15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

AMAZWI ABHEKISWE KUBAHOLI BAMAQEMBU

Uma uhola iqembu elisha, kubalulekile ukuthi uchithe isikhashana

emhlanganweni wokuqala usiza amalungu eqembu ukuthi azane.

Lapho umema abantu eqenjini, ubacele baphathe amabhukwana

abo okubhala amaphuzu abalulekile, amapeni kanye namabhayibheli.

Ukufunda indima yebhayibheli noma isahluko esithathwe ezincwadini

ezahlukene kuvame ukunikeza ulwazi olusha.

Isahluko ngasinye sihlelelwe ukuthatha amahora amabili. Izikhathi

ezibekiwe zengxenye ngayinye yezahluko, zizoya ngokuthi

iqembu lingakanani nokuthi lidinga isikhathi esingakanani.

Izigaba zesahluko ngasinye zimiselwe ukusetshenziswa njengezibonelo

zezingxoxo. Amaqembu awalindelekile ukuthi azenze zonke

izigaba ngobunjalo bazo. Ibhukwana leli lizosetshenziswa njengesisekelo

sokwelekelela amabandla ukuveza eyawo imibono.

Indlela yokukhuthaza ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza ezingxoxweni,

kungaba ukuthi amaqembu angabi nabantu abangaphezu

kwesikhombisa. Uma iqembu lakho linabantu abangu 13, kungabangcono

ulehlukanise amaqenjana amancane.

Khuthaza wonke umuntu ukuthi akhulume ngokuthi ubajwayeze

ukuthi baxoxisane emaqenjini amancane, babe ngababili noma ngabathathu.

Azikho izimpendulo okuthiwa “ezifanele”. Njengoba umuntu

ngamunye ebaluleke ngendlela yakhe yedwa, futhi ngamunye enolwazi

olwehlukile, ngokunjalo nendlela aqonda ngayo ukholo lwakhe

yehlukile. Ngakho ke:

• Lalelisisa ngenhlonipho umuntu ngamunye.

• Vumela bonke abantu ukuthi bakhulume ngalokho abafuna

ukukusho, noma ngabe akukuphathi kahle noma ungavumelani

nakho.

• Amanye amaphuzu nemibono ingashuba kakhulu ize ithikameze

imimoya yabanye abantu, zama ukwehlisa umoya,

ukhuthaze iqembu ukubhekana nomsebenzi ophambi kwalo.

• Yamukela imibono yabanye, uNkulunkulu angakumangaza

ngemibono emisha.

7

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!