29.12.2012 Views

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

uncike kangakanani ezilwaneni, nakhu phela nezinye izibongo zabantu bakwaZulu

zisuselwa ezilwaneni ngakho ngoba zibaIulekile futhi zimqoka esintwini.

Kulolu cwaningo izilwane noma izinyamazane zehIukaniswe imikhakha emine

okubonakaIa ukuthi yiyona esemqoka kulo msebenzi. OwokuqaIa kuzoba yilezo zilwane

ezinkulu nezidumile zasendle nasemanzini, ezinobudlelwano obumqoka esizweni

samaZulu. Kulezi zilwane sizokhetha eziyisishiyagaIombili kuphela.

OwesibiIi kuzoba yilezo zinyoni ezinkulu nezidumile nezimqoka esizweni samaZulu.

Cishe ukuba awukho umkhakha wezilwane othandeka nobukeka njengezinyoni. Lokhu

kungenxa yobuhIe bemibaIa yazo nomculo ohlaba umxhwele. Kulo mkhakha sizokhetha

eziyisishiyagaIombili kuphela.

Owesithathu kuzoba zinyoka nazo lezo ezinkulu nezinsemqoka esizweni sarnaZulu. Kulo

mkhakha kuzobhekwa ikakhulukazi ubungozi bazo kubantu nanokuthi abantu bazazi

naIezo ezimele amadlozi ngoba phela akuzona zonke izinyoka eziyingozi ezinye

ziyisibusiso ekhaya nasemndenini, ezinye zisuke zizobikezela ingozi engahIe ivele

ekhaya, lezi-ke azibulawa nhIobo ngoba aziyona ingozi. Kulo mkhakha sizokhetha

izinyoka eziyisishiyagaIombili kuphela .

Owesine kuzoba yilezo zilwane zasekhaya, abadaIa abazazi kahle ngomsebenzi wazo

nobumqoka bazo emndenini nasesizweni sarnaZulu. Nakuwo 10 mkhakha sizokhetha lezo

ezibaIulekile kanye naIezo esingephile ngaphandle kwazo. Yizo kanye lezi zilwane

eziwukuqaIa nokugcina komuntu ongumZulu. ZinjaIo nje ziwumgogogodla wempilo

yomuntu. Yizona lezi zilwane ezikwazi ukuhlanganisa abaphilayo nabangasekho

emh1abeni. Kulo mkhakha wezilwane sizokhetha eziyisihlanu kuphela.

Kule mikhakha emine yezilwane kuzochazwa isilwane ngasinye nendawo lapho sivame

ukuhIaIa khona, nemikhuba nokuziphatha kwaso, nemisebenzi yezitho zaso esizweni

sarnaZulu, nobumqoka nobungozi baso esintwini.

7

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!