29.12.2012 Views

Redesign 01 (Page 1) - Durban

Redesign 01 (Page 1) - Durban

Redesign 01 (Page 1) - Durban

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Ikhasi 4 IZINDABA

07 Disemba - 20 Disemba 2012

Kwethulwe ezokuvakasha eSithumba

APHELELE NTUMBU no

NONDUDUZO NGCONGO

EZOKUVAKASHA emakhaya

zibalulekile eNingizimu

Afrika ngoba zigqugquzela

amasiko. Esinye sezizathu

lesi esidale ukuthi uMnyango

wezamaBhizinisi,

ezokuVakasha neziMakethe

kuMasipala weTheku

zethule ngokusemthethweni

ezokugqugquzela ezokuvakasha

emakhaya esigodini

sase-Sithumba.

Kulula ukudlulisa umlando

wethu namasiko ethu

ngomculo nokudansa

ngakho emakhaya bakukhonzile

ukucula nokudansa,

izindawo zasemakhaya

zivame ukushaywa indiva

uma kuthuthukiswa ezokuvakasha

kodwa manje sifuna

ukukuqeda nya lokho.

UWinile Mntungwa ovela

emnywangweni wezokuvakasha

uthe bakhethe

lesikhathi ngoba vele

izikhathi zokuVakasha lezi

njengoba kuqala amaholidi

kaDisemba. Uphinde waveza

ukuthi lo mkhankaso

uyingxenye ye ‘Know your

City’ lapho kusuke kugqugquzelwa

khona abantu

ukuthi bawazi kabanzi

amadolobha abo.

“Lokhu kuzonikeza abantu

ugqozi lokuthi bafise ukwazi

ngamasiko nomlando

ocebile wamaZulu, siba

nezivakashi ezivela ko-Egypt

naseFrance ngakho sifuna

babone zonke izindawo

esinazo khona bezokwazi

ukukhuluma kahle ngathi

kwabanye abantu.”

Namhlanje siphinde

sathola nethuba lokufundisa

abezindaba, umphakathi

nezinye izinhlangano

esisebenzisana nazo ngokutholakalayo

uma uvakashele

kulendawo ukuze nabo

AbamaPaki basigcinile isethembiso

SIMPHIWE DLAMINI

UMNYANGO wamaPaki,

ezokuNgcebeleka namaSiko

noweZemidlalo nokuThuthukiswa

kwamaKhono

usigcinile isethembiso

esenziwa ngesikhathi se-67

minutes ukuthi zonke

izinsuku zibe iMandela Day.

Ezinyangeni ezimbili

ngaphambi kweMandela

day, ithimba labaphathi kwa-

PRC liholwa iNhloko yalo

uThembinkoso Ngcobo

lwavakashela iJL Dube High

School kwaMashu ngenhloso

yokusungula izindlela

zokusebenzisana nokulekelela

lesi sikole. Lokhu

kuholele ekutheni isikole

sithole ukupendwa kabusha,

kwavuselelwa igceke

kwalungiswa nenqobolane

yafakelwa nezincwadi.

Muva nje loMnyango

ubuyele kulesi sikole

ukuyonikela ngezimpahla

zemidlalo okuhlanganisa

inyufomu yenetball, eyebhola

lezinyawo, amabhola

angu-20 e-netball, ibhodi

lomlabalaba ne chess

nezimpahla ze-table tennis.

UMeneja eMnyangweni

weZemidlalo nokuThuthukiswa

kwamaKhono, uRavi

Subramoney uthe ubudlelwano

obunjena ababukhuthazayo.

“Sikholelwa

ekutheni ngokusiza isikole

sobe sifake isandla esikhulu

emphakathini wakulendawo.

Ngesikhathi seMandela day,

sizihlonzile izindawo

esingalekelela kuzo. Sifike

sasipenda kabusha, sathenga

izincwadi ngenhloso yokuvuselela

inqolobane, senza

kabusha ingadi yesikole.

Siphinde sanikela nge

swimming pool’ ukuthi

ngamahora esikole kube

ngeyesikole kodwa ngezimpelasonto

kuzokuba

ngeyomphakathi,” kusho

uSubramoney.

UThishanhloko wase-JL

Dube, uSipho Magwaza uthe

njengesikole bathanda

ukubonga uMasipala

ngobenzele khona nokugcina

isethembiso.

“Besishoda kakhulu

ngezimpahla zemidlalo

lokhu sekudale ukuthi

singenzi kahle emqhudelwaneni

yezikole.”

simphiwe.dlamini@durban.gov.za

Kugqugquzelwa ezempilo

NONDUDUZO NGCONGO

NJENGEMIZAMO yokuxazulula

izingqinamba zezempilo

nokugqoza kokuhanjiswa

kwezidingo zempilo

kubantu, uMnyango weze-

Mpilo kuMasipala weTheku

uvakashele imijondolo

yaseReservoir Hills neNew

Germany Road ukuyobheka

ukuthi iziphi izidingo

ezishodayo nokuthi bezwe

ngabo ngqo abantu kwabakudingayo

ukuze bakwazi

ukuhambisa usizo.

UKhansela Zandile

Gumede onguSihlalo weKomidi

lezeMpilo,

ezokuPhepha nezeNhlalakahle

uthe inhloso yabo

ukuqinisekisa ukuthi

bathuthukisa ezempilo

nenhlalo kubantu.

“Lolu hlelo lokuthuthukisa

ezempilo kubantu nezinye

izidingo ezidingwa abahlali

basemjondolo lubalulekile

ngoba wonke umuntu

unelungelo lokuhlinzekwa

ngezidingo zikaMasipala.

Sifuna abantu balingane,”

kuqhuba uGumede.

