Redesign 01 (Page 1) - Durban
Redesign 01 (Page 1) - Durban
Redesign 01 (Page 1) - Durban
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
08 Juni – 21 Juni 2012 IZINDABA

Ikhasi 3

Abekwe endlini yokugcina amaphoyisa

MANDLA KUBHEKA and

SMANGELE RADEBE

AMAPHOYISA oMkhandlu

iMetro, izikhulu

zikahulumeni

nezikaMasipala, izihlobo

kanye nabangani

bamaphoyisa amane ashone

engozini yemoto eKokstad

babuthane eCity Hall

enkonzweni yokuphelezela

la maphoyisa ngaphambi

kokuyobekwa endlini yawo

yokugcina eRed Hill.

La maphoyisa ashone

ngenkathi imoto eqashiwe

abehamba ngayo eya

emshadweni kazakwabo

iphaphalaza emgwaqeni

yalala amankeyane sekusele

amakhilomitha angu 12 nje

kuphela afike eKokstad.

IMeya uJames Nxumalo

udlulisele amazwi enduduzo

emindenini yala maphoyisa.

UNxumalo uthe,

“singuMasipala silahlekelwe

kakhulu ngokudlula

emhlabeni kwala maphoyisa.

Sishiywe abantu

abebekhuthele emsebenzini

wabo futhi

besebewumndeni wethu.”

“UMasipala awukaze

ulahlekelwe ngale ndlela

Afikile

amakhadi

okugubela

BAHLEKA bodwa abagibeli

bamabhasi omkhandlu

iPeople Mover njengoba

sebezokwazi ukusebenzisa

amakhadi uma begibela

lamabhasi.

Ikhadi iMuvo linombala

okhangayo omnyama futhi

ishibhile, iphephile kulula

futhi ukuyiphatha njengoba

izosebenza esikhundleni

samakhuphoni.

Njengoba lamakhadi

eMuvo ebukeka kahle,

kunezimoto ezifakwe imibala

emihle ezizodayisa

amathikithi ezibizwa

ngamaSmartVan, futhi indlela

ezodayisa ngayo amathikithi

kulula azohamba edolobheni

lonkana.

Ukudayiswa kwala makhadi

kuzoqala kule nyanga.

ISmartVan izohambela

edolobheni kanti abafuna

amakhadi bangazifikela

mathupha kuyona lemototo

ukuze bathole ukusizakala

khona.

Hlala uqaphile ukuthi

iSmartVan ingakuphi!

SIMPHIWE DLAMINI

UMNYANGO weziNhlekelele

kuMasipala weTheku

ungomunye waleyo

ebalulekile kakhulu kuMasipala.

Uneqhaza elikhulu

ekuhlengeni izimpilo zabantu,

imizi kanye nokusiza

umphakathi ukucisha umlilo

kuphinde kube ukuhlenga

izilwane ebungozini

obusondelene nomlilo.

Ngezikhathi zasebusika,

eThekwini kuba nenqwaba

yokusha komlilo yingakho

sixoxe noPhilani Mbanjwa

LALANI NGOXOLO: Kusukela kwesokunxele amaphoyisa eMetro ethwele ibhokisi (kwesokudla) UHope

Mthethwa ecula evalelisa kumfowabo okokugcina. Isithombe: MANDLA KUBHEKA

kodwa izikhathi ezifana

nalezi ezenza sibumbane

ngemisebenzi yethu

esiyenzayo,” kusho

uMkhatshwa.

UNgqongqoshe

wezokuThutha,

ezokuPhepha

nokuXhumana uWillies

Mchunu uthe,

Asivikele izingane: Ndunankulu

MACK MAKHATHINI no

S’CELO KHUZWAYO

UNGQONGQOSHE

wamaPhoyisa kuleli uNathi

Mthethwa usehlabe ikhwelo

kuzo zonke izinhlaka

zomphakathi ukuthi

zihlangane zibe yimbumba

zilwe nokuhlukunyezwa

kwezingane.

UMthethwa ukusho lokhu

ngesikhathi ekhuluma lapho

bekugujwa khona usuku

lwezingane emhlabeni i-

International Children’s Day

eFolweni ngesonto eledlule.

“Isizwe esingazihloniphi

izingane asiphumeleli.

Ukulwa nobugebengu impi

okumele sonke sibhekane

waloMnyango, ngenhloso

yokuqwashisa abantu

ngokufanele bakwenze

nokungafanele uma

kuqubuka umlilo.

