30.12.2012 Views

13 September 2012 - Durban

13 September 2012 - Durban

13 September 2012 - Durban

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ikhasi 4 IZINDABA

31 Agasti - 13 Septhemba 2012

Sihlonipha amaqhawe ethu

Sisaqhubeka nokubungaza sihalalisela izingqalabutho zethu ezizobe

ziklonyeliswa kumaLiving Legends Awards ethu ka2012. Uma unesifiso

sokuqoka umuntu omaziyo ukuthi usebambe iqhaza elikhulu

ekuthuthukiseni umphakathi, isikhathi sokuqoka sizovulwa kusukela

ngo20 Septhemba 2012 kuya ku22 Febhuwari 2013. Amafomu

ayatholakala emalibrary kanye nama museum aseduzane.

UMichael Paul Sibisi

(Ubuciko Namasiko)

UMichael Paul Sibisi wazalelwa

eMkhumbane ngo-1948. USibisi

wafunda e-Amanzimtoti Zulu

Training College wabhalisa

esikoleni sobuciko eNdaleni

wathatha izifundo eziqondene

nokufundisa ubuciko. Wabamba

iqhaza emibukisweni eminingi

yabangahamba ngababili

nakweyomuntu ngayedwana

weqela ngale kokubukwa

ngamehlo ngokuba yingxenye

yephrojekthi yamagugu ‘Who Am

I... Ngingubani? Heritage Project.

Wasebenza ohlelweni lentsha i-

Institute of Race Relations,

eCommunity Art Workshop,

eDurban Art Association

nasenhlanganweni iNatal Visual

Artists. Wazuza umklomelo

iGraphic Art Award.

NONDUDUZO NGCONGO

SEKUVELILE ukuthi ezokuvakasha

zibamba elikhulu

iqhaza uma kuziwa ngasemnothweni

waseThekwini

naseNingizimu Afrika.

Lokhu kuvele kwenye

ingqungqu-thela

ebikhuluma ngezo-mnotho

ebise-Gateway Hotel. Le

ngqungquthela ibisingathwe

uMasipala weTheku ne-

Durban Chamber of

Commerce.

IPhini leMeya yeTheku,

uKhansela Nomvuzo

UReginald Khulekani Myeza

(ezeMfundo)

UKhulekani Reginald Myeza

wazalelwa eTshelimhlophe,

KwaZulu-Natal mhla ka-6 Meyi

1932. Wafunda eNungwane School,

eSibusisiwe High, eSt. Magdale

nase-Adams College. UMyeza waba

ngomunye wabafundi

abayisishiyagalalombili

abethweswa icala lokususa

uthuthuva emphakathini ngemuva

kokubhikishela ukushawa

ngokweqile kukaProtas Nkabinde.

Waba yilungu likaKhongolose

eneminyaka engama- 20. UMyeza

wasebenza ezikoleni ezehlukene

eMnyangweni wezeMfundo waze

waqokelwa ukuba

nguthishanhloko eSibusisiwe High

School futhi waba ngumfundisi

wesiNgisi kwaNdebele College of

Education.

Shabalala usanda kucashunwa

kweminye imicimbi

yezokuVakasha ethi, “Abantu

kumele baqonde ukuthi

intuthuko yeTheku akukhona

ukunikeza abantu izindlu

kuphela kodwa ezokuVakasha

nazo kumele zibhekelelwe

ngoba zingenisa imali

yokwakha izindlu

nokuhambisa ezinye izidingo

kubantu.

Ethula inkulumo ka-Dkt

Anneline Chetty wakuMasipala

weTheku, uDarrly

Moodley uthe ukusingathwa

kwemicimbi emikhulu kuba-

uMbhishobhi Rubin Phillip

(ezeNkolo)

Umfu. Rubin Phillip wazalelwa

wakhulela eClairwood ngo-1948.