INhloko yoMnyango

wezeMpilo, uDkt Nomakhosi

Gxagxisa uthe bakhethe

ukuhlola lemijondolo ukuze

imiphumela abayitholayo

isize ekuthuthukiseni

ezeMpilo kulendawo.

“Sidinga ukuya kubantu

siyozizwela ukuthi badingani

futhi sikhethe imijondolo

ngoba kuminyene khona

ngakho kulula ukuthelelana

noma ukuthola izifo

ezihlukene. Ukuthuthukisa

imiphakathi kuseqhulwini

ohlwini lwezinto esifisa

ukuzenza njengoMnyango.

Lolu hlelo luzosiza kakhulu

ekutheni sinyuse izinga

sisebenze kangcono futhi

nezidingo sizihambise

ngendlela kubantu,” kuchaza

uGxagxisa.

Uveze ukuthi zingaphezulu

kuka 400 izindlu ezihloliwe

kanti cishe yonke imindeni

bekuvela ukuthi inolwazi

oluncane mayelana

nezindaba ezithinta

ezeMpilo. Abaningi babo

abazihluphi nokulibhada

emitholampilo eseduzane

ngoba bathi abaphathwa

kahle uma beyekhona.

UGxagxisa uthe konke

abakutholile kulenhlolovo

yabo bazokwethula

ezikhulwini zikaMasipala.

ngcongon@durban.gov.za

bakwazi ukudlulisela

kwabanye ulwazi. IKhansela

lendawo, uMusa Mkhize

uthe ubonga wonke umuntu

owenze lolusuku lwaba

impumelelo kusukela

kumalungu omphakathi,

SIMPHIWE DLAMINI

UKUPHOKOPHELA ukuhambisa

izidingo emphakathi

kanye nokuvala igebe phakathi

kwabahlala edolobheni

nasemakhaya, uMnyango

weMitapolwazi naMagugu

uvule ngokusemthethweni

umtapo wolwazi

wesimanjemanje eNtshanga.

Lesi sakhiwo besidingwa

ngedlela eyisimanga siphakathi

eNtshanga futhi

sizohlinzeka izidingo ezitholaka

kumitapo yolwazi

esemadolobheni efana

negumbi lokufundela,

uhlobo lwezincwadi ezinhlobonhlobo,

igumbi lokwenza

imicimbi noma imihlangano

kanye negumbi lolwazi.

Esika iribhoni njengophawu

lokuvula lesi sakhiwo

ngokusemthethweni, uMeya

uJames Nxumalo uthe

umphakathi waseNtshanga

usuzoyizwa ngendaba

eyokuhamba amabanga

amade ufuna umtapo

wolwazi. “Namuhla kufezeka

abatshengisa izivakashi

indawo ukuqinisekisa ukuthi

lendawo iyagqanyiswa.

“Siyalazi iqhaza

lezokuvakasha ekukhuleni

komnotho wethu ngakho

sizokwenza konke

iphupho lomphakathi lokuba

nomtapo wolwazi othi

wona. Ukwakhiwa kwemitapo

yolwazi akusiwona umsebenzi

kaMasipala kodwa

ngokuqonda izinselelo

zikaHulumeni wesiFundazwe

nokwaZwelonke besingeke

sisonge izandla ubantu

bakithi befuna ulwazi.

Siyaqonda futhi ukuthi

isidingo semitapo yolwazi

sikhulu yingakho sesithenge

nengomahamba nendlwana

esizoyisebenzisa ezindaweni

ezingenayo imitapo yolwazi.

EThekwini esezemfundo

zihamba phambili yingakho

emasontweni ambalwa sobe

sivula omunye umtapo

wolwazi eMkhomazi sophinde

sakhe eminye emithathu

kulonyaka wesabelo zimali,”

kusho uNxumalo.

Enanela amazwini kaMeya,

uKhansela Zandile Gumede,

uSihlalo weKomidi lezoku-

Phepha uthe lesisakhiwo

sihambisana nesibophezelo

sikaMasipala, yingakho

sizokwazi ukusebenza

EZAMASIKO:

Abadansi

bajabulise

izihambeli

ngenkathi

beshaya

indlamu

eSithumba

emcimbini

wezokuvakasha

Isithombe:

APHELELE

NTUMBU

okusemandleni ukuthi

siziseke izinhlelo ezifana

njengalezi ngoba zisosiza

thina kusasa,” kuchaza

uMkhize.

aphelele.ntumbu@durban.gov.za

ngcongon@durban.gov.zathemba.kh

UMusa Gumede oyi-Deputy City Manager Community Safety, uKhansela Zandile

Gumede neMeya uJames Nxumalo ngesikhathi kuvulwa umtapolwazi

Isithombe: SIMPHIWE DLAMINI

Umasipala uvule umtapolwazi

ukusiza ngezinselelo zabafundi

ngisho ugesi ungekho ngoba

uphehlwa ngokwemvelo.

INhloko yoPhiko

lwezamaPaki, uThembinkosi

Ngcobo uthe, sebecele enye

imali eMkhandlwini ukuze

bakwazi ukwakha eminye

imitapo yolwazi.

“Njengamanje imitapo

yolwazi esinayo ikhava

amaphesenti angu-70

eTheku kanti singathanda

ukuthi ikhave okungenani

amaphesenti angu-90,”

kusho uNgcobo.

Khona manjalo

kunomunye umtapo

ongumahamba nendlwana

owehlise umthwalo

emahlombe omphakathi,

Lomtapo uzokwazi ukusiza

lapho bekushoda khona.

Uma isonto elilodwa

endaweni uphinde udlulele

kwenye indawo futhi. Uqale

eSiyajabula High School ku

Wadi 103 eBotha’s Hill ku

Khansela Richard Phewa.

Simphiwe.dlamini@durban.gov.za

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!