UMbanjwa uthe uma

umlilo uqala, abantu kumele

baphume kuleyo ndawo

esuke ithungeleke ngomlilo,

bese befonela inombolo

yezicisha-mlilo engu-031 361

000. Uthe uma usuphumile

lapho kushe khona ungabe

usabuyela lindela izicisha

mlilo khona uzobakhombisa

lapho kusha khona.

“Uma izimpahla ozigqokile

“njengesifundazwe

silahlekelwa izimpilo

zabantu nsukuzonke futhi

singabheki ukuthi

kwenzekani emveni

komngcwabo nokuthi uhleli

kanjani umndeni. Masonto

wonke kumele sikhumbuze

umphakathi ngezokuphepha

emgwaqweni njengoba

ngqo nayo, hhayi nje kuphela

amaphoyisa wodwa,”

kusho uMthethwa. Ube

esegqugquzela izakhamizi

ukuthi zizibike zonke izenzo

zobugebengu ezenzeka

emiphakathini. Utshele

amaphoyisa ukuthi kumele

asiqinise isandla ezigebengwini.

“Uma izigilamkhuba

ziboshwa akumele

zizihambele nje zicanase

ziyongena evenini kodwa

kumele zihambele emoyeni

ziyofakwa ngemuva evenini”,

kusho yena. Ngalo lolu suku

uNdunankulu waKwaZulu-

Natal uZweli Mkhize naye

uhlabe ikhwelo

emiphakathini ethi kumele

yenze isiqiniseko sokuthi

zivutha umlilo, kumele

abantu bayeke ukubaleka

kunalokho abaziphonse

phansi ngoba ukwenza njalo

kuzosiza ukucisha

izimphahla ezivuthayo.

Umangabe usiza umuntu

oshile, kumele usebenzise

amanzi abandayo kuyo

yonke indawo eshile, kanti

futhi uma kungenzeka faka

indawo eshile ngaphansi

kwamanzi ngesikhathi

usalinde abosizo lokuqala,”

kusho u Mbanjwa .

LoMnyango uthi usubonile

ukuthi kujwayelekile ukuthi

sinanomkhankaso

wokuxwayisa abantu

ngezingozi u-Operation Val’

ingozi.

Muva nje bekunengozi

eshiye abantu abangu 12

beshonile kanti iwona

lamaqhawe afike kuqala

ezosiza enhlekeleleni.

Sizwakalisa ukudumala

izingane esezisesimweni

sokuthi ziye esikoleni

ziyanikwa leli thuba.

UMkhize uthe izingane

ziyikusasa lezwe ngakho

kumele zinakekelwe

ngendlela efanele. Yena

ubekhuluma eLungisisa

Indlela Village bude buduze

naseVerulam. Ngesikhathi

ethula inkulumo yakhe

yosuku kubantu ebebehambele

lo mgubho

phakathi kwabo

ebekugcwele izingane

zesikole, uMkhize uthe lolu

suku lusho ukuthi izingane

kumele zinakekelwe futhi

umphakathi kumele uqonde

ukuthi izingane zibaluleke

kangakanani emphakathini.

Izexwayiso ngemililo

IKUSASA

Intsha imi

noNdunankul

u uMkhhize

ngenkathi

esanda

kuthula

unkulumo

yakhe

Isithombe:

MANDLA

UBHEKA

kuba ngabantu abaqala

umlilo ngephutha.

Ukusebenzisa izinto zikagesi

ngokweqile, okubeka

ingcindezi kugesi, ukudla

okushiywa kungagadwe

muntu ezitofini,

ukungasetshenziswa

ngendlela koketshezi

oluvutha kalula, igesi,

amakhandlela, nokuwiswa

kwezitofu zikaphalafini.

Ukuze kugwenywe imililo

yilokhu okulandelayo

okumele kwenziwe:

Ongakwenza:

• Cisha izinto zikagesi, besa

kwethu emndenini

nabangani ngokushona

ngokuzuma kuka Constable

Phumlani Busane,

Senzwesihle Gcwabaza,

Simphiwe Jikazi no Samkelo

Mthethwa.”

kubhekam@durban.gov.za

radebesmangele@durban.gov.za

“Sifuna ukuthi zonke izingane

zinakekelwe. Wonke

umuntu kumele enze

isiqiniseko sokuthi zonke

izingane emphakathini

ziyaya esikoleni bese kuthi

lezo ezivela emindenini

ehlwempu zithole

ukuxhaswa ukuze nazo

zikwazi ukufunda njengazo

zonke ezinye izingane,”

kunaba uMkhize.

IMeya uJames Nxumalo

ugqugquzele amalungu

omphakathi ukuthi aziphathe

kahle izingane azisize

nalapho kumele asize khona.