UPhillip waba nguMbhishobhi

wesishiyagalolunye waKwaZulu-

Natal ngoFebhuwari 2000

ngenkathi egcotshwa ngu-

Archbishop Desmond Tutu. Waba

yisishoshovu esivelele ekulweni

nobandlululo waboshelwa endlini

iminyaka emithathu ngabo 1970.

UPhillip wayese mzabalazweni

wokuzigqaja ngebala elimnyama i-

Black Consciousness Movement

nowaBahlali baseMjondolo. Ngo-

2009 wazuza umklomelo

wokuthula womhlaba jikelele i-

Bremen International Peace Award

neDiakonia Award ngo-2010.

Njengamanje umatasatasa

ekudaleni ukuthula

nasekubuyisaneni esifundazweni.

lulekile ngakho akumele

abantu bakhononde ngoba

kusuke kungadlalwa ngemali

kodwa iTheku liyazuza

kakhulu kulemicimbi ukuze

kusimame umnotho.

UMoodley uveze ukuthi

iTheku lizuze uR4.3 billion

ngesizini yasehlobo laphinda

lazuza R2,6 billion ngesizini

yasebusika lapho kubalwa

khona lemicimbi emikhulu

i-Tourism Indaba, Top Gear,

Durban July Handicap

nomdlalo we-Manchester

United namaZulu. Uphinde

wagcizelela ukubaluleka

kokuthi kufundiswe abantu

abasemazingeni aphansi

ngokubaluleka kwalemicimbi

ngoba abaningi bavele

babuze bathi, ‘ngihlala

emikhukhwini ngabe kuzongisiza

ngani ukusingathwa

kwe-Top Gear?’ Ngabe

kuzonginikeza indlu enesizotha’.

UKaren Kohler ovela kwa-

Tourism KwaZulu-Natal uthe

njalo ngonyaka benza

ucwaningo ukuze babone

ukuthi ngabe lemicimbi

iyaziheha yini izivakashi

kuleli futhi ngabe iyangena

Baleka Mbete

(Amalungelo Eb)

UBaleka Mbete wazalelwa eClaremont,

eThekwini mhla ka-24

Septhemba 1949. Waphasa umatikuletsheni

eNanda Seminary ngo-

1967. UMbete wabhalisa Eshowe

Training College kodwa washeshe

waxoshwa ngenxa yokuphikisana

nabaphathi bekolishi. Wabe eseya

eLovedale Teacher Training College

e-Alice waphothula izifundo zakhe

ngo-1973. Engqungqutheleni

yokuqala yezwe yophiko lwabasesifazane

ka-ANC, wakhethwa waba

nguNobhala jikelele. Njengamanje

uMbete usebenza njengoSihlalo

eKomidini lesigungu esiphezulu

lika-ANC ezweni. Waba nguSomlomo

wePhalamende likaZwelonke

eNingizimu Afrika langemuva

kokuphela kobandlululo kusukela

ngo-2008 kuya ku-2009.

yini inzuzo elindelekile.

“Uma ubheka imicimbi

emikhulu esesiyisingathile

exuba nezemidlalo siyenzile

impela inzuzo uma sibheka

imicimbi emihlanu

emikhulu okubalwa kuyo

iDusi Canoe Marathon,

Comrades Marathon,

Amashova, Midmar Mile ne-

Durban July Handicap

sikwazile ukuqoqa inzuzo

yemali ebalelwa ku-R495

million njalo ngonyaka.

UDumi Mbatha oyi-Senior

Manager yezokuXhumana

emnywangweni wezama-

Thula Bopela

(Amalungelo abantu)

UThula Bophela wazalelwa eNanda

Mission, eMaqadini, mhlaka 2

Januwari 1944. Uphothule

umatikuletsheni Ohlange High

School. Imikhakha yokusebenza

kaBopela ihlukene kane ube isosha

lomkhonto wesizwe, waboshwa

eRhodesia wadedelwa ngo 1980,

usebenze emkhakheni wezemfundo

ngaphandle kwezwe. Ngo 1964

ujoyine i-Odessa Military Academy

e-Odesia e-Ukraine eyabe yaziwa

ngokuthi i-Union of Soviet Socialist

Republics (USSR).

