SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches
SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches
SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
Kuyini ukufudumala komhlaba?

Kunamagesi afana ne-‘carbon dioxide’ kanye ne-‘methane’, abuye

aziwe ngokuthi yi-‘greenhouse’. Lamagesi akha untwentwesi emkhathini

olube seluvalela ukushisa emhlabeni kungadluleli emkhathini.

Lokhu kube sekwenza umhlaba ushise kakhulu – bese kudaleka

lokhu esithi ukufudumala komhlaba. Ngenxa yalokhukushisa kuba

sekushintsha nezikhathi zemvula kube nozamcolo ezindaweni eziningi.

Igesi i-‘carbon dioxide’ yiyona enomthelela omkhulu ekufudumaleni

komhlaba. Kanti ke legesi iqhamuka kakhulukazi ezimbonini

nokushiswa kwemikhiqizo kawoyela. Ukubulawa kwamahlathi

nakho kwakha lamagesi ayingozi. Lokhu kungenxa yokuthi izihlahla

phela zinciphisa inani lalegesi ‘carbon dioxide’, ngokuyisebenzisa

ekukhiqizeni umoya lona esiwuphefumulayo i-‘oxygen’, ukushatshalaliswa

kwezihlahla eziningi kusho ukwanda kwalegesi.

Kunobufakazi bokuthi izinto ezenziwa ngabantu nazo zinegalelo

ekushintsheni kwesimo sezulu. Abantu bamazwe athuthukile bangu-

20% nje kuphela wenani labantu emhlabeni, kepha basebenzisa u-

80% wezimfanelo nezidingo zomhlaba jikelele. Ngenxa yalempilo

yokunethezeka, lamazwe ayathinteka kakhulu ekungcoliseni indalo

okudala ukufudumala komhlaba.

Kwamanye amazwe asathuthukayo afana neNingizimu Afrika

abantu balingisa imikhuba yaseNyakatho. INingizimu Afrika ingeyesithathu

emazweni akhiqiza kakhulu amagesi ayingozi. Kulamazwe

kanye nezwe lethu, umuntu ngamunye ukhiqiza amathani alishumi e-

‘carbon dioxide’ ngonyaka. Lokhu kulenza izwe lethu likhiqize legesi

ngokuphindiwe kunamanye asathuthukayo.

Ukufudumala komhlaba kanye nezinguquko ezidalekayo kwisimo

sezulu kuyinselelo ekhathaza kakhulu esibhekene nazo kulenkathi.

UKUNGCOLISEKA KWEMVELO

Ukungcoliseka kwemvelo kuwukungcola (kwamanzi, inhlabathi

kanye nomoya) okudalwa udoti wabantu. Emhlabeni wonke sikhiqiza

ukungcola ngesivinini esiphezulu uma kuqhathaniswa nemizamo

yokukukhuculula. Siphila emhlabeni wokudla ukudla okusheshayo

maqede kulahlwe udoti nanoma yikanjani. Kuliqiniso ukuthi amazwe

athuthuke kakhulu yiwona angcolisa kakhulu imvelo kepha namanye

asathuthukayo njengeNingizimu Afrika nawo awazibekile phansi.

21