25.04.2014 Views

ISIZULU

ISIZULU

ISIZULU

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

I-intavyu phakathi komsakazi woKhozi kanye nomculi odumile

Msakazi

Mculi

Msakazi

Mculi

Msakazi

Mculi

Msakazi

Mculi

Msakazi

Mculi

Msakazi

Mculi

: Kuyinjabulo kimi ukuthola ithuba lokuba unginike isikhathi sokukhuluma nawe.

: Nami ngiyathokoza kakhulu ukukhuluma nawe kulo msakazo odume kangaka,

ngizwiwe abalandeli bami nabalaleli bakho abaningi.

: Ngabe leli gama obizwa ngalo elakho ngempela noma elomsebenzi?

: Igama lomsebenzi engalinikwa abangane bami ikakhulukazi enginabo eqenjini

lami.

: Lavela kanjani?

: Ngangishaya kakhulu isiginci bachazeke kakhulu base bengibiza

ngoGuitarman.

: Awutshele abalaleli bomsakazo nabalandeli bakho ukuthi ngempela wena

ungubani, uqhamukaphi?

: Mina nginguZakhele wakwaZibane owazalelwa eNkande wakhulela khona,

wafunda khona, kwaze kwaba uyahamba uyofunda enyuvesi

yaKwaZulu iZululand. Uthando lwami lomculo ladlondlobala lapho.

: Ubani ongathi wakufaka ugqozi lomculo?

: Abazali bami nabo bangabaculi. Ubaba nomama bebevamise ukucula

esontweni, lokhu okubizwa ngokuthi i-duet, babuye bazilungiselele

ekhaya. Ngakhula ngihalela ukuthi nami ngelinye ilanga ngime phambi

kwabantu ngibajabulise, njengoba kwakwenza abazali bami. Abazange

bangiphoqe kodwa ukuba ngibe umculi, kwazisukela kimi nje.

: Kodwa pho kungani wena ucula olunye uhlobo lomculo?

: Ngicabanga ukuthi ukuwufunda phansi ngibe nolwazi ngawo, nokukhula

ngilalela uhlobo oluthile lomculo kwangenza ukuba ngicabange ukwehluka

kubazali bami. Kwangijabulisa futhi ukuthi abazange babe nenkinga ngalokho.

Bayawahambela amakhonsathi bazongilalela, bahlabe lapho bethanda

ukuhlaba khona babuye bancome futhi uma kunesidingo.

4.14 IBHROSHA

Ibhrosha incwajana echaza kafushane ngendawo noma umkhiqizo othile ngenhloso

yokuwudayisa noma ukuheha abantu. Kokunye kuba yincwajana enezithombe eziphathelene

nendawo evakashelwayo okukanye umkhiqizo otholakala lapho. Yize ibhrosha kuyincwajana,

kumele ibe nayo yonke imininingwane edingekayo. Ivama ukubhalwa ohlotsheni lwephepha

eliphambili nelibizayo. Ibhalwa ngendlela yokuheha abantu ngakho-ke amagama

asetshenziswayo akhethwa ngendlela ehlaba umxhwele yenze ukuba abantu bafise

ukuhambela indawo leyo. Ithinta izihlokwana ezimbalwa ezibalulekile ezichazela

abathengi/izivakashi ngokutholakala kuleyo ndawo.

38

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!