuphakelwa kwamanzi

luyosebenza kuphela uma bonke abantu bebamba iqhaza ekuhlaziyweni

nasekusebetshenzisweni kwalo.

• Ngubani noma iyiphi inkampani eniphakela amanzi endaweni yakini?

• Ngabe zikhona izindawo ozaziyo lapho amanzi esalandwa emifuleni

nasemihosheni?

• Yiziphi ezinye izindlela zokukhuculula ezisetshenziswayo endaweni

yakini ngaphandle kwezindlu zangasese ezinamanzi ashaywayo

ukuhambisa indle?

• Ngabe yiluphi ushintsho olubonakalayo emisebenzini yokuphakelwa

kwamanzi endaweni yakini uma niqhathanisa nesikhathi

esingaphambi kuka 1994?

Xoxisanani ngezimpendulo zenu eqenjini elikhulu nizibhale

phansi

• Amanzi ayisidingo esikhulu sazozonke izinto. Ngabe lokhu kusinikeza

yiphi inselelo kumuntu ngamunye nasemphakathini?

Fundani umbhalo olandelayo nihlangene

NjengamaKrestu ukuqonda kwethu umzabalazo wenhlalakahle nentuthuthuko

kufanele kuqale ngokwamukela ukuthi umhlaba ungoka-

Nkulunkulu, nokuthi konke esikwenza kuwo kufanele kwenziwe ngokukhumbula

ukuthi ungokaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi ukuphila kwabantu

bonke, yizinto zonke eziphilayo nemvelo yonke ngokugcwala kwayo,

kuyizipho ezevela kuMdali okumele zibe yigugu, zihlonishwe futhi zijatshulelwe.

Ilungelo lokuba nempahla engeyakho, kumele lisetshenziswe

ngokuqonda ukuthi uNkulunkulu nguye onelungelo namandla obunikazi

kuleyompahla nakuzozonke izinto. Ngakho ke wonke umuntu kumele

53
akhumbule lesisivumelwano, okusho ukuthi impahla kumele inakekelwe

hhayi nje kuphela ukwanelisa umnikazi kepha nokusiza abanye.

Ngakho ke singeze sazibandakanya nanoma yiziphi izinhlelo ezisebenzisa

noma ziphathe indalo njengento yokuhwebelana. Singezibandakanye futhi

nezinhlelo ezingahambisani neqiniso lokuthi wonke umuntu unelungelo

elifanayo ekuhlumuleni ezintweni zemvelo lokhu okubuye kubizwe ngokuthi

yi-‘global commons’ izinto zomhlaba wonke.

“Lona ngumhlaba kaNkulunkulu”

(Isitatimende se SACC mayelana ne WSSD 2002)

Buyelani emaqenjini enu nixoxe ngalokhu okulandelayo:

• Yimuphi umyalezo owutholile kulezizitatimende?

• Bala izinto ezimbalwa ocabanga ukuthi zifanelwe ukuba zibe ngezomhlaba

wonke (global commons)?

Emasikweni amaningi amanzi athathwa njengento enobungcwele.

Amanzi anikeza impilo, ayisidingo nakwezempilo. Ayisiqalo sayo yonke

imisebenzi yomuntu ophilayo.

“Amanzi kufanele aphathwe njengesidingo esimqoka ngokwezenhlalakahle

ngokunjalo nangokwamasiko, hhayi njengento yokwenza

inzuzo.” Uma sibheka iNtshumayelo yaseNtabeni siyakhumbula

ukuthi uJesu wabakhuthaza kanjani abantu ukuba baphakele abanye

ngokuba babelane ngalokho abanakho (Mark 6:35). Ngobudlelwane

nje nokwabelana ngezinto eziyidingo, singaqiniseka ukuthi zonke

izidingo zempilo ziyatholakala ngoba izidingo zanele ukuba wonke

umuntu ahlomule. Ukusetshenziswa kwamanzi emindenini kuyilungelo

lawo wonke umuntu okungafanele lithengiswe. Sizokhumbula

ukuthi imiphakathi yamaKrestu asendulo ayephila ngokwabelana

nobudlelwane kanti kwakungekho muntu onegunya lobunikazi ezintweni

njengoba zonke izinto abanazo kwakungezomuntu wonke

(Izenzo 4:32).

