15.06.2015 Views

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SJS BibleSudy - Zulu FINAL - Diakonia Council of Churches

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

empahla, ezinikeza abasunguli baleyompahla amalungelo aphelele ngezinhloso

zohwebo esikhathini esithize. Kuhulumeni wethu kanye nabalimi

lokhu kuchaza ukwethembela ezinkampanini zomhlaba ezikhiqiza imbewu,

lokhu okuyodonsa isikhathi eside.

Ukuze isizwe sizimele, kufanele siziphathele ukunikezwa kokudla

kubantu. Ukutholakala kokudla nokuvikelwa kwakho kuyokwnzeka uma

bonke abantu, ngezikhathi zonke, bekwazi ukufinyelela ezindaweni

zokuthola ukudla futhi benawo namandla (imali) yokukuthenga lokho kudla.

Ukudla abakutholayo kube okunomsoco nokuphephile ukuze babhekele

izidingo zabo zokuphila kanye nokuzikhethela ukudla okuzobanika amandla

nempilo efanelekile

World Food Forum 1996

• Kungabe ilungelo lokudla lihlanganisa ukutholakala kolwazi

ngokudla esikunikezwayo na? Chazani.

• Chaza ulwazi oluthile olunganikezwa ngokudla esikudlayo?

• Bangaki abalimi abancane obaziyo esifundeni sakini?

• Yiziphi izindlela zokulima abazisebenzisayo? (Ukonga imbewuyezilimo

zabo ukwenzela isikhathi sokulima esilandelayo, ukuthenga

imbewu, ukushintshana ngembewu nabanye, ukulima ngaphandle

komanyolo wokwenziwa?

Xoxani ngezimpendulo nihlangene futhi nizibhale

ephepheni

Bheka imibuzo engezansi bese nixoxa eqenjini. Bhalani phansi izimpendulo

zenu bese nixoxa nihlangene

1. Kungabe ilungelo lokudla liyinto umuntu ngamunye angase

akwazi ukulithola ngokwakhe zikhathi zonke na?

2. Ngobani obona ukuthi bafanele ukuqinisekisa ukuthi wonke

umuntu kulelizwe uyakuthola ukudla?

3. Thina njengamaKrestu yikuphi esingakwenza ukuze kutholakale

ukudla kubantu besifunda sakithi?

Umbhalo wokufundwa kuhlangenwe

Umuntu ozibona enamandla okuguqula umhlaba ngomsebenzi wakhe,

uyakhohlwa ukuthi lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu sezinto zonke ezikhona.

Abantu bacabanga ukuthi bangenza nanoma yini ngomhlaba, okungaba

ukuwuthuthukisa ngokwezifiso zabo, okungathi azikho ezinye izinto uNkulunkulu

ayewudalele zona. Abantu yebo bangawuthuthukisa umhlaba kodwa

hhayi ukuwucekela phansi. Kunokuba babambisane noNkulunkulu emsebenzini

wendalo, bazibeka endaweni kaNkulunkulu bese begcina belwisana

56

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!