29.12.2012 Views

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Kulolu cwaningo kuyatholakala ukuthi amabhubesi avame ukuhamba ndawonye abe

yimihlanjana noma aphila njengemindeni. lnsikazi ivame ukuzala amawundlu amathathu

kuya kwayisithupha. Inkunzi yebhubesi yiyona ekekelezela indawo ngomchamo lapho

kuzophila khona umndeni wayo. Kusobala-ke ukuthi le ndawo kusuke sekuyikhaya

lalowo mndeni. Uma amawundlu amaduna esekhulile akhishelwa ngaphandle kwekhaya

ukuze aqale eyawo impilo. Uma esekhulile ngokwanele ayabuya azolwa noyise ukuze

kube yiwona aphethe ekhaya.

U-Yoliswa (2001) uyavumelana nalokhu okubhalwe ngenhla lapho ethi:

The males that were thrown out of home:- Once maturity

age is reached they then go back home. They are now

strong and eager to satisfy their sexual longing. Now

they chase their father away. This is not easy for there

are lots of disruptions occurring at home. The father will

try to defend his pride and territory, at last he gives up as

his sons are much stronger than him, he will then go

away and start another life. He might find a friend out

there.

Izinkunzana ezincane ezisuke sezixoshiwe emhlanjini

ziyabuya uma sezikhulile sezilungele ukukhwela. Ziyalwa

nenkunzi ebusa umhlambi noma kubanzima-nje inkunzi

ilwelwa ukufa nokuphila ivikela umhlambi wayo. Ngenxa

yokuba namandla kwezinkunzana igcina yehluliwe.

Izinkunzana ziyayixosha emhlambini. Kuyenzeka iqale

enye impilo ngokuzithole elinye lensikazi liphile nalo.

Kuyatholakala futhi ukuthi kulo modeni wamabhubesi, insikazi yiyona emelene

nokondla umndeni ngokuba iphume iyozingela ibuye nokudla. Kuvamise ukuba ubaba

odla kuqala ashiyele amawundlu. Uma indlala ibhokile aphuma wonke ayofuna ukudla,

ayozingela ngokusizana kulezo zinyamazane asuke esezitholile.

24

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!