15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ukuxoxisana

Eminye imibono yalokho esingankwenza:

1. Asincibilikise sakhe kabusha amaphepha, amakhalibhodi, izingilazi

kanye nezinsimbi futhi siyeke ukusonga ngokweqile, kunalokho

siphathe izikhwama noma obhasikidi lapho siyothenga

ezitolo.

2. Uma unemoto, yigcine isesimeni esilungile futhi amathayi ahlale

egcwele umoya, okungasiza ukunqanda ukuphuma kwegesi yekhabhoni.

3. Asitshale izihlahla ukuze sithole umthunzi ngoba zona zimunca

ikhabhoni.

imizuzu

engu-5

UKUVALA

Umholi

Sibonile ngezinye zezinselelo zemvelo esibhekene nazo kanye neqhaza

esilindeleke ukulibamba njengamaKrestu ekusimamiseni

imvelo okungesiyona eyethu, kepha esenziwe NguNkulunkulu ukuba

yizithunywa zayo. Asivale ngomkhuleko.

Hlanganyelani emkhulekweni

UHLELO LWENKONZO

Ihubo lokuvula

Ukubingelela nokwamukelana

Umholi wamukela abantu futhi uyachaza ukuthi lena yinkonzo eyisipesheli

ngesiqubulo sobulungiswa bezemvelo nokufudumala komhlaba.

Umkhuleko wokuvula

Umholi uqala umgubho wenkonzo ngomkhuleko owakha isimo

sokwamukela iZwi likaNkulunkulu kanye nesiko lobuKrestu ukuze

siphendule ngothando ekusebenzeleni ubulungiswa bemvelo. Indalo

ngokwayo iyokhululeka ebugqilini ngolunye usuku. Akufanele silahle

ithemba nanoma ngabe inselelo esibhekene nayo inkulu kangakanani.

25

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!