25.04.2014 Views

ISIZULU

ISIZULU

ISIZULU

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ISIMO ESIBUCAYI

UZuma akagcwalisi isethembiso asenza sokuba uMongameli wabo bonke abantu baseNingizimu

Afrika

LIZEKA MDA

Ngezinsuku zokugcina zokukhankasa kwamaqembu

ekhankasela ukhetho kunezinto eziningi

ezingahambanga kahle. Abantu babelindele ukuthi

kwakuzothi kungadlula ukhetho bese kwehlukanwa

nezinto ezinjalo.

Lokhu kubandakanya iqembu likaKhongolose

elasebenzisa budedengu amandla okuphatha,

njengalapho umNyango weSocial Development

unikeza abantu izijumba zokudla – okukhokhelwa

ngabakhokhi bentela – njengemana evela eqenjini

likaKhongolose. Kwenye inkathi abantu

babenganikwa izijumba lezo uma bengakhombisi

amakhadi obulunga benhlangano kaKhongolose.

Kwakunemibiko yokuthi kwezinye izindawo abantu

babedukiswa; bagcine sebekholwa ukuthi uma

babengezukuvotela i-ANC, babengeke besayithola

imali kadekle neyeqolo.

Ukusetshenziswa kwamandla budedengu

kwakubandakanya oNgqongqoshe bakaZwelonke

kanye nabeZifundazwe bekwenza lokho bebe

beqhuba umsebenzi wombuso, kokunye

bephelezelwe nguJacob Zuma uqobo lwakhe,

owayesenguMongameli we-ANC kuphela ngaleso

sikhathi

Ngisho abasebenzi bakaHulumeni bayabalwa kule

nkohlakalo. Abanye babeya emsebenzini begqoke

izikipa zika-ANC kodwa abazange banqandwe

ngabaphathi babo kulokho. Labo ababezama

ukuveza ukuthi leso senzo siphambene

nobulungiswa babengabekezeleki ngezindlela

ezehlukene.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule i-ANC yaphumelela

okhethweni. Ucabanga ukuthi inkohlakalo yaphela

mhla kufungiswa amalunga ePhalamende? Yaphela

emiqondweni kuphela. Kunalokho i-ANC izinikele

ekuqhubeni inkohlakalo kakhulu kunakuqala. Indlela

yokucabanga ye-ANC ukuthi: Mina nawe singenzani

ngalokho?

Yize kwaba yisenzo esihle ukuba uMongameli

ahambele iBafana Bafana kodwa sasingekho

nesincane isidingo sokuthi uZuma acule ‘uMshini

Wami’. ‘UMshini Wami’ akulona iculo lesizwe, kuze

kungcono elithi ‘Shosholoza’. Muva nje uZuma

useguqule iculo elaliculwa kakhulu i-ANC

ngezikhathi zomzabazo walenza elakhe…

ULizeka Mda nguMhleli osabambe okwesikhashana

Icashunwe kuCity Press yangomhla ka 28 kuNhlangulana ngonyaka we-2010, yase ihunyushelwa esiZulwini.

30

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!