IZITSHALO ZOKWENZIWA

“Kungakuhle bakhumbule labo abangeke bakwazi ukuzithiba ekuhungekeni

okuyingozi kwezitshalo zokwenziwa, ukuthi isisho esidala saseZambia sithi:

‘uma ufuna ukuhlola ukujula kwamanzi, ungafaki imilenze yakho emanzini.’ ”

(Chinsembo and Kanbikambi 2001)

54
Biowatch SA – South African People and Environments

in the Global Market Booklet 4 – August 2002

Emaqenjini abantu abangu 4–5 xoxani ngemibuzo

elandelayo

• Ucabanga ukuthi yini umehluko phakathi kwezitshalo zokuzenzela

kanye nelezo ezitshalwe ngokwemvelo?

• Yikuphi okucabangayo lapho ubheka ibalazwe elingenhla kanye

nencazelo ekulona?

• Wake wakudla ukudla kwezitshalo zokuzenzela?

Xoxani ngezimpendulo nihlangene futhi nizibhale ephepheni.

Yenzani amaqembu abantu abangu 4 – 5, fundani umbhalo

olandelayo bese nixoxa ngemibuzo

Izilimo zokuzenzela sezilinywe iminyaka engabalishumi. Ngaphandle kwemibuzo

yokuthi ngabe kulungile yini lokhu ngokwezinkolelo, kunemibuzo

ngegalelo lazizilimo kwezemvelo, igalelo lazo kwezomnotho, kubalimi abancane

kanye nasezimpilweni yalabo abazidlayo, yonke lemibuza igcina

ingaphendulekile.

Abesekeli bezilimo zokuzenzela bathi lezizilimo ziyisixazululo enkingeni

yokutholakala kokudla emazweni asacathulayo. Iqiniso ukuthi izinkampani

zezolimo emhlabeni, ezikhiqiza imbewu yezilimo zokuzenzela, zinokuvikelwa

kwezilimo zonke ezizikhiqizayo. Lokhu kuyizimo zamalungelo obunikazi

55
empahla, ezinikeza abasunguli baleyompahla amalungelo aphelele ngezinhloso

zohwebo esikhathini esithize. Kuhulumeni wethu kanye nabalimi

lokhu kuchaza ukwethembela ezinkampanini zomhlaba ezikhiqiza imbewu,

lokhu okuyodonsa isikhathi eside.

Ukuze isizwe sizimele, kufanele siziphathele ukunikezwa kokudla

kubantu. Ukutholakala kokudla nokuvikelwa kwakho kuyokwnzeka uma

bonke abantu, ngezikhathi zonke, bekwazi ukufinyelela ezindaweni

zokuthola ukudla futhi benawo namandla (imali) yokukuthenga lokho kudla.

Ukudla abakutholayo kube okunomsoco nokuphephile ukuze babhekele

izidingo zabo zokuphila kanye nokuzikhethela ukudla okuzobanika amandla

nempilo efanelekile

World Food Forum 1996

• Kungabe ilungelo lokudla lihlanganisa ukutholakala kolwazi

ngokudla esikunikezwayo na? Chazani.

• Chaza ulwazi oluthile olunganikezwa ngokudla esikudlayo?

• Bangaki abalimi abancane obaziyo esifundeni sakini?

• Yiziphi izindlela zokulima abazisebenzisayo? (Ukonga imbewuyezilimo

zabo ukwenzela isikhathi sokulima esilandelayo, ukuthenga

imbewu, ukushintshana ngembewu nabanye, ukulima ngaphandle

komanyolo wokwenziwa?

