29.12.2012 Views

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Lawo mabhilidi asenkabeni yedolobhakazi

asesimweni esibi kangangoba awasenakulungiseka,

ayabhidlizwa ukuze kuvuleke

indawo engasetshenziselwa intuthuko

noma izakhiwo zomphakathi. Idolobhakazi

selihlonze amabhilidi ayisishiyagalombili

asesimweni esibi kodwa angakwazi

ukulungiseka. Abanikazi balamabhilidi

banezikweletu ngezinkokhelo nezintela

zikamasipala. Idolobhakazi selivumile

ukuba ingxenye yalezo zikweletu yesulwe

njengesinxenxo sokuba abanikazi mabhilidi

bawaphucule lamabhilidi. Ukulungisa

amabhilidi asesimweni esingagculisi

kwenza ukuba imaphakathi nedolobha libe

yindawo ephephile kwizakhamuzi kuphinde

kuheheke labo abangatshala izimali.

Abanikazi bezindawo ezisenkabeni yedolobhakazi

babambe iqhaza elikhulu ekuvuselelweni

kwedolobha ngohlelo iCity Improvement

Districts. Isifunda sokuPhucula

iDolobha yindawo eklanyiwe lapho

abanikazi bezindawo bevumelene

ngokukhokha intela yokukhokhela

imisebenzi ethile kuleyondawo. Idolobha

lisayiphakela imisebenzi eyejwayelekile

eziFundeni zokuPhucula iDolobha. Intela

isetshenziselwa ukukhokhela imisebenzi

eyengezelelwe njengabaqaphi bezokuphepha

nokuvikela abazulazulayo,

ukuhlanzwa kwezindledlana zezinyawo,

ukuqoqwa kwemfucuza, ukuvikeleka

kwendawo yomphakathi kanye nokususwa

kwamaphosta angekho emthethweni.

Imisebenzi eyengezelelwe iyehluka

kwindawo ngendawo. Kuze kube yimanje

Isakhiwo esisha seNkantolo yoMthethosisekelo

sesiyaphothulwa

sekuneziqinti ezingu-67 zenkaba yedolobha

esezifakwe ngaphansi kwesi-Funda

sokuPhucula iDolobha. Ukubanjwa inkunzi

kwehle ngamaphesenti angu-90 kulezo

zindawo.

IZINHLELO ZOKUVUSELELA INKABA

YEDOLOBHAKAZI NGOKWEZINDAWO

Idolobhakazi liphucula ingqalasizinda

enkabeni yedolobha kanti liphethe

nezinhlelo eziningi okuhloswe ngazo

ukukhulisa nokugqugquzela ukutshalwa

kwezimali ezingxenyeni ezithile zenkaba

yedolobha. Ezinye zezinhlelo ezinkulu

ezisetshenzwayo njengamanje yilezi:

IConstitution Hill

Lolu hlelo lusesizindeni seNqaba eNdala

kanye neJele labesiFazane eBraamfontein.

INkantolo yoMthethosisekelo entsha

yakhiwa kulesi sizinda kanti abasebenzi

beNkantolo yoMthethosisekelo bazongena

27

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!