29.12.2012 Views

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kwezinye izilwane ngamabala aye amnyama namhlophe, yingakho kwaze kwavela

nesaga esithi:

"Ingwe hIla ngamabala ayo, It

"Ingwe ikhotha amabala ayo amhlophe namnyama."

Lokhu kushiwo ngoba neNgonyama yamazulu, isilo samabandla onke, sigqamile

kakhulu phakathi kwesizwe samazulu.

Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi impilo yomuntu ongumZulu incike ezilwaneni,

kanjalo nezilwane impilo yazo incike kumuntu. Yingakho kwaze kwavela izibongo

zabantu njengalezi ezilandelayo, Ndloyu, Ngwenya, Nyoka, Nyathi nezinye kathi futhi

kwezinye izibongo izithakazelo zazo zivela ezilwaneni njengalezi ezilandelayo

Ndlondlo, Sompisi, Bhungane, Mehlwenkomo, Ntethe nezinye. Nasezibongweni

zamaqhawe kuyagqama ukubamqoka kwezilwane, njengezibongo zesilo uZwelithini

ezithi:

"uBhejane phuma esiqiwini kade bekuvalele,"

Konke lokhu kusho ubumqoka nokubaluleka kwezilwane esizweni samazulu; yingakho

kuvamile ukuthi emzini womuntu ongumZulu uthole kukhona izilwane azifuyile

eziyigugu lakhe.

IBhayibheli eliNgcwele liyakuveza ukuthi uMvelinqangi emva kokuba esedale konke

okukhona emhlabeni kanye nezilwane wabe esedala umuntu ukuthi kube nguyena

obheka izilwane kanye nemvelo yonkana yingakho inyoka yazama ukuzisondeza

kumuntu, yakha ubuhlotshana nokumkhohlisa ukuba adle isithelo okwathiwa angasidli,

base beqalekiswa bonke inyoka nomuntu ngokungalandeli umyalo kaMvelinqangi.

2

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!