15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

U-Henry Nkuna okhulumela abenhlangano ephikisana nokudayiswa

kosizo lokutholakala kwamanzi (Anti-Privatisation) wathi izakhamizi

zasemaphandleni nasemalokishini zazilindeleke ukukhokha u-R14

nje kuphela ngenyanga wokukhokhela amanzi ngenkathi yobandlulo.

Lemali yenyuka yaba u-R88 ngenyanga emuva kuka-1994, ngaphambi

kokuthi yenyukele ku-R500 ngenyanga emuva kokuthatha kwe-

Greater Nelspruit Utility Co. – GNUC) ngo-1999 okungozakwabo be-

Biwater.

“Lokhu kuyinqubo yokwenza inzuzo nje kuphela. Ingxenye yezakhamizi

zasemalokishini ayisebenzi. Bangalindeleka kanjani ukukhokha

u-R500 ngenyanga?” kubuza uNkuna.

Ningababili

Xoxisanani ngokuthi yikuphi okunithinte kakhulu ngalombhalo.

imizuzu

engu-15

Ukuvikeleka kokudla

Umholi

Ukuvikeleka kokudla kuchaza ukutholakala kokudla ngendlela

efanele kubantu bonke ukuze baphile kahle futhi bazi ukuthi izingane

zabo ziyokuthola ukudla.

Ezinye zezinto ezithikameza ukuvikeleka kokudla eNingizimu Afrika:

• Ukuntuleka kwemisebenzi kanye nobuphofu – okwenza abantu

bangakwazi ukuzithengela ukudla ezitolo.

• Ukungabi namhlaba wokuzilimela ukudla.

• Ukusetshenziswa komhlaba ukulima ukudla kokuletha inzuzo

okufana nomoba, kunokuba kulinywe ukudla okufana nommbila,

imifino kanye nezithelo okungatholakala kangcono kubantu bonke.

• Inqubo engalungile yohwebo emhlabeni ephoqa amazwe ukuthi

athengise noma athenge ukudla kwawo kwamanye amazwe, kunokuba

azilimele wona ukudla ukuze asimame kwezolimo.

• Ukukhula kokusetshenziswa kokudla kwembewu yokuzakhela,

okuthikameza impilo kanye nomsebenzi wabalimi, kanti futhi ekugcineni

kulimaza izitshalo ezifana nombila.

Ilungu leqembu lizofunda umbhalo ongezansi:

Izinto eziphilayo zinezinto ezingumfuziselo (genes) wohlobo ngalunye lwaleyonto,

okuyizona eziyinkomba yezimpawu ezenza into ngayinye ephilayo

31

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!