“Kumele ngaso sonke

isikhathi imiphakathi izisize

izingane ukuze ziphumelele

ngoba zingabaholi bethu

bakusasa, “kusho uNxumalo.

Njengoba iKwaZulu-Natal

ingesinye sezifundazwe

ezinesibalo sezingane esiphezulu,

ikhwelo likaMkhize

noNxumalo lokunakekelwa

kwezingane libaluleke

kakhulu.

Izingane eziningi

ebezihambele le mibhiyozo

yokugujwa kosuku lwazo

bezijabule kanti ezinye

zijabulise izihlwelo

ngomculo nokuhaya

izinkondlo.

khuzwayosc@durban.gov.za

makhathinim@durban.gov.za

ukhipha amaplaki odongeni

uma usuqedile

ukuzisebenzisa

• Susa umentshisi eduze

kwezingane

• Qinisekisa ukuthi ekhaya

bayazi ukuthi kuphunywa

kanjani uma kusha

• Beka amalambu avuthayo

nesitofu endaweni engeke

ishe.

Okungafanele ukwenze:

• Ungavaleli abantu endlini

• Ungabhemeli embhedeni

dlaminisimphiwe@durban.gov.za

KAFUPHI

Ukunqanyulwa

kwamanzi

UMasipala uzoqala uhlelo

lokuvala amanzi ezindaweni

ezimqoka eziphakela amanzi

ukuze kulungiswe uhlelo

lwamamitha phakathi kuka

Masipala weTheku no Umgeni

Water. Izindawo ezizothinteka

ilezi:-Izidawo ezisenyakatho

neTheku zithinta iVerulam

Ezimaphakathi okubalula

Umgeni river no Umlazi River

izingxenye zase Pinetown

nase Fields Hill. Izindawo

eziseningizimu zibalula Umlazi,

Ensimbini neseFolweni.

Ngenkathi yokunqanyulelwa

amanzi kuzotholakala amanzi

amancane ngokomthamo.

Qikelela loku: Ungawashi

izimoto, unganiseli,

ungagcwalisi iswimming pool

noma uchithe amanzi.

Sizobaqasha

ngokuphelele

abayitoho

IMEYA yaseThekwini uJames

Nxumalo usezibophezele

ngokwenza isiqiniseko sokuthi

ngo-2016 bonke abasebenzi

abathola umsebenzi ngosizo

lwezinkampani ezitholela

abantu umsebenzi baqashwa

ngokuphelele kulo Mkhandlu.

UNxumalo wenze lesi

sithembiso ngesikhathi ethula

inkulumo yakhe engqungqutheleni

ka-25 yenyunyana

yabasebenzi bensimbi i-

National Metalworkers of

SA(Numsa) ekade iseThekwini

ngesonto eledlule. Izithunywa

zikushayele ihlombe ukuzwa

ukuthi vele abasebenzi

abangu-2 000 ebebekade

beyitoho sebeqashwe

ngokuphelele kulo Masipala.

“Nginethemba lokuthi kothi

kushaya isikhathi sokuthi

sizibeke phansi izintambo

sibe singasenabo abasebenzi

abaqashwe ngokwetoho

kumbe abatholelwe

izinkampani ezithile

umsebenzi,” kusho uNxumalo.

Kuthuthukiswa

amakhono

abesifazane

UMNYANGO wezama-

Bhizinisi, ezokuVakasha

neziMakethe kuMasipala

weTheku uqeqesha

abesifazane abangu-100

ohlelweni lokuthunga

nokuphathwa kwamabhizinisi.

Lolu qeqesho

lusaqhubeka namanje

njengoba luzodonsa

izinyanga ezintathu kanti

lwenzeka ku-Brook Street

Central Market Training

Centre eThekwini.

USbongile Shabalala

“Manje sengiyakwazi

ukuthunga ngiphinde

ngihlobise kahle izingubo.

Ngithunga kusukela kumaphinifa,

imifanekiwane

yesonto nesikole nokunye

mese ngiyakudayisa. Ngiya

ngisho eGoli ngiyodayisa

izimpahla zami kanti futhi

abantu bayazithanda ngoba

ziyathengwa”. Uma sebeqedile

ukuqeqeshwa, labo

abaphasile bathola izitifiketi.

Ukuthola eminye imininingwane

ngalolu hlelo

ungaxhumana no-Emmanuel

Nzuza oseMnyangweni

wezamaBhizinisi ku-031 202

5785/201 2453 noma

uthumele I -email ku-

NzuzaE@durban.gov.za