15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

akhumbule lesisivumelwano, okusho ukuthi impahla kumele inakekelwe

hhayi nje kuphela ukwanelisa umnikazi kepha nokusiza abanye.

Ngakho ke singeze sazibandakanya nanoma yiziphi izinhlelo ezisebenzisa

noma ziphathe indalo njengento yokuhwebelana. Singezibandakanye futhi

nezinhlelo ezingahambisani neqiniso lokuthi wonke umuntu unelungelo

elifanayo ekuhlumuleni ezintweni zemvelo lokhu okubuye kubizwe ngokuthi

yi-‘global commons’ izinto zomhlaba wonke.

“Lona ngumhlaba kaNkulunkulu”

(Isitatimende se SACC mayelana ne WSSD 2002)

Buyelani emaqenjini enu nixoxe ngalokhu okulandelayo:

• Yimuphi umyalezo owutholile kulezizitatimende?

• Bala izinto ezimbalwa ocabanga ukuthi zifanelwe ukuba zibe ngezomhlaba

wonke (global commons)?

Emasikweni amaningi amanzi athathwa njengento enobungcwele.

Amanzi anikeza impilo, ayisidingo nakwezempilo. Ayisiqalo sayo yonke

imisebenzi yomuntu ophilayo.

“Amanzi kufanele aphathwe njengesidingo esimqoka ngokwezenhlalakahle

ngokunjalo nangokwamasiko, hhayi njengento yokwenza

inzuzo.” Uma sibheka iNtshumayelo yaseNtabeni siyakhumbula

ukuthi uJesu wabakhuthaza kanjani abantu ukuba baphakele abanye

ngokuba babelane ngalokho abanakho (Mark 6:35). Ngobudlelwane

nje nokwabelana ngezinto eziyidingo, singaqiniseka ukuthi zonke

izidingo zempilo ziyatholakala ngoba izidingo zanele ukuba wonke

umuntu ahlomule. Ukusetshenziswa kwamanzi emindenini kuyilungelo

lawo wonke umuntu okungafanele lithengiswe. Sizokhumbula

ukuthi imiphakathi yamaKrestu asendulo ayephila ngokwabelana

nobudlelwane kanti kwakungekho muntu onegunya lobunikazi ezintweni

njengoba zonke izinto abanazo kwakungezomuntu wonke

(Izenzo 4:32).

IZITSHALO ZOKWENZIWA

“Kungakuhle bakhumbule labo abangeke bakwazi ukuzithiba ekuhungekeni

okuyingozi kwezitshalo zokwenziwa, ukuthi isisho esidala saseZambia sithi:

‘uma ufuna ukuhlola ukujula kwamanzi, ungafaki imilenze yakho emanzini.’ ”

(Chinsembo and Kanbikambi 2001)

54

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!