15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ISINGENISO

Zine izinto ezincane emhlabeni,

kepha ezihlakaniphe kakhulu:

izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,

kepha zikwazi ukuzibekela ukudla kwazo ehlobo;

izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,

kepha zikwazi ukwakha izindlu zazo emadwaleni;

izinkumbi azinankosi,

kepha ziphuma zonke ngamaviyo;

isibankwa ungasibamba ngesandla,

kepha sitholakala ngisho ezindlini zamakhosi. – Izaga 30:24–28

Lezizifundo zebhayibheli kanye nezinkonzo zilungiselelwe ukusetshenziswa

emabandleni aseThekwini ngesikhathi somkhosi wobulungiswa

(Social Justice Season) ngenyanga ka Agasti ku 2003. Nokho

lezizifundo zikulungele ukusetshenziswa yinoma yiliphi iqembu

elifisa ukwenza okuthile ngezinkinga zemvelo. Lokhu lingakwenza

ligxile okholweni nokulalela ukuthi uNkulunkulu uliholela ukuba

lenzeni.

Isiqubulo salomkhosi sisikhumbuza ukuthi ngempela lomhlaba

esihleli kuwo asizakhelanga wona kepha uyisipho esivela kuMdali.

Leli yikhaya lethu, okungukuphela kwalo.

Esahlukweni sokuqala sizogxila siveze ubuhle, izinhlobonhlobo

zendalo kanye nezimangaliso zayo. Isisekelo salezizihloko kuzobe

kungukholo lwethu lobuKhristu.

Esahlukweni sesibili sizovumbulula ezinye zezinselelo umhlaba

obhekene nazo, ezingacekela phansi ubuhle bendalo kaNkulunkulu.

Sizohlola imikhakha ethile efana nokwenyuka kwezinga lokushisa

emhlabeni, ukungcoliseka kwamanzi nezinye izindlela abantu abacekela

ngazo phansi balimaze imvelo. Kuliqiniso ukuthi abanye

abantu abaqondi ngengozi abayenzayo endalweni. Nokho abaningi

bazi kahle kepha ngenxa yomona kwezomnotho, ukuphangelana

ngezikhundla noma uqondo wokuthi “anginandaba”, bayaqhubeka

nokucekela phansi imvelo.

Isahluko sesithathu sincike esiqubulweni esithi “lapho ucabanga,

bhekelela izwe lonke, kepha uma wenza okuthile, yenze izinhlelo

zendawo yangakini”. Sizobheka izihloko ezithile eziyinselelo ngokwezindawo

zethu bese sibheka ukuthi ngabe umuntu ngamunye

5

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!