Xoxani ngezimpendulo nihlangene futhi nizibhale

ephepheni

Bheka imibuzo engezansi bese nixoxa eqenjini. Bhalani phansi izimpendulo

zenu bese nixoxa nihlangene

1. Kungabe ilungelo lokudla liyinto umuntu ngamunye angase

akwazi ukulithola ngokwakhe zikhathi zonke na?

2. Ngobani obona ukuthi bafanele ukuqinisekisa ukuthi wonke

umuntu kulelizwe uyakuthola ukudla?

3. Thina njengamaKrestu yikuphi esingakwenza ukuze kutholakale

ukudla kubantu besifunda sakithi?

Umbhalo wokufundwa kuhlangenwe

Umuntu ozibona enamandla okuguqula umhlaba ngomsebenzi wakhe,

uyakhohlwa ukuthi lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu sezinto zonke ezikhona.

Abantu bacabanga ukuthi bangenza nanoma yini ngomhlaba, okungaba

ukuwuthuthukisa ngokwezifiso zabo, okungathi azikho ezinye izinto uNkulunkulu

ayewudalele zona. Abantu yebo bangawuthuthukisa umhlaba kodwa

hhayi ukuwucekela phansi. Kunokuba babambisane noNkulunkulu emsebenzini

wendalo, bazibeka endaweni kaNkulunkulu bese begcina belwisana

56
nemvelo. Ngalokhoke abantu kufanele bahambisane nemvelo futhi bayihole

ukuze kubekhona intuthuko, kepha kufanele benze njengoMdali, ngenhlakanipho

nothando, kanye nokuhlonipha imvelo.

UPhapha uJohn Paul II, Centesimus Annus, 37

Impahla yomuntu ayisilona ilungelo eliphelele, kepha ngokwalo kufanele

lisetshenziswe ngokulinganayo kubantu bonke balomhlaba. NgokobuKrestu

sinokuthi, ukulinywa komhlaba kanye nokwengamela kwabantu imvelo

kufanele kuthathwe njengendlela yokunikeza ukudla kubantu kanye

nokuguqula umhlaba ubeyisinkwa somuntu wonke, ikakhulu abampofu.

Ngalokhoke sibizelwe kwizimo ezahlukene zepolitiki, zenhlalo nezomnotho –

ukuchaza esizukulwaneni samanje nesenkathi ezayo ngokusebenzisa kwethu

umhlaba okufanelekile.

Umbiko we Day of Thanksgiving for the Gifts of Creation

yango Novemba 2000

Buyelani emaqenjini nixoxe ngokulandelayo

• Yimuphi umbiko owutholile emazwini acashuniwe?

• NjengamaKrestu kungabe sikholwa ukuthi nanoma yiziphi izinto

noma izindlela zentuntutho zikulungele ukusetshenziswa ukuqiniseka

ukuthi bonke abantu bayakuthola ukudla?

• Yikuphi ocabanga ukuthi kufanele kube ngumhlahlandlela ezinokulunga

olungile, okufanele kulandelwe lapho kusetshenziswa

nanoma yibuphi ubuchwepheshe?

Siyazi ukuthi umbuso esiwunikwe nguMdali awusiwona amandla

aphelele okusebenzisa izinto zemvelo ngokuthanda kwethu. UNkulunkulu

wabeka umuntu ensimini yase-Edene ukuba ayilime futhi ayigcine

(uGenesise 2: 15). Lapho sibhekene nodaba lwezilimo zokuzenzela

kumele sikhumbule ukuthi asiphethwe kuphela yimithetho

yezemvelo, kepha neyezokulunga engeke yephulwa. Kunemibuzo

eminingi ngezilimo kanye nokudla kokuzenzela,okuyimibuzo esadingidwayo.

