HIV AND AIDS - Joburg
HIV AND AIDS - Joburg
HIV AND AIDS - Joburg
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
UMBIKO WAMAPHAKATHI NETHEMU WEMEYA YEDOLOBHA

IMeya yeDolobha namalungu eKomidi leMeya

emhlanganweni nezithunywa zomphakathi

endaweni eyimikhukhu

bamba iqhaza. Kunesifiso sokuqhubeka

nalelo siko, idolobhakazi lifuna ukuhlanganyela

nezakhamuzi zendawo nabamabhizinisi

ekunqumeni ukuthi luhlobo luni

lwedolobhakazi abafuna ukuhlala kulo

nanokuthi bazokwenza kanjani lokho.

Idolobhakazi lifuna ukugqugquzela

isikompilo lokuphatha ngendlela okuzinze

emlandweni womphakathi nokufanelene

nekamuva lomphakathi, lepolitiki kanye

nezomnotho.

UKUPHATHA NGOKWEPOLITIKI

Kusukela ngokhetho lwasekhaya lango-

Disemba 2000, iDolobhakazi libuswa

nguMkhandlu kaMasipala owakhiwe

ngamakhansela angu-217 akhethiwe.

Isizinda sokwenziwa kwezinqumo zepolitiki

eMkhandlwini yiKomidi leMeya elisihlalo

walo yiyo iMeya yeDolobha .

IMeya yeDolobha imiselwe ukuba ikhombe

bese ihlela izidingo ngqangi zikamasipala

kanye nokwakha amasu nezinhlelo

zokuhlangabezana nalezo zidingo. Imisela

10

imigomo yezokuphatha bese ihlola

inqubekelaphambili ekuhlangabezaneni

nayo. IMeya yeDolobha kufanele iqinisekise

ukuthi izimali zedolobhakazi

ziphethwe ngokuyikho futhi idolobhakazi

liyabika futhi liphendule kwizakhamuzi

zalo.

Ububanzi bemisebenzi yoMkhandlu

buhlanganisa imisebenzi eminingi njengokunakekela

ngezempilo, ugesi, amanzi

nokukhuculula indle, imigwaqo, ezezindlu,

ukuhlela kanye nentuthuko yomnotho.

Ilungu ngalinye leKomidi leMeya lingusihlalo

wekomidi (elibizwa ngokuthi

yikomidi leSigaba 80), elibhekene nomsebenzi

owodwa kamasipala. Lama komidi

anokuqonda okujulile ngomsebenzi ababhekene

nawo kanti banakekela kakhulu

amaphuzu aphathelene nalowo msebenzi.

Amakomidi eSigaba 80 ahlanganiswe

ndawonye aba ngamathimba emisebenzi

ehambelanayo. Lokhu kuvumela iKomidi

leMeya ukuba libheke izinqubomgomo

nezinhlelo zedolobhakazi ngendlela

ehlangene. Ngokwesibonelo, elinye

lamathimba emeya libhekene nezezindlu

nengqalasizinda. Ngenxa yokuthi ezezindlu

nengqalasizinda zihlanganisiwe, kuba lula

ukubhekela izidingo zengqalasizinda

(njengokufakelwa kwamanzi nogesi) uma

kucutshungulwa udaba lokuqalisa

izindawo ezintsha zokuhlala.

Sekumiswe amakomidi eSigaba 79 ayisikhombisa

ukuqinisekisa ukuthi idolo-