15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

yehluke kwenye nenye nokuyizinkomba zokuthi iyini. Ukulumbanisa lezizinto

(genetic engineering) kusho ukwengezwa noma kususwe lemifuziselo

entweni ephilayo ukuze kushintshwe ezinye zezimpawu zayo. Lokhu kwenziwa

ezizindeni zokucwaninga ngezesayensi kanti kwehluke kakhulu kwinqubo

yokulumbanisa ngokwemvelo.

Lokhu kulumbanisa kwenziwa ezintweni ezifanayo, isibonelo, umfuziselo

othile othathwe egilebhisini bese ufakwa kwelinye igilebhisi. Kanti futhi

lokhu kuyenziwa nasentweni ezingahlobene, njengokuthatha umfuziselo

wesilokazana (bacteria) esikhiqiza ubuthi obubulala izilwanyana ezicekela

phansi ukotini njengomswenya obizwa nge-‘boll worm’ uwufake esitshalweni

sikakotini. Lowokotini ube sewuba wubuthi ezilwanyazaneni eziwudlayo

ngaleyondlela awube usadliwa yizilwanyana. Lokhu kungasiza kakhulu

abalimi ngokuthi akube kusadingeka ukuba bangachelele izitshalo zabo

ngamakhemikhali ayingozi. Abalimi abancane eMakhathini Flats eNyakatho

yaKwaZulu-Natali basohlelweni olubakhuthaza ukuthi batshale izitshalo

zikakotini owenziwe ngalendlela.

Kepha, ososayensi baxwayise ngokuthi lenqubo yembewu yokuzenzela

ingubuchwepheshe obungacacile futhi obunemiphumela engakaziwa, eminye

yayo engabayingozi kubantu nakwezemvelo. Ngo-2002 izwe laseZambia

lenqaba ukwamukela usizo lokudla okwakukade kukhiqizwe ngembewu

yalokukulumbanisa, phezu kokuba libhuqabhuqwa yindlala. Ososayensi

bakhona baveza ukuthi lokhu kudla kungadala ubuthi obusha ekudleni futhi

kungaveza nezifo ezahlukene, kuthene amandla ezivikela mzimba kanti futhi

kungehliza nezinga lomsoco ekudleni. Baphinde baxwayise ngokuthi lokhu

kudla kungonakalisa ukudla kwemvelo futhi kukhinyabeze ukuhwebelana

kwabo nezimakethe zokudla emazweni aseYurophu lapho abathengi

bengakufuni khona ukudla kwembewu yokuzenzela (GM seeds).

Ngenkathi yokulima ku-2002/3 iNingizimu Afrika yatshala ingxenye engu-

70% yembewu kakotini elumbanisiwe, kwaba ngu-12% wesoya, kwaba ngu-

20% wommbila obomvu kanye no-3% wombila omhlophe. Umbila omhlophe

ungukudla okumgogodla kuleli, kanti ukulumbaniswa kwawo sekudale

ukukhathazeka kwabaningi, ikakhulu ngenxa yokwenyuka kobhubhane

lwegciwane leNgculazi kulelizwe kanye nesidingo sokudla okunomsoco

nokusezingeni eliphakeme kulabo bantu abagulayo.

Ukudla kwembewu yokuzenzela (GM seeds) kuvikelwa futhi kukhuthazwa

yizinkampani zamazwe omhlaba ngesizathu sokuthi kuyokwandisa isivuno

sokudla, kunciphise ukusetshenziswa kwemithi eyingozi ebulala izilwanyana

ezidla izitshalo kanti futhi kuyoxazulula inkinga yendlala e-Afrika. Yonke

lemibono ikhombisa ukungabi yiqiniso. Ukudla kwalolu hlobo akuqinisekisi

ukwanda kwesivuno zikhathi zonke, isibonelo, isoya yembewu yokuzenzela

ikhiqiza kusukela ku-5-10% ngaphansi kwesivuno sembewu ejwayelekile.

Kanti izilwanyazana nazo seziphenduke zaba namandla okumelana nobuthi

32

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!