Kumele sijoyine abathengi, abalimi, ososayensi nezazi

zemvelo abanokukhathazeka ngobuchwepheshe obungahloliwe ngokwanele

obusetshenziswa kulezizilimo. Futhi kumele sikhumbule

ukuthi sinikezwe umsebenzi wokulima umhlaba futhi siwunakekele.

Sonke kufanele sinakekele imikhiqizo yomhlaba njengoba kwenza

uNkulunkulu.

Ukulima ngokusebenzisa umanyolo wemvelo hhayi owokuzakhela

kungcono ngoba kubhekela imvelo kanye nezimpilo zabalimi abancane.

Lokhu kufanele kuhlolisiswe futhi kukhuthazwe ngomfutho

ofanayo.

57
Inkonzo: Ukuhlela

Emuva kokujula ndawonye, kuhle ukukhuleka ndawonye njengesiko

lethu lobuKrestu. Inselelo esibhekene nayo inzima. Asikhulekele

uMoya oNgcwele kaNkulunkulu ukuthi ufike usisize emkhulekweni.

Inkonzo elandelayo ingalusizo ekuhleleni umgubho wangeSonto

ngaphansi kwesiqubulo sokudla kokuzenzela.

Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kweSonto lokugubha iLitheji,

iqembu labagqugquzeli kufanele lizilungiselele endlini yesonto lapho

bezobonisa khona ngeSonto.

Futhi kumele lihlobise indlu yesonto ngezingwembe, amafulegi,

izimbali, izimpawu ezithile, umbukiso webhalo esikwe kumaphephandaba

kanye nokukhetha amahubo afanele iLitheji.

INKONZO

Ihubo lokuvula

Ukubingelela nesandulelo

Umholi wamukela abantu abakhona futhi uyachaza ukuthi lena

yiLitheji eyisipesheli ngesiqubulo sobulungiswa bezemvelo.

Umkhuleko wokuvula

Umholi uqala umgubho weLitheji ngomkhuleko owakha isimo

sokwamukelana eGameni likaNkulunkulu nasesikweni lobuKrestu

ukuze sibhekelele ngothando nobulungiswa. Sikhulekela ukuthi

sisebenzise izimfanelo zomhlaba ngokuthi kusizakale abantu futhi

kuvikeleke ezemvelo.

IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI

Isifundo: Mathewu 7:15 –20

Xwayani abaprofethi bamanga; abeza kini bembathise okwezimvu,

kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyokubazi ngezithelo

zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane

ekhakhasini na? Kunjalo yilowo nalowo muthi uthela izithalo ezinhle,

kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Yilowo nalowo muthi

ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa uphonswe emlilweni. Njaloke

niyakubazi ngezithelo zabo.

58
Ukuzindla ngokufundiwe

Amaphuzu omholi – Bheka nansi eminye imibono inikezwe ngezansi

ukuze ulungiselele inkulumo yakho.

1. Ngoba asazi ukuthi kungadaleka ingozi engakanani kwimvelo

noma ezimpilweni zabantu ngalobubuchwepheshe, ukukhiqiza

ukudla kokuzakhela sikubona kungenakho ukulunga.

2. Akusikhona konke okucwebezelayo okuligolide.

3. Ningabesabi abantu; ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa

nokufihliweyo okungayikwaziwa (Mathewu 10:26).

AmaHubo 91:1–3

Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke, nohlezi emthinzini kaSomandla

uthi uJehova: Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.

Ngokuba yena uyakukhipha ogibeni lomcuphi nasobhadaneni olubhubhisayo.

Imikhuleko yokuphetha

Unokufisa ukuzifakela okwakho kwiLitheji ngokwesiko lomphakathi

webandla lakho emuva kokufunda imibhalo engcwele, noma ungaphetha

ngemikhuleko embalwa yokuhawukela kanye nomkhuleko

wokugcina.

