29.12.2012 Views

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

HIV AND AIDS - Joburg

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

UMBIKO WAMAPHAKATHI NETHEMU WEMEYA YEDOLOBHA

abantu abangamaphesenti angu-79 kulelidolobhakazi.

Ngokwendinganiso, umnotho weGoli uye

wakhula ngaphezulu kwendinganiso

yezwe lonke kuleminyaka eyishumi edlule.

Nokho-ke iGGP yedolobhakazi ngonyaka

(okuyinani lonke leGGP lehlukaniswe ngesibalo

sabantu abahlala edolobheni) ayizange

yona ikhule kuleminyaka eyishumi

edlule. Lokhu kusho ukuthi indinganiso

yezinga lokuphila edolobheni ayizange

iphucuke kulesisikhathi. Izinga eliphakeme

lobugebengu eGoli likhubaza ukukhula

komnotho livimbele nokutshalwa kwezimali.

20

IModeli yeJoburg 2030

Ukusebenza okuyikho

kokutshalwa kwezimali

Ukukhuliswa kwesivinini

sezinhlelo Isimo senhlalo

esivunayo

Igebe phakathi kwezicebi nezihlupheki

eGoli lingaphansana nje kwendinganiso

yezwe lonke, nokho izinga lokungalingani

lisaphakeme kakhulu. Ukweswelakala

kwemisebenzi kulelidolobhakazi kungamaphesenti

angu-30. Nokho izinkampani

eziningi ziyazabalaza ukuthola abantu abakulungele

ukuqashwa. Lokhu kwenziwa

ngukuthi amakhono izakhamuzi ezinawo

awahambisani nezidingo zemikhakha

yomnotho ekhulayo kulelidolobhakazi.

Ngenxa yalokhu, abantu abaningi

sebezinikele ukuziphilisa ngomkhakha

ongahleliwe womnotho kanti yiwona

okhula ngesivinini. Ukukhula komnotho

kwahlonzwa njengenye yezingqala zeMeya

Ukukhula komnotho

Imisebenzi

namaholo

aphakeme

Ubucebi obandile

kanye

nezinga eliphakeme

lempilo

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!