29.12.2012 Views

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UMBIKO WAMAPHAKATHI NETHEMU WEMEYA YEDOLOBHA

kube lula ukumisela imigomo bese

kuhlolwa inqubekelaphambili njalo nje.

Ezokuphatha ziphinde zihlanganise

nezokuphathwa ezifundeni eziyishumi

nanye. Ezokuphathwa ezifundeni zisondeza

imisebenzi yomphakathi kubantu.

Ezokuphathwa zezifunda zibhekene ngqo

nokuphakelwa kwemisebenzi ngqangi

yokunakekela ngezempilo, imisebenzi

yomphakathi, ezezindlu, izikhungo

zemitapo yezincwadi kanye nezemidlalo

nokungcebeleka. Ziphinde ziphathe

nezikhungo zemiphakathi ukuqinisekisa

ukuthi umphakathi uyaluthola ulwazi

nokuphendula imibuzo yamakhasimende.

Idolobhazi lenza yonke imizamo yokuqinisekisa

ubudlelwano obuhle nabasebenzi

ngesikhathi kumiselwa uhlelo olusha

lezokuphatha. Bonke abasebenzi baqinisekiswa

ngemisebenzi yabo iminyaka

emithathu, kungakhathaleki ukuthi

bayaqhubeka yini nokusebenzela ezokuphatha

ezintsha noma baqala ukusebenzela

noma yiyiphi i-ejensi, iyuthilithi noma

inkampani yedolobhakazi. Izimali zomhlalaphansi,

ukuxhaswa ngokwempilo kanye

nezimiselo zokusebenza, konke kuqinisekisiwe.

Ukuhlelwa kabusha kwezokuphathwa

kwabangela ukushuba komoya phakathi

kwezinyunyana nabaphathi. NgoNovemba

2000, abaphathi bedolobha nezinyunyana

bake babanesigcawu esiyinguyazana lapho

kwavulelwana izifuba kwamiselwa nesise-

16

kelo sobudlelwano obakhayo. Umphumela

walokho sekube ngubungcono kobudlelwano

nabasebenzi kanti kunokuxhumana

okuqhubekayo phakathi kwezinyunyana

nabaphathi.

Idolobhakazi selitshale kakhulu ngasekuthuthukiseni

amakhono abasebenzi balo.

Ngonyaka wezimali ka-2001/02, kwasetshenziswa

imali engaphezu kwezigidi

eziyisithupha zamarandi ekuqeqesheni

nasekwakheni amakhono ukuqinisekisa

ukuthi izikhulu zedolobhakazi ziqeqeshiwe

ukunikezela ngemisebenzi yezinga

eliphezulu nokunakekelwa kwamakhasimende.

Idolobhakazi limatasa namanje

limisela uhlelo lokulinganisa ekuqashweni

kwabasebenzi, nenjongo yalo ngukuqinisekisa

ukuthi ezokuphathwa kwedolobhakazi

zikhomba ukubumbeka ngokobuzwe

nobulili komphakathi jikelele.

IZIMALI NESABELO SAZO

Kusukela ngenkinga yezimali ngo-1997,

sesizinzile. Idolobhakazi laba nesabelo

sezimali esizinzile ngeminyaka yezimali ka-

2000/01, 2001/02 no-2002/03. Sekunesimo

esihle sezimali kanti imali eyisikweletu

sasebhange ebisinesikhathi eside, seyesuliwe.

Isabelo zimali semisebenzi besilokhu sikhuphuka

nje kusukela nge-sikhathi sezinkinga

ngo-1997/98, sisuke ezigidini ezingu-R295

ngo-1999/2000 safinyelela ku-R1,1

bhiliyoni ngo-2003/04. Lokhu sekubeke

idolobhakazi esimweni esikahle kakhulu

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!