23.12.2014 Views

indlela yokusebenzisa kangcono lesisifundo - Amos Africa

indlela yokusebenzisa kangcono lesisifundo - Amos Africa

indlela yokusebenzisa kangcono lesisifundo - Amos Africa

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Awukwazi ukumbona uJesu Kristu, nokho ubavikela bonke abantwana bakaNkulunkulu. Ukubo,

ubahaqa, uphakathi kwabo. Ngakho ke asikho isidingo sokufihla izinto njengemithi nezikhonkwane

endlini yakho ezizokuvikela engozini. Asikho isidingo sokuzigcaba emzimbeni. Asikho isidingo

sokuzibopha ngezintambo emzimbeni wakho ngenxa yokuzivikela ezifeni ezinhlobonhlobo. Asikho

isidingo sokufafaza indlu yakho "ngamanzi abusisiwe". Nezimpondo zezilwane azinasidingo

zokuvikela indlu yakho. Lezizinto zifile, azinamandla. UKristu uyaphila ungumlondolozi wakho

oyedwa. Uma usasebenzisa zonke lezizinto uthemba zona, ukuthi zizokuvikela, uyamfulathela

uNkulunkulu, uphika amandla kaKristu, usho ukuthi akanamandla okukuvikela. HLALA NJE

KUKRISTU - UZOKUVIKELA KOKUBI.

Awufanele ukusaba isiqalekiso sabantu abaletha izifo nezinye izinto ezimbi kuwe. HLALA NJE

KUKRISTU, UZOKUVIKELA KOKUBI. Akusizi ukubopha izintambo ekhalweni lengane, intambo

efileyo ayikwazi ukuvimba izifo. UKristu yedwa nje onamandla ukukuphilisa (funda uEksodusi 15:26).

IBhayibheli lisifundisa ukuthi uJesu waxosha imimoya emibi ebagulisayo abantu (ngokukaMarku 1:21-

28 / 5:1-13 / 9:14-29). UJesu Kristu ubenamandla, usenawo futhi uzobanawo amandla okuhlula

yonke imimoya emibi. Ngakho ke unamandla ukukhuza lemimoya iphume kubantu, imele ukumlalela,

ithanda lokho noma ingathandi.

HLALA NJE KUKRISTU UZOKUVIKELA KOKUBI. Manje umuntu uhlala kanjani kuKristu na

Uhlala kuye uma ukholwa kuye umlalela njalo. Uma uhlaselwa imimoya emibi, ungasho

ngokuzwakala ukuthi: "uSathane nezisebenzi zakhe ezimbi azinamandla kimi, ngokuba ngikuJesu,

futhi yena unamandla kunokubi. Usemnqobile uSathane." Ngakho uJesu uyala abantwana bakhe

emthandazweni omkhulu kaBaba wethu, ukucela njalo kuNkulunkulu ukubakhulula kokubi

(ngokukaMathewu 6:13). Kumele umcele uNkulunkulu ngemihla ngemihla akukulondoloza.

Uzokwenza lokho.

Khumbula, ukuthi inhlanzi ilondolozekile esitsheni sayo, nawe uphephile uma uhlala kuJesu.

UMSEBENZI:

1. Zikhona izinto ezikuthusayo na Ozisabayo na

Uma ukholwa kuNkulunkulu onamandla omkhulu ongcono onokuhlakanipha kunabo bonke abanye, ufanele ukwazi

ukuthi isidingo sokumsaba omunye asikho. Uyakuvikela kuyo imimoya emibi nakukho konke ukuthakatha

nokuqalekisa nokulingwa. Khumbula futhi izifundo eziqondana nekhasi legolide, esifundisa ngesimo sikaNkulunkulu

njengeNkosi.

2. Wena ufunaphi usizo nokuvikelwa na Izinto ezifileyo, nabantu abafileyo nemimoya

ingakusiza ngempela na

3. Kungani kunguJesu Kristu yedwa okwazi ukukuvikela na

4. Inkosi izokwenzani uma abantu ababi bezama ukukuthakatha noma bakuqalekisa, njengoba

ungumntwana kaNkulunkulu Funda iZaga 22:12 kanye ne 26:2.

5. Kulaphi ongafanele ukucela usizo nokuvikelwa na Funda izindima ezilandelayo:

* uDuteronomi 18:9-14

* uIsay a 8:19-20

* uJeremiy a 10:1-5 (Funda futhi uLevitikusi 20:27 kanye na 2 Amakhosi 21:1-6.)

6. Uma kwenzeka ukuthi phambilini wake wafuna usizo noma ukulondolozwa komunye noma

kwezinye izinto, vuma lokho kuNkulunkulu manje umcele ukuthi akuthethelele. Thandaza

ucele uKristu ukukuvikela.

7. Lahla futhi zonke lezizinto ezifileyo (izintambo, imithi, izinto zokuthakatha, izimpondo,

izikhonkwane nezinye). Kuhle ukuzishisa zona. Uma usanenkinga ngalokho thintana

nomhlangano ka-Amose.

8. Funda iHubo 91 ekhaya. Funa usizo nokulondolozwa eNkosini!

38

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!