59
IZINHLANGANO NEZINCWADI EZINOSIZO

IZINHLANGANO EZINGABANOSIZO

Izinhlangano ezilandelayo zingaba lusizo emizamweni yenu:

1. Wildlife & Environment Society of South Africa (WESSA)

100 Brand Road, Glenwood, 4001

Tel: 031 201-3126

E-mail: wlskzn@saol.com

Website: http://www.wessa.org.za

2. WESSA Umhlanga Branch

Contact: Alastair Carnegie

Tel: 031 566-4018

E-mail: alph.car@mweb.co.za

WESSA Umhlanga Branch also has its own website:

http://www.wessa-umhlanga.org.za

3. Coastwatch – Project of WESSA

Contact: Grant Trebble

Tel: 031 201-3126

E-mail: gtrebble@iafrica.com

Coastwatch deals with all marine and coastal issues.

4. Bergwatch – Project of WESSA

Contact: Meridy Pfotenhauer

Tel: 033 394-4064

E-mail: bergwatch@futurenet.co.za

5. Treasure Beach Project

P.O. Box 16126, Brighton Beach, 4009

Tel: 031 467-8507/8

6. Wilderness Action Group

P.O. Box 1098,Westville, 3630

Tel: 031 267-1822 Fax: 031 267-1838

E-mail: wrbainbr@iafrica.com

7. GroundWork

Contact: Bobby Peek

Tel: 033 342-5662

E-mail:bobby@groundwork.org.za

Website: http://www.groundwork.org.za

Groundwork deals with pollution issues in general but mostly

concentrates on air emissions.

8. Durban Natural Science Museum

Contact: Dr. Brett Hendey

Tel: 031 311-7645 Fax: 031 311-7509

E-mail: bretth@crsu.Durban.gov

60
9. South Durban Community Environmental Alliance (SDCEA)

Contact: Desmond D’Sa

Tel: 031 461-1991

E-mail: sdcea@sn.apc.org

SDCEA deals with pollution issues in the Durban South Area.

10. Earthlife Africa eThekwini

Contact: Bryan Ashe

Tel: 082 652-1533

E-mail: bryan@earthlife.org.za

Website: http://www.earthlife.org.za

Earthlife deals with pollution issues especially nuclear power and

incineration and Genetic Engineering to some extent, with a

strong community component.

11. SA Freeze Alliance on Genetic Engeneering (SAFeAGE)

P.O. Box 18977, Wynberg, 7824

Tel: 021 761 0549 Fax: 021 762-2238

E-mail: safeage@mweb.co.za

Website: http://www.safeage.org.za

Tollfree: 0800-221330

Durban contact: Dulcie Krige:

dulciekrige@cybertrade.co.za

SAFeAGE is an alliance of organisations and individuals

concerned about the effects of genetic engineering on our health,

farmers and society.

12. Association for Rural Advancement (AFRA)

Tel: 033 345-7607 or 345-8319 /8007

Fax: 033 345-5106

E-mail: afra@wn.apc.org

Website: http://www.afra.co.za

13. Environment Branch, Durban Physical Service Unit

P.O. Box 680, Durban, 4000

Tel: 031 300-2697

14. Botanical Society of South Africa

Contact: Wally Menne

Tel: 031 201-4648

E-mail: plantnet@iafrica.com

Website: http://www.botanicalsociety.org.za

15. Mountain Club

Contact: Steve Cooke

Tel: 031 701-0155

E-mail: steve@cookeandson.co.za

16. Food Gardens Foundation

P.O. Box 41250, Craighall, 2024

Tel: 011 880-5956 or 442-6835 or fax 442-7642

Sells good, fresh seed cheaply to members – also produces good

newsletter and planting tips

61
17. Environmental Monitoring Group (EMG)

P.O. Box 18977, Wynberg, 7824

Tel: 021 761-0549

Website: http://www.emg.org.za

18. Keep Durban Beautiful Association

P.O. Box 1535, Durban 4000

Tel: 031 303-1665

19. Environmental Justice Desk South African Catholic Bishops’

Conference (SACBC)

