15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

imizuzu

engu-5

UKUJULA NGOMCABANGO

Umuntu ngamunye akafunde futhi azindle ngalokhu

okulandelayo

Abantu kanyenendalo yonke kuxhumene kakhulu. Ulwazi lwezesayensi

yesimanje selwenze okuningi ekwakheni kabusha umlando

womhlaba – okubonakala kungumsebenzi osuqhubeke iminyaka

eyizigidigidi; nokungumsebenzi odidiyela umhlaba, impilo kanye

nabantu, sengathi kwakuyizahluko ezintathu zancwadi yinye.

Umongameli we-Queen’s College e-Cambridge, eNgilandi, kanye

nosomaqhuzu kwezolwazi lwezesayensi, u-John Polkinhorne usanda

kuthola umklomelo wamadola ayisigidi ngolwazi lwakhe olujulile

ngobudlelwane obuphakathi kwesayensi nezenkolo. Ebhala ngenqubo

yokudalwa komhlaba, u-Polkinhorne uphawula ukuthi uNkulunkulu

ukhona kuzo zonke izinto ezisemhlabeni. “Umoya ka-

Nkulunkulu ongashabalali ukhona ezintweni zonke” (Wisdom-iZazi

12:1 etholakala ebhayibhelini elibhalwe ukuthi ngelaseJerusalema).

Sinokubona futhi lokhu kuxhumana ehubeni elikhulu labaseKolose.

Akukona nje kuphela ukuthi zonke izinto zidalwe ngoJesu, kepha

zonke izinto kufanele zibuyisane ngaye. NguKristu kuphela: uyikho

konke futhi usezintweni zonke (abaseKolose 3:11).

Kepha imvelo ayinakufaniswa noNkulunkulu. Imvelo inomkhawulo

futhi iyaguquguquka. ‘Kunesikhathi sokuzalwa, nesikhathi

sokufa, isikhathi sokutshala nesikhathi sokuvuna” (Umshumayeli

3:2). Nomakunjalo, siyasho ukuthi uNkulunkulu ukuyona yonke

imvelo, futhi yonke imvelo ikuNkulunkulu.

Ngalokhoke lapho thina bantu sicekela phansi izinto zemvelo,

umphumela wokuqala owokuthi sibulala ubukhona buka-

Nkulunkulu (Thomas Berry). Lokhu kusenza siqiniseke ngokuphelele

futhi samukele ukuthi impilo yabantu esizukulwaneni esizayo

izoshabalala uma singavikeli sisimamise impilo yezinye izinto zemvelo;

nokuthi kungeke kwabakhona ukuthula emhlabeni ngaphandle

kokuba siqale sibuyisane nendalo.

Kulenkathi yanamuhla sifanele ukucabanga ngezinto ezithinta

umhlaba wonke. Kufanele sihlole izenzo zethu negalelo lazo ezintweni

zemvelo. Siyophendula phambi kukaNkulunkulu ngokunakekelwa

komhlaba. Kungumsebenzi wethu ukuzama ukulungisa umonakalo

osuwenzekile, nokuvikela indalo sibuyisele amanoni omhlaba.

12

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!