HIV AND AIDS - Joburg
HIV AND AIDS - Joburg
HIV AND AIDS - Joburg
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
UMBIKO WAMAPHAKATHI NETHEMU WEMEYA YEDOLOBHA

UKUSETSHENZWA KWESU KANYE

NEZINGQALA ZEMEYA

Idolobhakazi selithathe amagxathu abonakalayo

kuzozonke izingqala ezibekiwe:

UKUPHATHA NGENDLELA

Izinhlelo ezintsha ezimisiwe zepolitiki zivumela

ukuba ubuholi buqine futhi buzinze.

Izinhlaka sezivuthiwe ukuvula indlela

yokuba imisebenzi iphakelwe ngokusheshayo

futhi kuqhubekele phambili.

INTUTHUKO YOMNOTHO NOKWA-

KHIWA KWAMATHUBA EMISEBENZI

Idolobhakazi seliqhamuke futhi laqalisa

ngokusebenza kwesu iJoburg 2030. Leli su

elihleliwe selibeke futhi lizoqhubeka

nokugcina lelidolobhakazi lisokhondweni

olunamandla lwentuthuko.

UKUVUSELELWA KWENKABA YEDO-

LOBHAKAZI

Kunenqubekelaphambili eyiyo futhi

ebonakalayo ekuhlangabezaneni nezinkinga

zobugebengu, ukungcola kanye

nokuphupha. Lokhu kunconywa kakhulu

yilabo abaneqhaza elikhulu kuleli dolobhakazi.

UKUPHEPHA KOMPHAKATHI

Eminye imihlomulo esiyenziwe ukuhlangabezana

naloludaba yilena: ukumiselwa

koMnyango wamaPhoyisa kaMasipala

waseGoli, ukuhlanganyela kwezinhlaka

8

ezahlukene ekuvimbeleni ubugebengu,

ukufakelwa okuqhubekayo kwamakhamera

okuqapha, imithetho yedolobhakazi

eqinisiwe kanye nokumiselwa

kwenkantolo kamasipala okuzokwenzeka

khona maduze nje.

UBUQABAVU BOKUHLINZEKA NGEMI-

SEBENZI

Idolobhakazi laseGoli liyazidla ngempumelelo

enkulu esiyenziwe. Selenze ngcono

ukutholakala kwezindlu, amanzi, ukukhucululwa

kwendle, ugesi, ukususwa

kodoti, ezemidlalo nokungcebeleka,

imitapo yezincwadi, ukunakekela ngezempilo,

imigwaqo, amapaki kanye neminye

imisebenzi. Idolobhakazi selizibophezele

ukwenza ngcono ukusizwa

kwamakhasimende kanye nasekugqugquzeleni

umqondo wokubeka phambili

umphakathi iBatho Pele.

ISANDULELA-NGCULAZI/INGCULAZI

(IHIV/I-AIDS)

Lolu bhubhane lubhekelelwe kakhulu.

Ngaphezu kokumiselwa koMkhandlu

waseGoli we-Aids ziningi izinhlelo esezimiselwe.

Iningi lalezi zinhlelo lisebenza

ngokubambisana noMnyango wezeMpilo

waseGauteng kanye nezinye izinhlangano

ezingekho ngaphansi kukaHulumeni.

Yonke lemi zamo kuqondwe ngayo

ukuvimbela, ukugqugquzela umphakathi

kanye nezinhlelo zezindawo zokusebenza

ekulweni ne-Aids. �