29.12.2012 Views

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

I.S.M. MSIBI

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kulo lucwaningo siyathola ukuthi elinye igama lengwe kuthiwa yisilo. Ingwe

iwuhlobo lwekati nakuba yona inkulu kunamakati. Iyisilwane esesatshwayo futhi

esiyingozi kodwa hhayi ukwedluJa ingonyama. Ingwe inamabala amnyama kokunye

ngokunsundu angamaqoqwana ndawonye kuwo wonke umzimba. Kwesingaphansi

imhlophe. Kanti umzimba wonke inamabala amhlophe namnyama. Yingakho nje

kwavela isaga esithi ingwe iwakhotha ngokufanayo amabala ayo amnyama namhlophe.

Nesithi ingwe idla ngamabala ayo.

I-Compton's Encyclopedia (1988: 183) ibeka kanje ngengwe:

The largest of the cat is the tiger. It is as strong and fierce

as it is big. The tiger's coat is often a bright golden

colour. It has black sports on the head, body and tail.

Stripes like these are sometimes found on the domestic cat,

or house cat, which is a distant relative of the tiger. On the

domestic cat the stripes are called tabby marks.

Ingwe wuhlobo olukhulu lomndeni wamakati leli kati

linonya nesihlu1:u ingwe inombala osagolide. Inemithende

emnyama ekhanda esidunjini kuya emsileni. Lemithende

yengwe siyayithola nasekatini lasekhaya noma

kuyimindeni eqhelelene-nje.

U-Gcumisa noNtombela (1993:7) bathi:

Ingwe inomzimba omfishane ohlangene. Inentamo

emfishane enkulu kanye nemilenze emifishane. Isigqigqi.

lsakhiwo somzimba wayo sikhomba ukuthi inamandla.

Inamehlo abukhali, ahlabayo. Iyaqaphelisisa.

Kulolu cwaningo kuyatholakaIa ukuthi ingwe ivame ukutholakaIa endaweni enamahlathi

acinene. Kanti futhi iyayithanda nendawo eyinsunguzi enezintaba namawa. Ingwe

yisilwane esithanda ukuhamba ngasodwa noma ihamba ayitatazeli noma ibona umuntu

ayethuki, ihamba ngesineke ibe nesithunzi njengenkosi.

26

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!