29.12.2012 Views

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kulolu cwaningo siyathola ukuthi uZulu wayengazingeli noma ikanjani noma nini.

Kwakunezikhathi onyakeni ezaziwayo, nenqina uqobo lwayo nosuku lwayo

kwakwaziwa komkhulu. Ngisho nabafana uqobo ekwaluseni babengafundeli kuzo

ukuciba nokugwaza kodwa babeciba insema. Lokhu kwakungumyalelo wabaholi.

EBhayibhelini Elingcwele encwadini kaGenesise 1 ivesi 26 umyalelo kaNkulunkulu

uthi:

Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse

phezu kwezilwane, kwezinhlazi zolwandle nezinyoni

zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana

zonke ezinwabuze1ayo emhlabeni.

Kulolu cwaningo siyathola ukuthi uZulu esenikiwe izinhlobonhlobo zezilwane

wazithanda, wazikhonza wazinakekela ngokwahlukana kwazo. Nazo izilwane zanda

ngendlela emangalisayo. Kuliqiniso elingephikwe ukuthi izilwane zazivele zivikelekile

esizweni samaZulu.

UDokotela u-Bryant (1967:682) uyagcizelela kulokhu okushiwo ngenhla lapho ethi:

Before the whiteman came Zululand was hunter's

paradise, a game-park unexcelled in Africa. Big game and

small game, elephants and buffalo, hippos and rhinoes,

lion an leopard, zebra and eland, bush-buck, kudu and

heartbeest and other sorts and sizes of antelope, ranged

freely over the land.

Ngaphambi kokuba abelungu babeke imicondo yabo

kwelakwaZulu lalingumpunzi idla emmI ISlqlWU

esingakaze sibonwe e-Afrika. Lalinezinyamazane ezinkulu

nezincane, izindloyu nezinyathi, izimboma, imikhombe

nobhejane, amabhubesi nezigwe, amadube nezimpofu,

imiziki, imigankla nezindlulamithi kanye nenqwaba

yezinye izinhlobonhlobo zezinyamazane ezibukhulu

bunhlobonhlobo, ezazizigqanqulela ngomathanda ezweni.

16

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!