29.12.2012 Views

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kwakuyiyona ndlela yokuvikela izilwane ukuba zingashabalali. lmiphumela yale

mithetho yamakhosi ekuvikeleni izilwane yiyo kanye egcine isiholele ukuba abelungu

bakhe iziqiwi.

U-Gcumisa no-Ntombela (1993: 3) bancoma kakhulu Inkosi uShaka bathi:

Izilwane zathola ukuvikeleka okukhulu ekubuseni

kwenkosi uShaka. Inkosi uShaka yiyona eyaqala ukonga

nokuvikela izilwane ikakhulukazi kwelakwazulu

ngaphambili kakhulu kweminyaka yawo-1824 okwafika

ngayo abelungu abafana noFynn kuleli lenkaba.

Kuphakathi kwazo izimfolozi (Emnyama nemhlophe)

lapho okaSenzangakhona ayelolongela khona amabutho

akhe. Phela wayewalolonga ebuchwephesheni bokuzingela

nokuWabana. Wayewazingelisa izinyamazane nezilwane

ezinolaka njengamabhubesi, izingwe, izindloyu nezinye.

Izilwanekazi zazikakwa ngamabutho angabazingeli

zigqutshwe zilwa zigoloza zifa nezifa nabo zisiwa

emiseleni okuthiwa yimiwowane. lzilwane ezazigqutshwa

zisiwa kule misele kwakuyilezo ezazisuke zifunwa yinkosi.

Ezinye zazingathintwa nhlobo. Abazingeli babezikhetha

ngokucophelela okukhulu njengokuyala kwenkosi.

Izinyamazane ezazisencane, ezizele nezincelisayo

zazingalokothwa zizingelwe noma nini. Nezikhathi

zokuzingela zaziWelwa ziqokwe yiyo inkosi

uNodumehlezi.

2.3 UkwehIukaniswa kwezilwane

Kulolu cwaningo izilwane zehlukaniswe imikhakha emine. Kuzoba yilezo zilwane

ezinkulu nezidumile esizweni samazulu. Lezi zilwane zaziwa ngezilwane zasendle.

Ngeke siziqede zonke izilwane ngoba ziningi ngendlela emangalisayo. Umcwaningi

uzothinta lezo kuphela ezivame ukugqama ebukhosini bakwazulu nasesizweni samazulu

sonkana. Kuzoba zilwane eziyisishiya galombili kuphela.

18

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!