29.12.2012 Views

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Inomlomo omude kanye namazinyo lawa okuthiwa awenja kuphela. Amazinyo ayo

ahlala engaphandle noma ngabe kuthiwa iwuvalile umlomo. lkhumuka amazinyo ize

iguge. Yilelo nalelo zinyo elikhumukayo likhishwa elinye.

Kuyatholakala futhi ukuthi ulimi lwengwenya alukwazi ukuphakama luthinte amankanka

omlomo. Yingakho ingwenya ingakwazi ukwesula kahle izinsini zayo ngoba ulimi

alukwazi ukuya phansi naphezulu.

U-O'Hagan (1967: 17) uyakufakazela okushiwo ngolimi lwengwenya lapho ethi:

A crocodile is unable to clean its teeth because it cannot

move its tongue up and down. Its teeth are cleaned by the

crocodile bird which enters the crocodile's huge mouth

and pecks out any pieces of food.

Ingwenya ayikwazi ukuhlanza amazinyo ayo ngoba ulimu

lwayo alukwazi ukunyakaza ngokwehla lwenyuke.

Amazinyo ayo ahlanzwa yizinyoni ezingena

kulomlomokazi wengwenya bese zicosha izicubu

zenyama ezigaxele amazinyweni.)

U-Gcumisa noNtombela (1993:61) babeka kanje uma bechaza isakhiwo sekhanda

lengwenya.

Amehlo nezindlebe kuklele kwalinganisana lapha enhloko

kanti ikhala Iona lisesihlokweni sojojo lwempumulo.

Kunontwentwesana lwenyama oluvimba amanzi angangeni

ezindlebeni nasemakhaleni. Amehlo wona anolwawo

untwentwesana olusebenza njengezinkophe kumuntu kanti

umlomo wona uyisihabalandi uma ikharnisile. Unesivimbo

okuyisona esivimbela amanzi angagelenzi nje angene

ngokuthanda uma iphansi emanzini.

Kulolu cwaningo siyathola ukuthi ingwenya iyakwazi ukuyengana ngoba ikwazi

ukuveza ikhala layo lifane nelongwe emanzini, ingabonakali. Kanti ithi lala lulaza.

36

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!