15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Inkonzo: Ukuhlela

Emuva kokujula ndawonye, kuhle ukukhuleka ndawonye njengesiko

lethu lobuKrestu. Inselelo esibhekene nayo inzima. Asikhulekele

uMoya oNgcwele kaNkulunkulu ukuthi ufike usisize emkhulekweni.

Inkonzo elandelayo ingalusizo ekuhleleni umgubho wangeSonto

ngaphansi kwesiqubulo sokudla kokuzenzela.

Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kweSonto lokugubha iLitheji,

iqembu labagqugquzeli kufanele lizilungiselele endlini yesonto lapho

bezobonisa khona ngeSonto.

Futhi kumele lihlobise indlu yesonto ngezingwembe, amafulegi,

izimbali, izimpawu ezithile, umbukiso webhalo esikwe kumaphephandaba

kanye nokukhetha amahubo afanele iLitheji.

INKONZO

Ihubo lokuvula

Ukubingelela nesandulelo

Umholi wamukela abantu abakhona futhi uyachaza ukuthi lena

yiLitheji eyisipesheli ngesiqubulo sobulungiswa bezemvelo.

Umkhuleko wokuvula

Umholi uqala umgubho weLitheji ngomkhuleko owakha isimo

sokwamukelana eGameni likaNkulunkulu nasesikweni lobuKrestu

ukuze sibhekelele ngothando nobulungiswa. Sikhulekela ukuthi

sisebenzise izimfanelo zomhlaba ngokuthi kusizakale abantu futhi

kuvikeleke ezemvelo.

IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI

Isifundo: Mathewu 7:15 –20

Xwayani abaprofethi bamanga; abeza kini bembathise okwezimvu,

kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyokubazi ngezithelo

zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane

ekhakhasini na? Kunjalo yilowo nalowo muthi uthela izithalo ezinhle,

kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Yilowo nalowo muthi

ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa uphonswe emlilweni. Njaloke

niyakubazi ngezithelo zabo.

58

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!