Contact: Ms. Dawn Linder

Tel: 012 323-6458

E-mail: dlinder@sacbc.org.za

20. Network of Earthkeeping Christian Communities in South

Africa (NECCSA)

Contact: Prof. Ernest Conradie

Tel: 021 959-2206

E-mail: econradie@uwc.ac.za

Website: http://www.neccsa.org.za

21. Crane Foundation

Contact: Janis O’Grady

E-mail: janis@futurenet.co.za

22. Centre for the Rehabilitation of Wildlife (CROW)

Tel: 031 462-1127

Wild Animal Rescue

23. FALCON

Contact: Mandy Crerar/Steve Smit

Tel: 031 763-4530

Animal rescue and the rights of animal activists

24. Tortoise Society

Contact: Terri Moore

Tel:031-765-3002

25. Clivia Club (Natal Branch)

P.O. 126, Eston, 3740

26. Fitzsimons Snake Park

P.O. Box 10457, Marine Parade, 4056

Tel: 031 307-6456

27. Natal Bird Club

P.O. Box 1218, Durban, 4000

Tel: 031 203-4340 or 031 806-5045

28. Umgeni River Bird Park

Tel: 031 831-733/4

62
EZAMANZI

1. Umgeni Water

P.O. Box 9, Pietermaritzburg, 3200

Tel: 033 341-1111

Website: http://www.umgeni.co.za

2. Department of Water Affairs and Forestry

Private Bag X313, Pretoria, 0001

Tel: 012 299-9111

UKUDLA NOMHLABA

1. Food and Trees for Africa

P.O. Box 2035, 2052 Gallo Manor

Tel: 011 803-9750

Email: trees@cis.co.za

Website: www.trees.co.za or www.eduplant.org

2. Valley Trust

P.O. Box 33, Bothas Hill, 3660

Tel: 031 777-1955

USELELWA KWENKUNKUMA (RECYCLING)

1. Mondi Recycling

P.O. Box 29074, Maydon Wharf, 4057

Tel: 031 206-0650

(Mondi in Merebank 031 451-2111)

2. Reclamation Group (Jacobs)

Tel: 031 465-2080

Paper and plastics

3. Collect-a-Can

Tel: 031 700-5935 or Toll free: 0800 111 232 (Westmead)

4. The Can Man

Tel: 031 701-3902

5. Enviro Plastics

Tel: 031 700-8126 (Westmead)

6. Nampak Paper Recycling

Tel: 031 507-1763

7. Natal Waste Paper

Tel: 031 902-8339

8. Will Gro Recycling

Tel: 031 205-2777 For paper, plastics and cans

Tel: 031 205-3865 For glass

63
9. Sappi Waste Paper

Tel: 031 462-2033

Recycling office: 031 303-1665

10. Recycling plastics

Tel: 031 465-3961

11. Recycling Coordinator: Durban Solid Waste

P.O. Box 1038, Durban, 4000

Tel: 031 302-4841/2

AMAQEMBU ANGABA NOSIZO

(ningathina nenhlangana yamabandla iDiakonia Council of Churches)

1. A Rainbow over the Land: A South African Guide on the

Church and Environmental Justice in South Africa

Edited by: Ernst Conradie & David Field.

2000, Western Cape Provincial Council of Churches

2. The Land is Crying for Justice: A Discussion Document on

Christianity and Environmental Justice in South Africa

June 2002, Ecumenical Foundation of Southern Africa (EFSA)

3. Ecotheology: Voices from South & North

1994, Edited by: David G. Hallman, WCC: Geneva

4. Earth Community, Earth Ethics

1996, Larry Rasmussen, WCC: Geneva

E Lelibhukwana lishicilelwe ngamaphepha ancibilikisiwe

ase ephinda esetshenziswa

Lilungiselwe ukushicilelwa ngabakwa Graphicos

64
Diakonia Council of Churches

P.O. Box 61341

Bishopsgate

4008 South Africa

ISBN 1-874985-59-6