Ezinye zezinto asethe wazizuza

zihlanganisa ekuqokelweni

esikhundleni sokuba iNhloko ye-

Security Management

ePhalamende likazwelonke ngo

2005. Uhlonishwe ngendondo “

Amadelakufa Medal” ngo Juni 2012.

Igubhe 125 weminyaka iDurban Science Museum

UME NJALO: UClive Quickelberge(phakathi) ephethe

incwadi ayibhala. U-Quickeberge wayengumsebenzi

wale museum ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi

Isithombe: SIMPHIWE DLAMINI

SIMPHIWE DLAMINI no

SANELE NTANZI

INQOLOBANE yokugcinwa

kwamaGugu akuleli igubhe

iminyaka engu-125 yasungulwa

ngokwethula kabusha

umqulu, obuwaziwa

ngokuthi i-Annals of the

Durban Museum manje

osuzokwaziwa ngokuthi i-

Durban Natural Science

Noviates.

Lo mqulu ongu-Volume 33

Special Edition uchaza

kabanzi ngezina-mbuzane

nezimpukane zaKwaZulu-

Natal.

INhloko yoMnyango

wezamaPaki, uThembinkosi

Ngcobo, uthe emva

kweminyaka engu-125,

lendawo yamagugu akuzona

nje izindonga noma

okugcinwe kuyo.

“Yakhiwe eminyakeni

engu-125 edlule abantu

abakhe isisekelo sethu

sonke. Ukuba umsebenzi

wakulesi sikhungo

okungenza ukuthi uqonde

ukubaluleka ngokukhethekile

kwaso. Lo mqulu

ongamakhasi angu-400

ubhalwe ngu-Clive

Quickelberg, ongumsebenzi

osethathe umhlalaphansi. Le

ngqophamlando yomqulu

ingumsebenzi wempilo

yonke kaQuickelberge futhi

wakhe isisekelo solwazi

lwethu ngezinambuzane

ezinhle zaKwaZulu Natal. Le

sisikhungo sethu sinothile

ngolwazi, hhayi kuphela

ngamagugu agcinwe kuso

kodwa ngabantu abanolwazi

olunzulu abasebenza kuso,”

kusho uNgcobo.

UMqondisi weNatural

Science, uAllison Ruiters,

uthe ukuba isikhungo

esihamba phambili emva

kweminyaka engu-125

kuyithuba eliyinqayizivele.

Uthe, “Uma ngibheka

emuva ukuthi yini esenze

saba lapha sikhona namhlanje,

ngibheke uhambo

esikulo nokuthi sibheke

kuphi. Ngijabule futhi

ngichazekile ngento

isikhungo sethu esiphe-

ITheku liyadlondlobala kwezokuvakasha

nduke saba yiyo namhlanje.

Siphenduke ekubeni indawo

nje yokugcina izinto saba

isikhungo esinohlonze

kwezocwaningo”.

UClive Quickelberge uthe

umsebe-nzi wempilo yakhe

yonke lona oqukethwe

kulomqulu. Kuthathe

isikhathi ukuthi uphele

kodwa namhlanje ujabulile

ukuthi uphiwe yona

njengesipho ngoba

usuphelile.

Ubonge bonke abantu

abenze lokhu ukuthi kube

impumelelo kanye ne

Durban Natural Scince

Musean Foundation

ngokuxhasa lomqulu.

simphiwe.dlamini@durban.gov.za

Bhizinisi, iziMakethe nezokuVakasha

kuMasipala

weTheku uthe kubalulekile

ukuthi kuqhutshekwe ukuthi

kwenziwe imicimbi emikhulu

ezoheha izivakashi eziningi

eThekwini ngoba kuba

indlela enhle yokukha-ngisa

iTheku kubantu uma kunemicimbi

emikhulu.

Uveze imicimbi abazoyisingatha

kulonyaka ka-

2012/2013 ezokuheha

izivakashi

ngcongon@durban.gov.za

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!