15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UMYALEZO OVELA KUSIHLALO WE DIAKONIA

Ubudlelwane bethu nezendalo kubandakanya ubudlelwane bethu

nabanye abantu kanye noMdali. Kumele sivume ukuthi asiwenzanga

ngokuphelele umsebenzi wethu wokukhuthaza ukunakekelwa

kwazo zonke izidalwa ezisemhlabeni. Eqinisweni thina sisonke,

omunye nomunye, sibe nesandla ekucekelweni phansi kwendalo.

Lokhu kube ngenxa yezenzo zethu kanti nangakho ukungenzi lutho.

Sishaye sengathi asiboni lapho kwenziwa izinto eziyingozi

emphakathini kanye nendalo yonke.

Isikhathi sesifikile sokuba sizinikele ngokuphelele emsebenzini

wethu wokunakekela indalo. Umkhosi walonyaka wokwenza

ubulungiswa (Social Justice Season) usinika inselelo yokuba

singagcini nje ngokuzindla ngezinkinga esibhekene nazo, kepha

sisukume senze okuthize ukuguqula isimo. Lomkhosi

uyasikhumbuza ukuthi konke okulapha emhlabeni kungcwele,

ngakho ke kudinga ukuphathwa ngenhlonipho.

Siyanibonga futhi sinihalalisela nina kanye namabandla enu

ngokuyamukela lenselelo. Sikhulekela ukuthi ukuzinikela kwenu

nemisebenzi enizoyisungula kungaba yisibonelo esihle kuwo wonke

umphakathi wamakholwa waseThekwini.

Sengathi uNkulunkulu anganibusisa aniphe ukuqonda

ngesikhathi nisebenzisa lelibhuku, ukuqonda ukuthi ‘Lomhlaba,

yikhaya lethu eliyisipho esivela kuMdali’.

Bishop Rubin Phillip

USIHLALO

We-Diakonia Council of Churches

4

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!