25.04.2014 Views

ISIZULU

ISIZULU

ISIZULU

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

5.10 IPHOSKHADI

Lena ngenye indlela yokuxhumana ngokubhala phansi ingxoxo emfishane. Ngokuvamile

iphosikhadi lithunyelwa ngumuntu elithumela kumuntu amaziyo. Liba nekheli elilodwa

lalowo othunyelelwayo, elibhalwa ngakwesokudla phezulu lapho kubhalwa khona ikheli

lobhala incwadi yobungane. Emva kwekheli ngezansana kubhalwa isibingelelo, esingaba

igama lalowo obhalelwayo bese kuqala indaba emfishane eyedluliselwa kulowo

elithunyelwa kuye. Othumela ikhadi uvalelisa ngegama lakhe elaziwayo ngaphandle

kwesibongo.

Nasi isibonelo sephoskhadi:

30 Okthoba 2009

ISITEMBU

Phuthaliyenzeka

Ngihambe kahle ngisuka lapho kini.

Izimpahla zami zigcineka kahle ngafika

ekhaya ziphelele. Ngibafice besaphila

bonke nasekhaya, bakujabulele kakhulu

ukubuya kwami ngiphile saka.

Phuthaliyenzeka Mdluli

P.O. Box 54657

Umlazi

4031

SOUTH AFRICA

Ngifunde okuningi ngenqubo namasiko

angakini. Yinhle indawo yakini uyezwa.

Ngithathwe ikakhulukazi ubuhle bemvelo

enganukubezwanga izintuthu zamafemu

njengoba kwenzeka emadolobheni.

Ngikuthatha ngokuthi kube yisibusiso ukuza

kwami ngapho ngoba ngithe ngifika nje

ekhaya umnawami wabika ukuthi usefuna

ukuzokwembesa abakhwekazi kule nyanga

ezoqala. Uhambo olunje luqhamuka

ngesikhathi esihle impela lapho sengiyazi

kahle indlela eya kwaNongoma.

Ngiyoshayela kahle ngikhululekile; ngihamba

endaweni engiyaziyo. Angingabazi ukuthi

sizobonana maduze nje. Ngizokwazisa-ke

ukuthi siza nini ngapho.

Ukhonze kubo bonke ekhaya.

Felokwakhe

51

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!